Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ukuphila Kwakho Okungaba Ngayo Nenjongo Ngokwengeziwe

Indlela Ukuphila Kwakho Okungaba Ngayo Nenjongo Ngokwengeziwe

Indlela Ukuphila Kwakho Okungaba Ngayo Nenjongo Ngokwengeziwe

ISAGA sasendulo sithi: “Ungakhandlekeli ukuceba; kuyeke ngokuqonda kwakho. Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.” (IzAga 23:4, 5) Ngamanye amazwi, akuhlakaniphile ukuzikhandla sizama ukuceba, ngoba ingcebo ingandiza sengathi inezimpiko zokhozi.

Kunjengoba iBhayibheli libonisa, ingcebo yezinto ezibonakalayo ingashabalala ngokushesha. Ingase ishabalale ngokushesha ngenxa yezinhlekelele zemvelo, ukuwa kwezomnotho noma ezinye izehlakalo ezingalindelekile. Ngaphezu kwalokho, ngisho nalabo abachumayo ngokwezinto ezibonakalayo, bavame ukudumazeka. Cabanga ngendaba kaJohn, omsebenzi wakhe wawuhilela ukujabulisa izazi zezombangazwe, osaziwayo kwezemidlalo nezikhulu zikahulumeni.

UJohn uthi: “Ngazinikela ngokuphelele emsebenzini wami. Ngachuma ngokwezimali, ngahlala emahhotela aphambili, futhi ngezinye izikhathi ngangize ngiye emsebenzini ngendiza yami. Ngaqale ngakujabulela, kodwa kwaya ngokuya kungicika. Abantu engangibajabulisa babebonakala benobuzenzisi. Ukuphila kwami kwakungenanjongo.”

Kunjengoba uJohn akuthola, ukuphila okungenalo ingokomoya akwanelisi. ENtshumayelweni Yasentabeni edumile, uJesu Kristu wabonisa indlela esingathola ngayo injabulo ehlala njalo. Wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Mathewu 5:3) Khona-ke, kusobala ukuthi kuwukuhlakanipha ukubeka izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni. Nokho, kunezinye izici ezingasiza ekwenzeni ukuphila kube nenjongo ngokwengeziwe.

Umkhaya Wakho Nabangane Babaluleke Ngempela

Ubuyokujabulela ukuphila ukube ubungaxhumani nomkhaya wakho futhi ungenabo abangane abaseduze? Kusobala ukuthi ubungeke. UMdali wethu wasenza saba nesidingo sokuthanda nokuthandwa. Lesi esinye sezizathu esenza uJesu aqokomise ukubaluleka ‘kokuthanda omakhelwane bethu njengoba sizithanda thina.’ (Mathewu 22:39) Umkhaya uyisipho saphezulu esinikeza indawo enhle yokubonisa uthando olungenabugovu.—Efesu 3:14, 15.

Imikhaya yethu ingenza kanjani ukuba ukuphila kwethu kube nenjongo ngokwengeziwe? Phela, umkhaya onobunye ungase ufaniswe nengadi enhle esinikeza ukuqabuleka ekucindezeleni kokuphila kwansuku zonke. Ngokufanayo, emkhayeni, singathola ubuhlobo nothando oluqabulayo oluqeda imizwa yesizungu. Yiqiniso, akuzenzakaleli ukuba umkhaya ube indawo enjalo eqabulayo. Nokho, lapho siqinisa izibopho zomkhaya, siyasondelana, futhi ukuphila kuba okucebe ngokwengeziwe. Ngokwesibonelo, isikhathi esisisebenzisa sinaka abangane bethu bomshado kanye nendlela esibanaka ngayo, sibabonisa uthando nenhlonipho kuwukonga esikwenza nsuku zonke okungase kuthele ngokucebile.—Efesu 5:33.

Uma sinezingane, kufanele silwele ukwenza kube nesimo esifanele sokuzikhulisela kuzo. Ukusebenzisa isikhathi esithile unazo, ugcina umzila wokuxhumana uvulekile futhi uzifundisa ngokomoya kungase kukhandle. Kodwa isikhathi nomzamo onjalo kungaletha ukwaneliseka okukhulu. Abazali abaphumelelayo babheka izingane njengesibusiso, njengefa elivela kuNkulunkulu okufanele linakekelwe kahle.—IHubo 127:3.

Abangane abahle nabo banengxenye ekwenzeni ukuphila kwanelise futhi kube nenjongo. (IzAga 27:9) Singaba nabangane abaningi ngokubonisa uzwela. (1 Petru 3:8) Abangane bangempela bayasiza ekusiphakamiseni lapho sikhubeka. (UmShumayeli 4:9, 10) Futhi ‘umngane ungumzalwane ozalwa ekuhluphekeni.’—IzAga 17:17.

Yeka indlela obunganelisa ngayo ubungane bangempela! Ukushona kwelanga kukhanga ngokwengeziwe, isidlo simnandi ngokwengeziwe nomculo ujabulisa ngokwengeziwe lapho kuhlanganyelwa nomngane. Yiqiniso, umkhaya osondelene nabangane abathembekile kumane kuyizici ezimbili nje ezenza ukuphila kube nenjongo. Yimaphi amanye amalungiselelo uNkulunkulu awenzile angenza ukuphila kwethu kube nenjongo ngokwengeziwe?

Ukwanelisa Isidingo Sethu Esingokomoya

Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, uJesu Kristu wahlanganisa injabulo nokuqaphela isidingo sethu esingokomoya. Sadalwa sikwazi ukucabangela izici ezingokomoya nezingokokuziphatha. Yingakho iBhayibheli likhuluma ‘ngomuntu ongokomoya’ kanye ‘nomuntu osithekile wenhliziyo.’—1 Korinte 2:15; 1 Petru 3:3, 4.

Ngokwe-Expository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine, inhliziyo engokomfanekiso imelela “ukusebenza kwayo yonke ingqondo nokuziphatha komuntu, kokubili izici ezingokwengqondo nezingokomzwelo.” Echaza, uVine uyanezela: “Ngamanye amazwi, inhliziyo isetshenziswe ngendlela engokomfanekiso njengemelela umthombo ofihlekile wokuphila komuntu kwangaphakathi.” Incwadi efanayo iphawula nokuthi “inhliziyo, njengoba ingaphakathi ekujuleni, iqukethe ‘umuntu ofihlekile,’ . . . umuntu wangempela.”

Singazanelisa kanjani izidingo ‘zomuntu ongokomoya’ noma ‘zomuntu ofihlekile,’ okuwukuthi, “umuntu osithekile wenhliziyo”? Sithatha isinyathelo esibalulekile sokwenza lokhu nokwanelisa isidingo sethu esingokomoya lapho sivuma iqiniso elashiwo umhubi ophefumulelwe owahlabelela: “Yazini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye osenzileyo, akuthina, sibe ngabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.” (IHubo 100:3) Ukukuqaphela kahle lokhu kusiholela ekuphetheni ngokuthi kumelwe silandise kuNkulunkulu. Uma sifuna ukuba phakathi ‘kwabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe,’ kumelwe senze ngokuvumelana neZwi lakhe, iBhayibheli.

Ingabe kubi lokho? Akunjalo, ngoba ukuqaphela ukuthi ukuziphatha kwethu kunendaba kuNkulunkulu kwenza ukuphila kwethu kube nenjongo. Kusikhuthaza ukuba sibe abantu abangcono—okuwumgomo owufanele ngempela umzamo. IHubo 112:1 lithi: “Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.” Ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho nokulalela imiyalo yakhe ngokusuka enhliziyweni kungenza ukuphila kwethu kube nenjongo ngokwengeziwe.

Kungani ukulalela uNkulunkulu kusanelisa? Ngoba sinonembeza, isipho uNkulunkulu asiphe sonke isintu. Unembeza uwumhloli wokuziphatha owamukela noma ulahle lokho esiye sakwenza noma esicabanga ukukwenza. Sonke sike sakuzwa ukucindezela kokuba nonembeza olimele. (Roma 2:15) Kodwa unembeza wethu ungabuye usivuze. Lapho siziphatha ngendlela engenabugovu kuNkulunkulu nakubantu esiphila nabo, sizizwa sanelisekile. Sithola ukuthi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Kunesizathu esibalulekile salokhu.

UMdali wethu wasenza ngendlela yokuthi izifiso nezidingo zabanye abantu zisithinte. Ukusiza abanye kuletha injabulo kwezethu izinhliziyo. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi lapho sipha othile oswele, uNkulunkulu ubheka lowo musa njengowenzelwe yena.—IzAga 19:17.

Ngaphandle kokunikeza ukwaneliseka kwangaphakathi, ingabe ukunakekela izidingo zethu ezingokomoya kungasisiza ngendlela engokoqobo? Usomabhizinisi waseMpumalanga Ephakathi okuthiwa uRaymond ukholelwa ukuthi kungasisiza. Uthi: “Umgomo wami, ngokuyinhloko, kwakuwukwenza imali. Kodwa kusukela ngikwamukela enhliziyweni yami ukuthi ukhona uNkulunkulu nokuthi iBhayibheli liqukethe izifiso zakhe, ngaba umuntu ohlukile. Ukuziphilisa sekuthatha indawo yesibili ekuphileni kwami. Ngokuzama ukujabulisa uNkulunkulu, ngiye ngavikeleka emuzweni owonakalisayo wenzondo. Nakuba ubaba afa phakathi nombango, anginaso isifiso sokuphindisela kulabo abanecala.”

Kunjengoba uRaymond akuthola, ukunakekela kahle izidingo ‘zomuntu ongokomoya’ kungelapha amanxeba ajulile angokomzwelo. Nokho, ukuphila ngeke kwanelise ngokuphelele uma singase singakwazi ukubhekana nezinkinga zansuku zonke.

Singaba ‘Nokuthula KukaNkulunkulu’

Kuleli zwe elineziphithiphithi, zimbalwa izinsuku ezidlula ngaphandle kwezigameko. Kuvela izingozi, konakala izinhlelo futhi abantu bayasidumaza. Lezi ziphazamiso zingase zisiphuce injabulo. Nokho, iBhayibheli libathembisa ukwaneliseka kwangaphakathi labo abakhonza uJehova uNkulunkulu—“ukuthula kukaNkulunkulu.” Sikuthola kanjani lokhu kuthula?

Umphostoli uPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Kunokuzama ukuzithwalela izinkinga, kudingeka sithandaze ngentshiseko, siphonsa imithwalo yethu yansuku zonke kuNkulunkulu. (IHubo 55:22) Ukukholelwa ekutheni uyasabela ekunxuseni okunjalo ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, kuyokwanda lapho sikhula ngokomoya futhi siqonda indlela uNkulunkulu asisiza ngayo.—Johane 14:6, 14; 2 Thesalonika 1:3.

Ngemva kokwakha ukholo lwethu kuJehova uNkulunkulu, “ozwayo imikhuleko,” siba sesimweni esingcono sokubhekana novivinyo, olunjengokugula okungapheli, ukukhula ngeminyaka noma ukushonelwa. (IHubo 65:2) Nokho, ukuze sibe nokuphila okunenjongo ngempela, kumelwe sicabangele nekusasa.

Jabula Ethembeni Eliphambi Kwethu

IBhayibheli lithembisa “amazulu amasha nomhlaba omusha,” uhulumeni wokulunga nonakekelayo wasezulwini obusa phezu komkhaya wesintu esilalelayo. (2 Petru 3:13) Kulelo zwe elithenjiswe uNkulunkulu, impi nokungabi nabulungisa kuyothathelwa indawo ukuthula nobulungisa. Lesi akusona nje isifiso esidlulayo, kodwa inkolelo engaqhubeka iqina nsuku zonke. Yizindaba ezinhle ngempela futhi ziyisizathu sangempela sokujabula.—Roma 12:12; Thithu 1:2.

UJohn, okukhulunywe ngaye esingenisweni, manje unomuzwa wokuthi ukuphila kwakhe kunenjongo ngokwengeziwe. Uthi: “Nakuba ngingakaze ngiyithande kakhulu inkolo, bengilokhu ngikholelwa kuNkulunkulu. Kodwa ngangingakaze ngenze lutho ngalolo kholo kwaze kwaba yilapho ngivakashelwa oFakazi BakaJehova ababili. Ngabathela ngemibuzo, enjengokuthi, ‘Sifunani lapha? Siyaphi? Izimpendulo zabo ezingokomBhalo ezanelisayo zanginika umuzwa wenjongo okokuqala ngqá ekuphileni kwami. Kwakumane kuyisiqalo nje leso. Ngaqala ukomela iqiniso, okwaholela ekubeni ngishintshe zonke izindinganiso zami. Nakuba ngingasacebile ngokwezinto ezibonakalayo, ngizizwa ngiyinjinga ngokomoya.”

NjengoJohn, mhlawumbe usuneminyaka eminingi ungalinaki ingokomoya lakho. Nokho, ngokuba ‘nenhliziyo enokuhlakanipha,’ ungalivuselela. (IHubo 90:12) Ngokuzimisela nomzamo, ungaba nenjabulo, ukuthula nethemba langempela. (Roma 15:13) Yebo, futhi ukuphila kwakho kungaba nenjongo ngokwengeziwe.

[Isithombe ekhasini 6]

Umthandazo ungasenza sibe ‘nokuthula kukaNkulunkulu’

[Izithombe ekhasini 7]

Ingabe uyazi ukuthi yini engenza ukuphila komkhaya kwanelise ngokwengeziwe?