Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yizwa Lokho Umoya Okushoyo

Yizwa Lokho Umoya Okushoyo

Yizwa Lokho Umoya Okushoyo

“[Izindlebe] zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: ‘Nansi indlela; hambani ngayo,’ noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.”—ISAYA 30:21.

1, 2. UJehova uye wayithumela kanjani imiyalezo kubantu kuwo wonke umlando?

ESIQHINGINI sasePuerto Rico kunesibonakude samaza omsakazo esinesitsha esisodwa esikhulu nesibukhali kunazo zonke emhlabeni. Sekungamashumi eminyaka ososayensi benethemba lokuthola imiyalezo evela ezidalweni ezingaphandle komhlaba, besebenzisa lo mshini omkhulukazi. Kodwa akukho myalezo onjalo abake bawuthola. Nokho ngokuphambene nalokho, kunemiyalezo ecacile evela ngaphandle kwendawo yabantu engatholwa yinoma ubani kithi nganoma yisiphi isikhathi—ngaphandle kokusebenzisa imishini eyinkimbinkimbi. Le miyalezo ivela eMthonjeni ophakeme kakhulu kunanoma yiziphi izidalwa ezicatshangelwayo zangaphandle komhlaba. Ungubani uMthombo wemiyalezo enjalo, futhi obani abayitholayo? Ithini yona le miyalezo?

2 IBhayibheli linokulandisa okuningana lapho imiyalezo evela ezulwini yenziwa yezwiwa abantu khona. Ngezinye izikhathi le miyalezo yayilethwa yizidalwa zomoya ezaziyizithunywa zikaNkulunkulu. (Genesise 22:11, 15; Zakariya 4:4, 5; Luka 1:26-28) Kathathu, kwezwakala izwi likaJehova uqobo. (Mathewu 3:17; 17:5; Johane 12:28, 29) UNkulunkulu wakhuluma esebenzisa nabaprofethi abangabantu, abaningi babo abakubhala phansi lokho abaphefumulela ukuba bakusho. Namuhla, sineBhayibheli, okulotshwe kulo eminingi yale miyalezo, kanye nezimfundiso zikaJesu nabafundi bakhe. (Heberu 1:1, 2) Ngempela uJehova ubelokhu ethumela ukwaziswa ezidalweni zakhe ezingabantu.

3. Iyini injongo yemiyalezo kaNkulunkulu, futhi yini elindelekile kithi?

3 Yonke le miyalezo ephefumulelwe evela kuNkulunkulu ayembuli lutho olutheni ngamazulu nomhlaba okungokoqobo. Igxila ezintweni ezibaluleke kakhudlwana, ezithinta ukuphila kwethu kwamanje nokwesikhathi esizayo. (IHubo 19:7-11; 1 Thimothewu 4:8) UJehova uyisebenzisela ukusazisa ngentando yakhe nokusinika isiqondiso sakhe. Le miyalezo ingenye yezindlela amazwi omprofethi u-Isaya agcwaliseka ngayo: “Nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: ‘Nansi indlela; hambani ngayo,’ noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.” (Isaya 30:21) UJehova akasiphoqi ukuba silalele “izwi” lakhe. Kukithi ukuthi siyasilalela yini isiqondiso sikaNkulunkulu futhi sihambe endleleni yakhe. Ngenxa yalokho imiBhalo isiyala ukuba siyilalele imiyalezo evela kuJehova. Encwadini yesAmbulo, isikhuthazo sokuba ‘sizwe lokho umoya okushoyo’ sivela kasikhombisa.—IsAmbulo 2:7, 11, 17, 29; 3:6, 13, 22.

4. Ingabe kunengqondo namuhla ukulindela ukuba uNkulunkulu akhulume nathi ngokuqondile esezulwini?

4 Namuhla uJehova akakhulumi nathi ngokuqondile esezulwini. Ngisho nangezikhathi zeBhayibheli, le miyalezo engavamile yayiqabukela, ngezinye izikhathi ivela ngemva kwamakhulu eminyaka. Kuwo wonke umlando, esikhathini esiningi uJehova uye wakhuluma nabantu bakhe ngezindlela ezingaqondile. Kunjalo nanamuhla. Ake sihlole izindlela ezintathu uJehova akhuluma nathi ngazo namuhla.

“Yonke ImiBhalo Iphefumulelwe”

5. Yiliphi ithuluzi eliyinhloko uJehova akhuluma ngalo namuhla, futhi singazuza kanjani kulo?

5 Ithuluzi eliyinhloko uNkulunkulu akhuluma ngalo nabantu yiBhayibheli. Liphefumulelwe uNkulunkulu, futhi konke okukulo kungasizuzisa. (2 Thimothewu 3:16) IBhayibheli ligcwele izibonelo zabantu bangempela abasebenzisa inkululeko yabo yokuzikhethela ukuze banqume ukuthi bayolilalela yini izwi likaJehova noma cha. Izibonelo ezinjalo ziyasikhumbuza ukuthi kungani kubalulekile ukulalela lokho umoya kaNkulunkulu okushoyo. (1 Korinte 10:11) IBhayibheli futhi linokuhlakanipha okusebenzisekayo, lisinika iseluleko esingasisebenzisa lapho sibhekene nezinqumo ekuphileni. Kunjengokungathi uNkulunkulu ungemva kwethu, uyasihlebela ethi: “Nansi indlela. Hambani ngayo.”

6. Kungani iBhayibheli lizidlula kude zonke ezinye izincwadi?

6 Ukuze sizwe lokho umoya okushoyo emakhasini eBhayibheli, kumelwe silifunde njalo. IBhayibheli aliyona nje incwadi ethandwayo ebhalwe ngobuciko, ephakathi kweziningi ezitholakala namuhla. IBhayibheli liphefumulelwe ngomoya futhi linemiqondo kaNkulunkulu. AmaHeberu 4:12 athi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili futhi lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” Njengoba sifunda iBhayibheli, elikuqukethe kuhlaba kungene njengenkemba emicabangweni nasezisuseni zethu ezijulile, kudalule izinga ukuphila kwethu okuvumelana ngalo nentando kaNkulunkulu.

7. Kungani kusemqoka ukufunda iBhayibheli, futhi sikhuthazwa ukuba silifunde kangaki?

7 “Imicabango nezinhloso zenhliziyo” kungashintsha njengoba isikhathi sihamba nanjengoba sithonywa yizinto ezisehlakalelayo ekuphileni—ezimnandi nezinzima. Uma singalitadishi njalo iZwi likaNkulunkulu, imicabango yethu, isimo sengqondo nemizwelo yethu kuyoyeka ukuhambisana nezimiso zokuhlonipha uNkulunkulu. Ngakho, iBhayibheli liyasiyala: “Qhubekani nivivinya ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Korinte 13:5) Uma sifuna ukuqhubeka sizwa lokho umoya okushoyo, kufanele sisilalele iseluleko sokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke.—IHubo 1:2.

8. Yimaphi amazwi omphostoli uPawulu asisiza ukuba sizihlole ngokuqondene nokufunda iBhayibheli?

8 Nasi isikhumbuzo esibalulekile kwabafunda iBhayibheli: Zinike isikhathi esanele sokwetshisa lokho okufundayo! Ngeke sithande ukuzithola sifunda izahluko eziningi ngokujaha singawutholi umqondo walokho esikufundayo, ngenxa yokuthi sizama ukulalela isiyalo sokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Nakuba ukufunda iBhayibheli njalo kubalulekile, isisusa sethu akufanele kube nje ukuhambisana nesimiso; kufanele sibe nesifiso sangempela sokufunda ngoJehova nezinjongo zakhe. Kulokhu, singase sisebenzise la mazwi omphostoli uPawulu ukuze sizihlole. Ebhalela amaKristu ayekanye nawo, wathi: “Ngiguqa kuBaba, ngenjongo yokuba aninike . . . ukuba . . . uKristu ahlale ngokholo lwenu ezinhliziyweni zenu ngothando; ukuze nigxile futhi nime esisekelweni, ukuze kanye nabo bonke abangcwele nikwazi ngokuphelele ukuqonda ububanzi nobude nokuphakama nokujula, futhi nazi uthando lukaKristu oludlula ulwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala uNkulunkulu akunikezayo.”—Efesu 3:14, 16-19.

9. Singasihlakulela futhi sisijulise kanjani isifiso sethu sokufundiswa nguJehova?

9 Kuyavunywa, abanye bethu abakujabuleli ukufunda ngokwemvelo nje, kanti abanye bakukhonzile. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sinakuphi ukuthambekela, singasihlakulela futhi sisijulise isifiso sethu sokufundiswa nguJehova. Umphostoli uPetru wachaza ukuthi kufanele silulangazelele ulwazi lweBhayibheli, futhi wayeqaphela ukuthi isifiso esinjalo kungase kudingeke sihlakulelwe. Wabhala: “Njengezinsana ezisanda kuzalwa, yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi, ukuze ngalo nikhulele ensindisweni.” (1 Petru 2:2) Ukuzithiba kubalulekile ukuze ‘sakhe ukulangazelela’ ukutadisha iBhayibheli. Njengoba nje singase siqale ukukuthanda ukudla okuthile ebesingakujwayele ngemva kokukuzwa kaningana, isimo sethu sengqondo mayelana nokufunda nokutadisha singashintsha sibe sihle uma sizifundisa ukulandela inqubo yasikhathi sonke.

‘Ukudla Ngesikhathi Esifanele’

10. Obani abakha “isigqila esikholekile nesiqondayo,” futhi uJehova ubasebenzisa kanjani namuhla?

10 Enye indlela uJehova ayisebenzisayo ukuze akhulume nathi namuhla ivezwe nguJesu kuMathewu 24:45-47. Lapho, wakhuluma ngebandla lobuKristu eligcotshwe ngomoya—“isigqila esikholekile nesiqondayo” esimiswe ukuba sinikeze ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’ Njengabantu ngabanye, amalungu alesi sigaba ‘angabendlu’ kaJesu. Wona, kanye ‘nesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu,’ athola isikhuthazo nesiqondiso. (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16) Okuningi kwalokhu kudla okufika ngesikhathi esifanele kufika ngezincwadi, ezinjenge-Nqabayokulinda, i-Phaphama! nezinye. Ukudla okungokomoya okwengeziwe kwabiwa ngezinkulumo nemiboniso emihlanganweni emikhulu neyebandla.

11. Sibonisa kanjani ukuthi siyakulalela lokho umoya okushoyo ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo’?

11 Ukwaziswa okunikezwa “yisigqila esikholekile nesiqondayo” kuklanyelwe ukuqinisa ukholo lwethu nokuqeqesha amandla ethu okuqonda. (Heberu 5:14) Iseluleko esinjalo singase sisebenze ezicini eziningi ukuze umuntu ngamunye akwazi ukusisebenzisa kuye siqu. Ngezikhathi ezithile, sithola nezeluleko eziphathelene nezici eziqondile zokuziphatha kwethu. Yisiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso uma sikulalela ngempela lokho umoya okushoyo ngesigaba sesigqila? Umphostoli uPawulu uyaphendula: “Lalelani labo abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe.” (Heberu 13:17) Yiqiniso, bonke abantu abahilelekile kule nqubo abaphelele. Noma kunjalo, uJehova uyakujabulela ukusebenzisa izinceku zakhe ezingabantu, nakuba zingaphelele, ukuze asiqondise kulesi sikhathi sokuphela.

Ukuqondiswa Unembeza Wethu

12, 13. (a) Yimuphi omunye umthombo wesiqondiso uJehova asinike wona? (b) Yiliphi ithonya elihle unembeza ongaba nalo ngisho nakubantu abangenalo ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu?

12 UJehova usinike omunye umthombo wesiqondiso—unembeza wethu. Wadala umuntu waba nomuzwa wangaphakathi wokulungile nokungalungile. Uyingxenye yethu. Encwadini ayeyibhalele amaRoma, umphostoli uPawulu wachaza: “Noma nini lapho abantu bezizwe abangenawo umthetho benza ngokwemvelo izinto zomthetho, lababantu, nakuba bengenawo umthetho, bangumthetho kubo ngokwabo. Yibo kanye ababonisa ukuthi ingqikithi yomthetho ilotshiwe ezinhliziyweni zabo, lapho unembeza wabo ufakazelana nabo, futhi phakathi kwemicabango yabo siqu, babekwa icala noma baze ngisho bavunwe.”—Roma 2:14, 15.

13 Abaningi abangamazi uJehova bangakwazi ngezinga elithile ukuvumelanisa imicabango nezenzo zabo nezimiso zokuhlonipha uNkulunkulu zokulungile nokungalungile. Kunjengokungathi bezwa izwi langaphakathi elinyenyezayo libaqondisa endleleni efanele. Uma kungaba njalo ngabantu abangenalo ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, yeka ukuthi lelo zwi langaphakathi kufanele likhulume kakhulu kangakanani kumaKristu eqiniso! Ngokuqinisekile, unembeza womKristu ololongwe ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu futhi osebenza ngokuvumelana nomoya ongcwele kaJehova unganikeza isiqondiso esinokwethenjelwa.—Roma 9:1.

14. Unembeza oqeqeshwe yiBhayibheli ungasisiza kanjani ukuba silandele isiqondiso somoya kaJehova?

14 Unembeza omuhle, oqeqeshwe yiBhayibheli, ungasikhumbuza indlela umoya ofuna sihambe ngayo. Kungase kube nezikhathi lapho imiBhalo nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini kungakhulumi ngokuqondile ngesimo esithile esingase sizithole sikuso. Noma kunjalo, unembeza wethu ungase unikeze isixwayiso, usiqaphelise ukuba singathathi inkambo engase isilimaze. Ezimweni ezinjalo, ukukuziba lokho okushiwo unembeza wethu kungase empeleni kusho ukuziba lokho okushiwo umoya kaJehova. Ngakolunye uhlangothi, ngokufunda ukuncika kunembeza wethu wobuKristu oqeqeshiwe, singakhetha ngokuhlakanipha ngisho nalapho kungekho siqondiso esiqondile esilotshiwe. Nokho, kubalulekile ukukhumbula ukuthi lapho kungekho simiso noma umthetho onikezwe ngokwaphezulu, kuyoba okungafaneleki ukuba sigcizelele kumaKristu esikanye nawo lokho okunqunywa abethu onembeza ezindabeni ezingezomuntu siqu ngokuphelele.—Roma 14:1-4; Galathiya 6:5.

15, 16. Yini engabangela unembeza wethu ukuba ungabe usasebenza kahle, futhi singakuvimbela kanjani lokho kungenzeki?

15 Unembeza ohlanzekile, oqeqeshwe yiBhayibheli uyisipho esihle esivela kuNkulunkulu. (Jakobe 1:17) Kodwa kumelwe sisivikele lesi sipho emathonyeni onakalisayo ukuze sisebenze kahle njenge-alamu yokuziphatha okuhle. Uma elandelwa, amasiko nemikhuba yendawo engqubuzana nezindinganiso zikaNkulunkulu kungabangela ukuba unembeza wethu ungasebenzi kahle futhi ungasiholeli endleleni efanele. Singase singakwazi ukwahlulela kahle ezintweni futhi size sizikhohlise ngokucabanga ukuthi isenzo esibi empeleni sihle.—Qhathanisa noJohane 16:2.

16 Uma siqhubeka siziziba izixwayiso zikanembeza wethu, izwi lawo liyoya liba buthakathaka kuze kube yilapho singasazweli endabeni yokuziphatha. Umhubi wayekhuluma ngabantu abanjalo lapho ethi: “Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho.” (IHubo 119:70) Abanye abawuzibayo unembeza wabo lapho ubahlokoloza ababe besakwazi ukucabanga ngokuhluzekile. Basuke bengasaqondiswa yizimiso zokuhlonipha uNkulunkulu futhi bengasakwazi ukwenza izinqumo eziqondile. Ukuze sigweme isimo esinjalo, kufanele sisabele ekuholeni kukanembeza wethu wobuKristu ngisho nalapho okuhilelekile kubonakala kuyindaba engasho lutho.—Luka 16:10.

Bayajabula Labo Abezwayo Bese Belalela

17. Siyobusiswa kanjani lapho silalela ‘izwi elingemva kwethu’ futhi silalela onembeza bethu abaqeqeshwe yiBhayibheli?

17 Lapho sikwenza umkhuba ukulalela ‘izwi elingemva kwethu’—njengoba lizwakala ngemiBhalo nangesigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo—futhi lapho silalela izikhumbuzo zikanembeza wethu oqeqeshwe yiBhayibheli, uJehova uyosibusisa ngomoya wakhe. Umoya ongcwele uyobe usuthuthukisa ikhono lokwamukela nokuqonda lokho uJehova asitshela kona.

18, 19. Isiqondiso sikaJehova singasizuzisa kanjani enkonzweni nasekuphileni kwethu siqu?

18 Umoya kaJehova uyosiqinisela nokuba sibhekane nezimo ezinzima ngokuhlakanipha nangesibindi. Njengakubaphostoli, umoya kaNkulunkulu ungashukumisa amandla ethu engqondo futhi usisize senze futhi sikhulume ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli ngaso sonke isikhathi. (Mathewu 10:18-20; Johane 14:26; IzEnzo 4:5-8, 13, 31; 15:28) Umoya kaJehova kuhlanganise nemizamo yethu siqu kuyosenza siphumelele lapho senza izinqumo ezibalulekile ekuphileni, kusinike isibindi sokufeza lezo zinqumo. Ngokwesibonelo, kungenzeka ucabanga ukushintsha indlela yakho yokuphila ukuze ube nesikhathi esiningana sezinto ezingokomoya. Noma kungenzeka ubhekene nezinqumo ezibalulekile nezishintsha ukuphila, njengokukhetha umngane womshado, ukuhlaziya umsebenzi ongase uwuthathe noma ukuthenga umuzi. Kunokuba sivumele imizwelo yethu yobuntu ukuba ibe ukuphela kwesici esibalulekile lapho senza izinqumo, kufanele silalele lokho umoya kaNkulunkulu okushoyo bese senza ngokuvumelana nesiqondiso sawo.

19 Sizazisa ngempela izikhumbuzo nezeluleko ezinomusa esizithola kumaKristu esikanye nawo, kuhlanganise nabadala. Nokho, akudingeki ukuba njalo silinde kuze kube yilapho abanye besiqaphelisa okuthile. Uma siyazi inkambo okuwukuhlakanipha ukuyithatha nokuthi yikuphi ukulungisa okudingeka sikwenze esimweni sethu sengqondo nasekuziphatheni kwethu ukuze sijabulise uNkulunkulu, masithathe isinyathelo. UJesu wathi: “Uma nizazi lezizinto, niyajabula uma nizenza.”—Johane 13:17.

20. Yisiphi isibusiso esitholwa yilabo abalalela ‘izwi elingemva kwabo’?

20 Kusobala ukuthi ukuze azi ukuthi angamjabulisa kanjani uNkulunkulu, amaKristu akudingeki ezwe izwi elingokoqobo elivela ezulwini, futhi akudingeki aze avakashelwe yingelosi. Abusiswe ngokuba neZwi likaNkulunkulu elilotshiwe nesiqondiso sothando esitholakala ngesigaba sakhe esigcotshiwe esisemhlabeni. Uma elilalelisisa leli ‘zwi elingemva kwawo’ futhi elandela isiqondiso sikanembeza wawo oqeqeshwe yiBhayibheli, ayophumelela ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Khona-ke ngokuqinisekile ayobona ukugcwaliseka kwesithembiso somphostoli uJohane: “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.

Ukubukeza Okufushane

• Kungani uJehova ethumela imiyalezo endalweni yakhe engabantu?

• Singazuza kanjani esimisweni sokufunda iBhayibheli njalo?

• Kufanele sisabele kanjani esiqondisweni esivela esigabeni sesigqila?

• Kungani kungafanele sikuzibe lokho okushiwo unembeza oqeqeshwe yiBhayibheli?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 13]

Umuntu akadingi imishini eyinkimbinkimbi ukuze athole imiyalezo evela kuNkulunkulu

[Umthombo]

Courtesy Arecibo Observatory/David Parker/Science Photo Library

[Isithombe ekhasini 15]

UJehova ukhuluma nathi ngeBhayibheli ‘nangesigqila esikholekile nesiqondayo’