Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Bengenazo Izingane?

Kungani Bengenazo Izingane?

Kungani Bengenazo Izingane?

UDELE noFola, * umbhangqwana oshadile, babehlala futhi besebenza ehhovisi legatsha le-Watch Tower Society eNigeria. Ngemva nje kokuqala ukukhonza lapho, unina kaFola wafika ezobavakashela. Wayehambe ibanga elide ezoxoxa nabo ngodaba olwalumkhathaza kakhulu, luvame ukumqwashisa nasebusuku.

“Ningenzela okuhle kakhulu,” esho kubo. “Ningithumelela izipho futhi niyangivakashela. Lezo zenzo zothando ziyigugu kimi. Kodwa zingenza ngikhathazeke futhi ngoba ngihlale ngizibuza ukuthi ngubani oyonenzela lezi zinto uma senilingana nami? Senineminyaka emibili nishadile manje, futhi aninazingane. Anicabangi ukuthi sekuyisikhathi sokuba niphume eBethel niyoqala umkhaya?”

Umama wacabanga kanje: UDele noFola sebesebenze isikhathi esanele eBethel. Manje sekuyisikhathi sokuba bacabange ngekusasa labo. Ngokuqinisekile bakhona abanye abangenza lo msebenzi abawenzayo. UDele noFola akudingekile ukuba bayeke inkonzo yesikhathi esigcwele, kodwa bangangena komunye umkhakha wenkonzo, ozobavumela ukuba babe nezingane futhi bathole injabulo yokuba abazali.

Ukukhathazeka Kukamama

Ukukhathazeka kukamama kwakuqondakala. Isifiso sokuba nezingane singokwemvelo futhi sivame kuwo wonke amasiko nezikhathi. Ukuba nezingane kuvusa imizwa ejulile yenjabulo nethemba. IBhayibheli lithi: “Isithelo sesisu singumvuzo.” Yebo, amandla okuzala izingane ayisipho esiyigugu esivela kuMdali wethu onothando.—IHubo 127:3.

Emiphakathini eminingi, imibhangqwana eshadile ibhekana nokucindezelwa okukhulu kokuba ibe nezingane. Ngokwesibonelo, eNigeria, lapho owesifazane ovamile ethola izingane eziyisithupha, kuyinto evamile emishadweni ukuzwa labo abafisela izilokotho ezinhle bethi kwabasanda kushada: “Ezinyangeni ezingu-9 kusukela manje, silindele ukuzwa umntwana ekhala emzini wenu.” Umakoti nomkhwenyana bangase bathole imbeleko yomntwana njengesipho somshado. Umama kamakoti nokamkhwenyana babhekisisa ikhalenda. Uma umakoti engakhulelwa cishe phakathi nesikhathi esingangonyaka, bayahlolisisa ukuze babone ukuthi ayikho yini inkinga abangasiza ekuyixazululeni.

Komama abaningi isizathu sokuba umbhangqwana ushade siwukuba ube nezingane, uqhubekisele phambili uhlu lozalo. Unina kaFola wathi kuye: “Ushadeleni uma ungeke ube nazingane? Wazalwa othile; nawe kufanele uzale izingane zakho.”

Ngaphandle kwalokho, kunezinto eziwusizo okudingeka zicatshangelwe. Emazweni amaningi ase-Afrika, ambalwa amalungiselelo kahulumeni okunakekela asebekhulile. Ngokwesiko, yizingane ezinakekela abazali bazo asebekhulile, njengoba nje labo bazali bazinakekela lapho zisencane. Ngakho unina kaFola wacabanga ukuthi uma izingane zakhe zingenazo izingane zazo, lapho sezikhulile ziyoba sengozini yokuphila zodwa, zingafunwa futhi zibulawe indlala, zingabi namuntu wokuzingcwaba lapho zifa.

Engxenyeni enkulu ye-Afrika, ukungabi nazingane kubhekwa njengesiqalekiso. Kwezinye izindawo, kulindeleka ngisho nokuba abesifazane babonise amandla abo okuzala izingane ngaphambi kokushada. Abesifazane abaningi abangakhulelwa bafuna imithi ngokukhathazeka, bezama ukwelapha isimo sabo sokungazali.

Ngenxa yalesi simo sengqondo, imibhangqwana eminingi ekugwemayo ukuba nezingane ibhekwa njengezilahlekisela okuthile okuhle. Ivame ukubhekwa njengexakile, ecabanga kancane neyokudatshukelwa.

Injabulo Nemithwalo Yemfanelo

Abantu bakaJehova bayaqaphela ukuthi nakuba kunenjabulo ekukhuliseni izingane, kukhona nemithwalo yemfanelo. IBhayibheli, kweyoku-1 Thimothewu 5:8, lithi: “Ngokuqinisekile uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”

Abazali kumelwe banakekele imikhaya yabo ngezinto ezibonakalayo nangokomoya, futhi lokhu kudinga isikhathi nomzamo omkhulu. Abanaso isimo sengqondo sokuthi njengoba kunguNkulunkulu onikeza abantu izingane, kushiyelwa kuye ukuba azinakekele. Bayaqaphela ukuthi ukukhulisa izingane ngokwezimiso zeBhayibheli kuwumthwalo wemfanelo wasikhathi sonke uNkulunkulu awunike abazali; akufanele udluliselwe kwabanye.—Duteronomi 6:6, 7.

Umsebenzi wokukhulisa izingane unzima nakakhulu kulezi ‘zinsuku zokugcina zezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Ngaphandle kwezimo zomnotho eziya ziba zimbi, ukuntuleka kokuhlonipha uNkulunkulu okwandayo emphakathini kunezela ezinseleleni zokukhulisa izingane namuhla. Noma kunjalo, emhlabeni wonke, imibhangqwana engamaKristu eminingi ngokungenakubalwa iye yayithatha le nselele futhi iyaphumelela ekukhuliseni izingane ezihlonipha uNkulunkulu “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) UJehova uyabathanda futhi uyababusisa laba bazali ngenxa yokuzikhandla kwabo.

Okwenza Abanye Bahlale Bengenazingane

Ngakolunye uhlangothi, imibhangqwana eminingi engamaKristu ayinazo izingane. Eminye ayinayo inzalo futhi ayithathi zingane zokutholwa. Eminye imibhangqwana engaba nazo izingane inquma ukungabi nazo. Imibhangqwana enjalo ayihlali ingenazingane ngoba ibalekela umthwalo wemfanelo noma yesaba ukuhlangabezana nezinselele zokuba umzali. Kunalokho, iye yazimisela ukunakekela ngokugcwele imikhakha ehlukahlukene yenkonzo yesikhathi esigcwele engeke ikwazi ukuyingenela uma ikhulisa izingane. Eminye ikhonza njengezithunywa zevangeli. Eminye ikhonza uJehova emsebenzini wokujikeleza noma eBethel.

Njengawo wonke amaKristu, iyaqaphela ukuthi kunomsebenzi ophuthumayo okudingeka wenziwe. UJesu wathi: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” Lo msebenzi uyenziwa namuhla. Umsebenzi obalulekile, ngoba “ukuphela” kuyosho ukubhujiswa kwalabo abangazange bazinake izindaba ezinhle.—Mathewu 24:14; 2 Thesalonika 1:7, 8.

Isikhathi sethu sifana nesikhathi lapho uNowa nomkhaya wakhe babakha khona umkhumbi omkhulukazi owabasindisa eSikhukhuleni esikhulu. (Genesise 6:13-16; Mathewu 24:37) Nakuba amadodana kaNowa ayeshadile womathathu, ayikho kuwo eyaba nezingane kwaze kwaba ngemva kukaZamcolo. Kungenzeka ukuthi esinye sezizathu zalokho kwakuwukuthi le mibhangqwana yayifuna ukunaka ngokuphelele umsebenzi owawenziwa futhi isebenzise onke amandla ayo kuwo. Esinye isizathu kungenzeka sasiwukuthi yayimadolonzima ukuzalela izingane ezweni elonakele nelinobudlova lapho ‘ububi bomuntu babubukhulu emhlabeni nazo zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zizimbi njalo.’—Genesise 6:5.

Nakuba lokhu kungasikiseli ukuthi akulungile ukuba nezingane namuhla, imibhangqwana eminingi engamaKristu ikhetha ukungabi nazo izingane ukuze ihileleke ngokugcwele emsebenzini ophuthumayo uJehova awunike abantu bakhe ukuba bawenze. Eminye imibhangqwana iye yalinda isikhathi esithile ngaphambi kokuba ibe nezingane; eminye iye yanquma ukuhlala ingenazo futhi yacabangela ithuba lokuba nezingane ezweni elisha likaJehova lokulunga. Ingabe lokhu kuwukucabanga kancane? Ingabe ilahlekelwa okuthile ekuphileni? Ingabe ingeyokudatshukelwa?

Ukuphila Okulondekile Nokunenjabulo

UDele noFola, okukhulunywe ngabo ngaphambili, sebeneminyaka engaphezu kweyishumi beshadile, futhi basazimisele ukuqhubeka bengenazingane. UDele uthi: “Izihlobo zethu zisasicindezela ukuba sibe nezingane. Zikhathazeka ngokuyinhloko ngokulondeka kwethu kwesikhathi esizayo. Siyabatshela njalo indlela esikwazisa ngayo ukucabangela kwabo, kodwa sibachazele ngokuhlakanipha ukuthi sikujabulela kakhulu lokhu esikwenzayo. Ngokuphathelene nokulondeka, siyasho ukuthi sithembele kuJehova, oyikhathalelayo inhlalakahle yabo bonke abahlala bethembekile futhi bekholekile kuye. Siyabachazela nokuthi ukuba nezingane akuqinisekisi ukuthi lezo zingane ziyobanakekela abazali bazo lapho sebegugile. Abanye abantu abanandaba nabazali babo, abanye abakwazi ukubasiza kanti abanye bafa ngaphambi kwabazali babo. Ngakolunye uhlangothi, ikusasa lethu liqinisekile kuJehova.”

UDele nabanye abanjengaye bathembela ngokuqiniseka esithembisweni uJehova asenza ezincekwini zakhe ezithembekile: “Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.” (Heberu 13:5) Futhi bayakholelwa ukuthi “isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.”—Isaya 59:1.

Okunye okwenza siqiniseke ukubona indlela uJehova azisekela ngayo izinceku zakhe ezithembekile. INkosi uDavide yabhala: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe.” Cabanga ngalokhu. Ingabe ikhona inceku kaJehova ethembekile oyaziyo eye ‘yashiywa’?—IHubo 37:25.

Kunokubheka emuva ngokuzisola, labo abaye basebenzisa ukuphila kwabo bekhonza uJehova namaKristu abakanye nawo babheka emuva ngokwaneliseka. Umfoweth’ u-Iro Umah useneminyaka engu-45 esenkonzweni yesikhathi esigcwele futhi manje ukhonza njengombonisi ojikelezayo eNigeria. Uthi: “Nakuba mina nomkami singenazingane, sihlale sikhumbula ukuthi uJehova uye wasinakekela njalo ngokomoya nangokwezinto ezibonakalayo. Asizange siswele lutho. Ngeke asilahle lapho sesikhulile. Le minyaka yenkonzo yesikhathi esigcwele iye yaba ejabulisa kunayo yonke ekuphileni kwethu. Siyajabula ngokukwazi ukukhonza abafowethu, futhi abafowethu bayayazisa inkonzo yethu, futhi bayasisiza.”

Nakuba imibhangqwana eminingi ingazange ibe nezingane zayo, iye yaba nezingane zohlobo oluhlukile: abafundi abangamaKristu abakhulekela uJehova. Umphostoli uJohane wayeneminyaka engaba yikhulu lapho ebhala: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezizinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami baqhubeka behamba eqinisweni.” (3 Johane 4) Ukuthembeka ‘kwezingane’ zikaJohane—lezo ayezifundise ‘iqiniso’—kwakumjabulisa kakhulu.

Kugcwele injabulo efanayo nanamuhla. UBernice, ongowaseNigeria, useneminyaka engu-19 eshadile futhi ukhethe ukungabi nazingane. Phakathi neminyaka engu-14 edlule, uye wakhonza njengephayona. Njengoba esesondele esikhathini lapho engeke esakwazi ukuba nezingane zakhe khona, akazisoli ngokunikela ukuphila kwakhe ekwenzeni abafundi. Uthi: “Ngiyakujabulela ukubona izingane zami ezingokomoya zikhula. Ngisho noma benginezingane zami, ngiyangabaza ukuthi beziyosondelana nami njengalezo engiye ngazisiza zafunda iqiniso. Zingiphatha njengonina ongokwemvelo, zixoxa nami ngezinto ezizijabulisayo nezinkinga zazo, zicele neseluleko kimi. Zingibhalela izincwadi, futhi siyavakashelana.

“Abanye bakubheka njengesiqalekiso ukungabi nazingane ezingokwemvelo. Bathi uyohlupheka lapho usukhulile. Kodwa angikubheki ngaleyo ndlela. Ngiyazi ukuthi uma nje ngisakhonza uJehova ngomphefumulo wonke, uyongivuza futhi anginakekele. Ngeke angilahle lapho sengigugile.”

UNkulunkulu Uyabathanda Futhi Uyabazisa

Labo abaye bazala futhi bakhulisa izingane ‘eziqhubeka zihamba eqinisweni’ banezizathu eziningi zokubonga. Shono iBhayibheli lithi: “Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba, nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye. Mabathokoze uyihlo nonyoko, ethabe owakubelethayo”!—IzAga 23:24, 25.

Lawo maKristu angazange ezwe injabulo yokuletha izingane emhlabeni aye abusiswa ngezinye izindlela. Eminingi yale mibhangqwana iye yaba nendima ebaluleke kakhulu ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso. Phakathi neminyaka eminingi, iye yazuza okuhlangenwe nakho, ukuhlakanipha namakhono ayenza ikwazi ukuba inikele ngokunenzuzo emsebenzini woMbuso. Eminingi iyahola kulo msebenzi.

Nakuba iye yahlala ingenazingane ngenxa yezithakazelo zoMbuso, uJehova uye wayibusisa ngomkhaya ongokomoya onothando okwazisa ngokujulile ukuzidela eye yakwenza. Kunjengoba uJesu asho: “Akekho oshiyé [ngokwezwi nezwi, “yeka kuhambe”] indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle ongeke athole ngokuphindwe kayikhulu manje kulenkathi yesikhathi, izindlu nabafowabo nodadewabo nonina nabantwana namasimu . . . futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okumi phakade.”—Marku 10:29, 30.

Yeka ukuthi bayigugu kanjani kuJehova bonke labo abathembekile! Bonke abanjalo abakholekile, kokubili abanezingane nabangenazo, baqinisekiswa umphostoli uPawulu: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.”—Heberu 6:10.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Amagama ashintshiwe.

[Izithombe ekhasini 23]

Imibhangqwana engenazingane iye yabusiswa ngomkhaya ongokomoya onothando