Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bonisa Isimo Sengqondo SikaKristu

Bonisa Isimo Sengqondo SikaKristu

Bonisa Isimo Sengqondo SikaKristu

“Kwangathi uNkulunkulu onika ukukhuthazela nenduduzo anganipha ukuba phakathi kwenu nibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uKristu Jesu ayenaso.”—ROMA 15:5.

1. Isimo sengqondo somuntu singakuthinta kanjani ukuphila kwakhe?

ISIMO SENGQONDO sisho lukhulu ekuphileni. Isimo sengqondo sokunganaki noma sokukhuthala, isimo sengqondo esiqondile noma esingaqondile, isimo sengqondo sokulwa noma sokubambisana, isimo sengqondo sokukhononda noma sokubonga singayithonya kakhulu indlela umuntu asingatha ngayo izimo nendlela abanye abantu abasabela ngayo kuye. Umuntu onesimo sengqondo esihle angaba nenjabulo ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu. Kumuntu onesimo sengqondo esingesihle, ayikho into ebonakala ilungile, ngisho nalapho ukuphila kuhamba kahle—ngokombono ovamile wezinto.

2. Umuntu uzifunda kanjani izimo zengqondo?

2 Izimo zengqondo ezinhle noma ezimbi zingafundwa. Eqinisweni, kumelwe zifundwe. Ikhuluma ngomntwana osanda kuzalwa, i-Collier’s Encyclopedia ithi: “Izimo zengqondo ayogcina ebe nazo kumelwe azihlakulele noma azifunde, njengoba nje kumelwe afunde ulimi nanoma yiliphi elinye ikhono.” Sizifunda kanjani izimo zengqondo? Nakuba izinto eziningi zinomthelela, indawo esikuyo nabantu esiphila nabo kunethonya elikhulu. I-encyclopedia eshiwo ngaphambili ithi: “Sifunda noma simunce, njengokungathi [njengesiponji], izimo zengqondo zabantu esisondelene nabo.” Ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, iBhayibheli lasho okufanayo: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.”—IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33.

Isibonelo Sesimo Sengqondo Esifanele

3. Ubani owayeyisibonelo ngesimo sakhe sengqondo, futhi singamlingisa kanjani?

3 Njengakukho konke okunye, uJesu Kristu wasibekela isibonelo esizidlula zonke nasendabeni yesimo sengqondo. Wathi: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani kufanele nenze kanjalo.” (Johane 13:15) Ukuze sibe njengoJesu, kumelwe siqale sifunde ngaye. * Sifunda ngokuphila kukaJesu ngenhloso yokwenza lokho okwatuswa umphostoli uPetru: “Nabizelwa kulenkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Umgomo wethu uwukuba sifuze uJesu ngangokunokwenzeka. Lokho kuhlanganisa nokuhlakulela isimo sakhe sengqondo.

4, 5. Yisiphi isici sesimo sengqondo sikaJesu esiqokonyiswe kumaRoma 15:1-3, futhi amaKristu angamlingisa kanjani?

4 Yini ehilelekile ekubeni nesimo sengqondo sikaKristu Jesu? Isahluko 15 sencwadi kaPawulu kumaRoma sisisiza ukuba siphendule lowo mbuzo. Emavesini ambalwa okuqala alesi sahluko, uPawulu ukhuluma ngemfanelo evelele kaJesu lapho ethi: “Nokho, thina esiqinile kufanele sithwale ubuthakathaka balabo abangaqinile, futhi singazijabulisi thina. Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe kokuhle ukuba akheke. Ngoba ngisho noKristu akazijabulisanga yena; kodwa njengoba nje kulotshiwe: ‘Isihlamba salabo ababekuhlambalaza sehlele phezu kwami.’”—Roma 15:1-3.

5 Elingisa isimo sengqondo sikaJesu, amaKristu akhuthazwa ukuba alungele ukukhonza izidingo zabanye ngokuthobeka kunokuba afune ukuzijabulisa wona kuphela. Empeleni, ukuzimisela ngokuthobeka ukukhonza abanye ngale ndlela kuyisici salabo ‘abaqinile.’ UJesu, owayeqinile ngokomoya ukudlula noma yimuphi umuntu owake waphila, wathi ngaye siqu: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube isihlengo esenana abaningi.’ (Mathewu 20:28) NjengamaKristu, nathi sifuna ukuzidela ukuze sikhonze abanye, kuhlanganise ‘nalabo abangaqinile.’

6. Singayilingisa kanjani indlela uJesu ayesabela ngayo ekuphikisweni nasekuhlanjalazweni?

6 Esinye isici esihle uJesu asibonakalisa kwakuyindlela yokucabanga neyokwenza eyakhayo ngaso sonke isikhathi. Akazange alokothe avumele isimo sengqondo esingaqondile sabanye ukuba sithonye esakhe isimo sengqondo esihle ekukhonzeni uNkulunkulu; nathi akufanele sisivumele. Lapho ehlanjalazwa futhi eshushiswa ngenxa yokukhulekela uNkulunkulu ngokwethembeka, uJesu wakhuthazela ngesineke engakhonondi. Wayazi ukuthi ukuphikiswa yizwe elingakholwa nelingaqondi kulindelekile kulabo abazama ukujabulisa umakhelwane wabo “kokuhle ukuba akheke.”

7. UJesu wasibonisa kanjani isineke, futhi kungani kufanele senze okufanayo?

7 UJesu wabonisa isimo sengqondo esifanele nangezinye izindlela. Akazange nanini abonise ukuphelelwa yisineke ngoJehova kodwa ngesineke walindela ukufezeka kwezinjongo zaKhe. (IHubo 110:1; Mathewu 24:36; IzEnzo 2:32-36; Heberu 10:12, 13) Ngaphezu kwalokho, uJesu akazange aphelelwe yisineke ngabalandeli bakhe. Wathi kubo: ‘Fundani kimi’; njengoba ‘ayenomoya omnene,’ ukufundisa kwakhe kwakwakha futhi kuqabula. Futhi ngenxa yokuthi ‘wayethobekile ngenhliziyo,’ wayengalokothi abukise noma agabadele. (Mathewu 11:29) UPawulu usikhuthaza ukuba silingise lezi zici zesimo sengqondo sikaJesu lapho ethi: “Gcinani kini lesisimo sengqondo esasikhona nakuKristu Jesu, owathi nakuba ayekhona ngesimo sikaNkulunkulu, wangakucabangela ukuqhwaga, okuwukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu. Cha, kodwa wazigeqa wathatha isimo sesigqila futhi wafana nabantu.”—Filipi 2:5-7.

8, 9. (a) Kungani kudingeka sizikhandle ukuze sihlakulele isimo sengqondo sokungabi nabugovu? (b) Kungani kungafanele sidikibale uma sishiyeka ekulandeleni isibonelo sikaJesu, futhi uPawulu waba kanjani yisibonelo esihle kulokhu?

8 Kulula ukuthi sifuna ukukhonza abanye futhi sifuna ukubeka izidingo zabo ngaphambi kwezethu. Kodwa ukuhlola isimo sethu sengqondo ngobuqotho kungase kwembule ukuthi izinhliziyo zethu azithambekele ngokuphelele kulokho. Ngani? Okokuqala, ngoba siye sazuza izici zobugovu ku-Adamu no-Eva; okwesibili, ngoba siphila ezweni eligqugquzela ubugovu. (Efesu 4:17, 18) Ukuba nesimo sengqondo sokungabi nabugovu ngokuvamile kusho ukuhlakulela indlela yokucabanga engqubuzana nesimo sokungapheleli esizalwa naso. Lokho kudinga ukuzimisela nomzamo.

9 Ukungapheleli kwethu okusobala, okuphambene kakhulu nesibonelo esiphelele uJesu asishiyela sona, kungasidikibalisa ngezinye izikhathi. Singase singabaze ngisho nokuthi ukuba nesimo sengqondo esifana naleso uJesu ayenaso kungenzeka. Kodwa phawula amazwi kaPawulu akhuthazayo: “Ngoba ngiyazi ukuthi kimi, okuwukuthi, enyameni yami, akuhlali lutho oluhle; ngoba amandla okufisa akhona kimi, kodwa amandla okwenza okuhle awekho. Ngoba okuhle engikufisayo angikwenzi, kodwa okubi engingakufisi yikho engikwenza umkhuba. Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.” (Roma 7:18, 19, 22, 23) Yiqiniso, ukungapheleli kukaPawulu kwamthiya ngokuphindaphindiwe ekufezeni intando kaNkulunkulu ngendlela ayefisa ngayo, kodwa isimo sakhe sengqondo—indlela ayecabanga futhi ezizwa ngayo ngoJehova nomthetho waKhe—yayiyisibonelo. Neyethu ingaba yiso.

Ukulungisa Izimo Zengqondo Ezingalungile

10. Yisiphi isimo sengqondo uPawulu akhuthaza abaseFilipi ukuba basihlakulele?

10 Kungenzeka yini ukuthi abanye kudingeka balungise isimo sengqondo esingalungile? Yebo. Ngokusobala kwakunjalo ngamanye amaKristu ekhulwini lokuqala. Encwadini ayeyibhalela abaseFilipi, uPawulu wakhuluma ngokuba nesimo sengqondo esifanele. Wabhala: “Akukhona ukuthi sengilwamukele kakade [ukuphila kwasezulwini ngovuko lokuqala] noma ukuthi sengenziwe ngaphelela kakade, kodwa ngiphishekela ukubona ukuthi ngingekubambe yini nami lokho engibanjwe uKristu Jesu ngenxa yako. Bafowethu, angikazicabangeli njengosekubambile; kodwa yinye into ekhona ngakho: Ukukhohlwa izinto ezingemuva nokwelulekela phambili ezintweni ezingaphambili, ngiphishekela emgomweni ukuze ngithole umklomelo wobizo lwaphezulu lukaNkulunkulu ngoKristu Jesu. Khona-ke, sonke thina esivuthiwe, masibeni nalesisimo sengqondo.”Filipi 3:12-15.

11, 12. Yiziphi izindlela uJehova asambulela ngazo isimo sengqondo esifanele?

11 Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi noma ubani okuthi ngemva kokuba ngumKristu, angasizwa isidingo sokuthuthuka, unesimo sengqondo esingalungile. Uhlulekile ukuba nesimo sengqondo sikaKristu. (Heberu 4:11; 2 Petru 1:10; 3:14) Ingabe isimo somuntu onjalo asinathemba? Lutho neze. UNkulunkulu angasisiza sisishintshe isimo sethu sengqondo uma sifuna ngempela. UPawulu uqhubeka athi: “Uma ninokuthambekela kwengqondo okuhlukile kunoma isiphi isici, uNkulunkulu uyonambulela isimo sengqondo esingenhla.”—Filipi 3:15.

12 Nokho, uma sifisa ukuba uJehova asambulele isimo sengqondo esifanele, kumelwe senze ingxenye yethu. Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngosizo lwezincwadi zobuKristu ezilungiselelwe “yisigqila esikholekile nesiqondayo,” kuhambisana nomthandazo, kuyosiza labo ‘abanokuthambekela kwengqondo okuhlukile’ ukuba bahlakulele isimo sengqondo esifanele. (Mathewu 24:45) Abadala abangamaKristu, abamiswe ngumoya ongcwele ‘ukuze beluse ibandla likaNkulunkulu,’ bayokujabulela ukusekela. (IzEnzo 20:28) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova uyakucabangela ukungapheleli kwethu futhi asinike usizo ngothando! Masilwamukele.

Ukufunda Kwabanye

13. Sifundani ngesimo sengqondo esifanele ekulandiseni kweBhayibheli okuphathelene noJobe?

13 KumaRoma isahluko 15, uPawulu ubonisa ukuthi ukuzindla ngezibonelo ezingokomlando kungasisiza silungise isimo sethu sengqondo. Uyabhala: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” (Roma 15:4) Ezinye zezinceku zikaJehova ezithembekile zasendulo kwakudingeka zilungise izici ezithile zesimo sazo sengqondo. Ngokwesibonelo, uJobe wayenesimo sengqondo esihle. Akazange alokothe abhece uJehova ngokubi, futhi akazange nanini avumele ukuhlupheka kuphazamise ukwethembela kwakhe kuNkulunkulu. (Jobe 1:8, 21, 22) Nokho, wayethambekele ekuzithetheleleni. UJehova waqondisa u-Elihu ukuba asize uJobe ekulungiseni lokhu kuthambekela. Kunokuba azizwe ephoxekile, uJobe wakwamukela ngokuthobeka ukuthi kwakudingeka ashintshe isimo sengqondo futhi ngokushesha waqala ukusishintsha.—Jobe 42:1-6.

14. Singaba kanjani njengoJobe lapho selulekwa ngesimo sethu sengqondo?

14 Besingasabela yini njengoJobe uma umKristu esikanye naye esitshela ngomusa ukuthi sibonisa izimpawu zokuba nesimo sengqondo esingalungile? NjengoJobe, kwangathi singelokothe ‘sithele uNkulunkulu okubi.’ (Jobe 1:22) Uma sihlupheka kungafanele, masingalokothi sikhononde noma sisole uJehova ngokuhlupheka kwethu. Kwangathi singakugwema ukuzama ukuzithethelela, sikhumbula ukuthi noma ngabe sinamaphi amalungelo enkonzweni kaJehova, ‘siseyizigqila ezingelusizo lwalutho’ nje.—Luka 17:10.

15. (a) Yisiphi isimo sengqondo esingafanele esaboniswa abanye babalandeli bakaJesu? (b) UPetru wasibonisa kanjani isimo sengqondo esihle?

15 Ekhulwini lokuqala, abanye ababelalele uJesu babonisa isimo sengqondo esingafanele. Ngesinye isikhathi, uJesu washo okuthile okwaba nzima ukukuqonda. Besabela, “abaningi kubafundi bakhe, lapho bezwa lokhu, bathi: ‘Lenkulumo iyashaqisa; ubani ongayilalela?’” Ngokusobala labo abakhuluma ngale ndlela babenesimo sengqondo esingalungile. Futhi isimo sabo sengqondo esingalungile saholela ekubeni bayeke ukulalela uJesu. Ukulandisa kuthi: “Ngenxa yalokhu abaningi kubafundi bakhe bahamba baya ezintweni ababezishiye emuva futhi ababange besahamba naye.” Ingabe bonke babenesimo sengqondo esingalungile? Cha. Ukulandisa kuqhubeka kuthi: “Ngakho-ke uJesu wathi kwabayishumi nambili: ‘Anifuni ukuhamba nani, akunjalo?’ USimoni Petru wamphendula wathi: ‘Nkosi, ubani esiyoya kuye?’” UPetru wabe eseziphendula yena: “Nguwe onamazwi okuphila okumi phakade.” (Johane 6:60, 66-68) Yeka isimo sengqondo esihle! Lapho kunezincazelo noma ukulungisa ekuqondweni kwemiBhalo esingase sikuthole kunzima ukukwamukela ekuqaleni, ngeke yini kube kuhle ukubonisa isimo sengqondo esaboniswa nguPetru? Yeka ukuthi kungaba ubuwula kangakanani ukuyeka ukukhonza uJehova noma ukukhuluma ngendlela ephambene ‘nesibonelo samazwi amahle’ ngenxa nje yokuthi izinto ezithile kwakunzima ukuziqonda ekuqaleni!—2 Thimothewu 1:13.

16. Yisiphi isimo sengqondo esishaqisayo esaboniswa abaholi benkolo bamaJuda bosuku lukaJesu?

16 Abaholi benkolo bamaJuda bekhulu lokuqala behluleka ukubonisa isimo sengqondo uJesu ayenaso. Ukuzimisela kwabo ukungamlaleli uJesu kwabonakala lapho evusa uLazaru kwabafileyo. Kunoma ubani onesimo sengqondo esifanele, leso senzakalo sasiyoba ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJesu wayethunywe nguNkulunkulu. Nokho, siyafunda: “Ngenxa yalokho abapristi abakhulu nabaFarisi babuthela ndawonye iSanhedrini futhi baqala ukuthi: ‘Sizokwenzenjani, ngoba lomuntu wenza izibonakaliso eziningi? Uma simyeka ngalendlela, bonke bazobeka ukholo kuye, futhi amaRoma azofika athathe kokubili indawo yethu nesizwe sethu.’” Laba yini ikhambi labo? “Kusukela ngalolosuku kuqhubeke bacebisana ngokuba bambulale.” Ngaphandle kokwakha ugobe lokubulala uJesu, bazama ukubulala ubufakazi obuphathekayo bokuba kwakhe ngumenzi wezimangaliso. “Abapristi abakhulu manje bacebisana ukuba babulale noLazaru.” (Johane 11:47, 48, 53; 12:9-11) Yeka ukuthi bekungaba kubi kanjani uma besingaba nesimo sengqondo esifanayo, sicasulwe noma sithukutheliswe yizinto empeleni okufanele ngabe siyazijabulela! Futhi yeka ukuthi kuyingozi kanjani!

Ukulingisa Isimo Sengqondo SikaKristu Esiqondile

17. (a) UDaniyeli wasibonisa ngaphansi kwaziphi izimo isimo sengqondo sokungesabi? (b) UJesu wazibonakalisa kanjani enesibindi?

17 Izinceku zikaJehova zilondoloza isimo sengqondo esiqondile. Lapho izitha zikaDaniyeli zakha uzungu lokuba kumiswe umthetho owenqabela ukukhuleka kunoma yimuphi omunye unkulunkulu noma umuntu ngaphandle kwenkosi izinsuku ezingu-30, uDaniyeli wayazi ukuthi lokhu kwakuzothinta ubuhlobo bakhe noJehova uNkulunkulu. Ingabe wayezoyeka ukuthandaza kuNkulunkulu izinsuku ezingu-30? Cha, waqhubeka ngesibindi ethandaza kuJehova kathathu ngosuku njengenjwayelo. (Daniyeli 6:6-17) UJesu ngokufanayo wenqaba ukwesatshiswa yizitha zakhe. Ngolunye usuku lweSabatha wahlangana nomuntu onesandla esishwabene. UJesu wayazi ukuthi amaJuda amaningi ayelapho ayengeke akwenamele ukwelapha kwakhe umuntu ngeSabatha. Wawabuza ngokungagunci ukuthi athini ngale ndaba. Lapho engaphenduli, uJesu wamelapha lowo muntu. (Marku 3:1-6) UJesu akazange ahlehle ekufezeni umsebenzi wakhe ngendlela ayebona ifanele.

18. Kungani abanye besiphikisa, kodwa kufanele sisabele kanjani esimweni sabo sengqondo esingaqondile?

18 OFakazi BakaJehova namuhla bayaqaphela ukuthi nabo akumelwe neze besatshiswe yindlela engeyinhle abangase basabele ngayo abaphikisi. Ngalé kwalokho, bayobe ababonisi isimo sengqondo sikaJesu. Abaningi baphikisa oFakazi BakaJehova, abanye ngenxa yokungawazi amaqiniso kanti abanye ngoba bezonda oFakazi noma umyalezo wabo. Kodwa masingalokothi sivumele isimo sabo sengqondo sokungabi namusa ukuba sithonye esethu esiqondile. Akufanele neze sivumele abanye balawule indlela esikhulekela ngayo.

19. Singasibonisa kanjani isimo sengqondo esifana nesikaJesu Kristu?

19 UJesu wayehlale ebonisa isimo sengqondo esiqondile kubalandeli bakhe nangamalungiselelo kaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi kwakunzima kangakanani ukwenza kanjalo. (Mathewu 23:2, 3) Kufanele silingise isibonelo sakhe. Kuyavunywa, abafowethu abaphelele, kodwa sinjalo nathi. Futhi singabatholaphi abangane abangcono nabaqotho ngempela uma kungekhona kubafowethu bomhlaba wonke? UJehova akakasiniki ukuliqonda ngokuphelele iZwi lakhe elilotshiwe, kodwa yiliphi iqembu lenkolo eliliqonda ngaphezu kwethu? Masihlale sinesimo sengqondo esifanele njalo, isimo sengqondo uJesu Kristu ayenaso. Phakathi kwezinye izinto, lokhu kuhlanganisa nokukwazi ukulindela uJehova, njengoba sizoxoxa ngako esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 Incwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., ixoxa ngokuphila nenkonzo kaJesu.

Ungachaza?

• Isimo sethu sengqondo sikuthinta kanjani ukuphila kwethu?

• Chaza isimo sengqondo sikaJesu Kristu.

• Singafundani esimweni sengqondo sikaJobe?

• Yisiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso lapho siphikiswa?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 7]

UmKristu onesimo sengqondo esifanele wenza umzamo wokusiza abanye

[Isithombe ekhasini 9]

Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngosizo lomthandazo kusisiza ukuba sibe nesimo sengqondo sikaKristu