Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungasitholaphi Iseluleko Esihle?

Ungasitholaphi Iseluleko Esihle?

Ungasitholaphi Iseluleko Esihle?

“Umkhakha wezeluleko” usuye waba ibhizinisi elikhiqiza izigidigidi zamaRandi ngonyaka. Abantu bafuna usizo. Uprofesa wempilo yengqondo uHeinz Lehmann uyaphawula: “[Emphakathini wanamuhla] kunokuntuleka kwezemfundo nezenhlalo. Izindinganiso zenkolo azisekona lokho ezaziyikho. Imikhaya intengantenga kakhulu . . . , futhi ngenxa yalokho abantu bayayenda.” Umlobi u-Eric Maisel uthi: “Labo ababeya kumpristi ophulukisayo wesizwe, umfundisi noma udokotela womkhaya ukuze bathole usizo ezinkingeni ezingokwengqondo, ezingokomoya nezingokomzimba sebesebenzisa izincwadi zokuzisiza ukuze bathole izimpendulo.”

I-AMERICAN PSYCHOLOGICAL ASSOCIATION yajuba ithimba lokuhlola ngalo mkhakha ochumayo. Lathi nakuba “zinamathuba amahle kakhulu okuba zisize abantu baziqonde bona ngokwabo kanye nabanye . . . , izikhangiso nezihloko zalezi zinhlelo ziya ngokuya zeqisa futhi ziklanyelwa ukuthinta umzwelo.” Umlobi we-Toronto Star uthi: “Qaphela inani losizo-mbumbulu olungokwenkolo nolungokomoya. . . . Qaphela ikakhulukazi zonke izincwadi zokuzisiza, amakhasethi noma izingqungquthela ezithembisa okuningi kakhulu, ngesikhathi esifushane kakhulu, ngomzamo noma ukuzithiba okuncane kakhulu.” Kuyavunywa, kuneningi elikufuna ngempela ukusekela labo abadinga usizo. Nokho, kuneqiniso elidabukisayo lokuthi izigila-mkhuba ezithile zisizakala ngokuba nesizungu nokuhlupheka kwabantu, zibe zingabaniki usizo noma amakhambi angempela.

Sicabangela lokhu, yimuphi umthombo oyinhloko wosizo esingawethemba? Singasitholaphi iseluleko esiyosebenza ngaso sonke isikhathi?

Umthombo Wesiqondiso Esingehluleki

Umshumayeli waseMelika wekhulu le-19 uHenry Ward Beecher wathi: “IBhayibheli liyishadi likaNkulunkulu lokukuqondisa, ukuze ungazitholi usungaphansi kolwandle, futhi likubonise ichweba, nokuthi ungafinyelela kanjani kulo ngaphandle kokushayisa amadwala noma izindunduma zesihlabathi.” Enye indoda yathi ngeBhayibheli: “Akukho muntu oba mdala emBhalweni; le ncwadi iya yenaba futhi ijula njengoba iminyaka yethu iqhubeka.” Kungani kufanele ucabangisise ngalo mthombo?

Lizitusa, iBhayibheli lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 3:16, 17) OkuseBhayibhelini kuvela kuMsunguli wakho kanye ukuphila, uJehova uNkulunkulu. (IHubo 36:9) Njengomsunguli wokuphila, uyiqaphela ngokujulile indlela esibunjwe ngayo, njengoba iHubo 103:14 lisikhumbuza: “Uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” Ngakho-ke, singaqiniseka ngokuphelele ngokubaluleka kweBhayibheli.

Eqinisweni, iBhayibheli linezimiso eziningi neziqondiso ezingasetshenziswa ngokunenzuzo kunoma isiphi isimo ongase uzithole ukuso. Ngalo, uNkulunkulu uthi kithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.” (Isaya 30:21) Ingabe iBhayibheli lingahlangabezana ngempela nezidingo zabantu ngabanye namuhla? Ake sibone.

IBhayibheli Lihlangabezana Nezidingo Zethu . . .

Ekubhekaneni Ngokuphumelelayo Nokukhathazeka. IBhayibheli liyasitshela: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Ingabe umthandazo uye waphumelela ekubhekaneni ngokuphumelelayo nokukhathazeka okungokomzwelo okuhlobene nobunzima obungokomnotho, ukunukubezwa ngokobulili nokuchashwa ngamazwi, noma ukufa kothandekayo? Cabangela isenzakalo esilandelayo.

UJackie, ngemva kokuzwa ngokunukubezwa ngokobulili kwendodakazi yakhe, uyavuma: “Umuzwa wecala ngenxa yokuswela amandla okuvikela ingane yakho awuchazeki. Kwadingeka ngilwe nemizwa yokuba munyu, yokucasuka neyentukuthelo. Le mizwa yayisiqala ukonakalisa ukuphila kwami. Ngangikudinga kakhulu ukuba uJehova aqaphe inhliziyo yami.” Ngemva kokufunda ngokuphindaphindiwe eyabaseFilipi 4:6, 7, wasebenza kanzima ukuze asebenzise iseluleko sayo. UJackie uthi: “Ngithandaza nsuku zonke, ngicela ngokuphindaphindiwe ukuba ngingazivumeli ukuba ngonakaliswe imizwa engemihle, futhi uJehova uye wangisiza ukuba ngibe nenhliziyo ezolile nejabulayo. Ngizizwa nginokuthula ngempela.”

Nawe ungase uzithole usesimweni ongenawo amandla okusiqondisa noma okusisombulula futhi lokho kukwenze ukhathazeke emoyeni. Ngokulandela isiyalo seBhayibheli sokuthandaza, ungakwazi ukubhekana naso ngokuphumelelayo. Umhubi usikhuthaza ngala mazwi: “Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza.”—IHubo 37:5.

Ngokuphathelene Nesikhuthazo. Umhubi washo la mazwi okwazisa: “Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho. Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.” (IHubo 26:8, 12) EBhayibhelini sikhuthazwa ukuba sihlangane ndawonye njalo ukuze sikhulekele uJehova. Le mihlangano ingazanelisa kanjani izidingo zakho? Yini abanye abaye bayithola?

UBecky uyalandisa: “Abazali bami ababona abakhulekeli bakaJehova, ngakho bangibangela ubunzima lapho ngizama ukwenza noma yini ephathelene nokukhonza uNkulunkulu. Kudingeka umzamo omkhulu ukuze ngiye emihlanganweni.” UBecky unomuzwa wokuthi uye wathola izibusiso eziningi ngenxa yokuthi uye wazikhandla ukuze abe khona njalo emihlanganweni yobuKristu. “Imihlangano iqinisa ukholo lwami, ukuze ngikwazi ukubhekana nezingcindezi zansuku zonke njengomfundi, indodakazi nenceku kaJehova. Abantu eHholo LoMbuso bahluke kakhulu kubafundi basesikoleni! Bayanakekela futhi bawusizo, futhi izingxoxo zethu ziyakha njalo. Bangabangane bangempela.”

Yebo, ngokulandela isiqondiso seBhayibheli sokuhlangana njalo, singavumela ukuba uJehova anelise isidingo sethu sesikhuthazo. Lapha, yilapho sizwa khona ubuqiniso bamazwi omhubi athi: “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.”—IHubo 46:1.

Ngokuphathalene Nomsebenzi Owanelisayo Nowufanele Umzamo. IBhayibheli lithi: “Yibani ngabagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi ninokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi umshikashika wenu awulona ize eNkosini.” (1 Korinte 15:58) Ingabe ‘umsebenzi wenkosi’ uyanelisa ngempela? Ingabe inkonzo yobuKristu ifeza okuthile okuwufanele umzamo?

U-Amelia usho indlela azizwa ngayo: “Ngatadisha iBhayibheli nombhangqwana owawusuzohlukanisa. Ngasiza nowesifazane ondodakazi yakhe yayibulewe ngesihluku. Lowo wesifazane wayekhathazwa ukungaqiniseki ngesimo sabafileyo. Kuzo zombili lezi zimo, ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kwaletha ukuthula nethemba ekuphileni kwabo. Ngizizwa ngijabule kakhulu futhi nginokwaneliseka ngenxa yokuba nengxenye ekubasizeni.” UScott uthi: “Uma uye wajabulela izenzakalo ezimnandi enkonzweni yasensimini, uye waqala isifundo seBhayibheli esisha, noma uye waphumelela ngandlela-thile ekushumayeleni ngokwethukela, uyoxoxa ngakho iminyaka eminingi ezayo. Leyo mizwa nenjabulo kuyabuya njalo lapho ulandisa ngako! Enkonzweni yilapho injabulo enkulu nehlala njalo itholakala khona.”

Ngokusobala, ukusebenzisa iziqondiso zeBhayibheli zokuba izikhonzi ezimatasa kuye kwanelisa isidingo salaba bantu sokuba nomsebenzi owanelisayo nowufanele umzamo. Nawe uyamenywa ukuba uhlanganyele kulo msebenzi wokufundisa abanye ngezindlela nezimiso zikaNkulunkulu, ozozuzisa nawe ngesikhathi esifanayo.—Isaya 48:17; Mathewu 28:19, 20.

Ukuzuza EZwini LikaNkulunkulu

Akungabazeki, iBhayibheli liwumthombo onokwethenjelwa weziqondiso ezisebenzisekayo ezweni lanamuhla. Ukuze sizuze kulo, kudingeka senze umzamo oqhubekayo. Kumelwe silifunde njalo, silitadishe futhi sizindle ngalo. UPawulu wayala: “Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.” (1 Thimothewu 4:15; Duteronomi 11:18-21) UNkulunkulu uyaqinisekisa ukuthi uma usebenzela ukusebenzisa iseluleko sakhe esitholakala eBhayibhelini, uyophumelela. Uyathembisa: “Themba kuJehova . . . Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”—IzAga 3:5, 6.

[Izithombe ekhasini 31]

Ukulandela iseluleko seBhayibheli kwenza ukuphila kwanelise