Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungahlala Umsulwa Ezweni Eliziphethe Kabi

Ungahlala Umsulwa Ezweni Eliziphethe Kabi

Ungahlala Umsulwa Ezweni Eliziphethe Kabi

OWESILISA wayeluhlaza ngebala futhi ebukeka. Owesifazane wayenesiphiwo futhi emuhle. Babesebenzela inkampani eyodwa. Owesifazane wayehlala emnakile. Owesilisa wayehlala emncoma. Babethengelana izipho. Akuthathanga sikhathi, bathandana. Owesilisa washiya umkakhe ukuze aqhubeke ethandana nalona wesifazane. Ekugcineni, lona wesifazane wanquma ukuqhubeka ehlala nomyeni wakhe futhi wanqamula ubuhlobo bakhe nalowo mlisa. Edangele, lona wesilisa wazama ukubuyela kumkakhe. Nokho, entula ukuzisola kwangempela, akazange aphumelele ukubuyisana nomkakhe. Bonke baqhubeka nokuphila, nakuba babelimele.

Ukuziphatha okuhle ngokobulili akusabhekwa njengobuhle kuleli zwe. Ukuphishekela injabulo nokwaneliseka ngokungenakuzithiba kubonakala kuyinsakavukela. I-New Encyclopædia Britannica ithi: “Ukuphinga kubonakala kusakazeke emhlabeni wonke, futhi ezimweni ezithile, kuvame njengomshado.”

Nokho, uJehova uNkulunkulu ufuna umshado ‘udunyiswe phakathi kwabo bonke’ futhi umbhede womshado “ungabi nakungcola.” (Heberu 13:4) ImiBhalo ithi: “Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, noma iziphingi, noma amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, noma amadoda alala namadoda . . . ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Ngakho-ke, ukuze samukeleke ngokwaphezulu, kudingeka silondoloze ukuziphatha okuhlanzekile kuleli zwe elinokuziphatha okubi.

Singazivikela kanjani emathonyeni onakalisayo asizungezile? Esahlukweni sesihlanu sencwadi yeBhayibheli yezAga, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni inikeza impendulo. Ake sihlole ukuthi ithini.

Ikhono Lokucabanga Lizokuvikela

Le nkosi yakwa-Israyeli iqala ngokuthi: “Ndodana yami naka ukuhlakanipha kwami.” Iyanezela: “Thambekisela izindlebe zakho ekuqondeni kwami ukuze uqaphe amakhono okucabanga, futhi kwangathi izindebe zakho zingalulonda ulwazi.”IzAga 5:1, 2NW.

Ukuze simelane nezilingo zokuziphatha okubi, sidinga ukuhlakanipha—ikhono lokusebenzisa ulwazi lwemiBhalo—nokuqonda noma amandla okuhlukanisa okuhle kokubi nokukhetha inkambo efanele. Sinxuswa ukuba sinake ukuhlakanipha nokuqonda ukuze kulonde ikhono lethu lokucabanga. Singakwenza kanjani lokhu? Lapho sitadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, kudingeka siphawule indlela uJehova enza ngayo izinto bese sithambekisela indlebe yethu entandweni nasezinjongweni zakhe. Ngokwenza kanjalo, siyobe siqondisa ukucabanga kwethu endleleni efanele. Ikhono lokucabanga elizuzwa ngaleyo ndlela lihambisana nokuhlakanipha nolwazi lokuhlonipha uNkulunkulu. Lapho lisetshenziswe ngokufanele, leli khono liyasivikela ekubanjweni ugibe lwezilingo zokuziphatha okubi.

Qaphela Ulimi Olubushelelezi

Isizathu esenza ikhono lokucabanga libe elibalulekile ekuzigcineni sihlanzekile ngokuziphatha kuleli zwe elingcolile ukuthi izindlela zomuntu oziphethe kabi ziyayenga. USolomoni uyaxwayisa: “Izindebe zowesifazane ongaziwa ziqhubeka ziconsa njengekhekheba lezinyosi, nolwanga lwakhe lubushelelezi kunamafutha. Kodwa umphumela wakhe ubaba njengomhlonyane; ubukhali njengenkemba esika nhlangothi-zombili.”IzAga 5:3, 4.

Kulesi saga, umuntu ophambukayo uvezwe ‘njengowesifazane ongaziwa’—isifebe. * Amazwi ayenga ngawo isisulu sakhe amnandi njengekhekheba lezinyosi futhi abushelelezi kunamafutha omnqumo. Ingabe okuningi ukuyengelwa kwabantu ekuziphatheni okubi ngokobulili akuqali ngaleyo ndlela? Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwehlela umabhalane okhangayo oneminyaka engu-27 ubudala okuthiwa u-Amy. Uthi: “Le ndoda engisebenza nayo inginaka kakhulu futhi ingitusa ngawo wonke amathuba ewatholayo. Kuyajabulisa ukunakwa. Kodwa ngibona ngokucacile ukuthi isithakazelo sayo esokuba nobuhlobo bobulili nje kuphela. Ngeke ngithathwe yilokhu kuyenga kwayo.” Amazwi athophayo omyengi wesilisa noma wesifazane avame ukukhanga ngaphandle kwalapho siqaphela isimo sawo sangempela. Kulokhu kudingeka sisebenzise ikhono lethu lokucabanga.

Imiphumela yokuziphatha okubi ibaba njengomhlonyane futhi ibukhali njengenkemba esika nhlangothi-zombili—ibuhlungu futhi iyabulala. Unembeza okhathazekile, ukukhulelwa okungafunwa noma isifo esithathelwana ngobulili kuvame ukuba imiphumela emibi yokuziphatha okunjalo. Futhi cabanga ngobuhlungu obukhulu obungokomzwelo umngane womshado walowo muntu ongathembekile abhekana nabo. Isenzo esisodwa sokungathembeki singadala izilonda ezijule kangangokuba zingahlala ukuphila konke. Yebo, ukuziphatha okubi kuyalimaza.

Iphawula ngendlela yokuphila yowesifazane ophambukayo, inkosi ehlakaniphile iyaqhubeka: “Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni; izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo. Akanaki umkhondo wokuphila; imikhondo yakhe iyaguquguquka, engazi.” (IzAga 5:5, 6) Izindlela zowesifazane oziphethe kabi zimholela ekufeni—izinyathelo zakhe zimholela endaweni yabafileyo, okuyithuna elivamile lesintu. Njengoba izifo ezithathelwana ngobulili, njengengculaza, zidlange kangaka, yeka ukuthi la mazwi ayiqiniso kanjani! Isiphetho sakhe sifana nesalabo abahambisana naye ezindleleni zakhe ezisontekile.

Ikhathalela ngokusuka enhliziyweni, le nkosi iyanxusa: “Ngalokho, madodana ami, ngizweni, ningachezuki emazwini omlomo wami. Dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe.”IzAga 5:7, 8.

Kudingeka sibe kude ngangokunokwenzeka nethonya labantu abaziphethe kabi. Kungani kufanele sizichaye ezindleleni zabo ngokulalela umculo owonakalisayo, sibukele izinto zokuzijabulisa ezonakalisayo noma sizichaye ezithombeni ezingcolile? (IzAga 6:27; 1 Korinte 15:33; Efesu 5:3-5) Futhi yeka ukuthi kuwubuwula kanjani ukwenza izinto eziyobangela ukuba basinake noma sigqoke futhi sizilungise ngendlela engenasizotha!—1 Thimothewu 4:8; 1 Petru 3:3, 4.

Kulahlekisela Kakhulu

Isiphi esinye isizathu sokuba sihambele kude nomuntu ophambukayo? USolomoni uyaphendula: “Funa unike abanye udumo lwakho, naye ononya iminyaka yakho, funa abezizwe basuthe ngamandla akho, umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi, uze ububule ekugcineni, lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe.”IzAga 5:9-11.

USolomoni ukugcizelela kanjalo ukulahlekelwa okukhulu okubangelwa ukuzivumela uhileleke ekuziphatheni okubi. Ukuphinga nokulahlekelwa isithunzi noma ukuzihlonipha, kuyahambisana. Akuhlazisi yini ngempela ukuba yinto nje yokwanelisa inkanuko yethu siqu noma yomunye umuntu? Akubonisi yini ukuntula ukuzihlonipha ukuhileleka ebuhlotsheni bobulili nomuntu ongeyena umngane wakho womshado?

Nokho, yini ehlanganiswe ‘ekunikeni’ abezizwe nabafokazi ‘iminyaka yethu, amandla ethu, nomshikashika wethu’? Enye incwadi ithi: “Iphuzu lala mavesi lisobala: Ukulahlekelwa okubangelwa ukungathembeki kungaba kukhulu; ngoba yonke into umuntu ayisebenzelayo—isikhundla, amandla, ukuchuma—kungalahleka ngenxa yezimfuneko zobugovu zowesifazane noma ukukhalela komphakathi inhlawulo.” Ukuziphatha okubi kungamlahlekisela kakhulu umuntu!

Silahlekelwé isithunzi saso futhi siphelelwé izinto zokuziphilisa, isiwula singabalisa sithi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa! Angilalelanga izwi labafundisi bami, angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo. Ngacishe ngaba sebubini bonke phakathi kwebandla nasemhlanganweni.”IzAga 5:12-14.

Ngokuhamba kwesikhathi, isoni sisho lokho esinye isazi esikubiza ngokuthi “uhide lo-‘ukube’: ukube ngamlalela ubaba; ukube angizange ngenze ngendlela ethandwa yimi; ukube ngasilalela iseluleko sabanye.” Nokho, siqaphela lokhu sekwephuze kakhulu. Ukuphila kwalowo muntu ongasemsulwa sekonakele nedumela lakhe selingcolile. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba siyicabangele indlela esiyolahlekelwa kakhulu ngayo ngokuhileleka ekuziphatheni okubi ngaphambi kokuhileleka kukho!

“Phuza Amanzi Emgodini Wakho”

Ingabe iBhayibheli lihloniphisa ngokweqile lapho likhuluma ngobuhlobo bobulili? Akunjalo neze. Imizwa yothando nenjabulo owesilisa nowesifazane ababa nayo iyisipho esivela kuNkulunkulu. Nokho, lokho kusondelana kufanele kujatshulelwe abangane bomshado kuphela. Ngakho, kwabesilisa abashadile, uSolomoni unikeza lesi sikhuthazo: “Phuza amanzi emgodini wakho, amanzi agobhozayo emthonjeni wakho. Imithombo iyaphalala ngaphandle yini, nemifula yamanzi ezigcawini, na? Mayibe ngeyakho wena wedwa, ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.”IzAga 5:15-17.

Ukuthi ‘umgodi wakho’ nokuthi ‘umthombo wakho’ yinkulumo esankondlo emelela inkosikazi ethandekayo. Ukujabulela ubuhlobo bobulili naye kufaniswa nokuphuza amanzi aqabulayo. Ngokungafani namanzi asezindaweni zomphakathi, umgodi noma umthombo ubhekwa njengento yomuntu siqu. Futhi indoda yelulekwa ukuba ithole izingane ekhaya kumkayo kunokusakaza inzalo yayo ezigcawini, okusho ukuthi, kwabanye abesifazane. Ngokusobala, iseluleko esinikezwa indoda esokuba ithembeke kumkayo.

Le ndoda ehlakaniphile iyaqhubeka: “Mawubusiswe umthombo wakho wamanzi, ujabule ngomfazi wobusha bakho, indluzelekazi ethandekayo nembuzi ebukekayo yasezintabeni. Amabele akhe mawakudake ngazo zonke izikhathi. Kwangathi njalo ungagajwa uthando lwakhe.”IzAga 5:18, 19NW.

‘Umthombo wamanzi’ ubhekisela emthonjeni wokwaneliseka ngokobulili. Ukujabulela ubuhlobo bobulili nomngane wakho womshado ‘kubusisekile’—kuvela kuNkulunkulu. Ngakho, indoda inxuswa ukuba ijabule ngomfazi wobusha bayo. Kuyo, uthandeka futhi muhle njengenyamazane yensikazi, futhi ubukeka ekhanga njengembuzi yasezintabeni.

USolomoni ube esebuza imibuzo emibili yobuciko: “Pho kungani, ndodana yami, kufanele ugajwe uthando ngowesifazane ongaziwa noma ugone isifuba sowesifazane wesinye isizwe?” (IzAga 5:20) Yebo, kungani kufanele umuntu oshadile ayengelwe ekubeni nobuhlobo bobulili ngaphandle komshado nabantu asebenza nabo, afunda nabo noma bakwenye indawo?

KumaKristu ashadile, umphostoli uPawulu unikeza lesi seluleko: “Ngiyakusho lokhu, bafowethu, ukuthi isikhathi esesisele sinciphile. Kusukela manje labo abanabafazi mababe njengokungathi abanabo.” (1 Korinte 7:29) Kuhlanganisani lokhu? Abalandeli bakaJesu Kristu kumelwe ‘baqhubeke befuna kuqala umbuso.’ (Mathewu 6:33) Ngakho-ke, imibhangqwana eshadile akufanele inakane kakhulu kangangokuba ize inikeze izithakazelo zoMbuso indawo yesibili ekuphileni kwayo.

Isidingo Sokuzithiba

Izifiso zobulili zingalawulwa. Labo abafisa ukwamukelwa uJehova kumelwe bazilawule. Umphostoli uPawulu wayala: “Yilokhu uNkulunkulu akuthandayo, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni; ukuze ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu [umzimba wakhe] ngokungcweliswa nangodumo.”—1 Thesalonika 4:3, 4.

Ngakho-ke, abasebasha akufanele bajahe ukushada lapho beqala ukuzwa inkanuko yobulili. Umshado udinga ukuzibopha, futhi ukuphila ngokuvumelana nalowo mthwalo wemfanelo kudinga ukuvuthwa. (Genesise 2:24) Kungcono ukuba umuntu alinde kuze “kudlule ukuqhuma kobusha”—isikhathi lapho imizwa yobulili inamandla khona futhi ingasonta ukwahlulela komuntu. (1 Korinte 7:36) Futhi yeka ukuthi akuhlakaniphile futhi kuyisono kanjani ukuba umuntu omdala ofisa ukushada ahileleke ekuziphatheni okubi ngenxa nje yokuthi akekho umuntu angase ashade naye!

“Omubi Uyakubanjwa Ngububi Bakhe”

Isizathu esisemqoka sokuthi kungani ukuziphatha okubi kobulili kungalungile, siwukuthi uJehova—uMniki wokuphila noMuphi wekhono lokuba nobuhlobo bobulili kubantu—akakuvumeli. Ngakho inikeza ikhambi elinamandla kunawo wonke lobumsulwa bokuziphatha, iNkosi uSolomoni ithi: “Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.” (IzAga 5:21) Yebo, akukho okufihlekile emehlweni kaNkulunkulu, “esiyolandisa kuye.” (Heberu 4:13) Noma isiphi isenzo sokungahlanzeki ngokobulili, kungakhathaliseki ukuthi sifihleke kangakanani futhi sinayiphi imiphumela kithina nakwabanye, siyokonakalisa ubuhlobo bethu noJehova. Yeka ukuthi kuwubuwula kanjani ukuzilahlekisela ukuthula noNkulunkulu ngenjabulo engemthetho yemizuzwana embalwa!

Abanye abahileleka ngokungenamahloni ezindleleni zokuziphatha okubi bangase babonakale bekwenza ngaphandle kwemiphumela emibi—kodwa ngeke kuthathe isikhathi. USolomoni uthi: “Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe. Uyakufa yena ngokuswela ukulaywa, nangobuningi bobuwula bakhe uyakuduka.”IzAga 5:22, 23.

Kungenzeka kanjani ukuba othile kithi aphambuke? Ingani incwadi yezAga isixwayisa kusengaphambili ngezindlela zezwe eziyengayo. Futhi isibonisa indlela ukuziphatha okubi kobulili okuyosilahlekisela ngayo—impilo yethu, izinto zethu ezibonakalayo, amandla ethu nesithunzi sethu. Sinalo mbono ocace kangaka walokho okuseza ngaphambili, akudingekile neze sibe sesimweni sokusho uhide lo-“ukube.” Yebo, ngokusebenzisa iseluleko uJehova aye wasinika sona eZwini lakhe eliphefumulelwe, singahlala simsulwa ngokuziphatha ezweni eliziphethe kabi.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 Igama elithi “ongaziwa” lalisetshenziswa kulabo abaphambukayo kulokho okuvumelana noMthetho, ngaleyo ndlela bezihlukanisa noJehova. Ngakho, isifebe kubhekiselwa kuso ngokuthi “owesifazane ongaziwa.”

[Izithombe ekhasini 30]

Imiphumela yokuziphatha okubi ibaba njengomhlonyane

[Izithombe ekhasini 31]

‘Mawujabule ngomfazi wobusha bakho’