Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

U-Isaya isahluko 53 unesiprofetho esaziwa kakhulu esiphathelene noMesiya. Ivesi 10 (NW) lithi: “UJehova wakujabulela ukumchoboza; wamenza wagula.” Kusho ukuthini lokhu?

Kulula ukubona ukuthi kungani kungase kuphakame umbuzo ngo-Isaya 53:10. AmaKristu eqiniso awacabangi ukuthi uNkulunkulu wethu onesihawu nonesisa angajabulela ukuchoboza noma ukwenza noma ubani agule. IBhayibheli lisinika isisekelo sokuqiniseka ngokuthi uNkulunkulu akajatshuliswa ukuhlupha abangenacala. (Duteronomi 32:4; Jeremiya 7:30, 31) Kungenzeka ukuthi emakhulwini eminyaka adlule uJehova uye wakuvumela ukuhlupheka ngenxa yezizathu ezivumelana nokuhlakanipha nothando lwakhe. Kodwa ngokuqinisekile akazange abangele ukuba iNdodana yakhe ethandekayo, uJesu, ihlupheke. Khona-ke, lithini ngempela leli vesi?

Singasizakala ukuba siqonde lokho okushiwoyo uma silicabangela lonke leli vesi, siphawula izindawo ezimbili okuvela kuzo igama elithi ‘jabulela’ noma ‘jabulisa.’ U-Isaya 53:10 [NW] ufundeka kanje: “UJehova wakujabulela ukumchoboza; wamenza wagula. Uma uyobeka umphefumulo wakhe njengomnikelo wecala, yena uyobona inzalo yakhe, uyokwelula izinsuku zakhe, futhi lokho okujabulisa uJehova kuyophumelela esandleni sakhe.”

Umongo walo lonke iBhayibheli ubonisa ukuthi ‘okujabulisa uJehova,’ okushiwo ekugcineni kwaleli vesi, kugxile ekufezeni injongo yakhe ngoMbuso. Ukwenza kukaJehova kanjalo kuyolwela ubukhosi bakhe futhi kuyokwenza isono esizuzwe njengefa—izono zethu—sisuswe esintwini esilalelayo. (1 IziKronike 29:11; IHubo 83:18; IzEnzo 4:24; Heberu 2:14, 15; 1 Johane 3:8) Isihluthulelo sakho konke lokhu siwukuthi iNdodana kaNkulunkulu kwadingeka ibe umuntu futhi inikele umhlatshelo wesihlengo. Njengoba sazi, phakathi nalokho, uJesu wahlupheka. IBhayibheli lisitshela ukuthi ‘wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo.’ Ngakho uJesu wazuza kulokho kuhlupheka.—Heberu 5:7-9.

UJesu wazi kusengaphambili ukuthi inkambo enhle ayefuna ukuyithatha yayiyokuba nosizi oluthile. Lokho kusobala emazwini akhe akuJohane 12:23, 24, lapho sifunda ukuthi: “Selifikile ihora lokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe. Ngiqinisile impela ngithi kini, Ngaphandle kokuba uhlamvu lukakolweni luwele emhlabathini futhi lufe, luhlala luwuhlamvu lunye nje; kodwa uma lufa, khona-ke luthela izithelo eziningi.” Yebo, uJesu wayazi ukuthi kwakuzodingeka agcine ubuqotho kuze kube seqophelweni lokufa. Ukulandisa kuyaqhubeka: “‘Manje umphefumulo wami ukhathazekile, futhi ngizothini? Baba, ngisindise kulelihora. Noma kunjalo, kungakho ngize kulelihora. Baba, khazimulisa igama lakho.’ Ngakho-ke kwavela izwi ezulwini lithi: ‘Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.’”—Johane 12:27, 28; Mathewu 26:38, 39.

U-Isaya 53:10 singamqonda ngokwalo mongo. UJehova wayazi kahle ukuthi iNdodana yakhe yayiyobhekana nokuchotshozwa ngandlela-thile. Nokho, uJehova wayekujabulela lokho uJesu okwakuzodingeka abhekane nakho ngoba wayazi ukuthi kuyoba nesiphetho esizuzisa kakhulu nesikhazimulayo. Ngalowo mqondo uJehova “wakujabulela ukuchoboza,” noma ukuchotshozwa kukaMesiya. Futhi noJesu wakujabulela lokho ayenamandla okukufeza nalokho akufeza. Ngempela, njengoba u-Isaya 53:10 ephetha, ‘lokho okujabulisa uJehova kwaphumelela esandleni sakhe.’