‘Zisindise Wena Nabakulalelayo’
‘Zisindise Wena Nabakulalelayo’
“Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. . . . Ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.”—1 THIMOTHEWU 4:16.
1, 2. Yini eshukumisa amaKristu eqiniso ukuba aqhubeke emsebenzini wawo osindisa ukuphila?
ENDAWENI ethé qekelele eNyakatho yeThailand, umbhangqwana oshadile ongoFakazi BakaJehova uzama ukukhuluma nabantu besizwana sasezintabeni ngolimi osanda kulufunda. Muva nje lo mbhangqwana uqalé ukufunda ulimi lwesiLahu ukuze uhlanganyele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabantu bakule ndawo.
2 “Kunzima ukuchaza injabulo nokwaneliseka esinako, njengoba sisebenza phakathi kwalaba bantu abathakazelisayo,” kuchaza umyeni. “Sizizwa sineqhaza ngempela ekugcwalisekeni kwesAmbulo 14:6, 7, simemezela izindaba ezinhle ‘kuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi.’ Kunezindawo ezimbalwa lapho izindaba ezinhle zingakafinyeleli khona, futhi lena ngenye yazo. Izifundo zeBhayibheli esinazo zicishe zibe ziningi ngaphezu kwamandla ethu.” Ngokusobala, lo mbhangqwana unethemba lokungagcini ngokuzisindisa wona kodwa futhi nokusindisa nalabo abawulalelayo. NjengamaKristu, asifisi yini sonke ukwenza okufanayo?
“Zinake Njalo”
3. Ukuze sisindise abanye, yini okumelwe siyenze kuqala?
3 Umphostoli uPawulu weluleka uThimothewu wathi, “Zinake njalo wena nokufundisa kwakho” futhi lokho kusebenza kuwo wonke amaKristu. (1 Thimothewu 4:16) Ngempela, ukuze sisize abanye bazuze insindiso, kumelwe sizinake thina kuqala. Singakwenza kanjani lokhu? Okokuqala, kumelwe siqaphele izikhathi esiphila kuzo. UJesu wanikeza isibonakaliso esiyinhlanganisela ukuze abalandeli bakhe bazi lapho sekufike ‘isiphelo sesimiso sezinto.’ Nokho, uJesu wathi futhi ngeke sazi ngokunembile ukuthi ukuphela kuyofika nini. (Mathewu 24:3, 36) Kufanele sisabele kanjani kulokho?
4. (a) Yisiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso mayelana nesikhathi esisalele lesi simiso? (b) Yisiphi isimo sengqondo okufanele sisigweme?
4 Ngamunye wethu angase azibuze, ‘Ingabe ngisebenzisa sonke isikhathi esisalele lesi simiso ukuze ngizisindise mina nalabo abangilalelayo? Noma ingabe ngizitshela ukuthi, “Njengoba singazi ngokuqondile ukuthi ukuphela kuyofika nini, ngeke ngizikhathaze ngako”?’ Isimo sengqondo esinjalo siyingozi. Siyangqubuzana nesikhuthazo sikaJesu esithi: “Zibonakaliseni nikulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningacabangi ukuthi iyoza ngalo.” (Mathewu 24:44) Ngokuqinisekile lesi akusona isikhathi sokuba siphelelwe yintshiseko ngenkonzo kaJehova noma silindele ukuthola ukulondeka nokwaneliseka ezweni.—Luka 21:34-36.
5. Yiziphi izibonelo ezabekwa ofakazi bakaJehova bangaphambi kobuKristu?
5 Enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi sizinakile iwukukhuthazela ngokwethembeka njengamaKristu. Izinceku zikaNkulunkulu zasendulo zaqhubeka zikhuthazela, kungakhathaliseki Heberu 11:13; 12:1.
ukuthi zazilindele ukukhululwa ngokushesha noma cha. Ngemva kokubalula izibonelo zalabo fakazi bangaphambi kobuKristu abanjengo-Abela, u-Enoke, uNowa, u-Abrahama noSara, uPawulu wathi: ‘Abakutholanga ukugcwaliswa kwezithembiso, kodwa bazibona zikude, bazamukela futhi bavuma obala ukuthi bangabafokazi nezakhamuzi zesikhashana ezweni.’ Abavumelanga zifiso zokuphila ngokunethezeka, noma banqotshwe ukucindezela kokuziphatha okubi okwakubazungezile, kodwa babheka phambili ngokulangazela ‘ekugcwalisweni kwezithembiso.’—6. Indlela amaKristu ekhulu lokuqala ayeyibheka ngayo insindiso yayithonya kanjani indlela ayephila ngayo?
6 AmaKristu ekhulu lokuqala nawo ayezibheka “njengabafokazi” kuleli zwe. (1 Petru 2:11) Ngemva kokusindiswa ekubhujisweni kweJerusalema ngo-70 C.E., amaKristu eqiniso awayekanga ukushumayela noma aphile ngendlela egxile ezintweni zezwe. Ayazi ukuthi labo ababeyohlala bethembekile babelindelwe yinsindiso enkulu. Eqinisweni, kwase kungu-98 C.E. lapho umphostoli uJohane ebhala: “Izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17, 28.
7. OFakazi BakaJehova baye bakubonisa kanjani ukukhuthazela ezikhathini zanamuhla?
7 Kulezi zikhathi zanamuhla oFakazi BakaJehova nabo baye bakhuthazela emsebenzini wamaKristu, yize beye babhekana noshushiso olunonya. Ingabe ukukhuthazela kwabo kuye kwaba yize? Akunjalo neze, ngoba uJesu wasiqinisekisa: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa,” kungakhathaliseki ukuthi lokho kuphela kuba ukuphela kwalesi simiso esidala noma ukuphela kokuphila komuntu kwamanje. Ovukweni, uJehova uyozikhumbula futhi azivuze zonke izinceku zakhe ezithembekile eziye zafa.—Mathewu 24:13; Heberu 6:10.
8. Singabonisa kanjani ukuthi siyakwazisa ukukhuthazela kwamaKristu asendulo?
8 Ngaphezu kwalokho, siyajabula ukuthi amaKristu athembekile esikhathi esidlule ayengakhathaleli insindiso yawo nje kuphela. Ngokuqinisekile thina esiye safunda ngoMbuso kaNkulunkulu ngenxa yemizamo yawo siyabonga ngokuthi akhuthazela ekufezeni umyalo kaJesu: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Uma nje ithuba lisasivulekele, singabonisa ukubonga kwethu ngokushumayela kwabanye abangakazizwa izindaba ezinhle. Nokho, ukushumayela kumane kuyisinyathelo sokuqala ekwenzeni abafundi.
‘Naka Ukufundisa Kwakho’
9. Isimo sengqondo esiqondile singasisiza kanjani ukuba siqale izifundo zeBhayibheli?
9 Isabelo sethu asihlanganisi ukushumayela kuphela kodwa sihlanganisa nokufundisa. UJesu wasithuma ukuba sifundise abantu ukugcina zonke izinto ayala ngazo. Yiqiniso, kwamanye amasimu, kubonakala bembalwa abafuna ukufunda ngoJehova. Kodwa ukuyibheka ngeso elibi insimu kungathiya imizamo yethu yokuqala izifundo zeBhayibheli. UYvette, oyiphayona ensimini abanye ababethi ayitheli, waphawula ukuthi abantu ababevakashela kule ndawo, ababengenawo umbono onjalo ongaqondile, babeziqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngemva kokuba ezitshele ukuthi makabe nombono oqondile, uYvette naye wabathola abantu ababefuna ukutadisha iBhayibheli.
10. Iyini indima yethu eyisisekelo njengabafundisi beBhayibheli?
10 Amanye amaKristu angase abe manqikanqika ukusikisela ukutadisha iBhayibheli nabantu abathakazelayo ngoba enomuzwa wokuthi ngeke akwazi ukuqhuba isifundo. Kuyavunywa, sinamakhono ashiyashiyanayo. Kodwa akudingeki size sibe nekhono elihle ngokwedlulele ukuze siphumelele njengabafundisi beZwi likaNkulunkulu. Umyalezo weBhayibheli ngokwawo nje unamandla, futhi uJesu wathi abanjengezimvu bayalazi izwi likaMalusi wangempela. Khona-ke, umsebenzi wethu umane uwukudlulisela umyalezo kaMalusi Omuhle, uJesu, ngendlela ecacile ngokusemandleni ethu.—Johane 10:4, 14.
11. Ungaphumelela kanjani ekusizeni umfundi weBhayibheli?
11 Ungawudlulisela kanjani umyalezo kaJesu ngokuphumelela kakhudlwana? Okokuqala, yazi ukuthi iBhayibheli lithini ngesihloko ozoxoxa ngaso. Kufanele uyiqonde wena indaba ngaphambi IzAga 16:21.
kokuba ukwazi ukuyifundisa abanye. Futhi, zama ukwenza isimo sibe nesizotha kodwa sibe nobungane phakathi nesifundo. Abafundi, kuhlanganise nabancane kakhulu, bafunda kangcono lapho bekhululekile futhi obafundisayo ebabonisa inhlonipho nomusa.—12. Ungaqiniseka kanjani ukuthi umfundi uyakuqonda lokho omfundisa kona?
12 Njengomfundisi, awufuni ukumane unikeze amaqiniso okufanele umfundi awasho ngokungacabangi. Msize akuqonde lokho akufundayo. Imfundo anayo, izinto asezibonile ekuphileni, nolwazi analo ngeBhayibheli kuyothonya izinga akuqonda ngalo okushoyo. Ngakho-ke, ungase uzibuze, ‘Ingabe uyaqonda ukuthi isho ukuthini imibhalo ekhonjiwe encwadini efundwayo?’ Ungase uthole akucabangayo ngokumbuza imibuzo engenakuphendulwa nje ngoyebo noma ngocha kodwa edinga ukuchaza. (Luka 9:18-20) Ngakolunye uhlangothi, abanye abafundi baba manqikanqika ukubuza obafundisayo. Ngakho, bangase baqhubeke nje bengakuqondi ngokugcwele lokho abakufundiswayo. Mkhuthaze umfundi ukuba abuze imibuzo futhi akutshele lapho engaliqondi kahle-hle iphuzu elithile.—Marku 4:10; 9:32, 33.
13. Ungamsiza kanjani umfundi ukuba abe umfundisi?
13 Injongo ebalulekile yokuqhuba isifundo seBhayibheli iwukusiza umfundi abe umfundisi. (Galathiya 6:6) Ukuze wenze lokho, njengoba ubukeza isifundo, ungase umcele ukuba akuchazele iphuzu elithile ngamazwi alula, njengokungathi uchazela umuntu oqalayo ukulizwa. Kamuva, lapho esefaneleka ukuhlanganyela enkonzweni, ungase umcele ukuba ahambe nawe ensimini. Cishe uyozizwa ekhululekile ukusebenza nawe, futhi lokho kuyomsiza azethembe nakakhudlwana kuze kube yilapho esekwazi ukuzihambela yedwa enkonzweni.
Siza Umfundi Ukuba Abe Umngane KaJehova
14. Uyini umgomo wakho oyinhloko njengomfundisi, futhi yini eyokusiza uwufinyelele?
14 Umgomo oyinhloko wabo bonke abafundisi abangamaKristu uwukusiza umfundi abe umngane kaJehova. Lokhu ngeke ukufeze ngamazwi akho kuphela kodwa nangesibonelo sakho. Ukufundisa ngesibonelo kunethonya elinamandla ezinhliziyweni zabafundiswayo. Izenzo zifundisa kangcono ngempela kunamazwi, ikakhulu lapho kuziwa ekugxiliseni izimfanelo zokuziphatha nasekufakeni intshiseko kumfundi. Uma ebona ukuthi amazwi nezenzo zakho kubangelwa ubuhlobo obuhle noJehova, angase ashukumiseleke kakhudlwana ukuba naye ahlakulele ubuhlobo obunjalo.
15. (a) Kungani kubalulekile ukuba umfundi abe nesisusa esifanele sokukhonza uJehova? (b) Ungamsiza kanjani umfundi ukuba aqhubeke ethuthuka ngokomoya?
15 Ufuna umfundi akhonze uJehova ngoba emthanda, hhayi ngoba nje engafuni ukubhujiswa e-Armagedoni. Ngokumsiza ahlakulele isisusa esinjalo esimsulwa, uyobe wakha ngezinto ezingashi eziyomelana nokuvivinywa kokholo lwakhe. (1 Korinte 3:10-15) Isisusa esingafanele, njengesifiso eseqile sokulingisa wena noma omunye umuntu, ngeke simnike amandla okumelana namathonya angqubuzana nobuKristu futhi ngeke simnike isibindi sokwenza okulungile. Khumbula, ngeke ube umfundisi wakhe phakade. Njengoba usenalo ithuba, ungamkhuthaza ukuba alokhu esondela kuJehova ngokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke futhi acabange ngalo. Ngale ndlela uyoqhubeka amukela “isibonelo samazwi amahle” avela eBhayibhelini nasezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini isikhathi eside ngemva kokuphela kwesifundo senu.—2 Thimothewu 1:13.
16. Ungamfundisa kanjani umfundi ukuthandaza ngokusuka enhliziyweni?
16 Ungamsiza futhi umfundi ukuba asondele nakakhulu kuJehova ngokumfundisa ukuthandaza ngokusuka enhliziyweni. Ungakwenza kanjani lokhu? Mhlawumbe ungase umbonise umthandazo kaJesu oyisibonelo, kanye neminye imithandazo esuka enhliziyweni eseBhayibhelini, njengesemahubweni. (AmaHubo 17, 86, 143; Mathewu 6:9, 10) Ngaphezu kwalokho, lapho umfundi wakho ekuzwa uthandaza ukuze uqale futhi uphethe isifundo, uyoyizwa imizwa onayo ngoJehova. Ngakho, imithandazo yakho kufanele ngaso sonke isikhathi ibonise ubuqotho nokungafihli lutho, kanye nokulinganisela ngokomoya nangokomzwelo.
Ukusebenzela Ukusindisa Izingane Zakho
17. Abazali bangazisiza kanjani izingane ukuba zihlale endleleni eya ensindisweni?
17 Yiqiniso, abanye balabo esifuna ukubasindisa amalungu emikhaya yethu. Izingane eziningi zamaKristu ziqotho futhi ‘ziqinile okholweni.’ Nokho, ezinye kungenzeka iqiniso aligxilile ezinhliziyweni zazo. (1 Petru 5:9; Efesu 3:17; Kolose 2:7) Abaningi balaba bantu abasha bayayishiya indlela yobuKristu lapho besondela noma befika ebudaleni. Uma ungumzali, yini ongayenza ukuze unciphise amathuba okuba kwenzeke lokho? Okokuqala, ungasebenzela ukwakha isimo esihle emkhayeni. Ukuphila okuhle komkhaya kubeka isisekelo sokuba nombono omuhle ngegunya, ukwazisa izindinganiso ezifanele nobuhlobo obunenjabulo nabanye. (Heberu 12:9) Ngakho, ukusondelana komkhaya kungenza kube lula ukuba ubuhlobo bengane noJehova bukhule. (IHubo 22:10) Imikhaya eqinile yenza izinto ndawonye—ngisho noma abazali kumelwe badele isikhathi ebesingase sisetshenziselwe inzuzo yabo siqu. Ngale ndlela ningazifundisa ngesibonelo izingane zenu ukwenza izinqumo ezifanele ekuphileni. Bazali, into izingane eziyidinga kakhulu kini, akuzona izinto ezibonakalayo, kodwa yini uqobo—isikhathi, amandla nothando lwenu. Ingabe niyazinika izingane zenu lezi zinto?
18. Luhlobo luni lwemibuzo okumelwe abazali basize izingane zabo ziyiphendule?
18 Abazali abangamaKristu akumelwe nanini bazitshele ukuthi izingane zabo ziyoba amaKristu ngokuzenzakalelayo. UDaniel, ongumdala noyise wezingane ezinhlanu, uthi: “Abazali kumelwe bazinike isikhathi sokususa ukungabaza izingane zabo
ezikutholayo ngokungenakugwenywa esikoleni nakwezinye izindawo. Kumelwe bazisize ngesineke izingane zabo ukuba zizitholele izimpendulo zemibuzo enjengokuthi: ‘Ingabe siphila esikhathini sokuphela ngempela? Yinye kuphela ngempela yini inkolo yeqiniso? Kungani kungekuhle ukujwayelana nomuntu engifunda naye esikoleni obonakala ekahle? Ingabe akulungile ngaso sonke isikhathi ukuba nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado?’” Bazali, ningaqiniseka ukuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yenu, ngoba naye unesithakazelo enhlalakahleni yezingane zenu.19. Kungani kungcono kakhulu ukuba abazali batadishe nezingane zabo bona ngokwabo?
19 Abanye abazali bangase bazizwe bengenalo ikhono ngokwanele lapho kuziwa ekutadisheni nezingane zabo. Nokho, akudingeki ukuba uzizwe ngale ndlela, ngoba akekho omunye osesimweni esingcono sokufundisa izingane zakho ukudlula wena. (Efesu 6:4) Ukutadisha nezingane zakho kuyokunika ithuba lokuba wazi ngokuzibonela ukuthi yini esezinhliziyweni nasezingqondweni zazo. Ingabe ezikushoyo kusuka enhliziyweni noma zimane ziyakusho nje? Ingabe ziyakukholelwa ngempela ezikufundayo? Ingabe uJehova ungumuntu ongokoqobo kuzo? Ungathola izimpendulo zale mibuzo neminye ebalulekile uma utadisha nezingane zakho wena ngokwakho.—2 Thimothewu 1:5.
20. Abazali bangasenza kanjani isifundo somkhaya sijabulise futhi sizuzise?
20 Ningaqikelela kanjani ukuthi isimiso sesifundo senu somkhaya siyaqhubeka lapho senisiqalile? UJoseph, ongumdala noyise wendodana esencane nendodakazi, uthi: “Njengazo zonke izifundo zeBhayibheli, isifundo somkhaya kufanele sijabulise, sibe yinto elangazelelwa yiwo wonke umuntu. Ukuze sifeze lokho emkhayeni wethu, asibeki isikhathi esingaguquki nakanjani. Isifundo sethu singase sithathe ihora, kodwa ngisho noma ngezinye izikhathi sinemizuzu eyishumi kuphela, siyasenza isifundo. Okwenza isifundo sethu sibe isici esivelele kulo lonke isonto ezinganeni ukuthi sithatha izigcawu ezise-Ncwadini Yami Yezindaba ZeBhayibheli * sizidlale. Indlela okugxila ngayo futhi zikuqonde ngayo izingane lokho esikufundayo ibaluleke kakhulu kunokuthi zingaki izigaba esizihlanganisayo.”
21. Abazali bangazifundisa nini izingane zabo?
21 Yiqiniso, akufanele izingane zakho ugcine ngokuzifundisa esimweni esihleliwe kuphela. (Duteronomi 6:5-7) UFakazi waseThailand okukhulunywe ngaye ngaphambili uthi: “Ngikhumbula kahle ukuthi ubaba wayevame ukuhamba nami siyoshumayela, sihambe ngamabhayisekili ethu siye ensimini ekude yebandla lethu. Ngiyaqiniseka ukuthi okwasisiza sanquma ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele yisibonelo esihle sabazali bethu nokusifundisa kwabo kuzo zonke izimo. Futhi kumelwe ukuba ababesifundisa kona kwagxila. Namanje ngisasebenza insimu ekude!”
22. Uyoba yini umphumela lapho ‘uzinaka wena nokufundisa kwakho’?
22 Ngolunye usuku maduze nje, ngesikhathi esifanele, uJesu uyofika ezokhipha isahlulelo sikaNkulunkulu kulesi simiso. Kamuva leso senzakalo esikhulu siyoba yingxenye yomlando wendawo yonke, kodwa izinceku zikaJehova ezithembekile ziyoqhubeka zimkhonza zinombono wensindiso yaphakade. Ingabe unethemba lokuba phakathi kwazo, kanye nezingane zakho nalabo ofunda nabo iBhayibheli? Khona-ke khumbula: “Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezizinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.”—1 Thimothewu 4:16.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 20 Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ungachaza?
• Kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo, njengoba singasazi isikhathi esiqondile sesahlulelo sikaNkulunkulu?
• Yiziphi izindlela ‘esinganaka ngazo ukufundisa kwethu’?
• Ungamsiza kanjani umfundi ukuba abe umngane kaJehova?
• Kungani kubalulekile ukuba abazali bazinike isikhathi sokufundisa izingane zabo?
[Imibuzo Yesifundo]
[Isithombe ekhasini 15]
Isimo esinesizotha kodwa esinobungane senza ukufunda kube lula
[Isithombe ekhasini 18]
Ukudlala izindaba zeBhayibheli, njengoSolomoni ahlulela izifebe ezimbili, kwenza isifundo somkhaya sijabulise