Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Belusi AbangamaKristu, ‘Yanulani Izinhliziyo Zenu!’

Belusi AbangamaKristu, ‘Yanulani Izinhliziyo Zenu!’

Belusi AbangamaKristu, ‘Yanulani Izinhliziyo Zenu!’

“UJEHOVA ungumalusi wami, angiyikuswela.” Ngalawo mazwi, uDavide waveza indlela ayethembele ngayo ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngendlela engokomoya, uJehova wamholela “emadlelweni aluhlaza” ‘nangasemanzini okuphumula,’ emqondisa “ezindleleni zokulunga.” Lapho ehaqwe abaphikisi, uDavide wayesekelwa futhi ekhuthazwa, okwamshukumisela ukuba athi kuJehova: “Angesabi okubi, ngokuba wena unami.” Njengoba ayenoMalusi Ophakeme Kunabo Bonke kangako, uDavide wayezimisele ‘ukuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.’—IHubo 23:1-6.

INdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa nayo yanakekelwa ngothando uJehova, futhi yakubonakalisa lokhu kunakekela lapho isebenzelana nabafundi bayo ngesikhathi isemhlabeni okwesikhashana. Ngakho-ke, imiBhalo ibhekisela kuyo ngokuthi “umalusi omuhle” nangokuthi “umalusi omkhulu.”—Johane 10:11; Heberu 13:20; 1 Petru 5:2-4.

UJehova noJesu Kristu bayaqhubeka balusa labo ababathandayo. Ukwalusa kwabo kubonakaliswa ngokwengxenye elungiselelweni lothando labelusi abangaphansi kwabo abasebandleni. UPawulu wakhuluma nalabo belusi lapho ethi: “Zinakeni nina nawo wonke umhlambi, umoya ongcwele onimise phakathi kwawo ukuba nibe ababonisi, ukuze neluse ibandla likaNkulunkulu, alithenga ngegazi leNdodana yakhe siqu.”—IzEnzo 20:28.

Ukwalusa umhlambi ngokuvumelana nesibonelo esabekwa uJehova noKristu Jesu akuwona umsebenzi olula, kodwa kubaluleke kakhulu manje kunanini ngaphambili. Cabanga ngoFakazi abangaphezu kwesigidi abaye babhapathizwa phakathi neminyaka emithathu edlule! Lab’ oFakazi abasha abanalo ulwazi lwezinto ezingokomoya oluzuzwa ngokusebenza iminyaka eminingi. Cabanga nangalab’ oFakazi abaseyizingane noma abasebasha. Abadingi ukunakwa ngabazali babo kuphela kodwa nangabelusi basebandleni abangaphansi kukaJehova noJesu.

Ngempela, umKristu ngamunye ubhekana nokucindezela kwangaphandle, kuhlanganise nokucindezela kontanga. Sonke kumelwe sizabalaze ukuze simelane nethonya elinamandla lokuba silandele indlela yezwe yokuzitika. Kwamanye amazwe, abamemezeli boMbuso bangase badumazeke ngenxa yokungasabeli kwabantu esigijimini sabo. Abamemezeli abaningi banezinkinga ezinzima zempilo. Izinkinga zezimali zingase zephuce abanye ugqozi lokufuna uMbuso kuqala. Eqinisweni, sonke—kuhlanganise nasebenesikhathi eside beseqinisweni—siyaludinga futhi siyalufanelekela usizo lwabelusi abanothando.

Isisusa Esifanele

AmaKristu ekhulu lokuqala ayalwa: ‘Yanulani izinhliziyo zenu’! (2 Korinte 6:11-13) Abadala abangamaKristu benza kahle ngokulandela lesi seluleko lapho benakekela imisebenzi yabo yokwalusa. Bangakwenza kanjani lokhu? Futhi kuthiwani ngezinceku ezikhonzayo, eziningi zazo ezingase zibe abelusi ngesikhathi esizayo?

Ukuze abadala abangamaKristu babe isibusiso emhlambini, kumelwe bashukunyiswe okungaphezu komuzwa womthwalo. Bayelulekwa: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ongaphansi kokunakekela kwenu, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; futhi kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela.” (1 Petru 5:2) Ngakho-ke ukwalusa okuphumelelayo kuhilela ukuzithandela nokulangazelela ukukhonza abanye. (Johane 21:15-17) Kusho ukubona izidingo zezimvu nokusabela ngokushesha. Kusho ukubonisa izimfanelo ezinhle zobuKristu ezaziwa ngokuthi izithelo zomoya kaNkulunkulu ekusebenzelaneni nabanye.—Galathiya 5:22, 23.

Ngezinye izikhathi ukwalusa kuhlanganisa nokuhambela abazalwane emakhaya abo. * Kodwa abelusi ‘abenula izinhliziyo zabo’ benza okwengeziwe. Okusho ukuthi benza okungaphezu kokwenza ukuhambela kokwalusa ngezikhathi ezithile. Basebenzisa wonke amathuba ukuze beluse abanye emhlambini.

Ukuqeqesha Abanye Babe Abelusi

Noma yimuphi umzalwane, kungakhathaliseki ukuthi ungakanani ngeminyaka, ‘ozama ukufinyelela isikhundla sombonisi, ufisa umsebenzi omuhle.’ (1 Thimothewu 3:1) Izinceku ezikhonzayo eziningi ziye zabonisa ukuzimisela ukufinyelela amalungelo engeziwe. Ngakho, abadala babasiza ngenjabulo laba bazalwane abazimisele ukuze bathathe lesi sinyathelo esibalulekile ‘sokuzama ukufinyelela isikhundla sombonisi.’ Lokhu kusho ukubaqeqeshela ukuba babe abelusi abaphumelelayo.

Ngenxa yokunamathela ngokuseduze ezindinganisweni eziphakeme zikaNkulunkulu, ibandla lobuKristu likaJehova alizange lintengantengiswe abelusi bamanga abafana nalabo abachazwe kuHezekeli 34:2-6. Laba babenyanyeka emehlweni kaJehova, futhi kufanele. Kunokondla umhlambi, babezondla bona. Babehluleka ukuqinisa izimvu ezibuthaka, ukuphulukisa ezigulayo, ukubopha eziphukileyo, noma ukubuyisa ezihlakazekile noma ezilahlekile. Babelingisa izimpungushe kunabelusi, bephatha izimvu ngobushiqela. Izimvu ezinganakiwe zazihlakazekile, zizulazula zingenamuntu wokuzinakekela.—Jeremiya 23:1, 2; Nahume 3:18; Mathewu 9:36.

Ngokungafani nalabo belusi abangathembekile, abelusi abangamaKristu balandela isibonelo sikaJehova. Basiza ekuholeleni izimvu “emadlelweni aluhlaza” angokomoya ‘nasemanzini okuphumula.’ Balwela ukuziqondisa “ezindleleni zokulunga” ngokuzisiza ukuba ziqonde iZwi likaJehova ngokufanele futhi zilisebenzise ekuphileni kwazo. Bangakwenza ngokuphumelelayo lokhu ngoba ‘bayakufanelekela ukufundisa.’—1 Thimothewu 3:2.

Ukufundisa okuningi abadala bakwenza endaweni yesikhulumi phakathi nemihlangano yebandla. Nokho, abadala bayabafundisa abantu ngabanye. Yiqiniso, abanye bafundisa kangcono lapho befundisa abantu ngabanye, kuyilapho abanye benesiphiwo esengeziwe sokunikeza izinkulumo. Kodwa ukuntula kancane ikhono esicini esithile sokufundisa akumenzi ngempela umuntu angabe esakufanelekela ukuba umfundisi. Abadala bafundisa ngazo zonke izindlela ezibavulekele, kuhlanganise nokwalusa. Ngokwesibonelo, okunye ukwalusa kwenziwa ngendlela ehleliwe, lapho kuhlelwa ukuba kuhanjelwe abathile. Kodwa umsebenzi omningi wokwalusa ungenziwa nangendlela engahleliwe, nayo ezuzisa kakhulu.

Ukuba Abelusi Nabafundisi Ngaso Sonke Isikhathi

Udokotela udinga ulwazi nokuhlangenwe nakho ukuze enze umsebenzi wakhe. Kodwa iziguli zakhe ziba nokwazisa lapho ebonisa umusa, ububele, ukukhathalela nesithakazelo esiqotho. Lezi zimfanelo kumelwe zibe ingxenye yobuntu bakhe. Ngokufanayo, izimfanelo ezinjalo kumelwe zibe ingxenye yobuntu bomfundisi nomalusi omuhle, zibe ingxenye yobuntu bakhe bansuku zonke. Umfundisi wangempela uyozimisela ukubafundisa njalo lapho kudingekile labo aphila phakathi kwabo. IzAga 15:23 (NW) zithi: ‘Izwi ngesikhathi salo esifanele, O yeka ukuthi lihle kanjani!’ ‘Isikhathi esifanele’ singase sibe yilapho ekhuluma endaweni yesikhulumi, lapho eshumayela endlini ngendlu, noma lapho exoxa eHholo LoMbuso noma ocingweni. Ngokufanayo, umalusi omuhle ulwela ukubonisa izimfanelo ezinhle ezihambisana nokukhathalela ngaso sonke isikhathi, hhayi nje lapho enza ukuhambela kokwalusa. Njengoba ‘anule inhliziyo yakhe,’ uyosebenzisa wonke amathuba ukuba aluse izimvu, azinakekele ngendlela edingekayo ngesikhathi esifanele. Lokhu yikho okwenza izimvu zimthande.—Marku 10:43.

UWolfgang, manje ongumdala, ukhumbula bevakashelwa inceku ekhonzayo nomkayo emzini wabo. Uthi: “Izingane zethu zayijabulela indlela ezanakwa ngayo nesikhathi esimnandi esaba naso. Zisakhuluma ngako.” Yebo, le nceku ekhonzayo yabonisa ukuthi iyakhathalela; ‘yayanula inhliziyo yayo.’

Elinye ithuba ‘lokwanula inhliziyo’ lingokuhambela abagulayo, ukubathumelela amazwi ambalwa esikhuthazo, noma ukubashayela ucingo—noma yini yokubazisa ukuthi uyakhathalela! Nikeza usizo lapho kudingekile. Uma befuna ukukhuluma, lalelisisa. Xoxa ngezinto ezingokwasezulwini ezikhuthazayo nezithakazelisayo zasebandleni nakwezinye izindawo. Basize ukuba bagxile esikhathini esizayo esikhazimulayo esigcinelwe labo abathanda uJehova.—2 Korinte 4:16-18.

Ukwenezela Ekuhambeleni Kokwalusa

Lapho kucatshangelwa injongo yokwalusa, kusobala ukuthi ukuhambela amakhaya abazalwane ngendlela ehleliwe ngenjongo yokwalusa, nakuba kubalulekile, akuyona ukuphela kwento ehilelekile. Umalusi onothando ‘wanula inhliziyo yakhe’ ngokuba ongenekayo ngaphansi kwazo zonke izimo nangazo zonke izikhathi. Ubuhlobo obufudumele abuhlakulela nabazalwane bakhe bubaqinisekisa ukuthi ezikhathini ezinzima, akufanele besabe okubi, njengoba bazi ukuthi umfowabo onothando, umalusi ongumKristu, uyabakhathalela.—IHubo 23:4.

Yebo, nonke belusi abangamaKristu ‘yanulani izinhliziyo zenu.’ Bonisani uthando oluqotho ngabafowenu—nibakhuthaze, nibenze baqabuleke, nibakhe ngokomoya ngazo zonke izindlela eningenza ngazo. Basizeni ukuba baqine okholweni. (Kolose 1:23) Zibusiswe ngabelusi abangamaKristu ‘abanula izinhliziyo zabo,’ izimvu ngeke ziswele lutho. Ziyozimisela, njengoDavide, ukuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade. (IHubo 23:1, 6) Yini enye engase ifunwe umalusi onothando?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 10 Ukusikisela ngokuphathelene nokuhambela kokwalusa kungatholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-September 15, 1993, amakhasi 20-3 neka-March 15, 1996, amakhasi 24-7.

[Ibhokisi ekhasini 30]

Abelusi AbangamaKristu

• Bakhonza ngentshiseko nangokuzimisela

• Bondla futhi banakekele umhlambi

• Basiza abanye ukuba bazame ukufinyelela ukuba abelusi

• Bavakashela abagulayo futhi babanakekele

• Baphaphamele ukusiza abafowabo ngaso sonke isikhathi

[Izithombe ekhasini 31]

Kungakhathaliseki ukuthi kusenkonzweni yasensimini, emihlanganweni noma lapho bejabulela ubudlelwane nabanye, abadala bahlale bengabelusi