Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Nonke Nina Ningabafowabo Bomunye Nomunye”

“Nonke Nina Ningabafowabo Bomunye Nomunye”

“Nonke Nina Ningabafowabo Bomunye Nomunye”

“Maningabizwa ngokuthi Rabi, ngoba munye ongumfundisi wenu, kanti nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.”—MATHEWU 23:8.

1. Iyiphi indaba okufanelekayo ukuba siyihlole?

“UBANI okufanele ahlonishwe kakhulu, yisithunywa sevangeli noma yisikhonzi saseBethel?” kubuza owesifazane ongumKristu ngobuqotho ezweni laseMpumalanga ebuza isithunywa sevangeli esivela e-Australia. Wayefuna ukwazi ukuthi ubani okufanele ahlonishwe kakhulu phakathi kwesithunywa sevangeli esivela kwelinye izwe nesikhonzi sendawo esisehhovisi legatsha le-Watch Tower Society. Lowo mbuzo oqotho, obonisa indlela yokuphila eqokomisa izikhundla, wasimangaza isithunywa sevangeli. Nokho, umbuzo wokuthi ubani omkhulu ubangelwa yisifiso sokwazi ukuthi abantu bakuphi nendawo ngesikhundla nethonya.

2. Kufanele sibabheke kanjani abakhulekeli esikanye nabo?

2 Ukukhathazeka ngalokhu akukusha neze. Ngisho nabafundi bakaJesu babephikisana njalo ngokuthi ubani owayemkhulu kunabo bonke. (Mathewu 20:20-24; Marku 9:33-37; Luka 22:24-27) Nabo babephila emphakathini oqokomisa izikhundla wamaJuda ekhulu lokuqala. Ecabanga ngomphakathi onjalo, uJesu weluleka abafundi bakhe: “Maningabizwa ngokuthi Rabi, ngoba munye ongumfundisi wenu, kanti nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Mathewu 23:8) Isazi seBhayibheli u-Albert Barnes sathi isiqu esingokwenkolo esinjengesithi “Rabi,” okusho ukuthi “Mfundisi,” “sithambekele ekudaleni ukuqhosha nomuzwa wokuba mkhulu kulabo abasitholayo, nomona nomuzwa wokuba mncane kulabo abangasitholi; futhi wonke umoya waso nokuthambekela kwaso kuphambene ‘nobumsulwa obukuKristu.’” Yebo, amaKristu ayakugwema ukubiza ababonisi abaphakathi kwawo ngokuthi “uMdal’ uSibanibani,” esebenzisa igama elithi “umdala” njengesiqu esidumisa ngokweqile. (Jobe 32:21, 22) Ngakolunye uhlangothi, abadala abaphila ngokuvumelana nomnyombo weseluleko sikaJesu bayawazisa amalungu ebandla, njengoba nje uJehova ebazisa abakhulekeli abaqotho noJesu Kristu ebazisa abalandeli abaqotho.

Isibonelo SikaJehova NesikaJesu

3. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyazazisa izidalwa zakhe zomoya?

3 Nakuba uJehova ‘engoPhezukonke,’ kusukela ekuqaleni nje wabonisa ukwazisa izidalwa zakhe ngokuzihilela emisebenzini yakhe. (IHubo 83:18) Lapho edala umuntu wokuqala, uJehova wavumela neNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba ihlanganyele kulo msebenzi ‘njengengcweti yomsebenzi.’ (IzAga 8:27-30; Genesise 1:26) UJehova wanikeza nezingelosi zakhe zasezulwini ithuba lokuveza imibono yazo mayelana nendlela eyayingase ibulawe ngayo inkosi embi u-Ahabi lapho uJehova esenqumé ukwenza kanjalo.—1 AmaKhosi 22:19-23.

4, 5. UJehova uzazisa kanjani izidalwa zakhe ezingabantu?

4 UJehova uyiNkosi EnguMbusi wendawo yonke. (Duteronomi 3:24) Akadingi ukubonisana nabantu. Nokho, kunjengokungathi uyazehlisa, ukuze abaphawule. Umhubi wahlabelela: “Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu, ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na? Uyavusa odingayo othulini.”—IHubo 113:5-8.

5 Ngaphambi kokuqothula iSodoma neGomora, uJehova walalela imibuzo ka-Abrahama futhi wanelisa umuzwa wakhe wobulungisa. (Genesise 18:23-33) Nakuba uJehova ayesazi kakade ukuthi izicelo zika-Abrahama zaziyogcinaphi, wamlalela ngesineke u-Abrahama futhi wayamukela indlela yakhe yokucabanga.

6. Waba yini umphumela wokubonisa kukaJehova ukwazisa lapho uHabakuki ebuza umbuzo?

6 UJehova walalela noHabakuki, owabuza: “Ngiyakukuncenga kuze kube nini, Jehova, ungezwa?” Ingabe uJehova wabheka lo mbuzo njengokubekelwa inselele kwegunya lakhe? Cha, wabheka imibuzo kaHabakuki njengefanelekile, futhi ngemva kwalokho wembula injongo yakhe yokuvusa amaKaledi ukuze akhiphe isahlulelo. Waqinisekisa lo mprofethi ukuthi ‘lesi sahlulelo esasibikezelwe sasiyofezeka nakanjani.’ (Habakuki 1:1, 2, 5, 6, 13, 14; 2:2, 3) Ngokuthatha ukukhathazeka kukaHabakuki njengokungathi sína nokumphendula, uJehova wamazisa lo mprofethi. Ngenxa yalokho, lo mprofethi owayedabukile waswabuluka futhi wajabula, ethembele ngokugcwele kuNkulunkulu wensindiso yakhe. Lokhu kubonakala encwadini ephefumulelwe kaHabakuki esenza sithembele nakakhulu kuJehova namuhla.—Habakuki 3:18, 19.

7. Kungani iphawuleka indima kaPetru ngePhentekoste lika-33 C.E.?

7 UJesu Kristu ungesinye isibonelo esihle sokuhlonipha abanye. UJesu wayetshele abafundi bakhe ukuthi “noma ubani ongiphikayo phambi kwabantu, nami ngiyomphika phambi kukaBaba.” (Mathewu 10:32, 33) Nokho, ngobusuku bokukhashelwa kwakhe, bonke abafundi bakhe bamshiya futhi umphostoli uPetru wamphika kathathu. (Mathewu 26:34, 35, 69-75) UJesu wabheka ngalé kokubonakala kwangaphandle futhi waphawula imizwa kaPetru yangaphakathi, ukuphenduka kwakhe okujulile. (Luka 22:61, 62) Ngemva kwezinsuku ezingu-51 nje kuphela, uKristu wabonisa lo mphostoli ophendukile inhlonipho ngokumvumela amelele abafundi bakaJesu abangu-120 ngosuku lwePhentekoste futhi asebenzise ‘isihluthulelo’ sokuqala ‘sombuso.’ (Mathewu 16:19; IzEnzo 2:14-40) UPetru wanikwa ithuba ‘lokubuya futhi aqinise abafowabo.’—Luka 22:31-33.

Ukuhlonipha Amalungu Omkhaya

8, 9. Lapho ebonisa umkakhe inhlonipho, umyeni angamlingisa kanjani uJehova noJesu?

8 Abayeni nabazali benza kahle ngokulingisa uJehova noJesu Kristu ekusebenziseni igunya abalinikwe nguNkulunkulu. UPetru wayala: “Nina madoda, qhubekani nihlala nabo ngendlela efanayo ngokolwazi, nibanika udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane.” (1 Petru 3:7) Zicabange uphethe isitsha sobumba esilulana, okusobala ukuthi siphuka kalula kunesokhuni. Ubungeke yini ucophelele kakhudlwana? Umyeni angenza kanjalo ngokulingisa uJehova, alalele imibono yomkakhe lapho enquma ezintweni zomkhaya. Khumbula ukuthi uJehova wazinika isikhathi sokubonisana no-Abrahama. Njengoba engaphelele, umyeni angase angaziqapheli zonke izici ezihilelekile endabeni. Ngakho ngeke yini kube ukuhlakanipha ukuba abonise umkakhe inhlonipho ngokucabangela umbono wakhe ngobuqotho?

9 Emazweni lapho igunya lowesilisa ligcizelelwa kakhulu khona, umyeni kumelwe akhumbule ukuthi umkakhe kungase kudingeke anqobe isithiyo esikhulu ukuze aveze imizwa yakhe ejulile. Lingisa indlela uJesu Kristu asebenzelana ngayo nabafundi bakhe, abayingxenye yesigaba somlobokazi wakhe wesikhathi esizayo, lapho esemhlabeni. Wabazisa, ecabangela ukulinganiselwa kwabo ngokomzimba nangokomoya ngisho nangaphambi kokuba basho izidingo zabo. (Marku 6:31; Johane 16:12, 13; Efesu 5:28-30) Ngaphezu kwalokho, zinike isikhathi sokuqaphela lokho umkakho akwenzela kona wena nomkhaya wenu, futhi ubonise ngamazwi nangezenzo ukuthi uyakwazisa. Bobabili uJehova noJesu babazisa, babatusa futhi bababusisa abafanelekayo. (1 AmaKhosi 3:10-14; Jobe 42:12-15; Marku 12:41-44; Johane 12:3-8) Ngemva kokuba umyeni wakhe ebe ngomunye woFakazi BakaJehova, owesifazane ongumKristu eMpumalanga wathi: “Umyeni wami wayehamba phambili angishiye ngamagxathu amathathu noma amane, athwalise mina yonke into. Manje nguye ophatha izikhwama futhi ubonisa ukwazisa ngalokho engikwenzayo ekhaya!” Amazwi aqotho okubonga asiza kakhulu ekwenzeni umkakho azizwe aziswa.—IzAga 31:28.

10, 11. Yini abazali abangayifunda esibonelweni esihle sikaJehova ekusebenzelaneni nesizwe esivukelayo sakwa-Israyeli?

10 Lapho besebenzelana nezingane zabo, ikakhulukazi lapho kudingeka ukusola, abazali kufanele balingise isibonelo sikaNkulunkulu. “UJehova waqhubeka emxwayisa u-Israyeli noJuda” ukuba bashiye izindlela zabo ezimbi, kodwa “baqhubeka bezenza lukhuni izintamo zabo.” (2 AmaKhosi 17:13-15, NW) Ama-Israyeli azama ngisho ‘nokumthopha ngomlomo wawo, aqamba amanga kuye ngolimi lwawo.’ Abazali abaningi bangase babe nomuzwa wokuthi izingane zabo ngezinye izikhathi zenza okufanayo. Ama-Israyeli “amlinga uNkulunkulu” futhi amdabukisa, amenza wazizwa ephatheke kabi. Nokho, uJehova ‘wayenesihawu, wathethelela ububi babo, akabhubhisanga.’—IHubo 78:36-41.

11 UJehova waze wawancenga ama-Israyeli: “Wozani-ke, sithethe indaba. . . . Noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa.” (Isaya 1:18) Nakuba uJehova ayengenaphutha, wamema lesi sizwe esivukelayo ukuba size kuye balungise izinto. Yeka isimo sengqondo esihle okufanele abazali basilingise ekusebenzelaneni nezingane zabo! Lapho isimo sifuna kwenziwe kanjalo, zinike isithunzi ngokulalela uhlangothi lwazo lwendaba, bese nibonisana nazo mayelana nesizathu esenza kudingeke zishintshe.

12. (a) Kungani kufanele sikugweme ukwazisa izingane zethu ngaphezu kukaJehova? (b) Kudingekani ukuze sihloniphe isithunzi sezingane zethu lapho siziyala?

12 Yiqiniso, ngezinye izikhathi izingane zidinga iseluleko esinamandla. Abazali ngeke bathande ukufana no-Eli, ‘owayedumisa amadodana akhe ngaphezu kukaJehova.’ (1 Samuweli 2:29) Noma kunjalo, izingane kudingeka zibone isisusa sothando lapho zelulekwa. Kufanele zikwazi ukubona ukuthi abazali bazo bayazithanda. UPawulu uyala obaba: “Ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Nakuba lo mbhalo ubonisa igunya likababa, iphuzu lawo liwukuthi ubaba kudingeka acabangele isithunzi sezingane ngokuba angazithukuthelisi ngokuba nokhahlo ngokweqile. Yebo, ukucabangela isithunzi sezingane kudinga isikhathi nomzamo kubazali, kodwa isithelo sokwenza kanjalo sikufanele konke ukuzidela okuhilelekile.

13. Uyini umbono weBhayibheli ngasebekhulile emkhayeni?

13 Ukubonisa amalungu omkhaya inhlonipho kudlulela ngale kokunika umkakho nezingane zakho isithunzi. “Lapho usumdala, zilalele izingane zakho,” kusho isaga sesiJapane. Iphuzu lalesi saga liwukuthi abazali asebekhulile kufanele bangeqeli ngalé kwegunya labo njengabazali futhi kufanele bakulalele lokho okushiwo yizingane zabo esezikhulile. Nakuba kungokomBhalo ukuba abazali babonise izingane zabo ukwazisa ngokuzilalela, izingane akufanele zibonise isimo sengqondo sokungawahloniphi amalungu amadala omkhaya. IzAga 23:22 zithi: “Ungamdeleli unyoko lapho esemdala.” (IzAga 23:22) INkosi uSolomoni yaphila ngokuvumelana nalesi saga futhi yamazisa unina lapho ezokwenza isicelo kuyo. USolomoni wahlela ukuba kubekwe isihlalo sobukhosi kwesokudla sesakhe futhi walalela lokho unina owayesemdala, uBati Sheba, ayemtshela kona.—1 AmaKhosi 2:19, 20.

14. Singawahlonipha kanjani amalungu ebandla asekhulile?

14 Emkhayeni wethu omkhulu ongokomoya, sisesimweni esikahle sokuba ‘sihole’ ekuboniseni inhlonipho emalungwini ebandla asekhulile. (Roma 12:10) Kungenzeka awasakwazi ukwenza okuningi ngangalokho ayekwenza ngaphambili, futhi lokho kungase kuwakhungathekise. (UmShumayeli 12:1-7) UFakazi osekhulile ogcotshiwe owayesehlala embhedeni esibhedlela wake waveza lokho kukhungatheka ngokuthi: “Sengikujahe kabi ukufa ukuze ngibuyele emsebenzini.” Kwasebekhulile abanjalo, ukubonisa kwethu ukuthi siyabaqaphela futhi siyabahlonipha kungasiza. Ama-Israyeli ayalwa: “Wosukuma phambi kwempunga, [“ubonise ukubucabangela,” NW] ubuso bomuntu omdala.” (Levitikusi 19:32) Bonisa ukucabangela ngokwenza asebekhulile bazizwe bedingeka futhi baziswa. ‘Ukusukuma’ kungahlanganisa nokuhlala phansi ubalalele bexoxa ngalokho abakufeza eminyakeni eminingi edlule. Lokho kuyobanika isithunzi asebekhulile futhi kucebise ukuphila kwethu okungokomoya.

“Ekubonisaneni Udumo Nihole”

15. Yini abadala abangayenza ukuze banike amalungu ebandla isithunzi?

15 Amalungu ebandla ayachuma lapho abadala bewabekela isibonelo esihle. (1 Petru 5:2, 3) Naphezu kwesimiso sabo esimatasa, abadala abakhathalelayo bathatha isinyathelo kuqala ngokuya kwabancane, izinhloko zemikhaya, omama abangenabayeni, amakhosikazi angasebenzi, kanye nasebekhulile, kungakhathaliseki ukuthi banezinkinga noma cha. Abadala bayakulalela okushiwo amalungu ebandla futhi abatuse ngalokho akwaziyo ukukwenza. Umdala oqaphelayo futhi okuncomayo lokho umzalwane noma udade othile akwenzayo ulingisa uJehova, ozazisayo izidalwa zakhe zasemhlabeni.

16. Kungani kufanele sibheke abadala njengabafanelwe yinhlonipho njengabanye ebandleni?

16 Ngokulingisa uJehova, abadala babeka isibonelo esihle ekusebenziseni isiyalo sikaPawulu: “Othandweni lobuzalwane yibani nokusondelana okunesisa komunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Lokhu kungase kube nzima kubadala abahlala emazweni okuqokonyiswa kuwo izikhundla. Ngokwesibonelo, kwelinye izwe laseMpumalanga kunamagama amabili asho “umzalwane,” elinye liyisiqu sokuhlonipha elinye livamile nje. Kuze kube muva nje, amalungu ebandla abebiza abadala nalabo asebekhulile ngegama eliyisiqu sokuhlonipha, esebenzisa leli elivamile kwabanye. Nokho, akhuthazwa ukuba asebenzise leli elivamile njalo ngoba, njengoba uJesu atshela abalandeli bakhe, “nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Mathewu 23:8) Nakuba ukuhlukanisana kungase kungabi sobala kangaka kwamanye amazwe, sonke kudingeka siqaphele ukuthambekela kobuntu kokuqokomisa izikhundla.—Jakobe 2:4.

17. (a) Kungani kufanele abadala babe abangenekayo? (b) Yiziphi izindlela abadala abangamlingisa ngazo uJehova ekusebenzelaneni namalungu ebandla?

17 Yiqiniso, uPawulu wasikhuthaza ukuba sibheke abadala abathile njengabafanelwe “udumo oluphindiwe,” kodwa basengabafowethu. (1 Thimothewu 5:17) Uma sikwazi ‘ukusondela ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe’ soMbusi Wendawo Yonke, akufanele yini sikwazi ukusondela kanjalo kubadala, okufanele balingise uJehova? (Heberu 4:16; Efesu 5:1) Ababonisi bangase bahlole ukuthi bangeneka kangakanani ngokucabanga ngokuthi bavame kangakanani abanye ukuza kubo bezocela iseluleko noma bezosikisela okuthile. Thola isifundo endleleni uJehova ahilela ngayo abanye emisebenzini yakhe. Ubanikeza isithunzi abanye ngokubaphathisa imithwalo yemfanelo. Ngisho noma ukusikisela okuthile okunikezwe omunye uFakazi kungase kubonakale kungenakusebenza, abadala kufanele bakwazise ukukhathalela akubonisayo. Khumbula indlela uJehova ayisingatha ngayo imibuzo ka-Abrahama efunisisayo kanye nokukhala kukaHabakuki esosizini.

18. Abadala bangamlingisa kanjani uJehova ekulungiseni labo abadinga usizo?

18 Amanye amaKristu esikanye nawo ayakudinga ukulungiswa. (Galathiya 6:1) Noma kunjalo, ayigugu emehlweni kaJehova, akufanelekele ukuphathwa ngenhlonipho. “Lapho umuntu ongelulekayo engiphatha ngenhlonipho, kuba lula kimi ukuya kuye,” kusho omunye uFakazi. Iningi labantu lisabela kahle eselulekweni lapho liphathwa ngenhlonipho. Kungase kuthathe isikhathi esijana, kodwa ukubanika ithuba lokuchaza labo abaye bathatha isinyathelo okungesona kwenza kube lula ukuba bamukele iseluleko abasidingayo. Khumbula indlela uJehova abonisana ngayo nama-Israyeli ngokuphindaphindiwe ngenxa yokuwahawukela. (2 IziKronike 36:15; Thithu 3:2) Iseluleko esinikezwa ngozwela siyothinta izinhliziyo zalabo abadinga usizo.—IzAga 17:17; Filipi 2:2, 3; 1 Petru 3:8.

19. Kufanele sibabheke kanjani abantu abangakholelwa kulokho amaKristu akukholelwayo?

19 Ukuhlonipha kwethu abanye kuhlanganisa nalabo abangase babe abafowethu abangokomoya esikhathini esizayo. Abantu abanjalo bangase bangawamukeli njengamanje umyalezo wethu, kodwa kusadingeka sibabekezelele futhi siqaphele isithunzi sabo njengabantu. UJehova “akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Akufanele yini sibe nombono kaJehova? Ngokucabangela abantu bebonke, singavula indlela yokunikeza ubufakazi uma sihlala sizama ukuba nomusa. Yiqiniso, siyabugwema ubuhlobo obungase buhilele izingozi ezingokomoya. (1 Korinte 15:33) Nokho, sibonisa ‘umusa wobuntu,’ singabadeleli abantu abangakholelwa kulokho esikukholelwayo.—IzEnzo 27:3.

20. Isibonelo sikaJehova noJesu Kristu kufanele sisishukumisele ukuba senzeni?

20 Yebo, uJehova noJesu Kristu babheka ngamunye wethu njengofanelwe yinhlonipho. Kwangathi singayikhumbula njalo indlela abenza ngayo izinto futhi sihole ngokufanayo ekuhloniphaneni. Futhi kwangathi singawakhumbula njalo amazwi eNkosi yethu uJesu Kristu: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.”—Mathewu 23:8.

Ungaphendula Kanjani?

• Kufanele ubabheke kanjani abakhulekeli okanye nabo?

• Isibonelo sikaJehova noJesu sikushukumisa kanjani ukuba uhloniphe abanye?

• Abayeni nabazali bangababonisa kanjani abanye inhlonipho?

• Ukubheka amaKristu abakanye nawo njengabafowabo kushukumisela abadala ukuba benzeni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 18]

Bonisa umkakho inhlonipho ngamazwi okwazisa

[Isithombe ekhasini 18]

Nikeza izingane zakho isithunzi ngokuzilalela

[Isithombe ekhasini 18]

Phatha amalungu ebandla ngenhlonipho