Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Qapha Inhliziyo Yakho”

“Qapha Inhliziyo Yakho”

“Qapha Inhliziyo Yakho”

UJEHOVA watshela umprofethi uSamuweli: “UJehova [akabukisi] okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.” (1 Samuweli 16:7) Egxilise ukunakekela kwakhe enhliziyweni engokomfanekiso, umhubi uDavide naye wahlabelela: “[Jehova] uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho.”—IHubo 17:3.

Yebo, uJehova uhlola izinhliziyo ukuze abone lokho esiyikho ngempela. (IzAga 17:3) Khona-ke, ngesizathu esihle, iNkosi uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo iyeluleka: “Phezu kwakho konke [okumelwe kuqashelwe, qapha] inhliziyo yakho, ngokuba yilapho kuvela khona ukuphila.” (IzAga 4:23, qhathanisa ne-NW.) Singaziqapha kanjani izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso? IzAga isahluko sesine zisinikeza impendulo yalowo mbuzo.

Lalela Isiyalo Sikababa

Isahluko sesine sezAga siqala ngamazwi athi: “Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda. Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami.”IzAga 4:1, 2.

Intsha yelulekwa ukuba ilalele imfundiso enengqondo yabazali bayo abesaba uNkulunkulu, ikakhulukazi kababa. Unomthwalo wemfanelo ongokomBhalo wokunakekela izidingo ezingokwenyama nezingokomoya zomkhaya wakhe. (Duteronomi 6:6, 7; 1 Thimothewu 5:8) Ngaphandle kwesiqondiso esinjalo, yeka ukuthi kunzima kakhulu kangakanani ukuba osemusha afinyelele ekuvuthweni! Ngakho-ke, akufanele yini ingane isamukele ngenhlonipho isiyalo sikayise?

Nokho, kuthiwani ngosemusha ongenaye uyise wokumfundisa? Ngokwesibonelo, uJason oneminyaka engu-11 ubudala, washonelwa uyise eneminyaka emine ubudala. * Lapho umdala ongumKristu embuza ukuthi isiphi isici esimkhathaza kakhulu ekuphileni kwakhe, uJason waphendula ngokushesha: “Ngiyakukhumbula ukuba nobaba. Ngezinye izikhathi kungenza ngicindezeleke ngempela.” Nokho, sikhona iseluleko esiduduzayo sentsha engenabo abazali abayiqondisayo. UJason nabanye abanjengaye bangafuna futhi bathole iseluleko sikababa kubadala nakwabanye abavuthiwe ebandleni lobuKristu.—Jakobe 1:27.

Ekhumbula imfundo ayithola, uSolomoni uyaqhubeka: “Ngangiyindodana [isibili] kubaba, ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.” (IzAga 4:3, qhathanisa ne-NW.) Ngokusobala le nkosi yayiyikhumbula ngokwazisa indlela eyakhuliswa ngayo. Ngokuba “yindodana isibili” elalela iseluleko sikayise, uSolomoni osemusha kumelwe ukuba wayenobuhlobo obuhle nobuseduze noyise, uDavide. Ngaphezu kwalokho, uSolomoni ‘wayeyedwa,’ noma wayethandwa kakhulu. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba ingane ikhulele ekhaya elifudumele nalapho imizila yokuxhumana nabazali ivulekile!

Zuza Ukuhlakanipha Nokuqonda

Ekhumbula iseluleko sothando sikayise, uSolomoni uyalandisa: “Wangifundisa, wathi kimi: ‘Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile. Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami; ungakushiyi, [ukuhlakanipha] kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza. [Ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko.] Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.’”IzAga 4:4-7, qhathanisa ne-NW.

Kungani ukuhlakanipha “kuyinto eyinhloko”? Ukuhlakanipha kusho ukusebenzisa ulwazi nokuqonda ngendlela eletha imiphumela emihle. Ulwazi—ukujwayelana namaqiniso azuzwe ngokubona nangokwehlelwa okuthile noma ngokufunda nokutadisha—lusemqoka ukuze umuntu ahlakaniphe. Kodwa uma singakwazi ukulusebenzisa kahle, ulwazi lwethu ngeke lube usizo. Akumelwe sigcine ngokufunda njalo iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwa “isigqila esikholekile nesiqondayo” kodwa kumelwe silwele nokukusebenzisa lokho esikufundayo.—Mathewu 24:45.

Kubalulekile nokuzuza ukuqonda. Ngaphandle kwakho, ingabe singakwazi ngempela ukubona indlela amaphuzu ahlobene ngayo futhi sibe nombono ophelele wendaba ehilelekile? Uma singenakho ukuqonda, singabona kanjani ukuthi kungani izinto zingendlela ezingayo bese sikhanyelwa? Yebo, ukuze sikwazi ukuhlanganisa amaqiniso esiwaziyo bese sifinyelela esiphethweni esifanele, kudingeka sibe nokuqonda.—Daniyeli 9:22, 23.

USolomoni uyaqhubeka elandisa amazwi kayise, ethi: “[Kwazise kakhulu ukuhlakanipha], kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.” (IzAga 4:8, 9) Ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu kuyamvikela lowo okwamukelayo. Ngaphezu kwalokho, kumlethela udumo futhi kumenze abe muhle. Khona-ke, masikuzuze ngempela ukuhlakanipha.

“Bambelela Ekulayweni”

Yenanela imfundiso kayise, le nkosi yakwa-Israyeli ibe isithi: “Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha; ngikuhola emikhondweni yobuqotho. Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa, nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka. Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.”IzAga 4:10-13.

Njengoba ayeyindodana isibili, uSolomoni kumelwe ukuba wayekuqaphela ukubaluleka kwesiyalo sothando esifundisayo nesilungisayo. Ngaphandle kwesiyalo esilinganiselayo, singakulindela kanjani ukuthuthukela ekuvuthweni okungokomoya noma sibe nethemba lokuthuthukisa izinga lokuphila kwethu? Uma singafundi emaphutheni ethu noma uma sihluleka ukulungisa imibono eyiphutha, ngeke sithuthuke ngempela ngokomoya. Isiyalo esinengqondo siholela ekuziphatheni ngendlela ehlonipha uNkulunkulu ngaleyo ndlela sisisiza ‘ngokusiholela emikhondweni yobuqotho.’

Olunye uhlobo lwesiyalo lwenza ‘iminyaka yokuphila kwethu ibe miningi.’ Kanjani? Phela uJesu Kristu wathi: “Umuntu okholekile kokuncane kakhulu ukholekile nakokukhulu, futhi umuntu ongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.” (Luka 16:10) Ukuziqeqesha ezintweni ezincane ngeke yini kwenze kube lula ukuba senze okufanayo nasezintweni ezinkulu ukuphila kwethu okuxhomeke kuzo? Ngokwesibonelo, ukuqeqesha iso ukuba ‘lingaqhubeki libuka owesifazane ukuze simkhanuke’ kuyokwenza singabi sethubeni lokuwela ekuziphatheni okubi. (Mathewu 5:28) Njengokulindelekile, lesi simiso sisebenza kwabesilisa nabesifazane. Uma siqeqesha izingqondo zethu ukuba ‘zithumbe yonke imicabango,’ iba ncane ingozi yokuba sone kakhulu ngamazwi noma ngezenzo.—2 Korinte 10:5.

Yiqiniso, kunzima ngokuvamile ukwamukela isiyalo futhi singase sibonakale sisivimbela. (Heberu 12:11) Yize kunjalo, inkosi ehlakaniphile isiqinisekisa ngokuthi uma sisamukela isiyalo, indlela yethu iyosenza sikwazi ukuthuthuka. Njengoba nje ukuziqeqesha ngokufanele kwenza umgijimi akwazi ukuqhubeka egijima ngejubane elikhulu kodwa angawi noma azilimaze, ukwamukela isiyalo kusenza sikwazi ukuqhubeka ngezinga elingaguquguquki futhi singakhubeki endleleni yokuphila. Yiqiniso, kumelwe siqaphele ngokuphathelene nendlela esiyikhethayo.

Xwaya ‘Umkhondo Wababi’

Ngomuzwa wokuphuthuma, uSolomoni uyaxwayisa: “Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo. Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule. Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu. Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.”IzAga 4:14-17.

Ababi, abazindlela zabo uSolomoni afuna sizixwaye, baziphilisa ngezenzo ezimbi. Ukwenza okubi kunjengokudla nokuphuza kubo. Abakwazi ukulala uma bengazange benze ubudlova. Bona kanye ubuntu babo bonakele! Ingabe singakwazi ngempela ukulondoloza izinhliziyo zethu uma sizihlanganisa nabo? Yeka indlela okuwubuwula ngayo ‘ukuhamba endleleni yabonakele’ ngokuzichaya ebudloveni obusekuzijabuliseni okusezweni lanamuhla! Ukulwela ukuba nobubele besisa akuhlangani neze nokubuka izehlakalo zobubi ezibulala imizwelo ezikuthelevishini noma emafilimini.

Hlala Ekukhanyeni

Eqhubeka esebenzisa indlela engokomfanekiso, uSolomoni uthi: “Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.” (IzAga 4:18) Ukutadisha iBhayibheli nokuzama ukusebenzisa lokho elikushoyo ekuphileni kungafaniswa nokuqala uhambo ekuseni kakhulu kusemnyama. Lapho ubumnyama besibhakabhaka sasebusuku buqala ukuba luhlaza ngokujiyile, asikwazi ukubona lutho. Kodwa lapho kuqala ukusa, siya ngokuya sikwazi ukubona izinto ezisizungezile. Ekugcineni, ilanga likhanya bhá, bese sibona yonke into ngokucacile. Yebo, iqiniso liya ngokuya likhanya kithi lapho siphikelela sitadisha imiBhalo ngesineke nangenkuthalo. Kubalulekile ukondla inhliziyo ngokudla okungokomoya okunempilo uma sifuna ukuyilondoloza ekucabangeni okungamanga.

Lokho okushiwo iziprofetho zeBhayibheli nakho kwembuleka ngokuqhubekayo. Iziprofetho ziya zicaca njengoba umoya ongcwele kaJehova uzikhanyisa nanjengoba zigcwaliseka ngezenzakalo zezwe noma ngalokho abantu bakaNkulunkulu ababhekana nakho. Kunokuphendukela kulokho okucatshangelwayo ngokuphathelene nokugcwaliseka kwazo ngenxa yokuphelelwa isineke, kudingeka silindele ukuba ‘ukukhanya kuqhubeke ngokukhanya njalo.’

Kuthiwani ngalabo abenqaba isiqondiso sikaNkulunkulu ngokwenqaba ukuhamba ekukhanyeni? USolomoni uthi: “Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.” (IzAga 4:19) Ababi banjengomuntu okhubekayo ebumnyameni kodwa angazi ukuthi ukhutshwa yini. Ngisho noma abangamhloniphi uNkulunkulu bebonakala bechuma ngenxa yokungalungi kwabo, lokhu okubonakala kuyimpumelelo kungokwesikhashana nje. Ngokuphathelene nabanjalo, umhubi wahlabelela: “Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi; [Jehova] ubawisa babe yincithakalo.”—IHubo 73:18.

Hlala Uqaphile

Le nkosi yakwa-Israyeli iyaqhubeka ithi: “Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo. Phezu kwakho konke [okumelwe kuqashelwe, qapha] inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.”IzAga 4:20-23, qhathanisa ne-NW.

Isibonelo sakhe uSolomoni sifakazela ukubaluleka kweseluleko sokuqapha inhliziyo. Ngempela, waba “yindodana isibili” kuyise ebusheni bakhe futhi waqhubeka ethembekile kuJehova waze waba mdala kakhulu. Nokho, iBhayibheli liyalandisa: “Kwathi uSolomoni esemdala; omkakhe [bezizwe] bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.” (1 AmaKhosi 11:4) Uma kungaqashiwe ngokuqhubekayo, ngisho nenhliziyo engcono kakhulu ingayengekeleka ekwenzeni okubi. (Jeremiya 17:9) Kumelwe sigcine izikhumbuzo zeZwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu—‘phakathi kwazo.’ Lokhu kuhlanganisa nesiqondiso esinikezwa esahlukweni sesine sezAga.

Hlola Isimo Senhliziyo Yakho

Ingabe siziqapha ngokuphumelelayo izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso? Singasazi kanjani isimo somuntu ongaphakathi? UJesu Kristu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Mathewu 12:34) Wathi futhi: “Enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala ngokungemthetho, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ubufakazi obungamanga, ukuhlambalaza.” (Mathewu 15:19, 20) Yebo, amazwi nezenzo zethu kusitshela lukhulu ngalokho esiyikho ezinhliziyweni.

Ngokufanelekayo, uSolomoni uyasiyala: “Susa kuwe ukuphambana komlomo, nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho. Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo; chezukisa unyawo lwakho ebubini.”IzAga 4:24-27.

Sicabangela lesi siyalo sikaSolomoni, kudingeka sihlole inkulumo nezenzo zethu. Ukuze siqaphe izinhliziyo zethu futhi sijabulise uNkulunkulu, kumelwe siyigweme inkulumo ephambene kanye nenkambo eyizigwegwe. (IzAga 3:32) Ngakho-ke, kufanele sikucabangele ngomthandazo lokho amazwi nezenzo zethu okukwembulayo ngathi. Ngemva kwalokho masicele usizo lukaJehova ukuze silungise noma ibuphi ubuthakathaka esibutholayo.—IHubo 139:23, 24.

Ngaphezu kwakho konke, kwangathi ‘amehlo ethu angabheka phambili.’ Masiwagcine egxile emgomweni wokunikela inkonzo yomphefumulo wonke kuBaba wethu osezulwini. (Kolose 3:23) Njengoba uphishekela inkambo enjalo yokulunga, kwangathi uJehova angakwenza uphumelele kuzo “zonke izindlela zakho,” futhi kwangathi angakubusisa ngokucebile ngokulalela iseluleko esiphefumulelwe ‘sokuqapha inhliziyo yakho.’

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Akulona igama lakhe langempela.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]

Ingabe uyazigwema ezokuzijabulisa ezinobudlova?

[Isithombe ekhasini 21]

Zuza eselulekweni sabanolwazi

[Isithombe ekhasini 23]

Isiyalo asikubambezeli

[Isithombe ekhasini 24]

Phikelela ekutadisheni iBhayibheli