Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphela Kwendlela Yokuqeda Inzondo

Ukuphela Kwendlela Yokuqeda Inzondo

Ukuphela Kwendlela Yokuqeda Inzondo

“Ayikho inzondo engahambisani nokwesaba. . . . Siyayizonda into esiyesabayo, ngakho lapho kukhona inzondo, kukhona nokwesaba.”—Ucyril Connolly, Umhlaziyi Nomhleli Wezincwadi.

IZAZI zesayensi yokuhlalisana kwabantu zikholelwa ukuthi inzondo iphakathi kumuntu nakuba engakunakile lokho. Isazi sesayensi yezombangazwe sathi: “Ingxenye enkulu yayo kungenzeka ukuthi igxile kakhulu,” ikumuntu ngokwakhe.

Kuyaqondakala ukuthi abantu abafunda ngomuntu bafinyelela iziphetho ezinjalo. Ukuphela kwento abacwaninga ngayo ngabesilisa nabesifazane abazalelwe “ebubini” ‘nasesonweni,’ ngokombhalo ophefumulelwe weBhayibheli. (IHubo 51:5) Ngisho noMdali ngokwakhe, owabona isimo somuntu ongaphelele ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, “wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.”—Genesise 6:5.

Ubandlululo kanye nenzondo ewumphumela walo kubangelwa ukungapheleli nobugovu umuntu azalwa nako. (Duteronomi 32:5) Ngokudabukisayo, akukho nhlangano noma hulumeni wabantu oye wakwazi ukumisa umthetho oye washintsha inhliziyo yomuntu kulokhu, kungakhathaliseki ukuthi unamiphi imithetho. Ummeleli wakwelinye izwe uJohanna McGeary waphawula: “Akukho phoyisa lomhlaba wonke (globocop), kungakhathaliseki ukuthi linamandla kangakanani, elingangenela ukuze liqede inzondo eye yenza ukuba eBosnia, eSomalia, eLiberia, eKashmir naseCaucasus kugeleze igazi.”

Nokho, ngaphambi kokuba siqale ukufuna amakhambi, kudingeka siqonde ngokugcwele ukuthi yini ebangela izenzo zenzondo.

Inzondo Ebangelwa Ukwesaba

Inzondo ingezinhlobo eziningi ezihlukahlukene. Umlobi u-Andrew Sullivan wayifingqa kahle le ndaba ngokuthi: “Kunenzondo yokwesaba nenzondo yokwenyanya nje; kunenzondo ebonisa amandla nenzondo ebangelwa ukuntula amandla; kunempindiselo, futhi kunenzondo evela emoneni. . . . Kunenzondo yomcindezeli nenzondo yesisulu. Kunenzondo eyakheka kancane kancane nenzondo eshabalalayo. Kunenzondo eqhumayo, nenzondo engalokothi iqhume.”

Ngokungangabazeki, ezinye zezici eziyinhloko ezibangela izingxabano ezinenzondo esikhathini sethu ziphathelene nezenhlalo nezomnotho. Ubandlululo nokuqhuma kwenzondo kuvame ukutholakala ezindaweni lapho iqembu elisesimweni esihle ngokwezomnotho kuyiqembu labambalwa. Futhi, inzondo ivame ezindaweni lapho izinga lokuphila lengxenye yomphakathi lisongelwa ukutheleka kwabantu bakwamanye amazwe.

Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi lezi zifiki zizofuna imisebenzi, zisebenze ngeholo eliphansi, noma zizobangela imali yezakhiwo ukuba yehle. Ukuthi lokhu kwesaba kunesisekelo yini noma cha, enye indaba. Ukwesaba ukulahlekelwa ngokwezomnotho nokwesaba ukuthi amazinga omphakathi noma indlela yokuphila kuzothinteka kabana, yizici ezinamandla ezibangela ubandlululo nenzondo.

Yini okufanele ibe isinyathelo sokuqala sokuqeda inzondo? Ukushintsha kwezimo zengqondo.

Ukushintsha Kwezimo Zengqondo

UMcGeary waphawula: “Ushintsho lwangempela lungenziwa kuphela lapho umuntu ohilelekile ezinqumela ukulwenza.” Ngakho, singashintshwa kanjani isimo somuntu sokuzikhethela? Okuye kwenzeka esikhathini esidlule kubonisa ukuthi ithonya elinamandla, elishukumisa kakhulu nelihlala njalo ekulweni nokwakheka kwenzondo livela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Lokhu kungenxa yokuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili futhi lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.”—Heberu 4:12.

Kuyavunywa, ukukhipha ubandlululo nenzondo akuzenzakaleli, futhi akwenzeki ngokushesha. Kodwa kungenziwa. UJesu Kristu, umshukumisi omkhulu wenhliziyo nonembeza, wakwazi ukushukumisa abantu ukuba bashintshe. Izigidi ziye zaphumelela ukulandela iseluleko esihlakaniphile sikaJesu Kristu esithi: “Qhubekani nithanda izitha zenu futhi nithandazela labo abanishushisayo.”—Mathewu 5:44.

Ngokuvumelana nezimfundiso zakhe, eqenjini labangane bakhe ayebathemba kakhulu wahlanganisa noMathewu, owayengumthelisi ngaphambili, owayezondwa futhi engamukeleki emphakathini wamaJuda. (Mathewu 9:9; 11:19) Ngaphezu kwalokho, uJesu wamisa indlela yokukhulekela okumsulwa okwakuyogcina kuhlanganise izinkulungwane zabeZizwe ezazikhishwa inyumbazane futhi zizondwa. (Galathiya 3:28) Abantu abavela kulo lonke izwe elalaziwa ngaleso sikhathi baba abalandeli bakaJesu Kristu. (IzEnzo 10:34, 35) Laba baziwa ngothando lwabo oludlula konke. (Johane 13:35) Lapho abantu abanenzondo bekhanda ngamatshe futhi bebulala umfundi kaJesu uStefanu, amazwi akhe okugcina athi: “Jehova, ungababaleli lesisono.” UStefanu wayebafisela okuhle labo ababemzonda.—IzEnzo 6:8-14; 7:54-60.

AmaKristu eqiniso anamuhla aye asabela ngendlela efanayo eselulekweni sikaJesu sokwenza okuhle, hhayi kubafowabo abangamaKristu kuphela, kodwa ngisho nakulabo abawazondayo. (Galathiya 6:10) Asebenza kanzima ukuze akhiphe inzondo enonya ekuphileni kwawo. Eqaphela amandla amakhulu angafaka inzondo kuwo, athatha isinyathelo esiwujuqu sokufaka uthando esikhundleni senzondo. Yebo, kunjengoba indoda ehlakaniphile yasendulo yasho, “inzondo iyabanga ukuxabana, kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.”—IzAga 10:12.

Umphostoli uJohane wathi: “Wonke umuntu ozonda umfowabo ungumbulali wabantu, futhi niyazi ukuthi akekho umbulali wabantu onokuphila okumi phakade okuhlezi kuye.” (1 Johane 3:15) OFakazi BakaJehova bayakukholelwa lokho. Ngenxa yalokho, manje bahlanganiswe ndawonye—bevela kuzo zonke izizinda ezingokohlanga, ezingokwesiko, ezingokwenkolo nezingokwezombangazwe—baba umphakathi onobunye ongenanzondo, owubuzalwane bangempela bomhlaba wonke.—Bheka amabhokisi ahambisana nalesi sihloko.

Inzondo Izoqedwa!

Ungase uthi: ‘Kodwa lokho kungase kusebenze kubantu ngabanye. Nokho, lokho ngeke kwenze inzondo iphele ngokuphelele emhlabeni.’ Yiqiniso, ngisho noma ungenayo inzondo enhliziyweni yakho, ungase ube isisulu sayo. Ngakho kudingeka sithembele kuNkulunkulu ngekhambi langempela lale nkinga yomhlaba wonke.

Injongo kaNkulunkulu iwukuba maduze nje aqede yonke iminonjana yenzondo emhlabeni. Lokho kuyokwenzeka ngaphansi kokubusa kukahulumeni wasezulwini uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele sithi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

Lapho lowo mthandazo usuphendulwe ngokuphelele, ngeke zisaba khona izimo ezibangela inzondo. Izimo inzondo esizakala ngazo zizobe seziqediwe. Izinkulumo-ze, ukuntuleka kolwazi nobandlululo kuyobe sekuthathelwe indawo ulwazi, iqiniso nokulunga. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu ‘uyobe esezisule [ngempela] zonke izinyembezi, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.’—IsAmbulo 21:1-4.

Manje kunezindaba ezinhle nakakhulu! Kunobufakazi obungenakuphikwa bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.” Ngakho, singaqiniseka ukuthi ngokushesha siyobona inzondo ebonisa ukungamhloniphi uNkulunkulu ishabalala kulo mhlaba. (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:3-14) Ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu, kuyoba nomoya wangempela wobuzalwane ngoba uhlanga lwesintu luyobe selubuyiselwe ekupheleleni.—Luka 23:43; 2 Petru 3:13.

Kodwa akudingekile ukuba ulinde kuze kube yileso sikhathi ukuze ujabulele ubuzalwane bangempela. Eqinisweni, njengoba kuboniswe ekulandiseni okuhambisana nalesi sihloko, uthando lobuKristu luye lwathola indawo kakade ezigidini zezinhliziyo ebezingabe zigcwele inzondo. Nawe uyamenywa ukuba ube ingxenye yalobu buzalwane obunothando!

[Ibhokisi ekhasini 5]

“Yini UJesu Abeyoyenza?”

Ngo-June 1998, amadoda amathathu amhlophe emaphandleni aseTexas eUnited States ahlasela uJames Byrd, Jr., indoda ensundu. Aya naye endaweni eqhelile nengayodwa, afike amshaya, ambopha izinyawo ngamaketanga. Ambophela evenini amhudula amakhilomitha amahlanu emgwaqweni kwaze kwaba yilapho isidumbu sakhe sishayeka emseleni wamanzi kakhonkolo. Lokhu kwabizwa ngokuthi ubugebengu obunenzondo obesabeka ukudlula bonke obalelo shumi leminyaka (lawo-1990).

Odadewabo bakaJames Byrd abathathu bangoFakazi BakaJehova. Bazizwa kanjani ngalabo abenza lobu bugebengu obuhlasimulisa kangaka? Ngazwilinye, bathi: “Ukuba nomuntu omthandayo ohlushwe wabulawa ngesihluku kubangela umuzwa wokulahlekelwa nobuhlungu obungenakucatshangwa. Umuntu usabela kanjani esenzweni esinjalo sonya? Asikaze sicabange ukuphindisela, ukukhuluma amazwi enzondo noma inkulumo-ze ebangelwa inzondo. Sacabanga: ‘Yini uJesu abeyoyenza? Ubeyosabela kanjani?’ Impendulo yayisobala. Ubeyosho amazwi okuthula nethemba.”

Phakathi kwemiBhalo eyabasiza ukuba bavimbe inzondo ingakheki ezinhliziyweni zabo kwakuwumBhalo wabaseRoma 12:17-19. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe: ‘lngeyami impindiselo; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’”

Baqhubeka: “Sikhumbula amazwi ayiqiniso ashiwo ezincwadini zethu okuthi okunye ukungabi nabulungisa noma ubugebengu buhlasimulisa kangangokuthi kuyoba nzima ukuthi, ‘Ngiyakuxolela’ bese umane ukhohlwa. Ukuthethelela ezimweni ezinjalo kungaba ukumane uyeke ukuthukuthela ukuze uqhubeke nokuphila futhi ungaguli ngokomzimba nangokwengqondo ngenxa yokufukamela intukuthelo.” Yeka ubufakazi obuhle bamandla eBhayibheli okuvimbela ukugxila kwentukuthelo ejulile!

[Ibhokisi ekhasini 6]

Ubutha Baphenduka Ubungane

Eminyakeni yamuva nje, izinkulungwane zabantu abavela kwamanye amazwe ziye zatheleka eGreece zizofuna umsebenzi. Nokho, izimo zomnotho eziya ziba zimbi ziye zanciphisa amathuba emisebenzi, futhi lokhu kuye kwenza kwaba nzima ukuthola umsebenzi. Ngenxa yalokhu, kunobutha obukhulu phakathi kwamaqembu ezinhlanga ezihlukahlukene. Isibonelo salokhu esokuncintisana kwabantu abavela eAlbania nabavela eBulgaria. Ezingxenyeni eziningi zeGreece, kuye kwaba yila maqembu amabili ancintisana kakhulu.

Edolobheni laseKiato, enyakatho-mpumalanga yePeloponnisos, umkhaya waseBulgaria nendoda ethile yaseAlbania baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi bazana. Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kwabuqeda ubutha obuphakathi kwabantu abaningi bala maqembu ezinhlanga ezimbili. Kwasiza nasekubeni kube nobungane bangempela bobuzalwane phakathi kwabantu bala maqembu. Ulvan, waseBulgaria waze wasiza uLoulis, waseAlbania, ukuba athole indawo yokuhlala eduze nakwakhe. Le mikhaya emibili ivame ukuhlanganyela ukudla nezinye izinto zayo ezibonakalayo ezimbalwa. Womabili la madoda asengoFakazi BakaJehova ababhapathiziwe futhi abambisana kakhulu ekushumayeleni izindaba ezinhle. Ingasaphathwa-ke eyokuthi omakhelwane bayabuqaphela lobu bungane bobuKristu.

[Isithombe ekhasini 7]

Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu yonke iminonjana yenzondo iyosuswa emhlabeni