Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yisekele Ngokuqinile Imfundiso Yokuhlonipha UNkulunkulu

Yisekele Ngokuqinile Imfundiso Yokuhlonipha UNkulunkulu

Yisekele Ngokuqinile Imfundiso Yokuhlonipha UNkulunkulu

“Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”—IZAGA 3:5, 6.

1. Sichayeké ngayiphi indlela olwazini lwabantu ngezinga okungakaze kwenzeke ngalo ngaphambili?

MANJE, kunamaphephandaba ansuku zonke angaba ngu-9 000 asakazwa emhlabeni wonke. E-United States kuphela, kunyatheliswa izincwadi ezingaba ngu-200 000 unyaka ngamunye. Ngokombiko othile, ngo-March 1998 kwakunamakhasi alinganiselwa ezigidini ezingu-275 ezingosi ze-Internet. Leli nani kuthiwa landa ngamakhasi ayizigidi ezingu-20 ngenyanga. Abantu bangafinyelela ukwaziswa okuphathelene nanoma yini ngezinga okungakaze kwenzeke ngalo ngaphambili. Nakuba kunobuhle obuthile kulokhu, ukuxhaphaka okunjalo kokwaziswa kuye kwabangela izinkinga.

2. Yiziphi izinkinga ezingadaleka lapho abantu befinyelela ukwaziswa okuxhaphakile?

2 Abanye abantu sebeyimilutha yokwaziswa, bahlale banelisa isifiso sabo esingapheli sokwazi zonke ezamuva bebe beyekelela izinto ezibaluleke ngokwengeziwe. Abanye bathola ukwaziswa okungaphelele okuphathelene nemikhakha yolwazi eyinkimbinkimbi bese bezibona bengochwepheshe. Benesisekelo sokuqonda okulinganiselwe, bangase benze izinqumo ezibucayi ezingalimaza bona noma abanye. Futhi njalo kuhlale kunengozi yokuthola ulwazi olungamanga noma olunganembile. Ngokuvamile akubi nandlela yokuqinisekisa ukuthi lokhu kwaziswa okuwuthelawayeka kunembile futhi kunokulinganisela yini.

3. Yiziphi izixwayiso eziphathelene nokuphishekela ukuhlakanipha kwabantu ezitholakala eBhayibhelini?

3 Sekuyisikhathi eside abantu benelukuluku lokwazi. Izingozi zokuchitha isikhathi esiningi kakhulu ekuphishekeleni ukwaziswa okungasizi lutho noma okulimazayo imbala zaqashelwa emuva ezinsukwini zeNkosi uSolomoni. Yathi: “Mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.” (UmShumayeli 12:12) Ngemva kwamakhulu eminyaka umphostoli uPawulu wabhalela uThimothewu: “Kuqaphe lokho ophathiswe khona, uzifulathela izinkulumo ezingenangqondo ezingcolisa okungcwele nokuphikisana okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi.’ Ngokugabisa ngolwazi olunjalo abanye baye baphambuka okholweni.” (1 Thimothewu 6:20, 21) Yebo, amaKristu namuhla kudingeka akugweme ukuchayeka ngokungadingekile emibonweni elimazayo.

4. Iyiphi enye yezindlela esingabonisa ngazo ukuthi sithembela kuJehova nasezimfundisweni zakhe?

4 Abantu bakaJehova benza kahle futhi lapho belalela amazwi ezAga 3:5, 6: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” Ukuthembela kuJehova kuhlanganisa ukwenqaba noma yimuphi umbono ongqubuzana neZwi likaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi uvela ekucabangeni kwethu siqu noma komunye umuntu. Ukuze sivikele ingokomoya lethu, kubalulekile ukuba siqeqeshe amandla ethu okuqonda ukuze sikwazi ukubona ukwaziswa okulimazayo bese sikugwema. (Heberu 5:14) Ake sixoxe ngeminye yemithombo yokwaziswa okunjalo.

Izwe Elibuswa USathane

5. Yimuphi omunye wemithombo yemibono elimazayo, futhi ubani ongumgqugquzeli wawo?

5 Leli zwe liwumthombo okhiqiza insada yemibono elimazayo. (1 Korinte 3:19) UJesu Kristu wathandazela abafundi bakhe kuNkulunkulu: “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi.” (Johane 17:15) Ukucela kukaJesu ukuba abafundi bakhe bavikelwe ‘komubi’ kwabonisa ukuthi uSathane unalo ithonya ezweni. Ukuba kwethu ngamaKristu akusenzi sivikeleke ngokuzenzakalelayo emathonyeni amabi aleli zwe. UJohane wabhala: “Siyazi ukuthi sisuka kuNkulunkulu, kodwa lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Ikakhulukazi phakathi nale ngxenye yokugcina yezinsuku zokugcina, kumelwe sikulindele ukuthi uSathane namademoni akhe bazogcwalisa umhlaba ngokwaziswa okulimazayo.

6. Ezokuzijabulisa zingakubangela kanjani ukungazixwayi izinto eziwukuziphatha okungalungile?

6 Singalindela nokuthi okunye kwalokhu kwaziswa okulimazayo kungase kubonakale kungalimazi. (2 Korinte 11:14) Ngokwesibonelo, cabanga ngezokuzijabulisa, izinhlelo zakhona ze-TV, amafilimu, umculo nezinto ezibhaliwe. Abaningi bayavuma ukuthi ziya zanda izimo lapho izinhlobo ezithile zokuzijabulisa zikhuthaza khona imikhuba exekethile, njengokuziphatha okubi, ubudlova nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Lapho ziqala ukuchayeka ohlotsheni lokuzijabulisa olubi kakhulu, izethameli zingase zishaqeke. Kodwa ukuchayeka ngokuphindaphindiwe kungenza umuntu angabe esaxwaya kangako. Masingalokothi sibheke ukuzijabulisa okukhuthaza imibono elimazayo njengokwamukelekayo noma okungalimazi.—IHubo 119:37.

7. Luhlobo luni lokuhlakanipha kwabantu olungathunaza ukwethembela kwethu eBhayibhelini?

7 Cabanga ngomunye umthombo wokwaziswa okungase kulimaze—imibono ewuthelawayeka esakazwa abanye ososayensi nezazi ezibekela inselele ukuba yiqiniso kweBhayibheli. (Qhathanisa noJakobe 3:15.) Ukwaziswa okunjalo kuvela njalo komagazini abavamile nasezincwadini ezithandwayo, futhi kungathunaza ukwethembela eBhayibhelini. Abanye abantu bayakujabulela ukululaza igunya leZwi likaNkulunkulu ngemibono engapheli abayiqagelayo. Kwakunengozi efanayo ezinsukwini zabaphostoli, njengoba kusobala emazwini omphostoli uPawulu: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona othile oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe futhi hhayi ngokukaKristu.”—Kolose 2:8.

Izitha Zeqiniso

8, 9. Kubonakala kanjani ukuhlubuka namuhla?

8 Izihlubuki zingaba olunye futhi usongo kithi ngokomoya. Umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi kwakuyoba nokuhlubuka phakathi kwabathi bangamaKristu. (IzEnzo 20:29, 30; 2 Thesalonika 2:3) Ekugcwalisekeni kwamazwi akhe, ngemva kokufa kwabaphostoli, ukuhlubuka okukhulu kwaholela ekwakhekeni kweLobukholwa. Namuhla, akukho kuhlubuka okukhulu okwenzeka kubantu bakaNkulunkulu. Noma kunjalo, abantu abambalwa baye basishiya, futhi abathile kubo bazimisele ukujivaza oFakazi BakaJehova ngokusakaza amanga nokwaziswa okunganembile. Abambalwa babo basebenzelana namanye amaqembu ekuphikiseni ukukhulekela okumsulwa ngendlela ehleliwe. Ngokwenza kanjalo, bachema nesihlubuki sokuqala ngqá, uSathane.

9 Ezinye izihlubuki ziya ziba mandla ekusebenziseni izindlela ezihlukahlukene zokuxhumana nowonk’ uwonke, ezihlanganisa i-Internet, ukuze zisakaze ukwaziswa okungamanga ngoFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, lapho abantu abaqotho becwaninga ngezinkolelo zethu, bangase bazithele phezu kwenkulumo-ze yezihlubuki. Ngisho nabanye oFakazi baye bazichaya kulokhu kwaziswa okulimazayo bengahlosile. Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi izihlubuki ziba sezinhlelweni zethelevishini noma zomsakazo. Iyiphi inkambo okuwukuhlakanipha ukuyithatha ngokuqondene nalokhu?

10. Iyiphi indlela ewukuhlakanipha yokusabela kuyinkulumo-ze yezihlubuki?

10 Umphostoli uJohane wayala amaKristu ukuba angazamukeli izihlubuki emizini yawo. Wabhala: “Uma noma ubani eza kini futhi engalethi lemfundiso, ningalokothi nimamukele emakhaya enu noma nimbingelele. Ngoba lowo ombingelelayo ungumhlanganyeli emisebenzini yakhe emibi.” (2 Johane 10, 11) Ukugwema ukuthintana nalaba baphikisi ngazo zonke izindlela kuyosivikela ekucabangeni kwabo okonakele. Ukuzichaya ezimfundisweni zezihlubuki ngezindlela ezihlukahlukene zokuxhumana zanamuhla kulimaza njengokungenisa isihlubuki uqobo lwaso emakhaya ethu. Masingalokothi sivumele ilukuluku lokwazi lisiyengele enkambweni enjalo eholela enhlekeleleni!—IzAga 22:3.

Ebandleni

11, 12. (a) Kwakuyimuphi omunye wemithombo yemibono elimazayo ebandleni lekhulu lokuqala? (b) AmaKristu athile ehluleka kanjani ukuzisekela ngokuqinile izimfundiso zokwesaba uNkulunkulu?

11 Cabanga ngomunye futhi umthombo ongase ukhiqize imibono elimazayo. Nakuba engahlosile ukufundisa amanga, umKristu ozinikezele angase abe nomkhuba wokukhuluma ngokungacabangi. (IzAga 12:18) Ngenxa yokungapheleli kwethu, sonke siyophambuka ngolimi ngezikhathi ezithile. (IzAga 10:19; Jakobe 3:8) Ngokusobala, osukwini lomphostoli uPawulu, kwakunabathile ebandleni ababengalulawuli ulimi lwabo futhi beba nezinkulumo-mpikiswano eziyize eziphathelene namagama. (1 Thimothewu 2:8) Kwakunabanye futhi ababebona imibono yabo ibaluleke kakhulu baze babekela igunya likaPawulu inselele. (2 Korinte 10:10-12) Umoya onjalo wabangela izingxabano ezingadingekile.

12 Ngezinye izikhathi lokhu kungavumelani kwakukhula kuze kube ‘yizimpikiswano ezishisayo ngobala,’ kuphazamise ukuthula kwebandla. (1 Thimothewu 6:5; Galathiya 5:15) Mayelana nalabo ababebangela lezi zimpikiswano, uPawulu wabhala: “Uma noma ubani efundisa enye imfundiso futhi engavumelani namazwi anempilo, eNkosi yethu uJesu Kristu, noma nemfundiso evumelana nokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, ukhukhumele ngokuziqhenya, engaqondi lutho, kodwa egula engqondweni eguliswa imibuzo nayizinkulumo-mpikiswano ngamazwi. Kulezizinto kuvela umona, ukuxabana, izinkulumo ezichaphayo, izinsolo ezimbi.”—1 Thimothewu 6:3, 4.

13. Kwakunjani ukuziphatha kweningi lamaKristu ekhulwini lokuqala?

13 Ngokujabulisayo, ngezikhathi zabaphostoli iningi lamaKristu lalithembekile futhi laqhubeka ligxilile emsebenzini wokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Lalimatasa linakekela “izintandane nabafelokazi osizini lwabo” futhi lazigcina ‘lingenalo ibala elivela ezweni,’ langachitha isikhathi salo kuzinkulumo-mpikiswano zamazwi eziyize. (Jakobe 1:27) Lalikugwema “ukuzihlanganisa nababi” ngisho naphakathi ebandleni lobuKristu ukuze lilonde ingokomoya lalo.—1 Korinte 15:33; 2 Thimothewu 2:20, 21.

14. Uma singaqaphile, izingxoxo ezivamile zingaphenduka kanjani izimpikiswano ezilimazayo?

14 Ngokufanayo, izimo ezichazwe esigabeni 11 aziyona into evamile emabandleni oFakazi BakaJehova namuhla. Noma kunjalo, kuhle sikuvume ukuthi zingaba khona izinkulumo-mpikiswano ezinjalo eziyize. Yiqiniso, kuyinto evamile ukuxoxa ngezindaba eziseBhayibhelini noma ukuba nemibuzo ngezici ezithile ezingakembulwa mayelana nezwe elisha elithenjisiwe. Futhi akukho lutho olungalungile ngokuxoxa ngezindaba ezingezomuntu siqu, njengokugqoka nokuzilungisa noma uhlobo lokuzijabulisa umuntu angalukhetha. Nokho, uma sigcizelela imibono yethu njengokungathi iwumthetho futhi sicasuka lapho abanye bengavumelani nathi, ibandla lingase ligcine lihlukaniswe yizinto eziwubala. Lokho okuqala kuyingxoxo nje engasho lutho kungaba okulimaza ngempela.

Ukuqapha Lokho Esikuphathisiwe

15. “Izimfundiso zamademoni” zingasilimaza kangakanani ngokomoya, futhi yisiphi iseluleko esinikezwa emiBhalweni?

15 Umphostoli uPawulu uyaxwayisa: “Izwi eliphefumulelwe lisho ngokuqinisekile ukuthi ezinkathini zakamuva zesikhathi abanye bayokuwa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) Yebo, imibono elimazayo iwusongo lwangempela. Kuyaqondakala ukuthi uPawulu wanxusa umngane wakhe amthandayo uThimothewu: “O Thimothewu, kuqaphe lokho ophathiswe khona, uzifulathela izinkulumo ezingenangqondo ezingcolisa okungcwele nokuphikisana okubizwa ngokungeyikho ngokuthi ‘ulwazi.’ Ngokugabisa ngolwazi olunjalo abanye baye baphambuka okholweni.”—1 Thimothewu 6:20, 21.

16, 17. Yini uNkulunkulu asiphathise yona, futhi kufanele siyiqaphe kanjani?

16 Singazuza kanjani namuhla kulesi sixwayiso esinothando? UThimothewu wayephathiswe okuthile okuyigugu ukuze akunakekele futhi akuvikele. Kwakuyini? UPawulu uyachaza: “Qhubeka ubambe isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokholo nothando olumayelana noKristu Jesu. Lokhu okuhle okuphathisiwe kuqaphe ngomoya ongcwele ohlezi kithi.” (2 Thimothewu 1:13, 14) Yebo, lokho uThimothewu ayekuphathisiwe kwakuhlanganisa “namazwi anempilo,” ‘imfundiso evumelana nokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ (1 Thimothewu 6:3) Ngokuvumelana nala mazwi, amaKristu namuhla azimisele ukuvikela ukholo lwawo nendikimba yamaqiniso ayiphathisiwe.

17 Ukuqapha lezi zinto esiziphathisiwe kuhlanganisa ukuhlakulela izinto ezinjengemikhuba emihle yokutadisha iBhayibheli nokukhuthazela emthandazweni, sibe ‘sisebenza okuhle kubo bonke kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.’ (Galathiya 6:10; Roma 12:11-17) UPawulu uyaqhubeka eyala: “Phishekela ukulunga, ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukukhuthazela, ubumnene bomoya. Yilwa ukulwa okuhle kokholo, bambisisa ukuphila okuphakade owabizelwa khona futhi wenza ukuvuma okuhle kwasobala phambi kofakazi abaningi.” (1 Thimothewu 6:11, 12) Ukusebenzisa kukaPawulu amazwi anjengokuthi “yilwa ukulwa okuhle” nathi “bambisisa” kwenza kucace ukuthi kumelwe simelane ngamandla nangokuzimisela namathonya alimazayo ngokomoya.

Isidingo Sokuqonda

18. Singakubonisa kanjani ukulinganisela kobuKristu endleleni esikubheka ngayo ukwaziswa kwezwe?

18 Yiqiniso, njengoba silwa ukulwa okuhle kokholo, kudingeka ukuqonda. (IzAga 2:11; Filipi 1:9) Ngokwesibonelo, akunakuba nengqondo ukungakwethembi konke ukwaziswa kwezwe. (Filipi 4:5; Jakobe 3:17) Akuyona yonke imibono yabantu engqubuzana neZwi likaNkulunkulu. UJesu wabonisa ukuthi abantu abagulayo kudingeka babonane nodokotela—okuwumsebenzi wezwe. (Luka 5:31) Yize kwakusacathulwa kwezokwelapha ngosuku lwakhe, uJesu wavuma ukuthi kwakunenzuzo ethile engatholakala ngosizo lukadokotela. AmaKristu namuhla abonisa ukulinganisela endabeni yokwaziswa kwezwe, kodwa ayenqaba ukuchayeka kunoma yikuphi ukwaziswa okungase kuwalimaze ngokomoya.

19, 20. (a) Abadala bazenza kanjani izinto ngokuqonda lapho besiza labo abakhuluma ngokungahlakaniphi? (b) Ibandla libasingatha kanjani labo abaphikelelayo ekuthuthukiseni izimfundiso zamanga?

19 Ukuqonda kubalulekile nakubadala lapho kudingeka basize labo abakhuluma ngokungahlakaniphi. (2 Thimothewu 2:7) Ngezinye izikhathi, amalungu ebandla angase ahilane ezimpikiswaneni zezinto eziwubala neziqagelwayo. Ukuze bavikele ubunye bebandla, abadala kufanele bakuphaphamele ukusingatha izinkinga ezinjalo. Ngesikhathi esifanayo, bayakugwema ukusola izisusa zabafowabo futhi abaxhamazeli ekubabhekeni njengezihlubuki.

20 UPawulu wachaza umoya okufanele usizo lunikezwe ngawo. Wathi: “Bafowethu, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba asiqaphele, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo.” (Galathiya 6:1) Ekhuluma ngokukhethekile ngamaKristu alwisana nemicabango yokungabaza, uJude wabhala: “Qhubekani nibonisa isihe kwabanye abanokungabaza; basindiseni ngokubahlwitha emlilweni.” (Jude 22, 23) Yiqiniso, uma othile ephikelela nokuthuthukisa izimfundiso zamanga ngisho nangemva kokuyalwa kaningi, abadala kudingeka bathathe isinyathelo esiwujuqu ukuze bavikele ibandla.—1 Thimothewu 1:20; Thithu 3:10, 11.

Ukugcwalisa Izingqondo Zethu Ngezinto Ezitusekayo

21, 22. Kufanele sibe abakhethayo ngokuphathalene nani, futhi izingqondo zethu kufanele sizigcwalise ngani?

21 Ibandla lobuKristu liyawagwema amazwi alimazayo ‘asakazeka njengesilonda esibhibhayo.’ (2 Thimothewu 2:16, 17; Thithu 3:9) Lokhu kuyiqiniso kungakhathaliseki ukuthi amazwi anjalo abonisa “ukuhlakanipha” kwezwe okudukisayo, inkulumo-ze yezihlubuki noma ukukhuluma ngokungacabangi ebandleni. Nakuba isifiso esikahle sokufunda izinto ezintsha singaba nenzuzo, ilukuluku lokwazi elingalawuliwe lingasichaya emibonweni elimazayo. Asibona abangenalwazi ngamacebo kaSathane. (2 Korinte 2:11) Siyazi ukuthi uzama kanzima ukusiphazamisa ukuze sinciphise izinga ekukhonzeni kwethu uNkulunkulu.

22 Njengezikhonzi ezinhle, masiyisekele ngokuqinile imfundiso yokuhlonipha uNkulunkulu. (1 Thimothewu 4:6) Kwangathi singasisebenzisa kahle isikhathi sethu ngokuba abakhethayo ngokuphathelene nokwaziswa esikwamukelayo. Khona-ke ngeke sizanyazanyiswe kalula yinkulumo-ze ephefumulelwe uSathane. Yebo, masiqhubeke sicabanga ‘nganoma iziphi izinto eziyiqiniso, noma iziphi izinto ezinokubaluleka okungathi sína, noma iziphi izinto ezilungileyo, noma iziphi izinto ezimsulwa, noma iziphi izinto ezithandekayo, noma iziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa.’ Uma sigcwalisa izingqondo nezinhliziyo zethu ngezinto ezinjalo, uNkulunkulu wokuthula uyoba nathi.—Filipi 4:8, 9.

Sifundeni?

• Ukuhlakanipha kwezwe kungalisongela kanjani ingokomoya lethu?

• Yini esingayenza ukuze sizivikele ekwazisweni okulimazayo kwezihlubuki?

• Luhlobo luni lwenkulumo okufanele lugwenywe ebandleni?

• Singakubonisa kanjani ukulinganisela kobuKristu endabeni yokwaziswa kwanamuhla okuxhaphakile?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 9]

Omagazini nezincwadi eziningi ezithandwayo ziyangqubuzana nezindinganiso zethu zobuKristu

[Isithombe ekhasini 10]

AmaKristu angaxoxisana ngaphandle kokugcizelela ngokweqile imibono yawo