Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyakholelwa Yini Entweni Ongenakuyibona?

Uyakholelwa Yini Entweni Ongenakuyibona?

Uyakholelwa Yini Entweni Ongenakuyibona?

LAPHO othile ethi, ‘Ngikholelwa entweni engiyibonayo,’ usuke engasho ukubona okungokoqobo. Eqinisweni, sonke siyakholelwa ezintweni esingenakuzibona.

Ngokwesibonelo, esikoleni kungenzeka wake wenza ukuhlola okuklanyelwe ukufakazela ukuba khona kwamandla kazibuthe. Kungase kwenziwe ngale ndlela: Vuvuzela imvuthuluka yensimbi ephepheni. Yibe usubeka lelo phepha phezu kukazibuthe. Lapho unyakazisa iphepha, imvuthuluka yensimbi iqoqana emachosheni kazibuthe bese yakha isimo sikazibuthe, njengokungathi ngomlingo. Uma wenza kanjalo, ingabe ungakwazi ukubona amandla kazibuthe? Cha, kodwa umphumela wawo ubonakala kalula emvuthulukeni yensimbi, ukunika ubufakazi obukholisayo bokuthi akhona amandla kazibuthe.

Sizamukela ngaphandle kokungabaza nezinye izinto esingenakuzibona. Lapho sibuka umdwebo omuhle noma sikhangwa into enhle ebaziwe, asikungabazi ukuba khona komdwebi noma umbazi. Ngakho lapho sicabanga ngempophoma noma sibuka ukushona kwelanga, ingabe akufanele yini sishukumiseleke ukuba okungenani sicabangele ukuthi kungenzeka ukuthi iwumsebenzi woMdwebi noma uMbazi Omkhulu?

Okwenza Abanye Bangakholelwa

Okudidayo ukuthi abantu abathile baye bayeka ukukholelwa kuNkulunkulu ngenxa yalokho abakufundiswa esontweni. Kwaba njalo ngendoda yaseNorway eyatshelwa ukuthi uNkulunkulu ushisa ababi esihogweni somlilo. Le ndoda yadinga nje ukuthi luhlobo luni lukaNkulunkulu olungahlupha abantu ngaleyo ndlela, ngakho yaphenduka umuntu ophika ubukhona bukaNkulunkulu.

Nokho, kamuva le ndoda yavuma ukuhlola iBhayibheli, isizwa omunye woFakazi BakaJehova. Yamangazwa ukuthola ukuthi iBhayibheli alifundisi ukuthi ababi bahlushwa esihogweni somlilo. IBhayibheli lifanisa ukufa nokulala. Ethuneni, asizwa buhlungu; asizwa lutho. (UmShumayeli 9:5, 10) Le ndoda yathola nokuthi labo bantu uNkulunkulu abahlulela njengababi ngokungenakulungiseka bayoqhubeka besethuneni phakade. (Mathewu 12:31, 32) Bonke abanye abafile bayovuswa ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, benethemba lokuzuza ukuphila okumi phakade ngaphansi kwezimo zePharadesi. (Johane 5:28, 29; 17:3) Le ncazelo yayinengqondo. Yayivumelana namazwi eBhayibheli athi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Le ndoda eqotho yaqhubeka itadisha iZwi likaNkulunkulu, futhi ngokuhamba kwesikhathi, yamthanda uNkulunkulu waseBhayibhelini.

Abanye benqaba ukuba khona koMdali onothando ngenxa yokudlanga kokucindezeleka nokungabi nabulungisa. Bavumelana nendoda yaseSweden eyake yakhomba ezulwini futhi yabuza: “Kungaba kanjani noNkulunkulu umninimandla onke, ophanayo phezulu kunokonakala nobubi obungaka lapha phansi?” Ngenxa yokuthi akubanga namuntu owayengaphendula lowo mbuzo wayo, nayo yaba umuntu ophika ubukhona bukaNkulunkulu. Kamuva yaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Yathola ukuthi iZwi likaNkulunkulu linikeza impendulo eyanelisayo yombuzo wayo wakudala othi, Kungani uNkulunkulu evumela ububi? *

Le ndoda eqotho yafunda ukuthi ukuba khona kobubi akubona ubufakazi bokuthi akekho uNkulunkulu. Ngokwesibonelo: Umuntu angase aklame ummese wokuqoba inyama. Ikhasimende lingase lithenge lowo mmese, kodwa liwusebenzisele ukubulala, hhayi ukuqoba inyama. Ukuthi lowo mmese usetshenziswe kabi akufakazeli nganoma iyiphi indlela ukuthi akekho umenzi wawo. Ngokufanayo, ukuthi umhlaba awuzange usetshenziswe ngokuvumelana nenjongo owawudalelwe yona akusho ukuthi awuzange ube noMdali.

IBhayibheli lifundisa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uphelele. Kuye “akunakonakala; ulungile, uqotho yena.” (Duteronomi 32:4) UNkulunkulu unikeza abantu izipho ezinhle, kodwa ezinye zalezo zipho ziye zasetshenziswa kabi, lokho kwabangela ukuhlupheka okungenakulinganiswa. (Jakobe 1:17) Nokho, uNkulunkulu uzokuqeda ukuhlupheka. Ngemva kwalokho, “abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, . . . bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:11, 29.

Indoda yaseSweden okukhulunywe ngayo ngaphambili yathinteka lapho ibona ukuhlupheka kwabanye abantu. Empeleni, ukukhathalela kwayo ngesisa abanye kufakazela ukuba khona kukaNkulunkulu. Kanjani?

Kubantu abaningi, ukuphela kwento abangase bakholelwe kuyo uma bengakholelwa kuNkulunkulu, iwukukholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Izazi zokuziphendukela kwemvelo zifundisa ukuthi “kusinda ezinamandla”—ukuthi izinhlobo ezihlukahlukene zabantu nezilwane ziyancintisana ukuze zisinde. Ezinamandla ziyasinda; ezibuthakathaka ziyafa. Lezi zazi zithi leyo indlela izinto ezihlelwe ngayo ngokwemvelo. Kodwa uma “kungokwemvelo” ukuba ezibuthakathaka zife ukuze ezinamandla zikhululeke, singakuchaza kanjani ukuthi abantu abathile abanamandla, njengale ndoda yaseSweden, bayathinteka lapho bebona ukuhlupheka kwabanye abantu?

Ukwazi UNkulunkulu

Asinakumbona uNkulunkulu ngoba akanaso isimo somuntu. Nokho, uNkulunkulu ufuna simazi. Enye yezindlela esingamazi ngayo iwukubheka imisebenzi yakhe engaphezu kwevamile—“imidwebo” ‘nezinto ezibaziwe’ zendalo. KweyabaseRoma 1:20, iBhayibheli lithi: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.” Njengoba nje ukucubungula umdwebo noma into ebaziwe kungakusiza ukuba uqonde ubuntu bengcweti, ukuzindla ngemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu kungakusiza ukuba ubazi kangcono ubuntu baKhe.

Yiqiniso, asinakuyiphendula yonke imibuzo ekhathazayo ekuphileni ngokumane sibheke indalo kaNkulunkulu. Kodwa singazithola izimpendulo zaleyo mibuzo ngokuhlola iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ukufunda iBhayibheli ngomqondo ovulekile yikho okwasiza la madoda amabili okukhulunywe ngawo ngaphambili ukuba afinyelele esiphethweni sokuthi ukhona uNkulunkulu nokuthi uyakukhathalela ukuthi kwenzekani kithi.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 8 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuphathelene nezizathu ezenza uNkulunkulu avumele ububi, siza ubheke incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, isahluko 8, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 28]

J. Hester and P. Scowen (AZ State Univ.), NASA