Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kudingeka Silinganisele Kulokho Esikulindelayo?

Kungani Kudingeka Silinganisele Kulokho Esikulindelayo?

Kungani Kudingeka Silinganisele Kulokho Esikulindelayo?

UKUGCWALISEKA kwamathemba nokufinyelela imigomo yethu kusinika umuzwa wokwaneliseka. Nokho, kuyavunywa ukuthi amaphupho ethu amaningi nalokho esikulindele akwenzeki ngendlela esifisa ngayo. Ukudumazeka ngokuphindaphindiwe ekuphileni kungasenza sizicasukele noma sicasukele nabanye. Indoda ehlakaniphile yaphawula ngokufanelekile: “Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo.”—IzAga 13:12.

Iziphi ezinye zezinto ezingaholela ekudumazekeni? Singakusebenzela kanjani ukulinganisela kulokho esikulindelayo? Ngaphezu kwalokho, kungani kusizuzisa ukwenza kanjalo?

Ukulindela Nokudumazeka

Njengoba ukuphila kushesha kangaka namuhla, lapho sizama ngamandla ukuhambisana nako, kuba yilapho sibonakala sihluleka nakakhulu. Kungase kube kuningi okudinga isikhathi namandla ethu, futhi lapho sihluleka ukwenza lokho ebesikuhlelile, sithambekela ekuzibekeni icala. Singase siqale nokuba nomuzwa wokuthi sidumaza abanye. UCynthia, inkosikazi nomama ozaziyo izingcindezi zokuba umzali, uthi: “Ukuba oguquguqukayo lapho ngikhuza izingane nokuba nomuzwa wokuthi angiziqeqeshi ngokufanele izingane kuyangithukuthelisa.” UStephanie osemusha uthi ngokuphathelene nemfundo yakhe: “Anginaso isikhathi esanele sokwenza yonke into engifuna ukuyenza, futhi lokhu kungenza ngibe nomuzwa wokuzicasukela.”

Ukulindela okukhulu ngokungenangqondo kuphenduka kalula kube isimo sokulindela ukuphelela, futhi lokhu kungakhungathekisa kakhulu. UBen, owesilisa osemusha oshadile, uyavuma: “Lapho ngihlola izenzo, imicabango noma imizwa yami, ngihlale ngibona indlela obekungabe ngenzé kangcono ngayo. Ngihlale ngifuna ukuphelela, futhi lokhu kuholela ekuphelelweni isineke, ekukhungathekeni nasekudumaleni.” UGail, owesifazane oshadile ongumKristu, uthi: “Ukucabanga kwabantu abalindela ukuphelela akukucabangeli ukuhluleka. Sifuna ukuba omama namakhosikazi amahle ngokweqile. Kudingeka sisebenze ngokuphumelelayo ukuze sijabule, ngakho umzamo ongabanga namiphumela uyasicasula.”

Esinye isici esingaholela ekudumaleni ukuwohloka kwempilo nokukhula ngeminyaka. Ukuhluleka ukuhamba usheshe nokuya uphelelwa amandla kwenza ukulinganiselwa kwethu kube kubi nakakhulu futhi kunezele ekukhungathekeni. U-Elizabeth uyavuma: “Ngangizizwa ngizicasukela ngenxa yokuhluleka ukwenza izinto engangizenza kalula nangendlela engokwemvelo ngaphambi kokuba ngigule.”

Lokhu okungenhla kuyizibonelo zalokho okungabangela ukudumala. Uma imizwa enjalo inganakwa, ingaholela ngisho nasekukholelweni ukuthi abanye abasazisi. Ngakho, iziphi izinyathelo eziwusizo esingazithatha ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nokudumala futhi sihlakulele ukulinganisela kwesikulindelayo?

Izindlela Zokuhlakulela Ukulinganisela Kwesikulindelayo

Okokuqala, khumbula ukuthi uJehova uyalinganisela futhi uyaqonda. IHubo 103:14 liyasikhumbuza: “Uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” Njengoba ekwazi lokho esingase sikwazi ukukwenza nobuthaka bethu, uJehova ulindela nje lokho esingase sikwazi ukukwenza. Futhi into eyodwa ayifuna kithi ukuba ‘sihambe noNkulunkulu wethu ngokuthobeka.’—Mika 6:8.

UJehova usinxusa futhi ukuba siphendukele kuye ngomthandazo. (Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:17) Kodwa lokho kusisiza kanjani? Umthandazo wenza ukucabanga kwethu kuzole futhi kube okulinganiselayo. Umthandazo wentshiseko uwukuvuma ukuthi siyaludinga usizo—uwuphawu lwesizotha nokuthobeka. UJehova umagange ukusabela emithandazweni yethu ngokusinika umoya wakhe ongcwele, ozithelo zawo zihlanganisa uthando, umusa, ubuhle nokuzithiba. (Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) Umthandazo ubuye udambise ukukhathazeka nokukhungatheka. U-Elizabeth uthi ngomthandazo, “uthola induduzo ongeke uyithole kunoma imuphi omunye umthombo.” UKevin uyavuma: “Ngithandazela inhliziyo ezolile nengqondo esangulukile ukuze ngisingathe inkinga. UJehova akakaze angidumaze.” Umphostoli uPawulu wayekwazi ukubaluleka okukhulu komthandazo. Yingakho atusa: “Izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Yebo, ukukhuluma noJehova kusiza ngempela ekuhlakuleleni ukulinganisela kulokho esikulindela kithi ngokwethu nakwabanye.

Nokho, ngezikhathi ezithile sikudinga ngokushesha ukuqinisekiswa. Izwi ngesikhathi esifanele lihle. Ingxoxo yangasese nomngane esimethembayo novuthiwe ingasisiza sibe nombono omusha ngalokho okusidumazayo noma okusikhathazayo. (IzAga 15:23; 17:17; 27:9) Intsha elwa nokukhungatheka ithola ukuthi ukucela iseluleko sabazali kuyayisiza ukuba ilinganisele. UKandi uvuma ngokwazisa: “Isiqondiso sothando sabazali bami siye sangenza ngaba olinganisela ngokwengeziwe futhi ngaba umuntu abantu abakujabulelayo ukuba naye.” Yebo, isikhumbuzo esikuzAga 1:8, 9 sifaneleka kakhulu manje: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko, ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.”

Imiphumela yokucabanga komuntu olindela ukuphelela ifingqwe kahle esageni esithi: “Ukulindela ukuba ukuphila kube ngendlela esifuna ngayo kuwukuzibizela ukukhungatheka.” Ukuze kugwenywe, kudingeka kushintshwe indlela yokucabanga. Ngokuqinisekile, ukuthobeka nesizotha—ukuba nombono ongokoqobo ngokulinganiselwa kwethu—kuyosenza sibe abalinganiselayo kulokho esikulindelayo. EyabaseRoma 12:3 isixwayisa ngokufanelekile ngokuthi ‘singazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba sikucabange.’ Ngaphezu kwalokho, eyabaseFilipi 2:3 isikhuthaza ukuba sibe nokuthobeka kwengqondo futhi sibheke abanye njengabaphakeme kunathi.

U-Elizabeth, okukhulunywe ngaye ngaphambili, wayezicasukela ngenxa yokugula kwakhe. Kuye, kwakudingeka isikhathi ukuze athole umbono kaJehova ngezinto nokuba azizwe eduduzeka ngokwazi ukuthi uJehova akayikhohlwa inkonzo yethu. UColin akasakwazi ukuhamba ngenxa yokugula. Ekuqaleni, wayehlale enomuzwa wokuthi inkonzo yakhe iwubala uma iqhathaniswa nalokho ayekwenza lapho esaphile kahle. Ngokuzindla ngemibhalo enjengeyesi-2 Korinte 8:12, wakwazi ukuyiqeda leyo mizwa. Leli vesi lithi: “Uma ukulungela kukhona kuqala, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.” UColin uthi: “Nakuba nginikela okuncane kakhulu, ngisenganikela, futhi lokho kuyamukeleka kuJehova.” KweyamaHeberu 6:10, siyakhunjuzwa: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”

Khona-ke, singabona kanjani ukuthi siyalinganisela kulokho esikulindelayo? Zibuze, ‘Ingabe engikulindele kuyahambisana nalokho uNkulunkulu akulindele?’ EyabaseGalathiya 6:4 ithi: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.” Khumbula, uJesu wathi: “Ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” Yebo, njengoba singamaKristu, sinejoka okudingeka silithwale, kodwa ‘lingelomusa’ futhi ‘lilula,’ futhi uJesu wathembisa ukuthi liyoba eliqabulayo uma sifunda ukulithwala ngokufanele.—Mathewu 11:28-30.

Ukuba Abalinganiselayo Kulokho Esikulindele Kuyavuza

Kuba nemivuzo esheshayo nehlala njalo lapho silalela futhi sisebenzisa iseluleko seZwi likaNkulunkulu njengoba sihlakulela ukulinganisela kulokho esikulindelayo. Okokuqala, lokhu kuba nomphumela omuhle ngokomzimba kithina. UJennifer, oye wazuza ezikhumbuzweni zikaJehova, uyavuma; “Nginamandla nentshiseko eyengeziwe yokuphila.” Ngokufanelekile, izAga 4:21, 22 zisinxusa ukuba sinake amazwi kaJehova ngamehlo nangezinhliziyo zethu, ‘ngokuba angukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.’

Omunye umvuzo uyinhlalakahle yethu engokwengqondo nengokomzwelo. UTheresa uthi: “Lapho ngigxilisa ingqondo nenhliziyo yami eZwini likaNkulunkulu, ngithola ukuthi ngihlale ngingumuntu ojabule.” Yiqiniso, sisazodumala ekuphileni. Nokho, siyohlale sikulungele ukubhekana nako. UJakobe 4:8 uyanxusa: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” Futhi uJehova uthembisa ukusiqinisa lapho sibhekene nezinselele zokuphila futhi asibusise ngokuthula.—IHubo 29:11.

Ukuba abalinganiselayo kulokho esikulindelayo kusenza sihlale siqinile ngokomoya. Nakho lokho kuyisibusiso. Singagxilisa ingqondo ezintweni ezibaluleke ngokwengeziwe ekuphileni. (Filipi 1:10) Khona-ke imigomo yethu iba engokoqobo nefinyelelekayo, bese siba nenjabulo eyengeziwe nokwaneliseka. Siyoba abakulungele ngokwengeziwe ukushiyela ukuphila kwethu kuJehova, sazi ukuthi uyokwenza izinto zibe ngendlela engcono kakhulu. UPetru uthi “Ngakho-ke, zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele.” (1 Petru 5:6) Ingabe ikhona into evuza ukwedlula ukudunyiswa uJehova?

[Izithombe ekhasini 31]

Ukuhlakulela ukulinganisela kulokho esikulindelayo kungasisiza ukuba sibhekane nokukhungatheka nokudumala