Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Lingahlonishwa Igunya?

Kungani Lingahlonishwa Igunya?

Kungani Lingahlonishwa Igunya?

“Ukuvukelwa kwegunya elimisiwe lenkolo nelezwe, lezenhlalo nelezombangazwe, okwenzeka emhlabeni wonke, ngolunye usuku kungase kuqashelwe njengesenzakalo esivelele saleli shumi lokugcina leminyaka.”

SEKUDLULE iminyaka kusukela ngawo-1960, okuyishumi leminyaka isazi-mlando nesazi sefilosofi uHannah Arendt esasibhekisela kulo lapha. Namuhla, igagasi lokungahlonishwa kwegunya libhidlange kakhulu kunanini ngaphambili.

Ngokwesibonelo, umbiko wamuva nje we-Times yaseLondon uthi: “Abanye abazali bayenqaba ukwamukela igunya uthisha analo enganeni yabo futhi bayakhononda lapho ingane yabo ijeziswa.” Ngokuvamile, lapho izingane zabo zijeziswa esikoleni, abazali banikela khona, bengayile ukuyobasongela nje othisha kodwa ukuyobahlasela.

Umkhulumeli we-National Association of Head Teachers eBrithani ucashunwa ethi: “Umphakathi uthi ‘Nginamalungelo,’ kunokuba uthi ‘Nginomthwalo wemfanelo.’” Ngaphandle kokuhluleka ukugxilisa inhlonipho efanele yegunya ezinganeni zabo, abanye abazali abazikhuzi izingane zabo—futhi bayenqaba ukuba abanye benze kanjalo. Izingane eziwafuna ngenkani “amalungelo” azo ziyavunyelwa ukuba zidelele igunya labazali nelothisha, futhi umphumela uba olindelekile—“isizukulwane esisha esingalihloniphi igunya nesingakwazi okuhle nokubi,” kubhala umhleli wephephandaba uMargarette Driscoll.

Umagazini i-Time esihlokweni sawo esithi “Isizukulwane Esilahlekile” waveza ukusanguluka kwentsha eningi yaseRussia ngokucaphuna isilomo emculweni we-rap esathi: “Angawethemba kanjani umphakathi umuntu ozalelwe kuleli zwe, lapho kungekho lutho oluhlala isikhathi eside futhi kungekho lutho olunobulungisa?” Isazi sokuhlalisana kwabantu uMikhail Topalov wawusekela lo mbono ngokuthi: “Lezi zingane azizona iziphukuphuku. Ziye zabona abazali bazo bekhohliswa umbuso, ziye zababona belahlekelwa imali abayilondolozile nemisebenzi yabo. Ingabe singalindela ukuba zilihloniphe igunya?”

Nokho, kungaba okungalungile ukuphetha ngokuthi yisizukulwane esisha kuphela esingalethembi igunya. Namuhla, abantu babo bonke ubudala balibheka ngokungalethembi, ngisho nangokuledelela noma iliphi igunya. Ingabe lokho kusho ukuthi alikho igunya elingethenjwa? Uma lisetshenziswe ngokufanele, igunya elichazwa ngokuthi “amandla noma ilungelo lokuqondisa, lokwahlulela noma lokwenqabela izenzo zabanye,” lingashukumisela abantu kokuhle. Lingazuzisa kokubili abantu ngabanye nomphakathi. Esihlokweni esilandelayo kuzocatshangelwa ukuthi kungani kunjalo.