Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuhlwanyela Imbewu Yeqiniso LoMbuso

Ukuhlwanyela Imbewu Yeqiniso LoMbuso

Ukuhlwanyela Imbewu Yeqiniso LoMbuso

“Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa.”—UMSHUMAYELI 11:6.

1. AmaKristu ayihlwanyela ngamuphi umqondo imbewu namuhla?

EZOLIMO zazinendima ebalulekile emphakathini wamaHeberu asendulo. Yingakho uJesu, owahlala eZweni Lesithembiso konke ukuphila kwakhe kobuntu, ayekhuluma ngezinto eziphathelene nokulima emifanekisweni yakhe. Ngokwesibonelo, wafanisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokuhlwanyelwa kwembewu. (Mathewu 13:1-9, 18-23; Luka 8:5-15) Kuze kube namuhla, kungakhathaliseki ukuthi sihlala emphakathini olimayo noma cha, ukuhlwanyela imbewu engokomoya ngale ndlela kuwumsebenzi obaluleke kunawo wonke owenziwa amaKristu.

2. Ubaluleke kangakanani umsebenzi wethu wokushumayela, futhi yiziphi ezinye zezinto ezenziwayo namuhla ukuze ufezwe?

2 Kuyilungelo elikhulu ukuhlanganyela ekuhlwanyeleni iqiniso leBhayibheli kulesi sikhathi sokuphela. EyamaRoma 10:14, 15 ikuveza kahle ukubaluleka kwalo msebenzi: “Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo? Bayoshumayela kanjani ngaphandle kokuba bethunyiwe? Njengoba nje kulotshiwe: ‘Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!’” Akukaze kubaluleke ukudlula manje ukuphokophela phambili ngesimo sengqondo esiqondile ekufezeni lo msebenzi esiwunikwe nguNkulunkulu. Ngaleso sizathu oFakazi BakaJehova bahileleke ngokugcwele ekukhiqizeni nasekusakazeni amaBhayibheli nezinsiza-kufunda zeBhayibheli ngezilimi ezingu-340. Ukulungiselela lezi zincwadi namaBhayibheli kudinga izisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kuka-18 000 endlunkulu yabo nasemahhovisi amagatsha asemazweni ahlukahlukene. Futhi oFakazi abacela ezigidini eziyisithupha bahlanganyela ekusakazeni lezi zincwadi zeBhayibheli emhlabeni wonke.

3. Kufezwani ngokuhlwanyelwa kweqiniso loMbuso?

3 Ziyini izithelo zalo msebenzi onzima? Njengasezinsukwini zokufufusa kobuKristu, abaningi namuhla bamukela iqiniso. (IzEnzo 2:41, 46, 47) Nokho, okubaluleke ngaphezu kwenani elikhulu labamemezeli boMbuso ababhapathizwayo yiqiniso lokuthi lobu bufakazi obukhulu bunengxenye ekungcwelisweni kwegama likaJehova nasekulwelweni kwakhe njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. (Mathewu 6:9) Ngaphezu kwalokho, ulwazi lweZwi likaNkulunkulu luthuthukisa ukuphila kwabaningi futhi lungaholela ekusindisweni kwabo.—IzEnzo 13:47.

4. Abaphostoli babebakhathalela kangakanani abantu ababebashumayeza?

4 Abaphostoli babekuqaphela ngokugcwele ukuthi izindaba ezinhle zibaluleke kangangokuthi zinikeza ukuphila, futhi babebazwela ngokujulile labo ababebashumayeza. Lokhu kubonakala ngokucacile emazwini omphostoli uPawulu, lapho ebhala: “Njengoba sasinokusondelana okunesisa nani, sakujabulela kakhulu ukungadluliseli kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu kuphela, kodwa nemiphefumulo yethu siqu, ngoba naba abathandekayo kithi.” (1 Thesalonika 2:8) Lapho bebonisa ukukhathalela okuqotho okunjalo ngabantu, uPawulu nabanye abaphostoli babelingisa uJesu nezingelosi zasezulwini, ezihileleke kakhulu kulo msebenzi osindisa ukuphila. Ake sibukeze indima ebalulekile efezwa yilezi zinceku zikaNkulunkulu zasezulwini ekuhlwanyelweni kweqiniso loMbuso, bese sibona indlela isibonelo sazo esisikhuthaza ngayo ukuba nathi sifeze eyethu indima.

UJesu—Umhlwanyeli Weqiniso LoMbuso

5. Yimuphi umsebenzi uJesu agxila kuwo ngokuyinhloko lapho esemhlabeni?

5 UJesu, umuntu ophelele, wayenamandla okwenzela abantu besikhathi sakhe izinto eziningi ezinhle ezibonakalayo. Ngokwesibonelo, wayengacacisa imibono eminingi eyiphutha yezokwelapha yosuku lwakhe, noma wayengathuthukisa indlela abantu abaqonda ngayo isayensi ethile komunye umkhakha. Nokho, wakwenza kwacaca zibekwa nje enkonzweni yakhe ukuthi umsebenzi wakhe kwakuwukushumayela izindaba ezinhle. (Luka 4:17-21) Futhi ngasekupheleni kwenkonzo yakhe, wachaza: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Ngakho wagxila ekuhlwanyeleni imbewu yeqiniso loMbuso. Ukufundisa abantu besikhathi sakhe ngoNkulunkulu nangezinjongo zaKhe kwakubaluleke kunanoma iyiphi enye imfundo uJesu ayengabanika yona.—Roma 11:33-36.

6, 7. (a) Yisiphi isithembiso esimangalisayo uJesu asenza ngaphambi kokuba enyukele ezulwini, futhi usifeza kanjani? (b) Isimo sengqondo sikaJesu mayelana nomsebenzi wokushumayela sikuthinta kanjani wena ngokwakho?

6 UJesu wasikisela ukuthi unguMhlwanyeli weqiniso loMbuso. (Johane 4:35-38) Wasakaza imbewu yezindaba ezinhle ngawo wonke amathuba. Ngisho nalapho efa esigxotsheni, wamemezela izindaba ezinhle zepharadesi lasemhlabeni elizayo. (Luka 23:43) Ngaphezu kwalokho, ukukhathalela kwakhe ngokujulile ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe akuphelanga lapho efa esigxotsheni sokuhlushwa. Ngaphambi kokuba enyukele ezulwini, wayala abaphostoli ukuba baqhubeke behlwanyela iqiniso loMbuso futhi benza abafundi. UJesu wabe esenza isithembiso esimangalisayo. Wathi: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”—Mathewu 28:19, 20.

7 Ngala mazwi, uJesu wenza isibopho sokusekela, ukuqondisa nokuqapha umsebenzi wokushunyayelwa kwezindaba ezinhle “izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” Kuze kube sosukwini lwethu, uJesu uyaqhubeka enesithakazelo emsebenzini wokushumayela ivangeli. UnguMholi wethu, onakekela ukuhlwanyelwa kweqiniso loMbuso. (Mathewu 23:10) NjengeNhloko yebandla lobuKristu, uphathiswe nguJehova ukwengamela lo msebenzi womhlaba wonke.—Efesu 1:22, 23; Kolose 1:18.

Izingelosi Zimemezela Izindaba Ezinhle

8, 9. (a) Izingelosi ziye zasibonisa kanjani isithakazelo esiqotho ezintweni eziphathelene nabantu? (b) Kungashiwo ngamuphi umqondo ukuthi siwumbukwane wasesiteji ezingelosini?

8 Lapho uJehova edala umhlaba, izingelosi ‘zahlabelela kanyekanye, zajabula.’ (Jobe 38:4-7) Kusukela ngaleso sikhathi, lezi zidalwa zasezulwini bezilokhu zibonisa isithakazelo esikhulu ezintweni eziphathelene nabantu. UJehova uye wazisebenzisela ukuba zidlulisele kubantu amazwi avela ezulwini. (IHubo 103:20) Lokhu kuyiqiniso ikakhulu ngokuphathelene nokusakazwa kwezindaba ezinhle osukwini lwethu. Esambulweni anikwa sona, umphostoli uJohane wabona “ingelosi indiza emkhathini . . . inezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu, ithi ngezwi elikhulu: ‘Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulelwa nguye selifikile.’”—IsAmbulo 14:6, 7.

9 IBhayibheli libiza izingelosi ngokuthi “imimoya enikela inkonzo yasobala, ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa.” (Heberu 1:14) Njengoba izingelosi zifeza ngokuzimisela imisebenzi eziyabelwe, zinethuba lokusibhekisisa thina nomsebenzi wethu. Njengokungathi sisesiteji esisobala ehholo, senza umsebenzi wethu phambi kwezibukeli zasezulwini. (1 Korinte 4:9) Yeka indlela okusangulukisa nokujabulisa ngayo ukwazi ukuthi asisebenzi sodwa njengabahlwanyeli beqiniso loMbuso!

Sifeza Indima Yethu Ngokuzimisela

10. Iseluleko esiwusizo esikuMshumayeli 11:6 singasetshenziswa kanjani emsebenzini wethu wokushumayela ivangeli?

10 Kungani uJesu nezingelosi benesithakazelo kangaka emsebenzini wethu? UJesu wasinika esisodwa sezizathu lapho ethi: “Ngiyanitshela, kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.” (Luka 15:10) Nathi sinaleso sithakazelo esiqotho kubantu. Ngakho, senza konke okusemandleni ethu ukuba sisakaze imbewu yeqiniso loMbuso yonke indawo. Amazwi oMshumayeli 11:6 angasetshenziswa emsebenzini wethu. Lapho, iBhayibheli liyasiyala: “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba zinhle zombili ngokufanayo.” Kuyavunywa, lapho umuntu oyedwa amukela isigijimi sethu kungase kube namakhulu noma ngisho izinkulungwane ezisenqabayo. Kodwa njengezingelosi, siyajabula ngisho nalapho ‘kuyisoni esisodwa’ esamukela umyalezo wensindiso.

11. Kungaphumelela kangakanani ukusetshenziswa kwezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini?

11 Kuningi okuhilelekile ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle. Olunye usizo olubalulekile kulo msebenzi yizincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova. Ngezici ezithile, lezi zincwadi nazo zinjengembewu esakazwa yonke indawo. Asazi ukuthi ziyophumelela kuphi. Ngezinye izikhathi incwadi ingadlula ezandleni eziningi ngaphambi kokuba kube khona oyifundayo. Ezimweni ezithile uJesu nezingelosi bangase baqondise izenzakalo imbala ukuze kwenzeke lokhu futhi kuzuze abanhliziyo zilungile. Cabanga ngezinye zezenzakalo ezibonisa indlela uJehova angabangela ngayo imiphumela engalindelwe nemangalisayo esebenzisa izincwadi ezishiywe kubantu.

Umsebenzi KaNkulunkulu Weqiniso

12. Umagazini omdala waba naliphi iqhaza elibalulekile ekusizeni umkhaya othile ukuba wazi uJehova?

12 Ngo-1953, uRobert noLila nezingane zabo bathutha edolobheni elikhulu baya emzini omdala owawusuwohloka epulazini elalisemaphandleni asePennsylvania, e-U.S.A. Ngemva nje ngokungena kuwo, uRobert wanquma ukwakha ikamelo lokugezela ngaphansi kwezitebhisi ezifihlekile. Ngemva kokususa amabhodi amaningana, wathola ukuthi ngemva kodonga, amagundane ayebeke izicucu zamaphepha, amagobolondo amantongomane nenye imfucumfucu. Khona lapho, kuyo yonke le nto, kwakunomagazini i-Golden Age. URobert waba nesithakazelo ngokukhethekile esihlokweni esikhuluma ngokukhulisa izingane. Isiqondiso esicacile nesisekelwe eBhayibhelini esasinikezwe kulo magazini samhlaba umxhwele kangangokuthi watshela uLila ukuthi babezojoyina “inkolo ye-Golden Age.” Ngemva kwamasonto ambalwa nje, kwafika oFakazi BakaJehova emzini wabo, kodwa uRobert wabatshela ukuthi lo mkhaya unesithakazelo kuphela ‘enkolweni ye-Golden Age.’ OFakazi bachaza ukuthi i-Golden Age manje yayisinegama elisha, elithi Phaphama! URobert noLila baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi njalo, futhi ekugcineni babhapathizwa. Nabo, babe sebehlwanyela imbewu yeqiniso ezinganeni zabo futhi bathola isivuno esikhulu. Namuhla, amalungu angaphezu kuka-20 alo mkhaya ayizinceku ezibhapathiziwe zikaJehova uNkulunkulu, kuhlanganise nezingane zikaRobert noLila zonke eziyisikhombisa.

13. Yini eyashukumisa umbhangqwana wasePuerto Rico ukuba ube nesithakazelo eBhayibhelini?

13 Eminyakeni engaba ngu-40 edlule, uWilliam no-Ada, umbhangqwana oshadile wasePuerto Rico, wawungenasithakazelo sokutadisha iBhayibheli. Njalo lapho kungqongqoza oFakazi BakaJehova emnyango, lo mbhangqwana wawushaya sengathi awukho. Ngolunye usuku uWilliam wavakashela indawo yezinsimbi ezilahliwe eyothenga into ayeyidingela ukulungisa okuthile ekhaya. Lapho esehamba, wabona incwadi enombala oluhlaza ngokugqamile isemgqonyeni omkhulu kadoti. Kwakuyincwadi ethi Religion, eyayinyatheliswe oFakazi BakaJehova ngo-1940. UWilliam wayithatha le ncwadi waya nayo ekhaya futhi wakujabulela kakhulu ukufunda ngomahluko phakathi kwenkolo yamanga neyeqiniso. Lapho oFakazi BakaJehova bephinda befika, uWilliam no-Ada bawulalela ngenjabulo umyalezo wabo futhi baqala ukutadisha iBhayibheli nabo. Ngemva kwezinyanga ezithile babhapathizwa eMhlanganweni Wezizwe Wentando Yaphezulu wango-1958. Kusukela ngaleso sikhathi, baye basiza abantu abangaphezu kuka-50 ukuba nabo babe abazalwane bethu abangamaKristu.

14. Okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi yini engafezwa yizincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini?

14 UKarl wayeneminyaka engu-11 kuphela ubudala futhi eyisigangi. Yena wayebona sengathi uhlale engena enkingeni nje. Uyise, owayengumshumayeli waseWeseli ongumJalimane, wayemfundise ukuthi abantu ababi bashiswa esihogweni lapho sebefile. Ngakho uKarl wayengeve esesaba isihogo. Ngolunye usuku ngo-1917, uKarl wabona iphepha elibhaliwe emgwaqweni, walicosha. Lapho elifunda, amehlo akhe asheshe agxila embuzweni othi: “Siyini isihogo?” Leli phepha laliyisimemo senkulumo yasobala ekhuluma ngesihogo, eyayizonikezwa abaFundi BeBhayibheli, abaziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova namuhla. Cishe ngemva konyaka, ngemva kokutadisha iBhayibheli kaningana, uKarl wabhapathizwa, kanjalo waba ngomunye wabaFundi BeBhayibheli. Ngo-1925 wamenywa ukuba ayosebenza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova—lapho esakhonza khona namanje. Inkonzo yobuKristu esithathe iminyaka engaphezu kuka-80 yaqala ngepheshana elalisemgwaqweni.

15. Yini uJehova angayenza, kuye ngokubona kwakhe?

15 Yiqiniso, abantu abakwazi ukubona ukuthi izingelosi zazihileleke ngokuqondile yini nokuthi zazihileleke ngezinga elingakanani kulezi zenzakalo. Noma kunjalo, akufanele nanini singabaze ukuthi uJesu nezingelosi banokuthile abakwenzayo mayelana nomsebenzi wokushumayela nokuthi uJehova angaqondisa izinto kuye ngokubona kwakhe. Lezi zenzakalo nezinye eziningi ezifana nazo zibonisa umphumela omuhle izincwadi zethu ezingaba nawo ngemva kokuba sizihambisele abathile.

Siphathiswé Umcebo

16. Singafundani emazwini akweyesi-2 Korinte 4:7?

16 Umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngomcebo osezitsheni zobumba.’ Lowo mcebo ngumsebenzi wokushumayela esiwunikwe nguNkulunkulu, futhi izitsha zobumba ngabantu uJehova abaphathise lo mcebo. Njengoba labo bantu bengaphelele futhi belinganiselwe, uPawulu uqhubeka athi umphumela wokunikwa kwabo lo msebenzi uwukuba “amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu futhi angabi ngavela kithi.” (2 Korinte 4:7) Yebo, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosinika amandla esiwadingayo ukuze sikwazi ukufeza umsebenzi esibhekene nawo.

17. Yini esiyohlangabezana nayo njengoba sihlwanyela imbewu yeqiniso loMbuso, futhi kungani kufanele silondoloze isimo sengqondo esiqondile yize kunjalo?

17 Ezikhathini eziningi kudingeka sizidele ngandlela-thile. Kungase kube nzima noma kuphazamise ukusebenza amasimu athile. Kunezindawo lapho iningi labantu libonakala lingenandaba ngendlela exakile, baze babe nolaka. Kungenzeka kwenziwa umzamo omkhulu ezindaweni ezinjalo kodwa akubonakali kunempumelelo. Kodwa akukho mzamo okungathiwa mkhulu ngokweqile njengoba okuhilelekile kubaluleke kangaka. Khumbula, imbewu oyihlwanyelayo inganika abantu injabulo manje kanye nokuphila okumi phakade esikhathini esizayo. Amazwi eHubo 126:6 aye afezeka kaningi: “Ohamba ekhala izinyembezi, ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.”

18. Singayiqapha kanjani ngaso sonke isikhathi inkonzo yethu, futhi kungani kufanele senze kanjalo?

18 Masisebenzise wonke amathuba afanelekayo ukuze sihlwanyele imbewu yeqiniso loMbuso ngobuningi. Kwangathi singekhohlwe ukuthi, nakuba kuyithi esihlwanyelayo futhi sinisele imbewu, nguJehova oyikhulisayo. (1 Korinte 3:6, 7) Nokho, njengoba nje uJesu nezingelosi befeza ingxenye yabo yomsebenzi, uJehova ulindele ukuba nathi siyifeze ngokugcwele eyethu inkonzo. (2 Thimothewu 4:5) Kwangathi singakuqapha njalo ukufundisa kwethu, isimo sethu sengqondo, nokuzimisela kwethu enkonzweni. Ngani? UPawulu uyaphendula: “Ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.”—1 Thimothewu 4:16.

Sifundeni?

• Umsebenzi wethu wokuhlwanyela uyiveza kanjani imiphumela emihle?

• UJesu Kristu nezingelosi bahileleke kanjani emsebenzini wokushumayela ivangeli namuhla?

• Kungani kufanele siyihlwanyele ngobuningi imbewu yeqiniso loMbuso?

• Lapho sihlangana nabantu abangenandaba noma abanolaka enkonzweni yethu, yini okufanele isishukumisele ukuba siphikelele?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Njengabelusi bakwa-Israyeli wasendulo, amaKristu namuhla asakaza imbewu yeqiniso loMbuso ngobuningi

[Izithombe ekhasini 16, 17]

OFakazi BakaJehova bakhiqiza futhi basakaze izincwadi ezihlukahlukene ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingu-340