Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umphathi Wokukhanya Ezizweni Eziningi

Umphathi Wokukhanya Ezizweni Eziningi

Indaba Yokuphila

Umphathi Wokukhanya Ezizweni Eziningi

INDABA KAGEORGE YOUNG NJENGOBA ILANDISWA URUTH YOUNG NICHOLSON

“Kungani-ke kuthulwa emapulpitini? . . . Hlobo luni lwabantu okufanele sibe yilo uma sithula ngemva kokuba sesiye saqinisekisa ukuthi lezi zinto engiye ngabhala ngazo ziyiqiniso? Masingagcini abantu bengenalwazi, kodwa masimemezele iqiniso ngendlela engabeki zaba noma engafihlekile.”

LA MAZWI ayeyingxenye yencwadi kababa enamakhasi angu-33 yokucela ukuba igama lakhe lisulwe ebhukwini lesonto. Kwakungunyaka ka-1913. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, waphila ukuphila okugcwele izenzakalo okwaholela ekubeni akhonze njengomphathi wokukhanya ezizweni eziningi. (Filipi 2:15) Kusukela ngiseyintombazanyana, ngaqoqa ezihlotsheni nasezincwadini zomlando izindaba eziphathelene nalokho ubaba aye wabhekana nakho, futhi abangane bangisiza ukuba ngihlanganise umlando wokuphila kwakhe. Ukuphila kukababa kungikhumbuza okomphostoli uPawulu ngezindlela eziningi. Njengalowo “mphostoli ezizweni,” ubaba wayehlale elungele ukuhambisa isigijimi sikaJehova kubantu bakuwo wonke amazwe neziqhingi. (Roma 11:13; IHubo 107:1-3) Ake nginitshele ngobaba, uGeorge Young.

Ukukhula Kwakhe

Ubaba wayeyindodana enguthumbu kaJohn noMargaret Young, abantu baseScotland beSonto LaseHabe. Wazalwa ngo-September 8, 1886, ngemva nje kokuba umkhaya uthuthele eBritish Columbia entshonalanga yeCanada usuka e-Edinburgh, eScotland. Abafowabo abadala abathathu—u-Alexander, uJohn noMalcolm—babezalelwe eScotland eminyakeni embalwa ngaphambili. UMarion udadewabo omncane walaba bafana, ababemteketisa ngokuthi uNellie, wayemncane ngeminyaka emibili kunobaba.

Lezi zingane zazikujabulela ukukhulela epulazini laseSaanich, elingekude neVictoria, iBritish Columbia. Ngesikhathi esifanayo zafunda ukuthwala imithwalo yemfanelo. Ngakho lapho abazali bazo bebuya ohambweni lokuya eVictoria, imisebenzi yangaphandle yayibe isiqediwe futhi indlu icocekile.

Ngokuhamba kwesikhathi, ubaba nabafowabo baba nesithakazelo emsebenzini wezimayini nowezingodo. Lezi zelamani zakwaYoung zaba nedumela elihle lokuba abantu abahlola izwe ngenjongo yokuthola ukhuni nokuthenga nokuthengisa izingodo. Ubaba wayesingatha izindaba zezimali.

Ekugcineni, ukuthambekela kukababa ezindabeni ezingokomoya kwamholela ekubeni anqume ukuba umfundisi weSonto LaseHabe. Nokho, cishe ngaleso sikhathi izintshumayelo zasephephandabeni zikaCharles Taze Russell, umongameli wokuqala we-Zion’s Watch Tower Tract Society, zakuthonya kakhulu ukuphila kwakhe. Lokho ubaba akufunda kwamshukumisela ukuba abhale futhi athumele incwadi yokusula esontweni okukhulunywe ngayo esingenisweni.

Ubaba wawasebenzisa ngomusa kodwa ngokucacile amavesi eBhayibheli ukuze alahle izimfundiso zesonto zokuthi umphefumulo womuntu awufi nokuthi uNkulunkulu uyohlupha imiphefumulo yabantu phakade esihogweni somlilo. Wadalula nemfundiso kaZiqu-zintathu, enikeza ubufakazi bokuthi ayinawo umsuka wobuKristu futhi imiBhalo ayiyisekeli nhlobo. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, waphishekela inkonzo yobuKristu elingisa uJesu Kristu, ewasebenzisa ngokuthobeka wonke amakhono namandla akhe ukuze akhazimulise uJehova.

Ngo-1917, eqondiswa i-Watch Tower Society, ubaba waqala ukukhonza njenge-pilgrim, njengoba abameleli abajikelezayo boFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi. Emadolobheni nasemadolobhaneni akulo lonke elaseCanada, wanikeza izinkulumo wabonisa nesimiso sezithombe ezinyakazayo nama-slide esaziwa ngokuthi i-“Photo-Drama of Creation.” Amahholo ayegcwala aphuphume lapho kuhambele ubaba. Isimiso sokuhambela kwakhe njenge-pilgrim sasivela kuyi-Nqabayokulinda kwaze kwaba ngu-1921.

Iphephandaba laseWinnipeg labika ukuthi uMvangeli uYoung wayekhulume nabangu-2 500 nokuthi abaningi abakwazanga ukungena ngenxa yokuphuphuma kwehholo. E-Ottawa, wakhuluma ngesihloko esithi “Ukuya Esihogweni Nokubuya.” Lapho, ikhehla elithile labika: “Lapho eseqedile, uGeorge Young wamemela umugqa wabefundisi endaweni yesikhulumi ukuze baxoxe naye ngalesi sihloko, kodwa akekho noyedwa owathi nyaka. Ngabona ukuthi ngangithole iqiniso.”

Ubaba wayezama ukumpintsha imisebenzi engokomoya eminingi ngangokunokwenzeka ekuhambeleni kwakhe njenge-pilgrim. Ngemva kwalokho, wayephuthuma ayogibela isitimela aye kwenye indawo ehleliwe. Lapho ehamba ngemoto, wayevame ukuhamba ekuseni kakhulu ngaphambi kokudla kwasekuseni aye esabelweni esilandelayo. Ngaphezu kokushiseka, ubaba wayenedumela lokuba indoda ecabangelayo futhi aziwa ngezenzo zakhe zobuKristu nokuphana.

Phakathi kwemihlangano eminingi yakudala aya kuyo, okhumbuleka ngokukhethekile yilowo owaqhutshelwa e-Edmonton, e-Alberta, ngo-1918. Wonke umkhaya wakubo wawukhona ukuze ubone uNellie ebhapathizwa. Futhi kwaba isikhathi sokugcina laba bafana bendawonye. Ngemva kweminyaka emibili, uMalcolm wabulawa i-pneumonia. Njengabafowabo abathathu noyise, uMalcolm wayenethemba lokuphila kwasezulwini, futhi bonke baqhubeka bethembekile kuNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni kwabo.—Filipi 3:14.

Ukuya Esabelweni Sakwamanye Amazwe

Ngemva kokuba ubaba eseluphothulile uhambo lwakhe lokushumayela eCanada ngo-September 1921, uJoseph F. Rutherford, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi, wamcela ukuba aqhubekele eziqhingini zaseCaribbean. Yonke indawo lapho ubaba athula khona i-“Photo-Drama of Creation,” yamukelwa kahle. Esuka eTrinidad, wabhala: “Le ndawo ibigcwele phamá, futhi kwajikiswa abaningi. Ngobusuku besibili lesi sakhiwo sasinezindimbane zabantu.”

Khona-ke, ngo-1923, ubaba wabelwa eBrazil. Lapho, wakhuluma nezilaleli eziningi, ngezinye izikhathi esebenzisa umhumushi oqashiwe. INqabayokulinda ka-December 15, 1923, yabika: “Kusukela ngo-June 1 kuya ku-September 30 uMfoweth’ uYoung uqhube imihlangano yeningi engu-21, eyaba nengqikithi yabangu-3 600; imihlangano yekilasi engu-48, eyaba nabangu-1 100; wasakaza izincwadi zamahhala zesiPutukezi ezingu-5 000.” Abaningi basabela ngesithakazelo lapho ubaba enikela inkulumo ethi “Izigidi Eziphila Manje Azisoze Zafa.”

Lapho izakhiwo ezintsha zinikezelwa eBrazil ngo-March 8, 1997, incwajana yokunikezela yabika: Ngo-1923: UGeorge Young uyafika eBrazil. Uhlela ihhovisi legatsha enkabeni yeRio de Janeiro.” Nakuba izincwadi zeBhayibheli zazikhona ngeSpanishi, kwakunesidingo sezesiPutukezi, okuwulimi oluyinhloko lwaseBrazil. Ngakho, ngo-October 1, 1923, INqabayokulinda yaqala ukunyatheliswa ngesiPutukezi.

Ubaba wahlangana nabantu abaningi abakhumbuleka kakhulu eBrazil. Omunye kwakuyindoda yomPutukezi eyinjinga okuthiwa uJacintho Pimentel Cabral, owavula ikhaya lakhe ukuba kuqhutshelwe kulo imihlangano. Ngokushesha uJacintho wamukela iqiniso leBhayibheli futhi kamuva waba ilungu lezisebenzi zasegatsheni. Omunye kwakunguManuel da Silva Jordão, umgcini-nsimu osemusha ongumPutukezi. Wezwa inkulumo yeningi eyabekwa ubaba eyamkhuthaza ukuba abuyele ePortugal ayokhonza njenge-colporteur, njengoba izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova zazibizwa kanjalo ngaleso sikhathi.

Ubaba wahamba kakhulu ngesitimela kulo lonke elaseBrazil, futhi wakwazi ukuthola abathakazelayo. Kolunye lohambo lwakhe, wahlangana noBony noCatarina Green, futhi wahlala nabo cishe amasonto amabili, ebachazela imiBhalo. Abangaba ngu-7 ezihlotsheni zabo babe sebebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.

Omunye ahlangana naye kwakunguSarah Bellona Ferguson ngo-1923. Ngo-1867 eseyintombazanyana yena nomfowabo u-Erasmus Fulton Smith nawo wonke umkhaya wakubo, babethuthele eBrazil besuka e-United States. Kusukela ngo-1899, wayamukela INqabayokulinda njalo ngeposi. Ukuhambela kukababa kwakuyithuba okwase kukudala belilindele ukuze babhapathizwe oSarah, izingane zakhe ezine kanye nothile ubaba ayembiza ngokuthi u-Anti Sallie. Kwakungo-March 11, 1924.

Kungakabiphi, ubaba wayeseshumayela kwamanye amazwe aseNingizimu Melika. Ngo-November 8, 1924, wabhala esePeru: “Ngisanda kuqeda ukusakaza amapheshana angu-17 000 eLima naseCallao.” Ngemva kwalokho waya eBolivia eyosakaza amapheshana lapho. Ngokuphathelene nalokho kuhambela, wabhala: “UBaba wethu uyawubusisa umzamo. Ngisizwe iNdiya elithile. Ikhaya lalo lisekuqaleni komfula wase-Amazon. Lizobuyela khona namapheshana ayinkulungwane nezincwadi.”

Ngemizamo kababa, imbewu yeqiniso leBhayibheli yasakazwa emazweni amaningi eMelika Ephakathi neseNingizimu. Ngo-December 1, 1924, INqabayokulinda (yesiNgisi) yabika: “UGeorge Young useneminyaka efinyelela kwemibili eseNingizimu Melika. . . . Kwaba yilungelo ngalo mfowethu othandekayo ukuyisa isigijimi seqiniso ePunta Arenas, eStraits of Magellan.” Ubaba wahola emsebenzini wokushumayela nasemazweni anjengeCosta Rica, iPanama neVenezuela. Waqhubeka ngisho noma ayesengenwe umalaleveva futhi impilo yakhe ithikamezekile.

Kwalandela IYurophu

Ngo-March 1925, ubaba waya eYurophu, lapho ayenethemba lokusakaza khona amapheshana eBhayibheli angu-300 000 eSpain nasePortugal abese ehlela ukuba uMfoweth’ uRutherford anikeze izinkulumo zeningi. Nokho, ngemva kokufika eSpain waba mathintanyawo ngokuphathelene nokuthi uMfoweth’ uRutherford anikeze izinkulumo ezinjalo ngenxa yesimo sokungabekezelelani ngokwenkolo.

Esabela kulokho, uMfoweth’ uRutherford, ecaphuna u-Isaya 51:16, wabhala: “Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho, ngikusibekele emthunzini wesandla sami, ukuze ngiwatshale amazulu, ngisibeke isisekelo somhlaba, ngithi kulo iSiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’” Ngalokho, ubaba waphetha: “Kuyintando yeNkosi ngokuqinisekile ukuba ngiqhubeke, ngishiyele imiphumela kuyo.”

Ngo-May 10, 1925, uMfoweth’ uRutherford wanikeza inkulumo yakhe esebenzisa umhumushi eNovedades Theater eBarcelona. Kwaba nabangaphezu kuka-2 000, kuhlanganise nesikhulu sikahulumeni nonogada waso endaweni yesikhulumi. Kwalandelwa inqubo efanayo eMadrid, lapho kwaba nabangu-1 200. Isithakazelo esaba khona ngenxa yalezi zinkulumo saphumela ekumisweni kwehhovisi legatsha eSpain, lelo ngokusho kwe-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1978 (yesiNgisi) “elaqondiswa uGeorge Young.”

Ngo-May 13, 1925, uMfoweth’ uRutherford wabeka inkulumo eLisbon, ePortugal. Ukuhambela kwakhe lapho nakho kwaba nempumelelo enkulu, naphezu kwemizamo yabefundisi yokuphazamisa umhlangano ngokubanga umsindo nokuphohloza izihlalo. Ngemva kwezinkulumo zikaMfoweth’ uRutherford eSpain nasePortugal, ubaba waqhubeka ebonisa i-“Photo-Drama,” wahlela nokuba kunyatheliswe futhi kusakazwe izincwadi zeBhayibheli kulezo zindawo. Ngo-1927 wabika ukuthi izindaba ezinhle “sezisakazwe kuwo wonke amadolobha namadolobhana aseSpain.”

Ukushumayela ESoviet Union

Isabelo sikababa esilandelayo sezithunywa zevangeli sasiseSoviet Union, lapho afika khona ngo-August 28, 1928. Incwadi ayibhala ngomhla ka-October 10, 1928, ngokwengxenye yayithi:

“Kusukela ngafika eRussia, ngingathandaza ngempela ngithi, ‘Umbuso wakho mawuze.’ Ngifunda ulimi, kodwa kuthatha kade. Umhumushi wami uyindoda enesimo esihle ngokukhethekile, ungumJuda, kodwa uyakholelwa kuKristu futhi uyalithanda iBhayibheli. Ngiye ngabhekana nezehlakalo ezithakazelisayo kodwa angazi ukuthi ngizovunyelwa ukuba ngihlale isikhathi eside kangakanani. Ngesonto elidlule ngithole isaziso sokuthi ngihambe kungakapheli amahora angu-24 kodwa sengikulungisile lokho ngakho ngingahlala isikhathi esijana.”

Waxhumana nabaFundi BeBhayibheli abathile eKharkov, manje okuyidolobha eliyinhloko lase-Ukraine, futhi izingxoxo ezinhle nabo zabalethela izinyembezi zenjabulo. Kwakuba nomhlangano omncane ubusuku ngabunye kuze kube phakathi kwamabili. Kamuva lapho ebhala ngalokhu kuhlangana nalaba bafowethu, ubaba wathi: “Yeka usizi lwabazalwane bethu, bathathelwe izincwadi zabo ezimbalwa futhi iziphathimandla azibaphathi kahle, kodwa bayajabula.”

Inkonzo kababa eSoviet Union yaqokonyiswa encwajaneni ekhethekile eyayilungiselelwe labo ababekhona ekunikezelweni kwezakhiwo zegatsha ezintsha eSt. Petersburg, eRussia ngo-June 21, 1997. Le ncwajana ithi ubaba wathunyelwa eMoscow, futhi ibika ukuthi wathola imvume “yokunyathelisa izincwajana ezingu-15 000 ethi Freedom for the Peoples nethi Where Are the Dead? ukuze zisakazwe eRussia.”

Ngemva kokubuya eRussia, ubaba wabelwa emsebenzini wokuba i-pilgrim e-United States. ENingizimu Dakota wavakashela kubo kaNellena noVerda Pool, odade abayizelamani kamuva ababa izithunywa zevangeli ePeru. Bazwakalisa ukuyazisa inkonzo kababa ayeyenza ngokungakhathali futhi bathi: “Abafowethu kudala ngalezo zinsuku babenomoya wokuphayona ngempela njengoba babeya kula mazwe benezinto ezincane zaleli zwe kodwa benenhliziyo egcwele uthando ngoJehova. Yilokho okwakubashukumisela ukuba bafeze lokho abakufeza.”

Umshado Nohambo Lwesibili

Phakathi nayo yonke leyo minyaka ubaba wayebhalelana noClara Hubbert waseManitoulin Island, e-Ontario. Bobabili babekhona emhlanganweni waseColumbus, e-Ohio, ngo-July 26, 1931, lapho abaFundi BeBhayibheli bamukela igama elithi oFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10-12) Ngemva kwesonto bashada. Ngokushesha, ubaba waphinde wathatha uhambo lwakhe lwesibili lwezithunywa zevangeli oludabula iziqhingi zaseCaribbean. Lapho, wasiza ekuhleleni imihlangano nokuqeqesha abanye enkonzweni yendlu ngendlu.

Umama wayethola izithombe, amakhadi nezincwadi ezivela eSuriname, eSt. Kitts nakwezinye izindawo eziningi. Lezo zincwadi zazibika ngentuthuko yomsebenzi wokushumayela futhi ngezinye izikhathi zihlanganisa nokuthile ngezinyoni, izilwane nezitshalo zezwe ayekulo. Ngo-June 1932, ubaba waqeda isabelo sakhe eCaribbean futhi njengenjwayelo wabuyela eCanada ngesikebhe ayegibela kuso endaweni yabakhokhe kancane. Ngemva kwalokho, yena nomama bahlanganyela emsebenzini wokushumayela wesikhathi esigcwele ndawonye, bachitha ubusika buka-1932/33 e-Ottawa neqembu elikhulu lezikhonzi zesikhathi esigcwele.

Ukuphila Komkhaya Okufushane

Ngo-1934 kwazalwa umfowethu, uDavid. Lapho esemncane, wayema phezu kwebhokisi lezigqoko zikamama aprakthize ukubeka “izinkulumo” zakhe. Ukuphila kwakhe konke, uye wabonisa intshiseko ngoJehova njengoyise. Bobathathu babehamba ngemoto, babophele umbhobho we-sound ophahleni lwayo, njengoba behambela amabandla kusukela ogwini olusempumalanga yeCanada ukuya ogwini olusentshonalanga. Ngazalwa ngo-1938 lapho ubaba ekhonza eBritish Columbia. UDavid ukhumbula ukuthi ubaba wangibeka embhedeni futhi ubaba, umama noDavid baguqa bazungeza umbhede lapho ubaba ethandaza ebonga ngami.

Ebusika buka-1939, sahlala eVancouver lapho ubaba ayesahambele amabandla akuleyo ndawo. Phakathi kwezincwadi eziningi esiye saziqoqa kuyo yonke leyo minyaka kwakuneka-January 14, 1939, ayiloba eseVernon, eBritish Columbia. Ubaba wayeyibhalele uClara, uDavid noRuth, ithi: “Ukuqabula okuncane nokwanga.” Kuyo kwakunomyalezo wethu ngabanye. Wakhuluma ngokuba kukhulu kokuvuna kodwa izisebenzi zimbalwa.—Mathewu 9:37, 38.

Ngemva kwesonto ebuye eVancouver evela esabelweni sakhe, wawa emhlanganweni. Ukuhlolwa kwakamuva kwaveza ukuthi wayenesimila somdlavuza ebuchosheni. Ngo-May 1, 1939, waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni. Nganginezinyanga ezingu-9 ubudala, futhi uDavid eneminyaka ecela kwemihlanu. Umama wethu othandekayo, naye owayenethemba lasezulwini, waqhubeka ethembekile kuNkulunkulu kwaze kwaba sekushoneni kwakhe ngo-June 19, 1963.

Indlela ubaba ayezizwa ngayo ngelungelo lakhe lokuyisa izindaba ezinhle emazweni amaningi ivezwe kahle kwenye yezincwadi azibhalela umama. Ngokwengxenye wathi: “UJehova ungivumele ngomusa ukuba ngiye kula mazwe njengokukhanya ukuze nginikeze isigijimi soMbuso. Malikhazinyuliswe igama lakhe elingcwele. Inkazimulo yakhe iyakhazimula naphezu kobuthakathaka, ukungafaneleki nokuntengantenga.”

Manje izingane, abazukulu nezingane zabazukulu bakaGeorge noClara Young nabo bakhonza uNkulunkulu wethu onothando, uJehova. Ngiye ngatshelwa ukuthi ubaba wayevame ukucaphuna amaHeberu 6:10, athi: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” Nathi asiwukhohliwe umsebenzi kababa.

[Isithombe ekhasini 23]

Ubaba, ngakwesokudla, nabafowabo abathathu

[Izithombe ekhasini 25]

Ubaba (umile) noMfoweth’ uWoodworth, uRutherford noMacmillan

Ngezansi: Ubaba (ekugcineni ngakwesobunxele) eqenjini elinoMfoweth’ uRussell

[Izithombe ekhasini 26]

Ubaba nomama

Ngezansi: Usuku lwabo lomshado

[Isithombe ekhasini 27]

NginoDavid nomama eminyakeni ethile ngemva kokushona kukababa