Kungani Kufanele Uzidele?
Kungani Kufanele Uzidele?
UBill uyindoda enomkhaya eneminyaka eyevile kwengu-50 enguthisha wezobuchwepheshe bokwakha. Unyaka wonke, ngezakhe izindleko, usebenza amasonto amaningi esiza ngokuklama nokwakha amaHholo OMbuso amabandla oFakazi BakaJehova. U-Emma ungomusha ongashadile ofundile oneminyaka engu-22 ubudala futhi owufanelekela kahle umsebenzi wakhe. Kunokuba aphishekele imigomo yakhe siqu kuphela nezinjabulo, uchitha amahora angaphezu kwangu-70 ngenyanga njengesikhonzi, esiza abantu ukuba baqonde iBhayibheli. UMaurice noBetty sebethathe umhlala-phansi. Kunokuba baphumule manje, baye bathuthela kwelinye izwe ukuze bayosiza abantu lapho ukuba bafunde ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba.
LABA bantu abazibheki njengabantu abakhethekile noma abangavamile. Bangabantu abavamile nje abenza into abayibheka njengento okufanele ukuba yenziwe. Kungani besebenzisa isikhathi, amandla, amakhono, nezinto zabo ukuze bakhonze izithakazelo zabanye? Bashukunyiswa uthando lwabo olujulile ngoNkulunkulu nomakhelwane. Lolu thando luye lwashukumisa kumuntu ngamunye wabo umoya wokuzidela ngempela.
Sisho ukuthini uma sikhuluma ngomoya wokuzidela? Akudingekile ukuba umuntu aphile ukuphila kokuzincisha noma abe unkom’ idlayodwa ukuze kuthiwe uyazidela. Akuhileli ukuzincisha ngokweqile okusiphuca injabulo noma ukwaneliseka. Njengoba i-Shorter Oxford English Dictionary ikubeka, ukuzidela kumane kusho ukuthi “udela izithakazelo zakho, injabulo nezifiso, ngenxa yesibopho noma inhlalakahle yabanye.”
UJesu Kristu—Isibonelo Esivelele
INdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, uJesu Kristu, iyisibonelo esivelele somuntu onomoya wokuzidela. Kumelwe ukuba ukuphila kwakhe ngaphambi kokuba abe ngumuntu kwakuthakazelisa futhi kwanelisa ngezinga eliphakeme. Wayesondelene, futhi enobuhlobo obuseduze noYise kanye nezidalwa zomoya. Ngaphezu kwalokho, iNdodana kaNkulunkulu yasebenzisa amakhono ayo emisebenzini eyinselele nethakazelisayo ‘njengengcweti yomsebenzi.’ (IzAga 8:30, 31) Ngokuqinisekile yayiphila ngaphansi kwezimo ezingcono ukwedlula ngisho nalezo ezijatshulelwa umuntu onothé ukubedlula bonke abantu emhlabeni. Iseduze kukaJehova uNkulunkulu, yayinesikhundla esiphakeme futhi esiyilungelo ezulwini.
Noma kunjalo, iNdodana kaNkulunkulu ‘yazigeqa yathatha isimo sesigqila futhi yafana nabantu.’ (Filipi 2:7) Yayizimisele ukushiya wonke amalungelo ayo ngokuba ibe umuntu futhi inikele ngokuphila kwayo njengesihlengo ukuze ilungise umonakalo owabangelwa uSathane. (Genesise 3:1-7, Marku 10:45) Lokho kwakusho ukuthi yayizohlala phakathi kwesintu esinesono ezweni elisemandleni kaSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Futhi kwakusho ukuthi yayizobekezelela ubuhlungu nokuhlukunyezwa. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi wayezolahlekelwa kangakanani, uJesu Kristu wayezimisele ukwenza intando kaYise. (Mathewu 26:39; Johane 5:30; 6:38) Lokhu kwaluvivinya uthando nobuqotho bukaJesu kwaze kwaba sekugcineni. Wayezimisele ukuzidela ngezinga elingakanani? “Wazithoba,” kusho umphostoli uPawulu, “futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.”—Filipi 2:8.
“Gcinani Kini Lesisimo Sengqondo”
Sikhuthazwa ukuba silandele isibonelo sikaJesu. UPawulu wanxusa, “gcinani kini lesisimo sengqondo esasikhona nakuKristu Jesu.” (Filipi 2:5) Singakwenza kanjani lokhu? Enye indlela ukuba ‘sinakekele, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zethu kuphela, kodwa futhi sinakekele ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’ (Filipi 2:4) Uthando lweqiniso “aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”—1 Korinte 13:5.
Ngokuvamile abantu abakhathalelayo babonisa ukuzinikela okungenakuzigodla ekukhonzeni abanye. Nokho, namuhla, abantu abaningi banokuthambekela kobugovu. Izwe linesimo sengqondo sobumina. Kudingeka siwuqaphele umoya wezwe ngoba uma uphumelela ekulolongeni isimo nendlela yethu yokucabanga, ngokunokwenzeka siyoqokomisa izifiso zethu njengezibaluleke ukwedlula konke okunye. Khona-ke konke esikwenzayo—indlela esisebenzisa ngayo isikhathi, amandla, nezinto zethu—kuyothonywa ukuzicabangela kobugovu. Ngakho kudingeka silwe naleli thonya.
Ngezinye izikhathi ngisho neseluleko esinezinhloso ezinhle singawudikibalisa umoya wokuzidela. Eqaphela ukuthi yayiholela kuphi indlela kaJesu yokuphila yokuzidela, umphostoli uPetru wathi: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi.” (Mathewu 16:22) Ngokusobala wakuthola kunzima ukusamukela isifiso sikaJesu sokuba aze afe ngenxa yobubusi bendawo yonke bukaYise nokusindiswa kwesintu. Ngakho wazama ukuphambukisa uJesu ekuphishekeleni leyo ndlela yokuphila.
“Zidele”
UJesu wasabela kanjani? Ukulandisa kuthi: “Waphenduka, wabheka abafundi bakhe futhi wakhuza uPetru, wathi: ‘Buyela emva kwami, Sathane, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu.’” Khona-ke uJesu wabiza isixuku nabafundi bakhe futhi wathi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.”—Marku 8:33, 34.
Ngemva kweminyaka engu-30 enikeze uJesu lesi seluleko, uPetru wabonisa ukuthi ngaleso sikhathi wayesekuqonda lokho okushiwo ukuzidela. Akazange akhuthaze labo akholwa nabo ukuba bayekethise emizamweni yabo futhi bazenze banethezeke. Kunalokho, uPetru wabanxusa ukuba babhukule izingqondo zabo ngenjongo yokusebenza futhi bayeke ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso zezwe ababenazo ngaphambili. Naphezu kovivinyo, kwakufanele benze ukwenza intando kaNkulunkulu kuze kuqala ekuphileni kwabo.—1 Petru 1:6, 13, 14; 4:1, 2.
Ukunikeza uJehova konke esinakho silandele uJesu Kristu ngokwethembeka futhi sivumele uNkulunkulu aqondise esikwenzayo kuyinkambo ezuzisa kakhulu engaphishekelwa inoma ubani kithi. 2 Korinte 12:15) UPawulu wasebenzisa amakhono akhe ukuze athuthukise izithakazelo zaphezulu, hhayi ezakhe.—IzEnzo 20:24; Filipi 3:8.
UPawulu wabeka isibonelo esihle kulesi sici. Umuzwa wokuphuthuma ayenawo nokwazisa uJehova kwamshukumisela ukuba alahle iminako yezwe noma izinto ezazingase zimphazamise ekubeni enze intando kaNkulunkulu. Wathi, “mina ngizokuthokozela kakhulu ukusebenzisa konke enginakho nokuba ngisetshenziswe ngokuphelele” ukuze ngikhonze izithakazelo zabanye. (Singazihlola kanjani ukuze sibone ukuthi sinaso yini isimo esifana nesomphostoli uPawulu? Singase sizibuze imibuzo enjengokuthi: Ngisisebenzisa kanjani isikhathi, amandla, amakhono nezinto zami? Ingabe ngisebenzisa lezi zipho eziyigugu kanye nezinye ukuze nje ngithuthukise izithakazelo zami, noma ingabe ngizisebenzisela ukusiza abanye? Sengike ngakucabangela nje ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini osindisa ukuphila wokumemezela izindaba ezinhle, mhlawumbe njengommemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele? Ngingakwazi ukuhlanganyela ngokugcwele emisebenzini enjengokwakha noma ukunakekela amaHholo OMbuso? Ingabe ngiyawasebenzisa amathuba ukuze ngisize abaswele? Ingabe ngimnikeza okungcono uJehova?—IzAga 3:9.
“Injabulo Eyengeziwe Ekupheni”
Noma kunjalo, ingabe ngempela kuwukuhlakanipha ukuzidela? Ngokuqinisekile! UPawulu wayazi ngokuhlangenwe nakho kwakhe siqu ukuthi umoya onjalo uletha izinzuzo ezicebile. Kwamlethela injabulo enkulu nomuzwa ojulile wokwaneliseka. Wachazela amadoda amadala ase-Efesu lapho ehlangana nawo eMilethu. UPawulu wathi: “Nginibonisile kukho konke ukuthi ngokushikashikeka ngalendlela [yokuzidela] kumelwe nisize labo ababuthakathaka, futhi kumelwe nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, lapho yona ngokwayo ithi, ‘Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.’” (IzEnzo 20:35) Izigidi zabantu ziye zathola ukuthi ukubonakalisa lolu hlobo lomoya kuletha injabulo enkulu kwamanje. Futhi kuyoletha injabulo esikhathini esizayo lapho uJehova evuza labo ababeka izithakazelo zakhe nezabanye ngaphambi kwezabo.—1 Thimothewu 4:8-10.
Lapho ebuzwa ukuthi kungani ayezikhandla kangaka ekusizeni abanye ukuba bakhe amaHholo OMbuso, uBill wathi: “Ukusiza amabandla amancane ngokuvamile kunginikeza ukwaneliseka okukhulu. Ngiyakujabulela ukusebenzisa amakhono enginawo ukuze kuzuze
abanye.” Kungani u-Emma eye wakhetha ukusebenzisa amandla namakhono akhe esiza abanye ukuba bafunde iqiniso lemiBhalo? “Angizicabangi ngenza enye into. Njengoba ngisemncane futhi ngisenawo amandla, ngifuna ukwenza konke engingakwenza ukuze ngijabulise uJehova futhi ngisize abanye. Kimina ukudela izinzuzo ezithile zezinto ezibonakalayo akuyona into enkulu. Ngenza lokho okufanele ngikwenze njengoba ngiqaphela lokho uJehova angenzele khona.”UMaurice noBetty abazisoli ngokuthi abazange balandele ukuphila kokunethezeka, ngemva kweminyaka eminingi enzima yokukhulisa nokunakekela umkhaya wabo. Manje njengoba sebethathe umhlala-phansi, bafuna ukuqhubeka besebenzisa ukuphila kwabo ukuze benze okuthile okuwusizo futhi okunengqondo. Bathi: “manje asifuni nje ukuhlala phansi siphumule. Ukusiza abanye abakwelinye izwe ukuba bafunde ngoJehova kusinikeza ithuba lokuhlale senza okuthile okunenjongo.”
Ingabe uzimisele ukuzidela? Lokhu ngeke kube lula. Kunempi eqhubekayo phakathi kwezifiso zobuntu zokungapheleli nesifiso sethu esiqotho sokujabulisa uNkulunkulu. (Roma 7:21-23) Kodwa uma sivumela uJehova aqondise ukuphila kwethu singanqoba kule mpi. (Galathiya 5:16, 17) Ngokuqinisekile uzowukhumbula umsebenzi wethu wokuzidela enkonzweni yakhe futhi uyosibusisa ngokucebile. Yiqiniso, uJehova uNkulunkulu ‘uzosivulela amafasitela asezulwini, asithululele isibusiso kunokwaneleyo.’—Malaki 3:10; Heberu 6:10.
[Isithombe ekhasini 23]
UJesu wayenomoya wokuzidela. Ingabe nawe unawo?
[Izithombe ekhasini 24]
UPawulu wagxilisa imizamo yakhe emsebenzini wokushumayela ngoMbuso