Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abathanda UJehova Bayigugu Kuye

Abathanda UJehova Bayigugu Kuye

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Abathanda UJehova Bayigugu Kuye

ILEBANONI iye yaphawuleka ngenxa yezinto zayo zemvelo kusukela ezikhathini zeBhayibheli. (IHubo 72:16; Isaya 60:13) Okwakwaziswa ngokukhethekile kwakuyimisedari yayo emikhulu, eyayisetshenziswa kakhulu ekwakheni ngenxa yobuhle, amakha nokuqina kwayo. Ekhulwini lokuqala, kwavela okuthile okuyigugu nakakhulu eLebanoni. IVangeli likaMarku libika ukuthi “uquqaba olukhulu, lapho luzwa ngokuthi zingakanani izinto [uJesu] ayezenza, lweza kuye” luvela eTire naseSidoni, okuyizindawo zasendulo zaseLebanoni.—Marku 3:8.

Ngokufanayo nanamuhla, iLebanoni iyaqhubeka ithela izithelo eziyigugu kakhulu emehlweni kaJehova. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kuyakubonisa lokhu.

• UFakazi osemusha okuthiwa uWissam wacelwa ukuba anikeze inkulumo yemizuzu engu-30 ekilasini labo esikoleni. UWissam wanquma ukuthi lokho kwakuyoba ithuba elihle lokunikeza ubufakazi. Ngakho wasebenzisa incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? futhi walungiselela inkulumo ngesihloko sendalo. Nokho, lapho ebona lokho kwaziswa, uthisha kaWissam wathi njengoba leso kwakuyisihloko esibaluleke kangako, uWissam wayengandisa inkulumo yakhe ibe imizuzu engu-45.

Lapho uWissam eqala inkulumo yakhe, uthisha wamphazamisa, wathi kuyobizwa uthisha-nhloko. Makhathaleni uthisha-nhloko wafika, waphinde waqala phansi uWissam. Njengoba elalele imibuzo eyayibuzwa uWissam esingenisweni senkulumo yakhe, uthisha-nhloko wajabula kangangokuba wathi bonke abafundi kufanele bazitholele ikhophi yale nkulumo.

Ngemva kwesikhashana, omunye uthisha owayedlula waqaphela isasasa elalikuleli kilasi, wabuza ukuthi kwakwenzekani. Lapho etshelwa, wabuza ukuthi uWissam wayezama ukufakazela ukudala noma ukuziphendukela kwemvelo. Impendulo yaba ukuthi “Ukudala.” Lapho ezwa ukuthi uWissam wayengomunye woFakazi BakaJehova, lo thisha wathi ekilasini: “Nizobona ngale nkulumo yakhe ukuthi isayensi isekela ukudala, hhayi ukuziphendukela kwemvelo.”

Kwatholakala ukuthi lo thisha wayenekhophi yencwadi ethi Creation futhi wayeyisebenzisa lapho efundisa eyunivesithi! Ngaphambi kokuba ahambe, wabuza ukuthi wayengeza yini nabafundi bakhe ngosuku olulandelayo ukuze uWissam akhulume nabo. Lokho kwaphumela kobunye ubufakazi obuhle obanikezwa ngoJehova.

• UNina oneminyaka engu-22 ubudala wayomele amanzi eqiniso. Ngolunye usuku umzala wakhe wamnika iBhayibheli lakhe wabe eseya naye eSontweni Likamoya. UNina walifunda ngenjabulo lelo Bhayibheli futhi ekufundeni kwakhe wathola ukuthi amaKristu kufanele ashumayele, ngakho waqala ukukhuluma nabantu ayebajwayele. Wonke umuntu ayekhuluma naye wayembuza: “Ingabe ungomunye woFakazi BakaJehova?” Kwakummangaza lokho.

Ngemva kweminyaka eyisithupha, oFakazi BakaJehova bafika kubo kaNina, bamtshela ngoMbuso kaNkulunkulu. Waqale wazama ukugxeka izimfundiso zabo. Nokho, wathola ukuthi zonke izimpendulo zabo zazinengqondo futhi zisekelwe eBhayibhelini.

Lokho uNina agcina ekufundile—igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, izibusiso zoMbuso nokunye—kwamenza waqiniseka ukuthi wayethole iqiniso. Wanikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu futhi wabhapathizwa. Phakathi neminyaka engu-7 edlule, uNina uye wakhonza njengomshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele. Ngempela, uJehova uyababusisa labo abamthanda ngempela.—1 Korinte 2:9.