Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukumemezela Izindaba Ezinhle Emasimini Elayisi AseTaiwan

Ukumemezela Izindaba Ezinhle Emasimini Elayisi AseTaiwan

Siluhlobo Olunokholo

Ukumemezela Izindaba Ezinhle Emasimini Elayisi AseTaiwan

ITAIWAN ivame ukuba nezimvula eziningi, okwenza ikwazi ukuvuna izivuno ezimbili ezinhle zelayisi unyaka ngamunye. Nokho, ngezinye izikhathi izimvula azini ngezikhathi zazo ezifanele, bese izithombo ziyafa. Uma lokhu kwenzeka, ingabe umlimi uphela ithemba? Cha. Uyazi ukuthi kudingeka ukukhuthazela. Ukhulisa izithombo ezintsha abese ewatshala kabusha amasimu. Khona-ke, uma izimo ziba ngcono, umlimi uvuna isivuno esihle. Ukutshala nokuvuna okungokomoya ngezinye izikhathi kufana kakhulu nalokhu.

Ukukhuthazela Ekuvuneni Okungokomoya

Phakathi neminyaka edlule, oFakazi BakaJehova baseTaiwan baye basebenza kanzima betshala futhi bevuna imbewu yeqiniso elingokomBhalo ezindaweni ezithile ezazibonakala zingatheli. Esinye isibonelo iMiao-li County. Bekulokhu kungenakusabela okuhle emizamweni yokufakaza kuleyo ndawo izikhathi ezithile. Ngakho ngo-1973 umbhangqwana ongamaphayona akhethekile wabelwa ukuyosebenza lapho njengabamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele. Ekuqaleni, abanye babonisa isithakazelo ezindabeni ezinhle. Nokho, ngokushesha leso sithakazelo saphela. Lawo maphayona akhethekile abe esabelwa kwenye indawo.

Ngo-1991 kwabelwa amanye amaphayona akhethekile kuleyo ndawo. Kodwa izimo zaphinde zabonisa ukuthi isimo sasingakakulungeli ukukhula okungokomoya. Ngemva kweminyaka embalwa, lawo maphayona akhethekile abelwa kwamanye amasimu ayebonakala engathela. Ngakho, leyo ndawo yahlala ingalinyiwe isikhathi esithile.

Imizamo Emisha Iyaphumelela

Ngo-September 1998 kwanqunywa ukuba kwenziwe umzamo wokufuna izindawo ezithela ngokwengeziwe ensimini enkulu engabelwe yaseTaiwan. Kwakuzokwenziwa kanjani lokhu? Ngokwabela amaphayona akhethekile esikhashana angu-40 ukuyosebenza emasimini angabelwe anabantu abaningi.

Amadolobha amabili akhelene neMiao-li County aba phakathi kwamasimu aqokelwa lowo mkhankaso. Odade abane abangashadile kwakumelwe basebenze lapho izinyanga ezintathu ukuze bahlole insimu. Ngemva nje kokufika kwabo, babhala imibiko emihle ngedlanzana labantu abathakazelayo ababebathola. Lapho izinyanga ezintathu ababephayona ngazo kuleyo ndawo ziphela, base beqhuba izifundo eziningi zeBhayibheli zasekhaya. Bamisa nesifundo sencwadi seqembu ngosizo lomdala webandla eliseduze.

Abathathu balab’ odade bakwenza kwacaca ukuthi bangathanda ukuqhubeka benakekela lezi “zithombo” ezincane ezazikhula kahle kangako. Ngenxa yalokho, ababili babo bamiswa njengamaphayona akhethekile esikhathi esigcwele, futhi owesithathu waqhubeka esebenza lapho njengephayona elivamile. Umdala webandla eliseduze wathuthela kuleyo ndawo ukuze abasize. Kwaba nabangaphezu kuka-60 enkulumweni yeningi yokuqala eyanikezwa kuleyo ndawo. Manje leli bandla eliseduze lisiza leli qembu elisafufusa ukuba libe nemihlangano njalo ngeSonto ngaphandle kwezifundo zencwadi eziningana. Kungase kumiswe ibandla kuleyo ndawo maduze nje.

Ukukhuthazela Kuletha Izibusiso Kwezinye Izingxenye ZeTaiwan

Nezinye izindawo zasabela ngendlela efanayo. E-I-lan County enyakatho-mpumalanga yalesi siqhingi, kwamiswa iSifundo Sencwadi Sebandla endaweni amaphayona akhethekile esikhashana ayesebenza kuyo.

Lapho lenza umsebenzi wendlu ngendlu ngolunye usuku kusihlwa, iphayona elikhethekile lesikhashana lahlangana nensizwa ethile futhi layibonisa ipheshana elibonisa izikhathi zemihlangano yebandla. Le nsizwa yabuza ngokushesha: “Ngingeza emhlanganweni wakusasa kusihlwa? Uma ngingeza, kufanele ngigqokeni?” Leli phayona lazithola seliqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-8 isonto ngalinye nabathakazelayo. Ngokushesha abaningana balabo bafundi beBhayibheli base benza amalungiselelo okuba abamemezeli bezindaba ezinhle ngokwabo, benomgomo wokubhapathizwa.

Omunye kuleli dolobha wayeseneminyaka eminingi esonta kodwa engamtholi umuntu wokumfundisa iBhayibheli. Lapho ezwa ngelungiselelo lesifundo seBhayibheli, walibamba lelo thuba. Wakhuthazwa ukuba asilungiselele kusengaphambili isifundo sakhe. Lapho iphayona elikhethekile lesikhashana lifika lizoqhuba isifundo, lathola lowo wesifazane ewenzile “umsebenzi wakhe” ngokuthenga incwadi yamaphuzu ayebhale kuyo imibuzo esencwadini ayeyifunda. Wayebhale nezimpendulo zakhe zombuzo ngamunye. Wayekopishele encwadini yakhe yamaphuzu yonke imibhalo eyayikhonjwe esifundweni sakhe. Lapho udade efika ezoqhuba isifundo sokuqala, lona wesifazane wayeselungiselele izifundo ezintathu zokuqala!

Kwaba nemiphumela efanayo edolobheni laseDongshih enkabeni yeTaiwan. Amaphayona akhethekile esikhashana ahambisa izincwajana ezingaphezu kuka-2 000 ezinyangeni ezintathu ayesebenza ngazo lapho. Ngenyanga yesithathu, ayeseqhube izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-16. Lelo dolobha lacekelwa phansi ukuzamazama komhlaba okwagadla enkabeni yeTaiwan ngo-September 21, 1999, kodwa abanye abathakazelayo bayaqhubeka bethuthuka ngokomoya, ngisho noma kudingeka bahambe isikhathi esifinyelela ehoreni ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso eliseduze. Yebo, kudingeka ukukhuthazela ukuze kuvunwe izivuno ezinhle, kungakhathaliseki ukuthi ezingokoqobo noma ezingokomoya.

[Ibalazwe ekhasini 8]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

CHINA

Taiwan Strait

TAIWAN

[Umthombo]

Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.