Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukusuka Ekwakheni Izikhali Kuya Ekusindiseni Ukuphila

Ukusuka Ekwakheni Izikhali Kuya Ekusindiseni Ukuphila

Indaba Yokuphila

Ukusuka Ekwakheni Izikhali Kuya Ekusindiseni Ukuphila

NJENGOBA ILANDISWA U-ISIDOROS ISMAILIDIS

Ngangiguqe ngamadolo lapho izinyembezi zigeleza ngezihlathi. Ngathandaza: “O, Nkulunkulu, unembeza wami ungitshela ukuthi anginakuqhubeka nomsebenzi wokukhiqiza izikhali. Ngiye ngazama kanzima ukuthola omunye umsebenzi, kodwa angikwazanga. Kusasa, ngizofaka incwadi yokuyeka umsebenzi. Jehova, ngicela ukuba izingane zethu ezine zingasisweli isinkwa.” Ngafika kanjani kuleli qophelo?

UKUPHILA kwakunokuthula futhi kulula eDrama, enyakatho yeGreece, lapho ngazalelwa khona ngo-1932. Ubaba wayevame ukukhuluma nami ngalokho ayefuna ngikwenze. Wayengikhuthaza ukuba ngiyofunda e-United States. Ngemva kokuba iGreece icekelwe phansi phakathi neMpi Yezwe II, isiqubulo esasivamile phakathi kwamaGreki sasithi: “Ningayeba impahla yethu, kodwa aninakukweba okusezingqondweni zethu.” Ngangizimisele ukuqhubeka nemfundo ephakeme, ngithole okuthile okungenakwebiwa muntu.

Kusukela ngisemncane, ngangijoyina amaqembu ahlukahlukene entsha asekelwa iSonto LamaGreki Lobu-Orthodox. Lapho, sasixwayiswa ukuba sigweme amahlelo ayingozi. Ngikhumbula ngokukhethekile kuphawulwa iqembu elilodwa—oFakazi BakaJehova—njengoba kwakucatshangwa ukuthi limelela umphik’ ukristu.

Ngemva kokuthola iziqu esikoleni sezobuchwepheshe e-Athens ngo-1953, ngaya eJalimane ngiyohlola ukuthi ngangingeke yini ngithole umsebenzi ngibe ngifunda. Kodwa angikwazanga, ngakho ngaya kwamanye amazwe. Ngemva kwamasonto ambalwa, ngazithola ngisesikhumulweni saseBelgium ngingenalo nesenti. Ngiyakhumbula ngingena esontweni, ngihlala phansi ngikhala kakhulu kangangokuthi kwaba nezinyembezi phansi phambi kwami. Ngathandazela ukuthi uma uNkulunkulu engangisiza ngifike e-United States, ngangingeke ngiphishekele izinto ezibonakalayo kodwa ngangizofunda bese ngilwela ukuba umKristu nesakhamuzi esihle. Ekugcineni, ngo-1957 ngafika khona.

Ukuphila Okusha E-United States

E-United States, ukuphila kwakunzima kumuntu ovela kwelinye izwe, ongalwazi ulimi nongenamali. Ngangisebenza imisebenzi emibili ebusuku futhi ngilwa kanzima ukuba ngiye esikoleni emini. Ngafunda emakolishi amaningana futhi ngathola iziqu zakhona. Ngabe sengiya e-University of California eLos Angeles, ngathola iziqu ze-Bachelor of Science kwezemvelo. Amazwi kababa okuba ngifunde angikhuthaza phakathi nayo yonke le minyaka enzima.

Cishe ngaleso sikhathi, ngahlangana nentombi enhle yomGreki, u-Ekaterini, futhi sashada ngo-1964. Indodana yethu eyizibulo yazalwa eminyakeni emithathu kamuva, futhi kungakapheli neminyaka emine, sase sinamanye amadodana amabili nendodakazi. Kwaba yinselele yangempela ukondla umkhaya nokufunda eyunivesithi ngesikhathi esifanayo.

Ngangisebenzela iButho Lezomoya Lase-United States embonini yezikhali ezicitshwayo neyezomkhathi eSunnyvale, eCalifornia. Ngangihileleke emisebenzini ehlukahlukene yezomoya nezomkhathi, kuhlanganise nezinhlelo ze-Agena neze-Apollo. Ngathola ngisho nezindondo ngosizo engalunikeza ohambweni lwe-Apollo 8 ne-Apollo-11. Ngemva kwalokho, ngaqhubeka nemfundo yami futhi ngahileleka kakhulu emisebenzini ehlukahlukene yezempi yasemkhathini. Ngaleso sikhathi, ngangicabanga ukuthi nganginakho konke—inkosikazi enhle, izingane ezine ezinhle, umsebenzi ophambili nendlu enhle.

Isisebenzi Esikanye Naso Esiphikelelayo

Ekuqaleni kuka-1967, emsebenzini ngahlangana noJim, indoda ethobekile nenomusa. UJim wayehlale emomotheka, futhi wayengakaze enqabe lapho ngimcela ukuba sihlabe ikhefu siphuze ikhofi ndawonye. Wayesebenzisa lezi zikhathi ukuze ahlanganyele nami ukwaziswa okuseBhayibhelini. UJim wangitshela ukuthi wayefunda noFakazi BakaJehova.

Ngashaqeka lapho ngizwa ukuthi uJim wayezihlanganise naleli qembu lenkolo. Kwakungenzeka kanjani ukuba umuntu omuhle kangaka abe isisulu sehlelo likamphik’ ukristu? Nokho, ngangingenakuyigwema indlela uJim ayebonisa ngayo isithakazelo kimi kanye nomusa wakhe. Kwakubonakala sengathi nsuku zonke wayengiphathela okuthile okuhlukile kokufunda. Ngokwesibonelo, ngolunye usuku wafika ehhovisi lami wathi: “Isidoros, lesi sihloko esikule Nqabayokulinda sikhuluma ngokuqinisa ukuphila komkhaya. Iya nayo ekhaya uyoyifunda nomkakho.” Ngathi kuye ngizoyifunda, kodwa kamuva ngaya endlini yangasese ngafike ngawudabula waba izicucwana lowo magazini, ngawulahla emgqonyeni.

Kwaphela iminyaka emithathu ngidabula zonke izincwadi nomagazini ayenginika bona uJim. Njengoba ngangingabathandi oFakazi BakaJehova, kodwa ngizama ukuqhubeka ngingumngane kaJim, ngacabanga ukuthi kungcono ngikulalele lokho akushoyo bese ngikukhipha ngokushesha engqondweni.

Nokho, kulezo zingxoxo ngabona ukuthi izinto eziningi engangikholelwa kuzo nengangizenza zazingasekelwe eBhayibhelini. Ngaqaphela ukuthi imfundiso kaZiqu-zintathu, isihogo somlilo nokungafi komphefumulo, yayingekho ngokomBhalo. (UmShumayeli 9:10; Hezekeli 18:4; Johane 20:17) Njengoba ngangingumGreki ongum-Orthodox oqhoshayo, angizange ngifune ukuvuma obala ukuthi uJim wayeqinisile. Kodwa njengoba ayesebenzisa iBhayibheli ngaso sonke isikhathi futhi engakaze anikeze umbono wakhe, ekugcineni ngaqaphela ukuthi lo muntu wayenesigijimi esiwusizo esivela eBhayibhelini angilethela sona.

Umkami waqaphela ukuthi kwakunokuthile okwakwenzeka, futhi wangibuza ukuthi ngangixoxa yini nalo mngane wami ozihlanganise noFakazi. Lapho ngithi yebo, wathi: “Masiye kunoma iliphi elinye isonto, kodwa hhayi koFakazi BakaJehova.” Nokho, ngokushesha mina nomkami nezingane zethu saqala ukuba khona njalo emihlanganweni yoFakazi.

Isinqumo Esinzima

Lapho ngitadisha iBhayibheli, ngahlangana nala mazwi omprofethi u-Isaya: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” (Isaya 2:4) Ngazibuza, ‘Inceku kaNkulunkulu othanda ukuthula ingasebenza kanjani embonini eklama nekhiqiza izikhali ezibhubhisayo?’ (IHubo 46:9) Akungithathanga sikhathi ukuba ngifinyelele esiphethweni sokuthi kudingeka ngishintshe umsebenzi engangiwenza.

Ngokuqondakalayo, lokhu kwakuyinselele enkulu. Ngangisebenza kahle. Ngangisebenze kanzima iminyaka eminingi, ngafunda futhi ngazidela ukuze ngifinyelele kuleli qophelo. Ngase ngisesikhundleni esiphakeme, kodwa manje ngangibhekene nokuyeka umsebenzi engangiwenza. Nokho, uthando olujulile enganginalo ngoJehova nesifiso esinamandla sokwenza intando yakhe kwagcina kunqobile.—Mathewu 7:21.

Nganquma ukusebenza embonini ethile eSeattle, eWashington. Nokho, ngadumala lapho ngokushesha ngithola ukuthi ngangihileleke nakakhulu emsebenzini ongavumelani no-Isaya 2:4. Umzamo wami wokwenza imisebenzi ethile kuphela wahluleka, futhi unembeza wami wabuye wangikhathaza. Ngabona kahle ukuthi ngangingenakuqhubeka ngisebenza lapho ngibe nginonembeza ohlanzekile.—1 Petru 3:21.

Kwaba sobala ukuthi kwakuzodingeka senze ushintsho olubalulekile. Phakathi nezinyanga eziyisithupha, sashintsha indlela yethu yokuphila futhi sazinciphisa ngengxenye izindleko zomkhaya wethu. Sabe sesithengisa indlu yethu kanokusho, sathenga encane eDenver, eColorado. Ngase ngilungele ingxenye yokugcina—ukuyeka umsebenzi engangiwenza. Ngabhala incwadi yokuyeka umsebenzi, ngichaza ukuma kwami okusekelwe kunembeza. Ngalobo busuku, izingane sezilele, mina nomkami saguqa sathandaza kuJehova, njengoba kuchazwe ekuqaleni kwalesi sihloko.

Kungakapheli nenyanga, sathuthela eDenver, futhi ngemva kwamasonto amabili, ngo-July 1975, mina nomkami sabhapathizwa. Kwaphela izinyanga eziyisithupha ngingawutholi umsebenzi, futhi imali esasiyilondolozile yayiya ngokuya iphela. Ngenyanga yesikhombisa, imali eyayisebhange yayisingaphansi kwemali yenyanga yokukhokhela indlu. Ngaqala ukufuna noma yimuphi omunye umsebenzi engingawuthola, kodwa ngokushesha ngemva kwalokho ngathola umsebenzi wobunjiniyela. Iholo lami lalicishe libe ingxenye yalelo engangilithola; noma kunjalo, kwakungaphezulu kakhulu kwalokho engangikucele kuJehova. Yeka indlela engajabula ngayo ngokuthi ngangibeke izithakazelo ezingokomoya kuqala!—Mathewu 6:33.

Ukukhulisa Izingane Zethu Ukuba Zithande UJehova

Phakathi naleso sikhathi, mina no-Ekaterini sasimatasa nomsebenzi oyinselele wokukhulisa izingane zethu ezine ngokuvumelana nezimiso zokuhlonipha uNkulunkulu. Ngokujabulisayo, ngosizo lukaJehova, siye sazibona zonke ziba amaKristu avuthiwe, zinikezela ukuphila kwazo ngokuphelele emsebenzini obalulekile wokushumayela ngoMbuso. Amadodana ethu amathathu, uChristos, uLakes noGregory onke aye athola iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo futhi manje akhonza ezabelweni ezihlukahlukene, lapho ehambela futhi aqinise khona amabandla. UToula, indodakazi yethu, usebenza njengesisebenzi sokuzithandela endlunkulu yoFakazi BakaJehova eNew York. Izinhliziyo zethu zathinteka lapho sibona zonke zidela imisebenzi ethembisayo neholela kahle kakhulu ukuze zikhonze uJehova.

Abaningi baye babuza ukuthi yini eye yasisiza ukuba siphumelele kangako ekukhuliseni izingane. Yiqiniso, ayikho indlela eqondile yokukhulisa izingane, kodwa sazama ngenkuthalo ukugxilisa uthando ngoJehova nangomakhelwane ezinhliziyweni zazo. (Duteronomi 6:6, 7; Mathewu 22:37-39) Izingane zethu zafunda ukuthi asinakutshela uJehova ukuthi siyamthanda uma izenzo zethu zingakubonisi lokho.

Kanye ngesonto, ngokuvamile ngoMgqibelo, sasihlanganyela enkonzweni njengomkhaya. Sasiba nesifundo seBhayibheli somkhaya njalo ngoMsombuluko kusihlwa ngemva kokudla, futhi sasiba nesifundo seBhayibheli nengane ngayinye. Lapho izingane zisencane, sasitadisha nengane ngayinye isikhashana kaningana ngesonto, futhi lapho sezikhulile, sasiba nezifundo ezinjana kanye ngesonto. Phakathi nalezo zifundo, izingane zethu zazikhululeka, zixoxe nathi ngezinkinga zazo.

Sasizijabulisa ngendlela eyakhayo njengomkhaya. Sasithanda ukudlala izinsimbi zomculo ndawonye, ingane ngayinye ithanda ukudlala eyayo ingoma eyithandayo. Ngezinye izimpelasonto, sasimema eminye imikhaya ukuze sibe nobudlelwane obakhayo. Sasithatha nohamba lokuyophumula njengomkhaya. Kolunye lwalezi zinkambo, sathatha amasonto amabili sibuka izintaba zaseColorado futhi sisebenza namabandla endawo enkonzweni yasensimini. Izingane zethu zikukhumbula ngokwazisa ukusebenza emihlanganweni yesigodi eminyangweni ehlukahlukene nokusiza ekwakheni amaHholo OMbuso ezindaweni ezihlukahlukene. Lapho sihamba nezingane siyobona izihlobo zethu eGreece, zakwazi nokuhlangana noFakazi abathembekile abaningi ababoshwa ngenxa yokholo lwabo. Lokhu kwagxila ngokujulile kuzo, kwazisiza ukuba zime ziqinile futhi zilimelele ngesibindi iqiniso.

Yiqiniso, ngezinye izikhathi ezinye zezingane zaziphatha ngendlela engafanele noma zenze izinqumo ezingezinhle ngokuphathelene nokukhetha abangane. Ngezinye izikhathi sadalela izingane izinkinga ngokuzibekela imingcele ngokweqile kwezinye izinto. Kodwa ukusebenzisa ‘ukuqondisa umqondo kukaJehova’ okutholakala eBhayibhelini kwasiza ekulungiseni izinto kithi sonke.—Efesu 6:4; 2 Thimothewu 3:16, 17.

Isikhathi Esijabulisa Kunazo Zonke Ekuphileni Kwami

Ngemva kokuba izingane zethu sezingenele inkonzo yesikhathi esigcwele, mina no-Ekaterini saqala ukucabanga kanzulu ngalokho esingakwenza ukuze sandise ingxenye yethu kulo msebenzi osindisa ukuphila. Ngakho, ngo-1994, ngemva kokuthatha umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi, sobabili saqala ukukhonza njengamaphayona avamile. Inkonzo yethu ihlanganisa ukuhambela amakolishi namayunivesithi endawo, lapho sishumayela khona kubafundi futhi siqhuba izifundo zeBhayibheli nabanye babo. Ngenxa yokuqonda ubunzima ababhekana nabo—njengoba ngangisesimweni esifana nesabo eminyakeni engemingaki edlule—ngiye ngaphumelela kakhulu ekubasizeni ukuba bafunde ngoJehova. Yeka injabulo engiye ngaba nayo ngokutadisha nabafundi baseBolivia, eBrazil, eChile, eChina, EGibithe, ETopiya, eMexico, eThailand naseTurkey! Ngiye ngajabulela nokushumayela ngocingo, ikakhulukazi kubantu abakhuluma ulimi lwami lomdabu.

Nakuba nginokulinganiselwa okuningi ngenxa yokuphimisa amagama ngendlela yesiGreki kanye nokukhula ngeminyaka, ngiye ngazama njalo ukuzenza ngitholakale futhi ngibe nomoya ka-Isaya, owathi: “Nangu mina; ngithume mina.” (Isaya 6:8) Siye sajabulela ukusiza abantu abangaphezu kwabayisithupha ukuba banikezele ukuphila kwabo kuJehova. Ngokuqinisekile, lesi kuye kwaba isikhathi esijabulisa kunazo zonke kithina.

Ukuphila kwami konke kwake kwagxila ekwakheni izikhali ezinkulukazi zokubulala abanye abantu. Nokho, uJehova, ngomusa wakhe ongafanelwe, wavula indlela yokuba mina nomkhaya wami sibe izinceku zakhe ezizinikezele futhi sinikele ukuphila kwethu ekuyiseni kubantu izindaba ezinhle zokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Lapho ngicabanga ngezinqumo eziyinselele okwadingeka ngizenze, ngikhumbula amazwi kaMalaki 3:10, athi: “‘Ningivivinye ngalokhu,’ usho uJehova Sebawoti, ‘uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.’” Ngempela, uye wenza kanjalo—ngendlela esigeza igilo!

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 27]

UChristos: Ngiye ngakwazisa kakhulu ukuthembela ngomphefumulo wonke kwabazali bami kuJehova nokuzibophezela kwabo ngokuqinile emthwalweni wabo wemfanelo njengabazali. Njengomkhaya, sasenza zonke izinto ndawonye—kusukela enkonzweni kuya ekuphumuleni. Nakuba babengahileleka kwezinye izinto eziningi, abazali bami baye bagcina ukuphila kwabo kulula futhi bagxila enkonzweni. Namuhla, ngiyazi ukuthi ngijabula ngempela lapho ngigxile ngokuphelele enkonzweni kaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 27]

ULakes: Ubaba wayebenyanya ubuzenzisi. Wayezama kanzima ukungabi nabuzenzisi, ikakhulukazi lapho ebekela umkhaya wakhe isibonelo. Wayevame ukusitshela: “Kusho okukhulu ukunikezela ukuphila kwakho kuJehova. Kufanele uzimisele ukuzidela ngenxa kaJehova. Yilokho okushiwo ukuba umKristu.” La mazwi aye agxila kimi futhi angenza ngakwazi ukulandela isibonelo sakhe sokuzidela ngenxa kaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 28]

UGregory: Ngaphandle kwamazwi abazali bami esikhuthazo sokuba ngandise inkonzo yami, isibonelo sabo nobufakazi benjabulo abanayo enkonzweni kaJehova kwangishukumisela ukuba ngizihlole kabusha izimo zami, ngiqhelise noma ikuphi ukukhathazeka ngokuphathelene nokuqala inkonzo yesikhathi esigcwele, futhi ngizinikele ngokwengeziwe emsebenzini kaJehova. Ngiyababonga abazali bami ngokungisiza ngithole injabulo etholakala ngokuzikhandla.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 28]

UToula: Abazali bami babehlale begcizelela ukuthi ubuhlobo bethu noJehova buyinto eyigugu kunazo zonke esingaba nayo nokuthi ukuphela kwendlela esingathola ngayo injabulo yangempela iwukunika uJehova okungcono kakhulu. Benza uJehova waba ngokoqobo ngempela kithi. Ubaba wayevame ukusitshela ukuthi kunomuzwa ongachazeki oba nawo lapho ukwazi ukulala unonembeza ohlanzekile, wazi ukuthi uye wazama okusemandleni akho ukujabulisa uJehova.

[Isithombe ekhasini 25]

Lapho ngiyisosha eGreece, ngo-1951

[Isithombe ekhasini 25]

Ngino-Ekaterini ngo-1966

[Isithombe ekhasini 26]

Umkhaya wami ngo-1996: (kusukela ngakwesobunxele kuya ngakwesokudla, ngemuva) uGregory, uChristos, uToula; (ngaphambili) uLakes, u-Ekaterini nami