Ingabe Ungakuthola Ukuthula Kwangaphakathi?
Ingabe Ungakuthola Ukuthula Kwangaphakathi?
Emuva ngo-1854, umlobi waseMelika uHenry Thoreau wabhala: “Izindimbane zabantu ziphila ukuphila kokuphelelwa ithemba buthule.”
Ngokusobala, osukwini lwakhe iningi labantu lalingenakho ukuthula kwangaphakathi. Nokho, lokho kwenzeka eminyakeni ethi ayibe ngu-150 edlule. Ingabe izinto zihlukile namuhla? Noma ingabe amazwi kaThoreau asasebenza nanamuhla? Kuthiwani ngawe? Ingabe unokwaneliseka nokuthula? Noma ingabe awulondekile, awuqiniseki ngekusasa, ‘uphelelwe ithemba buthule,’ uma sibeka amazwi kaThoreau ngenye indlela?
NGOKUDABUKISAYO, kunezinto eziningi ezweni ezephuca abantu ukuthula kwangaphakathi. Ake sibale ezimbalwa nje. Emazweni amaningi ukuntuleka kwemisebenzi neholo elincane kubangela ubumpofu obenza abantu baphelelwe ithemba kwezomnotho. Kwamanye amazwe abaningi bayazikhandla befuna ingcebo nezinto ezibonakalayo. Nokho, ukuphila okunjalo kokuncintisana kuvame ukubangela ukukhathazeka, hhayi ukuthula. Ukugula, impi, ubugebengu, ukungabi nabulungisa nengcindezelo nakho kwephuca abantu ukuthula.
Bafuna Ukuthula Kwangaphakathi
Abaningi abazimisele ukusibekezelela isimo sezwe samanje. U-Antônio * wayengumholi wezisebenzi embonini enkulu yaseSão Paulo, eBrazil. Enethemba lokuthuthukisa izimo zokuphila, wahlanganyela emibhikishweni nasekumasheni, kodwa lokhu akuzange kumlethele ukuthula kwengqondo.
Abanye banethemba lokuthi umshado uyoletha isilinganiso esithile sokuthula ekuphileni kwabo, kodwa bangase badumazeke. UMarcos wayengusomabhizinisi ophumelelayo. Wahileleka kwezombangazwe futhi waba imeya yedolobha lezimboni. Nokho, ukuphila kwakhe kwasekhaya kwakuyinhlekelele. Lapho izingane zakhe zihamba ekhaya, yena nomkakhe bahlala ngokwehlukana ngenxa yokungezwani okungenakulungiswa.
UGerson, ingane yasemgwaqweni eSalvador, eBrazil, wayefuna ukuzama izinto ezintsha. Wayesuka kwelinye
idolobha aye kwelinye, ehamba nabashayeli bamaloli. Akubangaphi, waba umlutha wezidakamizwa, ephanga abantu ukuze akhokhele imikhuba yakhe emibi. Waboshwa izikhathi eziningana. Nokho, naphezu kokuba ayengumuntu onenkani nonobudlova, uGerson wayefisa ukuba nokuthula kwangaphakathi. Ingabe wayengake akuthole?Esemncane, uVania washonelwa unina, ngakho wathwala wonke umthwalo wasekhaya, kuhlanganise nokunakekela udadewabo owayegula. UVania wayeya esontweni kodwa enomuzwa wokuthi uNkulunkulu umlahlile. Wayengenakho ngempela ukuthula kwengqondo.
Omunye uMarcelo. Ukuphela kwento uMarcelo ayeyifuna kwakuyinjabulo. Wayethanda ukuya emaphathini nenye intsha—adanse, aphuze futhi asebenzise kabi izidakamizwa. Ngesinye isikhathi wahileleka empini futhi walimaza omunye osemusha. Ngemva kwalokho, wazisola kakhulu ngayekwenzile futhi wathandaza kuNkulunkulu ecela usizo. Naye wayefuna ukuthula kwengqondo.
Lezi zehlakalo zibonisa ezinye zezimo ezingaqeda ukuthula kwengqondo. Ingabe ikhona indlela ayengathola ngayo ukuthula kwangaphakathi ayekufuna umholi wezisebenzi, isazi sezombangazwe, ingane yasemgwaqweni, indodakazi ekhandleka ngokweqile nosemusha othanda amaphathi? Ingabe lokhu okwabehlela kusifundisa okuthile? Impendulo yayo yomibili le mibuzo inguyebo, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 6 Amanye amagama ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 3]
Ingabe ufisa ukuba nokuthula kwangaphakathi?