Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Okuphelele Akulona Nje Iphupho!

Ukuphila Okuphelele Akulona Nje Iphupho!

Ukuphila Okuphelele Akulona Nje Iphupho!

Izwe eliphelele—lisho ukuthini kuwe? Cabanga ngomphakathi wesintu ongenabo ubugebengu, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, indlala, ubumpofu noma ukungabi nabulungisa. Wonke umuntu ujabulela ubungqabavu obungokomzwelo nobungokomzimba. Akukho sizi noma ukungajabuli ngoba ngisho nokufa sekuqediwe. Ingabe akukhona ukuzikhohlisa ukulangazelela izwe elinjalo?

NAKUBA bengayishalazeleli intuthuko yezesayensi neyezobuchwepheshe, abantu abaningi abakholelwa neze ukuthi ukuhlakanipha noma ulwazi lomuntu luyokwenza kube nezwe eliphelele lapho bonke beyophila khona ngokuthula nenjabulo. Ngakolunye uhlangothi, akunakuphikwa ukuthi abantu bathambekele ekufuneni ukuthuthukisa izinto nokulungisa ukungapheleli. Yiqiniso, ukuba namaphupho nje awukuzikhohlisa ngeke kusize abangenamakhaya nabampofu, futhi ngeke kwanelise abakhubazekile nabagulayo abalangazelela ukukhululeka ekuhluphekeni kwabo. Izwe eliphelele ngeke libe khona ngamakhono abantu. Nokho naphezu kosizi nokucindezeleka okukhona namuhla, zikhona izizathu eziqinile zokukholelwa ukuthi izwe ongalibiza ngokuthi eliphelele empeleni liseduze.

Lapho ucabanga ngokuphila okuphelele, ungase ucabange ngokuphila kukaJesu Kristu. UJesu akayena ukuphela komuntu ophelele owake waphila emhlabeni. U-Adamu no-Eva, abadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, bajabulela ukuphila okuphelele epharadesi. Nokho, leso simo esihle sabalahlekela ngenxa yokuvukela kwabo uYise wasezulwini. (Genesise 3:1-6) Nokho, uMdali wafaka isifiso sokuphila okuphakade kubantu. UmShumayeli 3:11 uyakufakazela lokho: “[UNkulunkulu] wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.”

Nakuba ukungapheleli nesono kwaholela isintu ekuphileni “kobuze” kanye ‘nasekugqilazweni ukonakala,’ phawula amazwi aduduzayo omphostoli uPawulu: “Ukulangazela kwendalo kulindele ukwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu. Ngoba indalo yabekwa ngaphansi kobuze, hhayi ngentando yayo siqu kodwa ngalowo owayibeka ngaphansi kwabo, ngesisekelo sethemba lokuthi indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.” (Roma 8:19-21) IBhayibheli likwenza kucace ukuthi amalungiselelo kaNkulunkulu okubuyisela ukuphila okuphelele kobuntu enziwe atholakala ngoJesu Kristu.—Johane 3:16; 17:3.

Ngaphezu kwaleli themba elimangalisayo langesikhathi esizayo, sonke singakwazi ukuthuthuka ngokomoya, senze intuthuko yethu ibonakale ngisho namanje.

Zama Ukuba Olinganiselayo

UJesu Kristu wabheka indaba yokuphelela njengebaluleke kangangokuthi watshela izihlwele: “Kumelwe nibe abaphelele, njengoba uYihlo wasezulwini ephelele.” (Mathewu 5:48) Ingabe uJesu wayelindele ukuba singabi nasici ngempela kulesi simiso esibi samanje? Cha. Ngokuqinisekile, kufanele silwele ukuhlakulela izimfanelo zokuphana, umusa nothando kwabanye, kodwa sivame ukuhluleka ukwenza okulungile. Ngisho nomunye wabaphostoli bakaJesu wabhala: “Uma sizivuma izono zethu, yena ukholekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu futhi asihlanze kukho konke ukungalungi. Uma sithi: ‘Asonanga,’ simenza umqambimanga, futhi izwi lakhe alikho kithi.”—1 Johane 1:9, 10.

Noma kunjalo, singayithuthukisa indlela esizibheka ngayo nesiphatha ngayo abanye, sigweme ukweqisa. Ubani ongathola ikhambi elingcono lokuba nobuntu obulinganiselayo nobunengqondo kunalelo elitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli? Ukuhlakulela izimfanelo ezinjengenjabulo nokulinganisela kuyosisiza ukuba sisebenzelane kahle nabanye emsebenzini, nabangane bethu bomshado, nalapho sisebenzelana nabazali noma nezingane zethu. Umphostoli uPawulu wayala amaKristu: “Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani! Ukuba nengqondo kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.”—Filipi 4:4, 5.

Izinzuzo Zokuba Olinganiselayo

Lapho ulinganisela kulokho okulindele futhi ugwema isimo esikhathazayo nesinqobayo sokulindela ukuphelela, uyozizuzisa wena nabanye. Ukwazi lokho ongase ukwazi ukukwenza kuhlanganisa kokubili ukubhekana namaqiniso nokuba olinganiselayo ngokuphathelene nalokho ofuna ukukwenza. Khumbula, uNkulunkulu wasidalela ukuba sihlale emhlabeni futhi sithole ukwaneliseka emsebenzini onenjongo ozuzisa thina nabanye.—Genesise 2:7-9.

Uma ubungumuntu olindele okukhulu kakhulu kuwe ngokwakho, kungani ungaphendukeli kuJehova ngomthandazo? Ukuzuza umusa kaNkulunkulu kuzokwenza ukhululeke kakhulu. UJehova uyakwazi ukubunjwa kwethu nesimo sethu sokungapheleli, ngakho akayena ongacabangeli noma okunzima ukumjabulisa. Umhubi uyasiqinisekisa: “Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:13, 14) Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uNkulunkulu usebenzelana nesintu ngendlela enesihe kangako! Uyakwazi ukulinganiselwa kwethu, kodwa emehlweni akhe singaba yigugu njengabantwana abathandekayo.

Kunokuphishekela isimo sokulindela ukuphelela, yeka ukuthi kuhlakaniphe kangakanani ukuhlakulela ukuqonda okungokomoya nombono olinganiselayo! Ngaphezu kwalokho, singaqiniseka ukuthi akekho ongavimbela uJehova ukuba afeze injongo yakhe yokuphakamisela isintu ekupheleleni ngaphansi koMbuso wakhe. Kodwa kusho ukuthini ukuphelela kobuntu?

Ukuphila Okuphelele Kungcono Kunesimo Sokulindela Ukuphelela

Ukuphelela akusho ukuba nesimo sokulindela ukuphelela. Labo abazoba nelungelo lokuphila ePharadesi emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu ngeke ngokuqinisekile babe abantu abalindele okukhulu nabazishaya abalungile. Enye yezimfuneko zokusinda osizini olukhulu ukwazisa okusuka enhliziyweni ngomhlatshelo wesihlengo, njengoba kwasho isixuku esikhulu sezizwe zomhlaba esachazwa umphostoli uJohane: “Insindiso yethu ivela kuNkulunkulu wethu, ohlezi esihlalweni sobukhosi, nakulo iWundlu.” (IsAmbulo 7:9, 10, 14) Bonke abayosinda osizini olukhulu oluzayo bayoba nokubonga ngokuthi ngokuzithandela uKristu wafela bona kanye nabo bonke ababonisa ukholo kuye. Umhlatshelo wakhe wothando uyisisekelo sokuletha ukukhululeka kwaphakade esimweni sabo sokungapheleli nasebuthakathakeni.—Johane 3:16; Roma 8:21, 22.

Kuyoba njani ukuphila okuphelele? Esikhundleni sokuncintisana nokufuna ukuvelela okunobugovu, uthando nomusa phakathi kwabantu kuyokwenza ukuphila kujabulise, kuqede ukukhathazeka nokuzinyeza. Nokho, ukuphila okuphelele ngeke kube nesicefe. IZwi likaNkulunkulu aliyinikezi yonke imininingwane ngokuphathelene nePharadesi kodwa liyaluchaza uhlobo lokuphila esingalulindela: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko.”—Isaya 65:21-23.

Kunokuzibuza ngohlobo lokuzijabulisa, izitolo, ezobuchwepheshe noma izinto zokuhamba uMbuso oyokunikeza, zicabange ujabulela ukugcwaliseka kwala mazwi: “Impisi iyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.” (Isaya 65:25) Yeka indlela ukuphila okuphelele okuyohluka ngayo kulokho okubonayo namuhla! Uma uba phakathi kwalabo ababalwe njengabakufanelekelayo ukuphila ngaleso sikhathi, uyoba nesizathu sokuqiniseka ukuthi uYihlo osezulwini onothando uyoba nesithakazelo kuwe nasemkhayeni wakho. “Zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.”—IHubo 37:4.

Ukuphila okuphelele akulona nje iphupho. Injongo kaJehova yothando ngokuphathelene nesintu iyofezeka. Wena nomkhaya wakho ningaba phakathi kwalabo abayokhushulelwa ekupheleleni kobuntu bese niphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu. IBhayibheli liyabikezela: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.

[Isithombe ekhasini 6]

Singayithuthukisa indlela esizibheka ngayo nesibheka ngayo abanye, sigweme isimo sokulindela ukuphelela noma ukunakisisa imininingwane engatheni

[Isithombe ekhasini 7]

Kungani ungazicabangi usujabulela izimo ezinokuthula nezinokulunga ePharadesi?