Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukugabadela Kuholela Ehlazweni

Ukugabadela Kuholela Ehlazweni

Ukugabadela Kuholela Ehlazweni

“Lapho kufika [“ukugabadela,” NW] kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.”—IZAGA 11:2.

1, 2. Kuyini ukugabadela, futhi kuholele enhlekeleleni ngaziphi izindlela?

UMLEVI onomona uhola isixuku esivukela amagunya kaJehova amisiwe. Inkosana efuna isikhundla yakha icebo elibi lokugumbuqela uyise esihlalweni sobukhosi. Inkosi engenasineke izishaya indiva iziyalezo ezicacile zomprofethi kaNkulunkulu. La ma-Israyeli amathathu afana ngesici esisodwa: ukugabadela.

2 Ukugabadela yisici senhliziyo esingahlasela noma ubani. (IHubo 19:13) Umuntu ogabadelayo udlulela ngalé kwemingcele ngesibindi engazange athole mvume yokwenza kanjalo. Lokhu ngokuvamile kuholela enhlekeleleni. Empeleni, ukugabadela kuwise amakhosi kwagumbuqela nemibuso. (Jeremiya 50:29, 31, 32; Daniyeli 5:20) Kuye kwaba ugibe ngisho nakwezinye zezinceku zikaJehova futhi kwaholela ekulimaleni kwazo.

3. Singafunda kanjani ngezingozi zokugabadela?

3 Ngesizathu esihle iBhayibheli lithi: “Lapho kufika [“ukugabadela,” NW], kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 11:2) IBhayibheli lisinikeza izibonelo ezifakazela ukuba yiqiniso kwalesi saga. Ukuhlola ezinye zazo kuzosisiza sibone izingozi zokweqa imingcele efanele. Ngakho-ke, masicabangele ukuthi umona, ukufuna isikhundla nokungabi nasineke kwawenza kanjani amadoda amathathu okukhulunywe ngawo ekuqaleni ukuba enze ngokugabadela, lokho kwaholela ehlazweni.

UKora—Isihlubuki Esinomona

4. (a) Wayengubani uKora futhi iziphi izigigaba ezingokomlando ngokungangabazeki ahlanganyela kuzo? (b) Eminyakeni yakamuva, yisiphi isenzo esibi asigqugquzela?

4 UKora wayengumLevi ongumKohati, engumzala kaMose no-Aroni. Kusobala ukuthi kwase kungamashumi eminyaka ethembekile kuJehova. UKora wayenelungelo lokuba phakathi kwalabo abasindiswa ngokuyisimangaliso oLwandle Olubomvu, futhi kungenzeka wahlanganyela ekukhipheni isahlulelo sikaJehova kubakhulekeli bethole abangama-Israyeli entabeni yaseSinayi. (Eksodusi 32:26) Nokho, ekugcineni uKora waba ngubhongoza ekuvukeleni uMose no-Aroni okwakuhlanganisa abakwaRubeni, uDathani, u-Abiramu, no-Oni, kanye nezikhulu zakwa-Israyeli ezingu-250. * Bathi kuMose no-Aroni: “Sekwanele okwenu, lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na?”—Numeri 16:1-3.

5, 6. (a) Kungani uKora avukela uMose no-Aroni? (b) Kungani kungashiwo ukuthi cishe uKora wayeyeya indawo yakhe elungiselelweni likaNkulunkulu?

5 Ngemva kweminyaka eminingi yokwethembeka, kungani uKora avukela? Ukuhola kukaMose kwakungacindezeli neze, ngoba “wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Numeri 12:3) Nokho, kubonakala sengathi uKora wayenomona ngoMose no-Aroni futhi engakuthandi ukuvelela kwabo, futhi lokhu kwabe sekumholela ekubeni asho—ngokungeyikho—ukuthi ngenxa yobugovu, babeziphakamise bona baba ngaphezu kwebandla.—IHubo 106:16.

6 Cishe ingxenye yenkinga kaKora kwakuwukuthi wayengawazisi amalungelo ayenawo elungiselelweni likaNkulunkulu. Yiqiniso, amaLevi angamaKohati ayengebona abapristi, kodwa ayengabafundisi boMthetho kaNkulunkulu. Ayethwala nezimpahla nezitsha zetabernakele uma kudingeka ziyiswe kwenye indawo. Kwakungewona umsebenzi ongabalulekile lowo, ngoba izitsha ezingcwele zazithwalwa kuphela abantu ababehlanzekile ngokwenkolo nangokuziphatha. (Isaya 52:11) Ngakho, lapho uMose kudingeka akhulume noKora, empeleni wayebuza ukuthi, Ingabe isabelo sakho usibheka njengento encane njengoba usufuna nokuba umpristi? (Numeri 16:9, 10) UKora wahluleka ukuqaphela ukuthi udumo olukhulu kakhulu ngukukhonza uJehova ngokwethembeka ngokwelungiselelo lakhe—hhayi ukuthola ukuma noma isikhundla esithile esikhethekile.—IHubo 84:10.

7. (a) UMose wenze njani ngoKora nabalandeli bakhe? (b) Ukuvukela kukaKora kwafinyelela kanjani esiphethweni esiyinhlekelele?

7 UMose wabiza uKora nabalandeli bakhe ukuba bahlangane ngakusasa ekuseni etendeni lokuhlangana bephethe imicengezi yomlilo nempepho. UKora nabalandeli bakhe babengagunyaziwe ukushisa impepho, ngoba babengebona abapristi. Uma befika nemicengezi yomlilo nempepho, kwakuyobonisa ngokusobala ukuthi babesenomuzwa wokuthi kufanele basebenze njengabapristi—ngisho noma bebe nobusuku bonke becabanga ngale ndaba. Lapho befika ngakusasa ekuseni, kwakufanele ukuba uJehova akhiphe intukuthelo yakhe. Ngokuqondene nabakwaRubeni, “umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya.” Bonke abanye, kuhlanganise noKora, baqothulwa umlilo kaNkulunkulu. (Duteronomi 11:6; Numeri 16:16-35; 26:10) Ukugabadela kukaKora kwaholela ehlazweni lokugcina—ukulahlwa uNkulunkulu!

Gwema ‘Ukuthambekela Emoneni’

8. ‘Ukuthambekela emoneni’ kungabonakala kanjani phakathi kwamaKristu?

8 Indaba kaKora iyisixwayiso kithi. Njengoba abantu abangaphelele ‘benokuthambekela emoneni,’ kungabonakala nasebandleni lobuKristu. (Jakobe 4:5) Ngokwesibonelo, singase sithande izikhundla. NjengoKora, singase sibafele umona labo abanamalungelo esiwafisayo. Noma singase sibe njengomKristu wekhulu lokuqala okuthiwa uDiyotrefe. Wayelihlaba alihlikize igunya labaphostoli, cishe ngoba efuna kuphathe yena. UJohane wabhala ukuthi uDiyotrefe ‘uthanda ukuba nendawo ephambili.’—3 Johane 9.

9. (a) Yisiphi isimo sengqondo ngemithwalo yebandla okumelwe sisigweme? (b) Yimuphi umbono ofanele ngendawo yethu elungiselelweni likaNkulunkulu?

9 Akukubi ngendoda engumKristu ukuba ilwele ukuthwala imithwalo yebandla. UPawulu wayikhuthaza nokuyikhuthaza inkambo enjalo. (1 Thimothewu 3:1) Noma kunjalo, akufanele neze sibheke amalungelo enkonzo njengophawu lokubaluleka, njengokungathi uma sesiwatholile sibe sesidlulela esikhundleni esilandelayo. Khumbula, uJesu wathi: “Noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumelwe abe isikhonzi senu, futhi noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumelwe abe yisigqila senu.” (Mathewu 20:26, 27) Kusobala ukuthi akulungile ukubafela umona labo abanemithwalo emikhudlwana, senze sengathi ukubaluleka kwethu kuNkulunkulu kuxhomeke ‘esikhundleni’ esinaso enhlanganweni yakhe. UJesu wathi: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Mathewu 23:8) Yebo, kungakhathaliseki ukuthi ungummemezeli noma uyiphayona, usanda kubhapathizwa noma usunesikhathi eside ungumgcini wobuqotho—bonke abakhonza uJehova ngomphefumulo wonke banendawo ebalulekile elungiselelweni lakhe. (Luka 10:27; 12:6, 7; Galathiya 3:28; Heberu 6:10) Kuyisibusiso ngempela ukusebenzisana nezigidi ezilwela ukusebenzisa lesi seluleko seBhayibheli: “Bhincani isimo sengqondo sokuthobelana.”—1 Petru 5:5.

U-Abisalomu—Iqili Elifuna Isikhundla

10. Kwakungubani u-Abisalomu, futhi wazama kanjani ukuzakhela igama kulabo ababezokwahlulelwa yinkosi?

10 Ukuphila kwendodana yesithathu yeNkosi uDavide, u-Abisalomu, kuyisifundo esiphathelene nokufuna isikhundla. Leli qili lazama ukuzakhela igama kulabo ababezokwahlulelwa yinkosi. Waqale washo sakugigiyela ukuthi uDavide wayengenandaba nezidingo zabo. Wabe eseyeka ukugigiyela wavele walimisa ngesihloko. “Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni,” kusho u-Abisalomu, “kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.” Amaqhinga ka-Abisalomu ayengenamingcele. IBhayibheli lithi: ‘Kwakuthi lapho kusondela umuntu ukuba akhuleke kuye, aselule isandla sakhe, ambambe, amange. Wayenze njalo u-Abisalomu kubo bonke abakwa-Israyeli abeza enkosini ngamacala.’ Waba yini umphumela? “U-Abisalomu weba izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.”—2 Samuweli 15:1-6.

11. U-Abisalomu wazama kanjani ukuthatha isihlalo sobukhosi sikaDavide?

11 U-Abisalomu wayezimisele ukuthatha ubukhosi bukayise. Eminyakeni eyisihlanu ngaphambili, wayenze ukuba kubulawe izibulo likaDavide, u-Amnoni, njengokungathi uphindiselela ukudlwengulwa kukadadewabo uTamari. (2 Samuweli 13:28, 29) Nokho, kungenzeka ukuthi nalapho u-Abisalomu wayegaqele isihlalo sobukhosi, ebheka ukubulawa kuka-Amnoni njengendlela ekahle yokugudluza imbangi. * Kunoma yikuphi, lapho kufika isikhathi, u-Abisalomu wathatha isinyathelo. Wenza ukuba kumenyezelwe ezweni lonke ukuthi useyinkosi.—2 Samuweli 15:10.

12. Chaza indlela ukugabadela kuka-Abisalomu okwaholela ngayo ehlazweni.

12 U-Abisalomu zathi ukumhambela kahle izinto okwesikhashana, ngoba “uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.” Ekugcineni, iNkosi uDavide yaphoqeleka ukuba ibaleke ukuze izisindise. (2 Samuweli 15:12-17) Nokho, ngokushesha ukuphila kuka-Abisalomu kwanqanyulwa lapho ebulawa uJowabe, walahlelwa emgodini futhi wambozwa ngamatshe. Cabanga nje—le ndoda eyayifuna isikhundla sokuba inkosi ayizange ithole nomngcwabo ohloniphekile lapho ifa! * Ngempela ukugabadela kwaholela ekuhlazisweni kuka-Abisalomu.—2 Samuweli 18:9-17.

Gwema Ukufuna Izikhundla Kobugovu

13. Umoya wokufuna izikhundla ungakheka kanjani enhliziyweni yomKristu?

13 Ukuzuza amandla kuka-Abisalomu nokuwa kwakhe okwalandela kuyisifundo kithi. Kuleli zwe lanamuhla elisebenza ngobuqili, kuvamile ukuba abantu bathophe ababaphethe, bezama ukuzakhela igama kubo ukuze nje babajabulise noma mhlawumbe bathole ilungelo elithile noma bakhushulelwe esikhundleni esithile. Ngesikhathi esifanayo, bona laba bantu bangase baqhoshele abangaphansi kwabo, bethemba ukuthi abangaphansi kwabo bazozincengela futhi babasekele. Uma singaqaphile, umoya onjalo wokufuna izikhundla ungakheka ezinhliziyweni zethu. Kusobala ukuthi kwenzeka lokhu phakathi kwabathile ekhulwini lokuqala, okwenza kwadingeka ukuba abaphostoli bakhiphe izixwayiso ezinzima ngabanjalo.—Galathiya 4:17; 3 Johane 9, 10.

14. Kungani kumelwe sigweme umoya wokufuna izikhundla nowokuzikhukhumeza?

14 UJehova akanayo indawo yamaqili azikhukhumezayo azama ‘ukuzifunela udumo’ enhlanganweni yakhe. (IzAga 25:27) Ngempela, iBhayibheli liyaxwayisa: “UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu.” (IHubo 12:3) U-Abisalomu wayenezindebe ezithophayo. Wayelalisa ulimi kulabo ayefuna ukuzenzela igama kubo—ukuze nje athole isikhundla ayesifisa. Ngokuphambene, yeka indlela esibusiseke ngayo ngokuba phakathi kwabazalwane abalandela iseluleko sikaPawulu: “Ningenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo [bhekani] abanye njengabaphakeme kunani.”—Filipi 2:3.

USawule—Inkosi Engenasineke

15. USawule wazibonakalisa kanjani ukuthi uthobekile?

15 USawule, kamuva owaba inkosi yakwa-Israyeli, wayeke wathobeka. Ngokwesibonelo, cabangela okwenzeka lapho esemusha. Ngesikhathi umprofethi kaNkulunkulu uSamuweli ekhuluma kahle ngaye, uSawule ngokuthobeka waphendula: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”—1 Samuweli 9:21.

16. USawule wasibonisa ngayiphi indlela isimo sengqondo sokungabi nasineke?

16 Nokho, kamuva ukuthobeka kukaSawule kwaphela. Kwathi esalwa namaFilisti, wamonyuka waya eGiligali, lapho kwakulindeleke ukuba alinde khona uSamuweli aze afike ukuze amnxusele kuNkulunkulu ngemihlatshelo. Lapho uSamuweli engafiki ngesikhathi esimisiwe, uSawule ngokugabadela wanikela ngomnikelo wokushiswa. Kwathi angaqeda nje, wafika uSamuweli. “Wenzeni na?” kubuza uSamuweli. USawule waphendula: “[Ngibone] ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, . . . ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”—1 Samuweli 13:8-12.

17. (a) Kungani izenzo zikaSawule zingaqale zibonakale zifaneleka? (b) Kungani uJehova ahlulela uSawule ngesenzo sakhe esibonisa ukungabi nasineke?

17 Uma nje uqala ukuyizwa le ndaba, izenzo zikaSawule zingabonakala zifaneleka. Angithi abantu bakaNkulunkulu ‘babesengcingweni, becindezelwe kakhulu,’ futhi bethuthumela ngenxa yesimo sabo esiphuthumayo. (1 Samuweli 13:6, 7) Akukubi neze ukuthatha isinyathelo uma izimo zidinga kwenziwe kanjalo. * Kodwa khumbula ukuthi uJehova ukwazi ukufunda izinhliziyo futhi abone izisusa ezisekujuleni kwethu. (1 Samuweli 16:7) Ngakho, kumelwe ukuba wabona izici ezithile kuSawule ezingashiwongo ngokuqondile ekulandiseni kweBhayibheli. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi uJehova wabona ukuthi ukungabi nasineke kukaSawule kwakudalwa ukuqhosha. Mhlawumbe uSawule kwakumcasula kabi ukuthi yena—inkosi yawo wonke u-Israyeli—kufanele alinde othile ayembheka njengexhegu lomprofethi elingenzi izinto ngesikhathi! Kunoma ikuphi, uSawule waba nomuzwa wokuthi ukulibala kukaSamuweli kumnikeza igunya lokuzibambela mathupha futhi awushaye indiva umyalo ocacile ayewunikeziwe. Waba yini umphumela? USamuweli akazange asituse isenzo sikaSawule. Kunalokho, wamsola uSawule, ethi: “Umbuso wakho awuyikuqhubeka . . . ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.” (1 Samuweli 13:13, 14) Nalapha futhi, ukugabadela kwaholela ehlazweni.

Gwema Ukungabi Nasineke

18, 19. (a) Chaza indlela ukungabi nasineke okungayenza ngayo inceku kaNkulunkulu yenze isenzo sokugabadela namuhla. (b) Yini okufanele siyikhumbule ngokusebenza kwebandla lobuKristu?

18 Indaba yesenzo sikaSawule sokugabadela ilotshwe eZwini likaNkulunkulu ngokwenzuzo yethu. (1 Korinte 10:11) Akuve kulula ukucasulwa ukungapheleli kwabafowethu. NjengoSawule, singase singabi nasineke, sibe nomuzwa wokuthi ukuze izinto zenziwe ngendlela efanele, kumelwe sizibambele mathupha. Ngokwesibonelo, ake sithi umzalwane mumbe uhleleke ngendlela emangalisayo. Uyasigcina isikhathi, uyazi yonke inqubo yasebandleni futhi uphiwe ekukhulumeni nasekufundiseni. Ngesikhathi esifanayo, uyabona ukuthi abanye abafiki ezindinganisweni zakhe zokucophelela, futhi abenzi umsebenzi ngendlela eshelela ngezinga angathanda ngalo. Ingabe lokhu kwenza kufaneleke ukuba aphelelwe isineke? Kufanele yini agxeke abafowabo, mhlawumbe asho ngeziphansi ukuthi ukube bekungengemizamo yakhe, ngabe akwenzeki lutho futhi nebandla belizofa? Kungaba ukugabadela lokho!

19 Yini ngempela egcina ibandla lamaKristu likhona? Amakhono okuliphatha? ukwenza izinto ngendlela eshelelayo? ukujula kolwazi? Kuyavunywa, lezi zinto ziwusizo ekusebenzeni kwebandla ngaphandle kweziphazamiso. (1 Korinte 14:40; Filipi 3:16; 2 Petru 3:18) Kodwa uJesu wathi abalandeli bakhe babeyobonakala ikakhulukazi ngothando lwabo. (Johane 13:35) Yingakho abadala abakhathalelayo, nakuba behlelekile, beqaphela ukuthi ibandla alilona ibhizinisi elidinga ukuphathwa ngesandla esiqinile; kunalokho, lakhiwa umhlambi odinga ukunakekelwa ngesisa. (Isaya 32:1, 2; 40:11) Ukungazinaki ngokugabadela lezo zimiso ngokuvamile kuholela ezingxabanweni. Ngakolunye uhlangothi, ukuhleleka kokuhlonipha uNkulunkulu kuveza ukuthula.—1 Korinte 14:33; Galathiya 6:16.

20. Yini ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?

20 Ukulandisa kweBhayibheli ngoKora, u-Abisalomu noSawule kubonisa ngokucacile ukuthi ukugabadela kuholela ehlazweni, njengoba kusho izAga 11:2. Nokho, lona leli vesi leBhayibheli liyenezela: “Kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.” Kuyini ukuthobeka? Yiziphi izibonelo zeBhayibheli ezingasiza ekuqondeni le mfanelo, futhi singakubonisa kanjani ukuthobeka namuhla? Le mibuzo izocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Njengoba uRubeni ayeyizibulo likaJakobe, labo abayinzalo yakhe abaphambukiswa nguKora ukuba bavukele kungenzeka ukuthi kwakubacasula ukuthi uMose—inzalo kaLevi—wayebaphethe.

^ par. 11 Akukhulunywa ngendodana yesibili kaDavide uKileyabi ngemva kokuzalwa kwayo. Mhlawumbe yafa ngaphambi kokuvukela kuka-Abisalomu.

^ par. 12 Ezikhathini zeBhayibheli ukungcwatshwa kwesidumbu somuntu ofile kwakuyisenzo esibaluleke kakhulu. Ngakho, ukungangcwatshwa kwakuyinto embi futhi ngokuvamile kwakuwuphawu lokungamukelwa uNkulunkulu.—Jeremiya 25:32, 33.

^ par. 17 Ngokwesibonelo, uFinehasi wathatha isinyathelo esisheshayo sokunqanda isifo esabulala amashumi ezinkulungwane zama-Israyeli, kanti noDavide wakhuthaza amadoda ayenaye ayelambile ukuba adle kanye naye izinkwa zokubukwa “endlini kaNkulunkulu.” Kulezi zenzo, asikho uNkulunkulu asilahla ngokuthi siwukugabadela.—Mathewu 12:2-4; Numeri 25:7-9; 1 Samuweli 21:1-6.

Uyakhumbula?

• Kuyini ukugabadela?

• Umona wamenza kanjani uKora ukuba enze isenzo sokugabadela?

• Sifundani endabeni ka-Abisalomu owayefuna isikhundla?

• Singawugwema kanjani umoya wokungabi nasineke owabonakaliswa uSawule?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 10]

USawule waphelelwa isineke wenza isenzo sokugabadela