Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlenga Esiqhingini SaseRobinson Crusoe

Ukuhlenga Esiqhingini SaseRobinson Crusoe

Ukuhlenga Esiqhingini SaseRobinson Crusoe

IROBINSON CRUSOE ingesinye seziqhingi ezintathu zasePacific Ocean ezibizwa ngokuthi iJuan Fernández, ezisebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-640 ukusuka ogwini lwaseChile. * Lesi siqhingi esingamakhilomitha-skwele angu-93 sethiwa ngencwadi edumile yangekhulu le-18 leminyaka enesihloko esithi Robinson Crusoe, eyalotshwa umlobi oyiNgisi uDaniel Defoe. Leyo ncwadi yayikhuluma ngokuyinhloko ngemikhankaso yendoda yaseScotland, u-Alexander Selkirk, owahlala yedwa esiqhingini isikhathi esingaba iminyaka emine.

Uphawu lokhuni olukulesi siqhingi ngokwengxenye luthi: “Kule ndawo, usuku ngalunye iminyaka engaphezu kwemine, itilosi laseScotland u-Alexander Selkirk labheka ngokukhathazeka emkhathizwe lifuna isikebhe sokuhlenga esasizolikhulula esimweni sokuphila lodwa.” Ekugcineni, uSelkirk wahlengwa futhi wabuyiselwa ezweni lakubo, ezweni elingabange lisamanelisa ngemva kokuba ephile epharadesi lakhe elincane. Kuthiwa kamuva wathi: “Oh, siqhingi sami esithandekayo! Sengathi ngabe angisukanga kuwe!”

Ngokuhamba kwesikhathi, lesi siqhingi sasetshenziswa njengendawo yokujezisa, kuhlala kuyo abathile abenze “amacala okholo” eSontweni LamaKatolika. Yeka ukuthi lokhu kuphambene kanjani nesiqhingi esiyipharadesi uSelkirk ayesazi! Nokho, izakhamuzi zanamuhla zakulesi siqhingi zijabulela isimo sokuthula esingekho ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Indlela yokuphila engematasa, evame eziqhingini eziningi, yenza kube lula ukuqala ingxoxo cishe nanoma ubani.

Ngokomthetho, iRobinson Crusoe inezakhamuzi ezingaba ngu-500, kodwa phakathi nengxenye enkulu yonyaka, kuba nabantu abangaba ngu-400 kuphela kulesi siqhingi. Ngokwengxenye, isizathu siwukuthi abesifazane abathile nezingane zabo bahlala ezweni laseChile ngesikhathi sesikole, babuyele kulesi siqhingi phakathi nezinyanga zamaholide kuphela ukuze bachithe leso sikhathi namanye amalungu omkhaya.

Naphezu kwendawo enhle esangadi yaseRobinson Crusoe, izakhamuzi ezithile zakulesi siqhingi zizizwa zintula ngokomoya futhi zifuna izimpendulo. Ezinye ziye zaba nomuzwa wokuthi zidinga ukuhlengwa ngokomoya.

Ukuhlenga Okungokomoya

Umsebenzi onjalo wokuhlenga okungokomoya waqala cishe ngo-1979. Owesifazane othile owayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova eSantiago, eChile, wathuthela kulesi siqhingi futhi waqala ukufundisa abanye lokho ayekufundile. Esikhathini esithile kamuva umdala webandla elithile owayehambele kulesi siqhingi ngomsebenzi wokuziphilisa wamangazwa ukuthola iqembu elincane labafundi beBhayibheli lithuthuka ngokomoya ngosizo lwalowo wesifazane. Lapho lo mdala ephinde ehambela lesi siqhingi ngemva kwezinyanga ezintathu, lo mfundisi weBhayibheli ongayedwa nababili ayefunda nabo base belungele ukubhapathizwa, ngakho lo mdala wengamela lolo bhapathizo. Kamuva, omunye walawo maKristu ayesanda kubhapathizwa washada, futhi yena nomyeni wakhe baqhubeka befuna abanye abadinga ukuhlengwa ngokomoya. Umyeni wakhe wahola ekwakheni iHholo LoMbuso elincane, lelo eliqhubekayo likhonza iqembu elincane elikulesi siqhingi. Ngokuhamba kwesikhathi, ngenxa yezizathu zezomnotho, basuka eRobinson Crusoe bathuthela ebandleni eliseChile emaphakathi, lapho beqhubeka khona bekhonza uJehova ngenkuthalo.

Kancane kancane, leli qembu elincane lakulesi siqhingi laqhubeka likhula njengoba kwakuhlengwa abanye enkolweni yamanga. Nokho, njengoba izingane zesikole kudingeka ziphume esiqhingini lapho seziya esikoleni esiphakeme, leli qembu lancipha laba nodade ababili ababhapathiziwe nentombazanyana. Leli qembu liyanda phakathi nesikhathi samaholide lapho omama abathile bebuyela esiqhingini. Lokhu kuba isikhuthazo kula maKristu amathathu angawodwa ahlala kulesi siqhingi unyaka wonke. Ngenxa yokuzikhandla kwalab’ odade, oFakazi BakaJehova baziwa kahle eRobinson Crusoe. Yiqiniso, ezinye izakhamuzi zakulesi siqhingi ziye zamelana nomsebenzi wabo futhi zazama ukucindezela abanye ukuba benqabe isigijimi soMbuso. Noma kunjalo, imbewu yeqiniso leBhayibheli etshalwe ezinhliziyweni eziqotho iyaqhubeka ihluma.

Ukuqinisa Labo Abaye Bahlengwa

Kanye ngonyaka umbonisi ojikelezayo uhambela lesi siqhingi. Kunjani ukuhambela idlanzana loFakazi elisesiqhingini esingasodwa? Omunye umbonisi wesifunda uchaza ukuhambela kwakhe kokuqala eRobinson Crusoe:

“Lolu hambo lwalujabulisa kakhulu. Lwaqala ngo-7 ekuseni lapho sisuka eValparaiso siya eCerrillos Airport eseSantiago. Sagibela indiza encane yabagibeli abangu-7. Ngemva kohambo lwendiza lwamahora amabili nemizuzu engu-45, ebangeni elikude sabona isiqongo sentaba esasivele phezu kwamafu. Lapho sisondela, isiqhingi saqala ukubonakala—idwala elikhulu elikhangayo phakathi nolwandle. Kwakusengathi lintanta emanzini, njengomkhumbi oduke olwandle.

“Ngemva kokwehla, sathathwa isikebhe sasiyisa emzaneni. Amadwala athé gqwa gqwa phezu kolwandle akha ezinye iziqhingana eziyizindawo zokuphumula zezimvu zamanzi ezinoboya zaseJuan Fernández. Lezi zimvu zamanzi ziyizilwane ezivikelwe ngenxa yenani lazo eliye lehla kakhulu. Kungazelelwe, kwandiza okuthile, kuhambisana nesikebhe, kwaphinde kwashona olwandle. Kwakuyinhlanzi endizayo, enezigwedlo ezifincizekile ezifana nezimpiko. Yayibonakala ikujabulela ukugxuma iphume emanzini ibambe izinambuzane. Yiqiniso, ngezinye izikhathi umzingeli naye uyabanjwa; ukugxuma kwakhe kungase kudonse abanye abazingeli abalungela ukumshwabadela lapho ephindela emanzini.

“Ekugcineni, safika emzaneni waseSan Juan Bautista (uSanta uJohane uMbhapathizi). Kwakunedlanzana lezakhamuzi zakulesi siqhingi elalimi esikhumulweni semikhumbi, lilinde izivakashi zalo noma linelukuluku nje lokubona ukuthi ubani okungenzeka uyafika kulokhu. Sahlatshwa umxhwele ukubuka le ndawo enhle isiyonke—intaba enkulu nemangelengele ebizwa ngokuthi i-El Yunque (The Anvil), ebukeka sengathi yembeswé i-velvet eluhlaza ngokujiyile, futhi endaweni ezungezile kunesibhakabhaka esiluhlaza esicwathile esizungezwe amafu amhlophe.

“Sasheshe saphawula iqembu lodadewethu nezingane zabo lisilindile esikhumulweni. Kwakuyisikhathi samaholide, ngakho leli qembu lalilikhulu kunokuvamile. Ngemva kokubingelelana ngokufudumele, sayiswa egunjaneni elikhangayo elalizokuba ikhaya lethu isonto elilodwa.

“Kwakuyisonto elikhetheke kakhulu, futhi saqaphela ukuthi lalizophela ngokushesha. Kwakudingeka sisisebenzise kahle kakhulu isikhathi sethu. Ngalo kanye lolo suku, ngemva nje kwesidlo sasemini, sahambela umfundi weBhayibheli owayesezoba udadewethu ongokomoya futhi abe sepharadesi likaNkulunkulu elingokomoya. Wayechichima injabulo kodwa futhi enovadlwana. Umgomo wokubhapathizwa okwase kuyisikhathi eside ebheke phambili kuwo wawusuzofezeka. Sacabangela ukwaziswa okudingekayo naye ukuze afanelekele ukuba ummemezeli wezindaba ezinhle. Ngosuku olulandelayo, wahlanganyela emsebenzini wokushumayela okokuqala ngqá. Ngosuku lwesithathu, saqala ukucabangela izimfuneko zobhapathizo naye. Wabhapathizwa kungakapheli nesonto.

“Imihlangano yaphakathi nesonto yayisekelwa kahle, ababeba khona babefinyelela ku-14. Usuku ngalunye kwakunamalungiselelo enkonzo yasensimini, izimpindelo, izifundo zeBhayibheli nokuhambela kokwalusa. Yeka ukuthi kwabakhuthaza kanjani lab’ odade abenza lo msebenzi bebodwa unyaka wonke!”

Kuye kwaba nzima ngabesilisa ukuba basabele eqinisweni kulesi siqhingi, mhlawumbe ngenxa yokukhandla komsebenzi wabo wokuziphilisa. Umsebenzi oyinhloko owenziwayo owokudoba izinhlanzi okuthiwa ama-lobster, odinga ukuzinikela okukhulu. Ubandlululo nalo lunesandla ekusabeleni okungekuhle kwabaningi. Nokho, kwethenjwa ukuthi kusenabengeziwe bakulesi siqhingi, kokubili abesilisa nabesifazane, abazosabela ngesikhathi esizayo.

Kuze kube manje, kulesi siqhingi kuye kwahlengwa abantu abayishumi ngokwaziswa iqiniso nezinjongo zikaJehova uNkulunkulu. Abanye babo baye bathutha ngezizathu ezihlukahlukene kulesi siqhingi. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi bayaqhubeka behlala kulesi siqhingi noma cha, ukuhlengwa kwabo okungokomoya kuye kwaba okubaluleke kakhulu kunokuhlengwa kuka-Alexander Selkirk. Manje bajabulela ipharadesi elingokomoya nomaphi lapho bengase bahlale khona. Odadewethu nezingane zabo abasahlala kulesi siqhingi bajabulela le ndawo esangadi, kodwa ngaphezu kwalokho, banethemba lokuphila esikhathini lapho wonke umhlaba uyoba ipharadesi langempela ngazo zonke izindlela.

Umsebenzi Wokuhlenga Usaqhubeka

Ngokokuma kwezwe, leli qembu elincane loFakazi BakaJehova eliseRobinson Crusoe lihlala kude kakhulu nabanye abafowabo nodadewabo abangokomoya. Nokho, alizizwa lilahliwe, njengoba kwakunjalo ngoSelkirk waseScotland. Ngezincwadi ezingokwasezulwini ezifika njalo, ama-video emihlangano emincane nemikhulu elithunyelelwa wona yigatsha laseChile le-Watch Tower Society kathathu ngonyaka, kanye nokuhambela kombonisi wesifunda njalo ngonyaka, lihlala lixhumene nenhlangano kaJehova. Ngakho liyaqhubeka liyingxenye ematasa ‘yayo yonke inhlangano yabafowabo ezweni.’—1 Petru 5:9.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Lesi siqhingi sethiwa ngokomthetho ngokuthi iMás a Tierra.

[Amabalazwe/Isithombe ekhasini 9]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

ICHILE

ISantiago

ISIQHINGI IROBINSON CRUSOE

ISan Juan Bautista

I-El Yunque

IPACIFIC OCEAN

ISIQHINGI ISANTA CLARA

[Isithombe]

Lapho lesi siqhingi siqala ukubonakala, ubona idwala elikhulu elikhangayo phakathi nolwandle

[Umthombo]

Map of Chile: Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

Intaba enkulu emangelengele ebizwa ngokuthi i-El Yunque (The Anvil)

[Isithombe ekhasini 9]

Idolobhana laseSan Juan Bautista (USanta UJohane UMbhapathizi)

[Isithombe ekhasini 9]

Iziqhingana ziyindawo yokuphumula yezimvu zamanzi ezinoboya nezingenaboya

[Isithombe ekhasini 10]

Sahamba ngendiza encane sisuka eSantiago, eChile

[Isithombe ekhasini 10]

Ugu olumangelengele lwase-siqhingini saseRobinson Crusoe

[Isithombe ekhasini 10]

IHholo LoMbuso elincane lakulesi siqhingi