Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zimemezele Ngokuzimisela Izindaba Ezinhle

Zimemezele Ngokuzimisela Izindaba Ezinhle

Zimemezele Ngokuzimisela Izindaba Ezinhle

“Vuthani ngomoya. Yibani izigqila zikaJehova.”—ROMA 12:11.

1, 2. Yisiphi isimo sengqondo amaKristu azama ukusilondoloza njengabashumayeli bezindaba ezinhle?

INSIZWA ethile ijabule ngomsebenzi wayo omusha. Ngosuku lokuqala emsebenzini, igcwele umdlandla njengoba ilindele iziyalezo zomqashi wayo. Ibheke phambili emsebenzini wokuqala ezowenza futhi iwubheka njengobaluleke kakhulu. Izimisele ukwenza konke okusemandleni ayo.

2 Ngokufanayo, nathi njengamaKristu singazibheka njengezisebenzi eziqalayo. Njengoba sinethemba lokuphila phakade, kungashiwo ukuthi yimá siqala ukusebenzela uJehova. Ngokuqinisekile uMdali wethu unemisebenzi eminingi asasibekele yona eyosigcina simatasa phakade. Kodwa umsebenzi wokuqala ngqá esawuthola owokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. (1 Thesalonika 2:4) Sizizwa kanjani ngalesi sabelo esivela kuNkulunkulu? Njengaleyo nsizwa, sifuna ukuwenza ngawo wonke amandla ethu, ngentshiseko, ngenjabulo—yebo, ngokuzimisela!

3. Yini edingekayo ukuze uphumelele njengesikhonzi sezindaba ezinhle?

3 Kuyavunywa, ukulondoloza isimo sengqondo esiqonde kanjalo kungaba yinselele. Ngaphezu kwenkonzo yethu, sineminye imithwalo yemfanelo eminingi, eminye yayo engase isikhandle ngokomzimba nangokomzwelo. Ezimweni eziningi, siyakwazi ukunakekela lezi zinto sibe sigxile ngokwanele enkonzweni. Noma kunjalo, lokhu kungaba umshikashika ongapheli. (Marku 8:34) UJesu wagcizelela ukuthi ukuze siphumelele njengamaKristu kuyodingeka umzamo wentshiseko.—Luka 13:24.

4. Izinkathazo zansuku zonke zingawuthonya kanjani umbono wethu ongokomoya?

4 Njengoba sinezinto eziningi kangaka okumelwe sizenze, kulula ukuba sizizwe sikhungathekile noma sisindwa ngezinye izikhathi. ‘Izinkathazo zokuphila’ zingaminyanisa intshiseko nokwazisa kwethu imisebenzi engokwasezulwini. (Luka 21:34, 35; Marku 4:18, 19) Ngenxa yokungapheleli kwethu kobuntu, singase ‘silushiye uthando esasinalo ekuqaleni.’ (IsAmbulo 2:1-4) Izici ezithile zenkonzo yethu kuJehova zingaba yisejwayezi nje. IBhayibheli lisinikeza kanjani isikhuthazo esisidingayo ukuze sigcine intshiseko yethu ngenkonzo ivutha?

“Njengomlilo Oshisayo” Ezinhliziyweni Zethu

5, 6. Umphostoli uPawulu wayelibheka kanjani ilungelo lakhe lokushumayela?

5 Inkonzo uJehova asiphathise yona iyigugu kakhulu kangangokuthi asinakuyivumela ukuba ibe yinhlalayenza engenanjongo. Umphostoli uPawulu wayekubheka njengelungelo elikhulu kakhulu ukushumayela izindaba ezinhle, futhi wayezibheka njengongafaneleki ukuphathiswa kona. Wathi: “Lomusa ongafanelwe waphiwa mina, engingumuntu omncane kunomncane kunabo bonke abangcwele, ukuba ngimemezele ezizweni izindaba ezinhle zengcebo kaKristu engenakuqondakala futhi ngenze abantu babone ukuthi iqondiswa kanjani lemfihlo engcwele leyo esikhathini esidlule esingaziwa ebilokhu ifihlwe kuNkulunkulu, owadala zonke izinto.”—Efesu 3:8, 9.

6 Isimo sengqondo sikaPawulu esiqondile ngenkonzo siyisibonelo esihle kakhulu kithi. Encwadini ayibhalela abaseRoma, wathi: “Kukhona ukulangazelela ukuba ngimemezele izindaba ezinhle.” Wayengenamahloni ngezindaba ezinhle. (Roma 1:15, 16) Wayenesimo sengqondo esifanele futhi emagange ukufeza inkonzo yakhe.

7. Encwadini ayibhalela abaseRoma, yini uPawulu axwayisa ngayo?

7 Umphostoli uPawulu wayesiqaphela isidingo sokuhlala enentshiseko, ngakho wayala amaKristu aseRoma: “Ningalibali emsebenzini wenu. Vuthani ngomoya. Yibani izigqila zikaJehova.” (Roma 12:11) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘libala’ linomqondo ‘wokuvilapha, ukunwabuluka.’ Nakuba kungenzeka asilibali ngempela enkonzweni yethu, sonke kudingeka siqaphele noma yiziphi izinkomba ezisheshe zivele zokuvilapha okungokomoya bese senza ukulungisa okudingekayo esimweni sethu sengqondo uma sibona izinkomba ezinjalo kithi.—IzAga 22:3.

8. (a) Yini eyaba “njengomlilo oshisayo” enhliziyweni kaJeremiya, futhi ngani? (b) Yisiphi isifundo esingasifunda kulokho okwenzeka kuJeremiya?

8 Umoya kaNkulunkulu nawo ungasisiza lapho sidangele. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi umprofethi uJeremiya wazithola edangele, eseze ecabanga nokuyeka umsebenzi wakhe wokuprofetha. Waze wathi ngoJehova: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe.” Ingabe lokhu kwakubonisa ukuthi kwakunento enkulu uJeremiya ayeyintula ngokomoya? Cha. Eqinisweni, ukuqina kukaJeremiya ngokomoya, uthando lwakhe ngoJehova nentshiseko yakhe ngeqiniso kwamnika amandla okuba aqhubeke eprofetha. Uyachaza: “[Izwi likaJehova li]senhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.” (Jeremiya 20:9) Kungokwemvelo ukuba izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zidangale ngezinye izikhathi. Kodwa lapho zithandazela usizo lukaJehova, uyofunda izinhliziyo zazo futhi azinike umoya wakhe ongcwele ngesandla esivulekile uma zinezwi lakhe ezinhliziyweni zazo njengoJeremiya.—Luka 11:9-13; IzEnzo 15:8.

“Ningawucimi Umlilo Womoya”

9. Yini engavimbela ukusebenza komoya ongcwele ukuze usizuzise?

9 Umphostoli uPawulu wayala abaseThesalonika: “Ningawucimi umlilo womoya.” (1 Thesalonika 5:19) Yebo, izenzo nezimo zengqondo ezingqubuzana nezimiso zokuhlonipha uNkulunkulu zingakuthiya ukusebenza komoya ongcwele ukuze usizuzise. (Efesu 4:30) AmaKristu namuhla anesabelo sokushumayela izindaba ezinhle. Leli lungelo silihlonipha ngokujulile. Akusimangazi ukuthi labo abangamazi uNkulunkulu bayawudelela umsebenzi wethu wokushumayela. Kodwa lapho umKristu engayinaki ngamabomu inkonzo yakhe, kungase kuphumele ekucimeni umlilo womoya kaNkulunkulu oshukumisayo.

10. (a) Umbono wabanye ungasithonya kanjani? (b) Yimuphi umbono omuhle ngenkonzo yethu ovezwe kweyesi-2 Korinte 2:17?

10 Abanye abangaphandle kwebandla lobuKristu bangase babheke inkonzo yethu njengokusakaza nje izincwadi. Abanye bangase baphethe ngokungeyikho ngokuthi singena endlini ngendlu ukuze nje sithole iminikelo. Uma sivumela imibono enjalo engaqondile ukuba ithonye isimo sethu sengqondo, lokhu kunganciphisa izinga lokuphumelela kwethu enkonzweni. Kunokuba sivumele ukucabanga okunjalo kusithonye, masilondoloze umbono uJehova noJesu abanawo ngenkonzo yethu. Umphostoli uPawulu waveza lowo mbono omuhle lapho ethi: “Asibona abathengisi bezwi likaNkulunkulu njengoba abantu abaningi beyibo, kodwa sikhuluma ngobuqotho, yebo, njengabathunywe bevela kuNkulunkulu, sibonwa uNkulunkulu, ngokuhambisana noKristu.”—2 Korinte 2:17.

11. Yini eyenza amaKristu okuqala akwazi ukuqhubeka eshiseka naphezu kokushushiswa, futhi isibonelo sawo kufanele sisithinte kanjani thina?

11 Ngokushesha ngemva kokufa kukaJesu, abafundi bakhe babhekana nenkathi yokushushiswa eJerusalema. Basongelwa futhi bayalwa ukuba bayeke ukushumayela. Nokho, iBhayibheli lithi “bagcwala umoya ongcwele futhi babekhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.” (IzEnzo 4:17, 21, 31) Amazwi uPawulu awasho kuThimothewu ngemva kweminyaka ethile abonisa isimo sengqondo esiqondile okufanele amaKristu asilondoloze. UPawulu wathi: “UNkulunkulu akasinikanga umoya wobugwala, kodwa owamandla nowothando nowokuhluzeka kwengqondo. Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi obumayelana neNkosi yethu, noma ngami engiyisiboshwa ngenxa yayo, kodwa yiba nengxenye yakho ekukhuthazeleleni okubi ngenxa yezindaba ezinhle ngokwamandla kaNkulunkulu.”—2 Thimothewu 1:7, 8.

Simkweletani Umakhelwane Wethu?

12. Yisiphi isizathu esiyinhloko sokushumayela kwethu izindaba ezinhle?

12 Ukuze sibe nesimo sengqondo esifanele ngenkonzo yethu, kumelwe sibe nesisusa esifanele. Kungani sishumayela? Isizathu esiyinhloko sibonakala emazwini omhubi: “Abangcwele bakho bakubonge [Jehova]. Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma, bashumayele ngamandla akho ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.” (IHubo 145:10-12) Yebo, sishumayela ukuze sidumise uJehova obala futhi singcwelise igama lakhe phambi kwaso sonke isintu. Noma bengase babe mbalwa abasilalelayo, ukumemezela kwethu umyalezo wensindiso ngokwethembeka kuyisa udumo kuJehova.

13. Yini esishukumisela ukuba sitshele abanye ngethemba lensindiso?

13 Futhi, sishumayela ngenxa yothando ngabantu nangenjongo yokugwema icala legazi. (Hezekeli 33:8; Marku 6:34) Amazwi kaPawulu lapho ekhuluma ngalabo abangaphandle kwebandla lobuKristu ahlobene nalokhu: “Nginecala kokubili kumaGreki nasemaQabeni, kokubili kwabahlakaniphile nakwabangenangqondo.” (Roma 1:14) UPawulu wayenomuzwa wokuthi wayekweleta abantu ukubashumayeza izindaba ezinhle, njengoba intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe.” (1 Thimothewu 2:4) Namuhla, sizwa uthando nesibopho esifanayo ngomakhelwane bethu. Uthando lukaJehova ngesintu lwamshukumisela ukuba athumele iNdodana yakhe emhlabeni ukuba izosifela. (Johane 3:16) Lokho kwakuwukuzidela okukhulu. Silingisa uthando lukaJehova lapho sizinika isikhathi futhi senza umzamo wokutshela abanye izindaba ezinhle zensindiso esekelwe emhlatshelweni kaJesu.

14. IBhayibheli lilichaza kanjani izwe elingaphandle kwebandla lobuKristu?

14 OFakazi BakaJehova babheka abantu abaphila nabo njengabangase babe amalungu obuzalwane bobuKristu. Kumelwe sishumayele ngesibindi, kodwa isibindi sethu asisona esokulwisana nabantu. Yiqiniso, iBhayibheli liyalusebenzisa ulimi olunamandla lapho likhuluma ngezwe lilonke. Igama elithi “izwe” ngokwalo lisetshenziswa uPawulu ngomqondo ongancomi lapho ekhuluma ‘ngokuhlakanipha kwalelizwe’ ‘nezifiso zezwe.’ (1 Korinte 3:19; Thithu 2:12) UPawulu futhi wakhumbuza amaKristu ase-Efesu ukuthi lapho esahamba “ngokwesimiso sezinto salelizwe,” ‘ayefile’ ngokomoya. (Efesu 2:1-3) La mazwi namanye anjengawo ayavumelana namazwi omphostoli uJohane: “Lonke izwe lisemandleni omubi.”—1 Johane 5:19.

15. Yini esingayenzi ngokuqondene nabantu abangaphandle kwebandla lobuKristu, futhi ngani?

15 Nokho, khumbula ukuthi amazwi anjalo abhekisela ezweni elihlukanisiwe noNkulunkulu lilonke, hhayi kubantu ngabanye. AmaKristu awazahluleleli ngokwawo indlela noma yimuphi umuntu ayosabela ngayo emsebenzini wokushumayela. Awanaso isisekelo sokubiza noma obani ngokuthi bayizimbuzi. Akukhona okwethu ukusho ukuthi umphumela uyoba yini lapho uJesu efika ezohlukanisa “izimvu ezimbuzini.” (Mathewu 25:31-46) NguJesu ongumahluleli omisiwe; akuthina. Nangalé kwalokho, izenzakalo ziye zabonisa ukuthi abathile ababengene shí ekuziphatheni okubi kakhulu baye basamukela isigijimi seBhayibheli, bashintsha futhi baba amaKristu aphila ngenhlanzeko. Ngakho, nakuba singeke sifune ukuba nobudlelwane nabathile, asinqikazi ukukhuluma nabo ngethemba loMbuso lapho ithuba livela. ImiBhalo ikhuluma ngabantu abathile “ababethambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade” bengakabi amakholwa. Bagcina bebe yiwo amakholwa. (IzEnzo 13:48) Ngeke sazi ukuthi ubani othambekele ngokufanele ngaleyo ndlela kuze kube yilapho sesishumayelile—mhlawumbe kaningi. Sinalokhu engqondweni, labo abangakawamukeli umyalezo wensindiso sibaphatha “ngobumnene” “nangenhlonipho ejulile,” sinethemba lokuthi abanye phakathi kwabo kungenzeka basazosabela emyalezweni wokuphila.—2 Thimothewu 2:25; 1 Petru 3:15.

16. Yisiphi esinye sezizathu sokuba sifune ukuhlakulela ‘ubuciko bokufundisa’?

16 Ukuhlakulela amakhono okufundisa kuyosenza sizimisele nakakhulu ukumemezela izindaba ezinhle. Ngokwesibonelo: Umdlalo omnandi ungase ungathakazelisi kumuntu ongakwazi ukuwudlala. Kodwa kumuntu owudlala kahle, umnandi. Ngokufanayo, amaKristu ahlakulela ‘ubuciko bokufundisa’ andisa injabulo yawo enkonzweni. (2 Thimothewu 4:2; Thithu 1:9) UPawulu wacebisa uThimothewu: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzethule wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.” (2 Thimothewu 2:15) Singawathuthukisa kanjani amakhono ethu okufundisa?

17. ‘Singakwakha’ kanjani “ukulangazelela” ulwazi lweBhayibheli, futhi ulwazi olunjalo luyoba kanjani yinzuzo enkonzweni yethu?

17 Enye yezindlela iwukungenisa ulwazi olunembile olwengeziwe. Umphostoli uPetru uyasikhuthaza: “Njengezinsana ezisanda kuzalwa, yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi, ukuze ngalo nikhulele ensindisweni.” (1 Petru 2:2) Ingane enempilo enhle ilulangazelela ngokuzenzakalelayo ubisi. Nokho, umKristu kungase kudingeke ‘akwakhe ukulangazelela’ ulwazi lweBhayibheli. Lokhu kungenziwa ngokuhlakulela imikhuba emihle yokutadisha nokufunda. (IzAga 2:1-6) Kudingeka umzamo nokuzithiba ukuze sibe abafundisi abanekhono beZwi likaNkulunkulu, kodwa imizamo enjalo iletha imivuzo. Injabulo elethwa ukuhlola iZwi likaNkulunkulu iyosenza sivuthe ngomoya kaNkulunkulu, sizimisele ukuhlanganyela nabanye izinto esizifundayo.

18. Imihlangano yobuKristu ingasihlomisela kanjani ukuba siphathe izwi leqiniso ngokufanele?

18 Imihlangano yobuKristu nayo ifeza indima ebaluleke kakhulu ekusebenziseni kwethu iZwi likaNkulunkulu ngobuciko. Lapho kufundwa imibhalo yeBhayibheli enkulumweni yeningi nakwezinye izingxoxo ezingokomBhalo, senza kahle ngokufunda emaBhayibhelini ethu. Senza ngokuhlakanipha lapho silalelisisa izingxenye zemihlangano, kuhlanganise nalezo eziphathelene nomsebenzi wethu ngokuqondile. Akufanele nanini siyeye imiboniso, mhlawumbe sivumele ukuphazamiseka. Nalapha, kudingeka ukuzithiba nokugxilisa ingqondo. (1 Thimothewu 4:16) Imihlangano yobuKristu yakha ukholo lwethu, isisize sakhe ukulangazelela iZwi likaNkulunkulu, futhi isiqeqeshele ukuba sibe abamemezeli abashisekayo bezindaba ezinhle.

Singaqiniseka Ukuthi UJehova Uyosisekela

19. Kungani kubaluleke kakhulu ukuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela?

19 AmaKristu ‘avuthayo emoyeni’ futhi akushisekelayo ukumemezela izindaba ezinhle ahlanganyela njalo enkonzweni. (Efesu 5:15, 16) Yiqiniso, izimo ziyahlukahluka, futhi asinakusebenzisa isikhathi esilinganayo sonke kulo msebenzi osindisa ukuphila. (Galathiya 6:4, 5) Nokho, mhlawumbe okubaluleke kakhulu kunengqikithi yesikhathi esisisebenzisa emsebenzini wokushumayela ukuthi sikhuluma kaningi kangakanani nabanye ngethemba lethu. (2 Thimothewu 4:1, 2) Lapho sishumayela ngokwengeziwe, sikubona ngokwengeziwe ukubaluleka kwalo msebenzi. (Roma 10:14, 15) Siyokhula esiheni nasekuzwelaneni nabanye lapho sihlangana njalo nabantu abaqotho abakhalayo bebubula futhi abangenathemba.—Hezekeli 9:4; Roma 8:22.

20, 21. (a) Yimuphi umsebenzi osasihlalele? (b) UJehova uyisekela kanjani imizamo yethu?

20 UJehova usiphathise izindaba ezinhle. Lona umsebenzi wokuqala esiwuthola kuye ‘njengezisebenzi ezikanye naye.’ (1 Korinte 3:6-9) Simagange ukuwufeza ngomphefumulo wonke lo mthwalo wemfanelo esiwunikwe nguNkulunkulu, senze konke okusemandleni ethu. (Marku 12:30; Roma 12:1) Kusenabantu abaningi ezweni abathambekele ngokufanele abalambele iqiniso. Mningi umsebenzi odinga ukwenziwa, kodwa singaqiniseka ukuthi uJehova uyosisekela njengoba sifeza inkonzo yethu ngokugcwele.—2 Thimothewu 4:5.

21 UJehova usinika umoya wakhe futhi asihlomise ‘ngenkemba yomoya,’ iZwi likaNkulunkulu. Ngosizo lwakhe singavula imilomo yethu ‘sinenkululeko yokukhuluma ukuze sazise imfihlo engcwele yezindaba ezinhle.’ (Efesu 6:17-20) Kwangathi kungashiwo ngathi lokho umphostoli uPawulu akubhalela amaKristu aseThesalonika: “Izindaba ezinhle esizishumayelayo azivelanga phakathi kwenu ngenkulumo yodwa kodwa futhi ngamandla nangomoya ongcwele nokuqiniseka okuqinile.” (1 Thesalonika 1:5) Yebo, masimemezele izindaba ezinhle ngokuzimisela!

Ukubukeza Okufushane

• Ngenxa yezinkathazo zokuphila, yini engenzeka entshisekweni yethu ngenkonzo?

• Isifiso sethu sokumemezela izindaba ezinhle kufanele sifane kanjani ‘nomlilo oshisayo’ ezinhliziyweni zethu?

• Yiziphi izimo zengqondo ezingaqondile ngenkonzo okufanele sizigweme?

• Ngokuvamile, kufanele sibabheke kanjani labo abangakholelwa kulokho esikukholelwayo?

• UJehova usisiza kanjani ukuba silondoloze intshiseko yethu emsebenzini wokushumayela?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 9]

AmaKristu alingisa intshiseko kaPawulu noJeremiya

[Izithombe ekhasini 10]

Ukuzimisela kwethu enkonzweni kushukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane