Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuphila Kwakho Kungaba Nenjongo Ngokwengeziwe?

Ingabe Ukuphila Kwakho Kungaba Nenjongo Ngokwengeziwe?

Ingabe Ukuphila Kwakho Kungaba Nenjongo Ngokwengeziwe?

UKUBALULEKA kwangempela kwento kungase kungabi yilokhu esikubonayo ngaso sonke isikhathi. Imali yephepha enkulu kunazo zonke eyakhishwa e-United States yaba ngeyenani lika-$10 000. Nokho, iphepha enyatheliswa ngalo libiza amasenti ambalwa nje.

Ingabe wake wazibuza ukuthi amapheshana anenani elincane kakhulu elingokoqobo angenza ukuphila kwakho kube nenjongo yangempela? Abantu abaningi bacabanga ukuthi angakwenza. Izigidi zisebenza ubusuku nemini ukuze zizuze imali eningi ngangokunokwenzeka. Ngezinye izikhathi ukuphishekela imali kusho ukudela impilo, abangane ngisho nomkhaya wabo. Kube namuphi umphumela? Ingabe ukwaneliseka kwangempela nokuhlala njalo kungalethwa imali noma yilokho esikuthenga ngayo?

Ngokwabacwaningi, lapho sifuna ukwaneliseka okusekelwe ezintweni ezibonakalayo, kuba namathuba amancane kakhulu okuba sikuthole. Umlobi wephephandaba u-Alfie Kohn uphetha ngokuthi “ukwaneliseka akuthengiswa. . . . Abantu ababeke ukuceba phambili ekuphileni bathambekele ekubeni nezinga elingavamile lokukhathazeka nokucindezeleka kanye nezinga eliphansi lempilo.”International Herald Tribune.

Nakuba abacwaningi bengase baqaphele ukuthi ukuphila okunenjongo kudinga okungaphezu kwemali, abantu abaningi bacabanga okuphambene kunalokho. Lokhu akumangalisi, ngoba labo abahlala emazweni aseNtshonalanga bangase bagidlabezwe ngezikhangiso ezingaba ngu-3 000 ngosuku. Kungakhathaliseki ukuthi yizikhangiso zezimoto noma amaswidi, umqondo oyinhloko onikezwayo uwukuthi: ‘Uma uthenga lokhu, uzojabula ngokwengeziwe.’

Uba yini umphumela wezikhangiso zezinto ezibonakalayo ezenziwa ngokungakhathali? Ngokuvamile ingokomoya lishaywa indiva! Ngokombiko owawukumagazini i-Newsweek, umbhishobhi omkhulu waseCologne, eJalimane, muva nje wathi “emphakathini wethu, akusakhulunywa ngoNkulunkulu.”

Mhlawumbe uye wanikela cishe ngawo wonke amandla akho ukuze uziphilise. Kungenzeka uzizwa ungenaso isikhathi sokwenza noma yini enye. Nokho, ngezikhathi ezithile kungenzeka uba nomuzwa wokuthi kumelwe kube nokwengeziwe ekuphileni kunale nqubo eyisicefe yokuziphilisa oyilandela kuze kube yilapho impilo noma iminyaka ingasavumi.

Ingabe ukunaka ngokwengeziwe izindaba ezingokomoya kungakwenza waneliseke ngokwengeziwe? Yini engenza ukuphila kwakho kube nenjongo ngokwengeziwe?