‘Bakhuluma Ngobuhle Nothando’
‘Bakhuluma Ngobuhle Nothando’
EMINYAKENI yamuva nje, oFakazi BakaJehova eFrance baye baba izisulu zomkhankaso omkhulu wokuhlanjalazwa. Abaphikisi babo baye basebenzisa amanga nokwaziswa okungaqondile ukuze umphakathi ube nombono ongemuhle ngabo. Ekuqaleni kuka-1999, oFakazi BakaJehova kulo lonke elaseFrance basakaza amapheshana ayizigidi ezingu-12 anesihloko esithi People of France, You Are Being Deceived! (Bantu BaseFrance, Niyakhohliswa!) Kuleli pheshana, baphikisa izinkulumo ezihlambalazayo ezazikhulunywa ngabo.
Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kwalowo mkhankaso, uMnu. Jean Bonhomme, ongudokotela wezokwelapha nowayeyilungu lePhalamende, wathumelela iphephandaba lendawo incwadi eyayibhekiswe emphakathini. Wabhala: “Ngezikhathi ezithile oFakazi BakaJehova bayafika kwami. Basuke bezoxoxa nami ngobuhle nothando lwendawo yonke. . . . Abangeni ngenkani. Bakhuluma ngendlela epholile futhi bakulalele ngomusa ukungabaza kwami.”
Ngokuqondene nombono ongokomoya woFakazi BakaJehova, uMnu. Bonhomme wathi: “Ukungazi kwabo akulimazi neze. Ngakolunye uhlangothi, ukungazi kwezazi ezithile zezombangazwe kuwusongo ekuthuleni kwezakhamuzi nasebunyeni bomphakathi.”