Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukusingatha Kanjani Ukungaboni Ngaso Linye?

Ukusingatha Kanjani Ukungaboni Ngaso Linye?

Ukusingatha Kanjani Ukungaboni Ngaso Linye?

NSUKU zonke sisebenzelana nabantu abanobuntu obuhlukahlukene. Ngokuvamile lokhu kuyasijabulisa futhi kusenze sibe nombono omusha. Ngezinye izikhathi, kubangela nokungaboni ngaso linye, okunye kwakho okuba kubi kakhulu kanti okunye kuwubala nje ekuphileni kwansuku zonke. Kungakhathaliseki ukuthi kunjani, indlela esisingatha ngayo ukungaboni ngaso linye iba nethonya esimweni sethu sengqondo, esingokomzwelo nesingokomoya.

Ukwenza okusemandleni ethu ukuxazulula ukungaboni ngaso linye ngendlela enhle kuyosisiza ukuba sibe nempilo engcono nobuhlobo obunokuthula nabanye. Isaga sasendulo sithi: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.”—IzAga 14:30.

Ngokuphambene kakhulu nalokho, kuneqiniso elingenakuphikwa lokuthi: “Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.” (IzAga 25:28) Ubani kithi ongathanda ukuzichaya emicabangweni engafanele engambangela ukuba aziphathe ngokungafanele—ngezindlela ezingalimaza yena nabanye? Yilokho kanye okungaba umphumela wokusabela ngentukuthelo lapho kungalawuliwe. ENtshumayelweni Yasentabeni, uJesu watusa ukuba sihlole isimo sethu sengqondo, esingase sithonye indlela esisingatha ngayo noma yikuphi ukungaboni ngaso linye esingaba nakho nabanye. (Mathewu 7:3-5) Kunokugxeka abanye, kufanele sicabangele indlela esingahlakulela futhi silondoloze ngayo ubuhlobo nalabo abanemibono nezizinda ezihlukile.

Isimo Sethu Sengqondo

Isinyathelo sokuqala sokuxazulula ukungezwani okucatshangelwayo noma okungokoqobo ukuqaphela ukuthi sithambekele ekucabangeni nasesimweni sengqondo esingafanele. ImiBhalo isikhumbuza ukuthi sonke siyona futhi ‘siyasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.’ (Roma 3:23) Ngaphezu kwalokho, ukuqonda kungase kwembule ukuthi umnyombo wenkinga akuyena omunye umuntu. Ngokuqondene nalokhu, ake sicabangele okuhlangenwe nakho kukaJona.

Eqondiswa uJehova, uJona wayeye emzini waseNineve wayoshumayela ngesahlulelo sikaJehova esasizokwehlela izakhamuzi zalapho. Umphumela ojabulisayo waba ukuthi wonke umuzi waseNineve waphenduka futhi waba nokholo kuNkulunkulu weqiniso. (Jona 3:5-10) UJehova waba nomuzwa wokuthi isimo sawo sokuphenduka senza kudingeke awuthethelele, ngakho wawulondoloza. “Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela.” (Jona 4:1) Yamangaza indlela uJona asabela ngayo esiheni sikaJehova. Kungani uJona ayethukuthelela uJehova? Kusobala ukuthi uJona wayecabangele kakhulu imizwa yakhe, ecabanga ukuthi wayelahlekelwe isizotha kulowo mphakathi. Wahluleka ukwazisa isihe sikaJehova. Ngomusa, uJehova wafundisa uJona isifundo esamsiza ukuba ashintshe isimo sakhe sengqondo futhi abone ukubaluleka okukhulu kwesihe sikaNkulunkulu. (Jona 4:7-11) Kuyacaca ukuthi yisimo sengqondo sikaJona esasidinga ukulungiswa, hhayi esikaJehova.

Ingabe nathi ngokufanayo ngezinye izikhathi singase sidinge ukushintsha isimo sethu sengqondo ngendaba ethile? Umphostoli uPawulu uyayala: “Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Wayesho ukuthini? Ngenye indlela, usikhuthaza ukuba sibe abalinganiselayo futhi siwaphathe ngenhlonipho ejulile nangesizotha amanye amaKristu. Lokhu kuhlanganisa ukuqaphela ukuthi umuntu ngamunye unelungelo lokuzikhethela. Futhi uPawulu uyasikhumbuza: “Yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.” (Galathiya 6:5) Ngakho, ngaphambi kokuba ukungaboni ngaso linye kubangele ukuhlukana, yeka ukuthi kungaba ukuhlakanipha kanjani ukucabangela ukuthi ingabe akudingekile yini ukuba sishintshe esethu isimo sengqondo! Kumelwe sikusebenzele kanzima ukubonakalisa ukucabanga kukaJehova nokulondoloza ukuthula nabanye abamthanda ngempela uNkulunkulu.—Isaya 55:8, 9.

Indlela Esisisingatha Ngayo Isimo

Cabanga ngezingane ezimbili ezibangisana ngethoyizi, ngayinye idonsa kakhulu ukuze ilithole. Lo mbango ungase uhambisane namazwi entukuthelo kuze kube yilapho enye ilidedela noma kungenela othile.

Ukulandisa kukaGenesise kusitshela ukuthi u-Abrahama wezwa ngengxabano eyayibe phakathi kwabelusi bemihlambi yakhe nabemihlambi yendodana yomfowabo, uLoti. U-Abrahama wasithatha kuqala isinyathelo sokuya kuLoti, wafike wathi: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.” U-Abrahama wayezimisele ukuba kungabi nazingxabano ezonakalisa ubuhlobo babo. Wayezimisele kangakanani? Wayezimisele ukudela ilungelo lakhe lokukhetha njengoba ayemdala; wayezimisele ukulahlekelwa okuthile. U-Abrahama wavumela uLoti ukuba akhethe lapho ayethanda ukuyisa khona umkhaya nemfuyo yakhe. ULoti wabe esekhetha indawo eluhlaza yaseSodoma neGomora. U-Abrahama noLoti bahlukana ngokuthula.—Genesise 13:5-12.

Ingabe sizimisele ukwenza izinto ngendlela u-Abrahama enza ngayo ukuze silondoloze ubuhlobo obunokuthula nabanye? Lesi senzakalo seBhayibheli sisibekela isibonelo esihle sokusilingisa lapho sisingatha ukungaboni ngaso linye. U-Abrahama wanxusa: “Akungabikho ukuxabana.” U-Abrahama wayenesifiso esiqotho sokufinyelela ekhambini elinokuthula. Ngokuqinisekile, isimemo esinjalo sokuba kulondolozwe ubuhlobo obunokuthula sasiyosiza ngokususa noma yikuphi ukungaqondani. U-Abrahama wabe esephetha ngokuthi “ngokuba singabazalwane.” Kungani kufanele udele ubuhlobo obuyigugu kangaka ngenxa yezinto ezithandwa nguwe noma ngenxa yokuziqhenya? U-Abrahama wagxila kulokho okwakubalulekile. Wenza kanjalo ngendlela yokuzihlonipha neletha udumo, ngesikhathi esifanayo ephatha indodana yomfowabo ngesizotha.

Nakuba ziphakama izimo lapho kungase kudingeke ukuba kungenele abanye ukuze kuxazululwe ukungezwani, yeka ukuthi kungcono kanjani uma udaba lungaxazululwa ngasese! UJesu usikhuthaza ukuba sithathe isinyathelo kuqala ekubuyisaneni nabafowethu, sixolise uma kudingekile. * (Mathewu 5:23, 24) Kuyodinga ukuthobeka kwengqondo, kodwa uPetru wabhala: “Bhincani ukuthobeka kwengqondo omunye komunye, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa ongafanelwe.” (1 Petru 5:5) Indlela esiphatha ngayo esikholwa nabo inethonya eliqondile ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu.—1 Johane 4:20.

Ebandleni lobuKristu, kungase kudingeke sidele ilungelo (right) elithile ukuze silondoloze ukuthula. Inani elikhulu lalabo abahlanganyela noFakazi BakaJehova manje liye langena emkhayeni kaNkulunkulu wabakhulekeli beqiniso eminyakeni emihlanu edlule. Yeka ukuthi lokhu kusijabulisa kanjani! Indlela esiziphatha ngayo iyabathinta ngokuqinisekile laba nabanye ebandleni. Lesi isizathu esihle sokucabangisisa ngezokuzijabulisa, ezokuzilibazisa, noma imisebenzi esiyikhethayo, sicabangela indlela abanye abangase basibheke ngayo. Zikhona yini izenzo noma amazwi ethu angase aqondwe kabi bese ekhubekisa abanye?

Umphostoli uPawulu uyasikhumbuza: “Zonke izinto zingokomthetho; kodwa akuzona zonke izinto ezinosizo. Zonke izinto zingokomthetho; kodwa akuzona zonke izinto ezakhayo. Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.” (1 Korinte 10:23, 24) NjengamaKristu, sikhathazeka ngobuqotho ngokwakha uthando nobunye bobuzalwane bobuKristu.—IHubo 133:1; Johane 13:34, 35.

Amazwi Elaphayo

Amazwi angaba nethonya elinamandla nelihle. “Amazwi amahle anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.” (IzAga 16:24) Amazwi kaGideyoni okugwema ingxabano eyayingase ibe khona phakathi kwakhe nabakwa-Efrayimi abonisa indlela lesi saga esiyiqiniso ngayo.

UGideyoni, owayebambene ngezihluthu nabakwaMidiyani, wacela usizo esizweni sakwa-Efrayimi. Nokho, ngemva kwempi, u-Efrayimi wakhononda kakhulu kuGideyoni ngokuthi wayengambizanga ekuqaleni kwempi. Ukulandisa kuthi ‘wazama ngamandla ukuxabana naye.’ UGideyoni waphendula ngokuthi: “Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na? Ukukhothoza kwabakwa-Efrayimi akukuhle yini kunokuvuna umvini kwama-Abiyezeri na? UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani, uma kulinganiswa nokwenu, na?” (AbAhluleli 8:1-3) Ngamazwi akhethwe kahle nazolile, uGideyoni wagwema lokho okwakungaba yimpi eyinhlekelele phakathi kwezizwe. Kungenzeka ukuthi abesizwe sakwa-Efrayimi babezazisa futhi beziqhenya. Nokho, lokho akuzange kuvimbele uGideyoni ukuba alwele ukwenza kube nomphumela onokuthula. Ingabe singenza okufanayo?

Abanye bangase bafukamele intukuthelo bese besizonda. Qaphela indlela abazizwa ngayo bese usebenzela ukuqonda imibono yabo. Kungenzeka yini ukuthi siye saba nesandla endleleni abazizwa ngayo? Uma kunjalo, kungani singavumi ukuthi siye saba nengxenye ekubangeleni ubunzima bese sibonisa indlela esizisola ngayo ngokwandisa inkinga. Amazwi ambalwa akhethwe kahle angase alungise ubuhlobo obonakele. (Jakobe 3:4) Abanye abathukuthele bangase badinge nje amazwi ethu omusa okubaqinisekisa. IBhayibheli lithi “ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka.” (IzAga 26:20) Yebo, amazwi akhethwe kahle ashiwo ngomoya ofanele ‘angabuyisa ukufutheka’ futhi elaphe.—IzAga 15:1.

Umphostoli uPawulu uyatusa: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) Kuyiqiniso ukuthi asinakuyilawula imizwa yabanye, kodwa singafeza ingxenye yethu ekuthuthukiseni ukuthula. Kunokulawulwa indlela yokungapheleli esisabela ngayo noma sigxile endleleni abanye abasabela ngayo, singathatha isinyathelo manje sokusebenzisa izimiso ezisekelwe eBhayibhelini. Uma sisingatha ukungaboni ngaso linye ngendlela uJehova asiyala ngayo, kuyophumela ekuthuleni okuhlala njalo nasenjabulweni.—Isaya 48:17.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 13 Bheka isihloko esithi “Thethelela Ngokusuka Enhliziyweni” nesithi “Ungase Umzuze Umfowenu,” ezikuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 1999.

[Isithombe ekhasini 24]

Ingabe siyaphikelela ekufuneni izinto zenziwe ngendlela yethu?

[Isithombe ekhasini 25]

U-Abrahama wabeka isibonelo esihle sokugoba uphondo ukuze kuxazululeke ukungaboni ngaso linye