Londoloza Igama Lakho
Londoloza Igama Lakho
UMUNTU oklama izakhiwo ezinhle uzakhela igama njengomklami onguchwepheshe. Owesifazane osemusha ophumelelayo ezifundweni zasesikoleni waziwa njengomfundi okhaliphile. Ngisho nomuntu ongenzi lutho angase aziwe njengevila. Ligcizelela ukubaluleka kokuzakhela igama elihle, iBhayibheli lithi: “Igama elihle lifiseleka ukwedlula ingcebo enkulu, idumela elihle ukwedlula isiliva negolide.”—IzAga 22:1, An American Translation.
Igama elihle lakhiwa izenzo ezincane eziningi ezenzeka enkathini ethile. Nokho, kudingeka isenzo esisodwa esiwubuwula ukuze lonakaliswe. Ngokwesibonelo, isenzakalo esisodwa sokuziphatha okubi ngokobulili singase silingcolise idumela elihle. Esahlukweni sesithupha encwadini yeBhayibheli yezAga, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni isixwayisa ngesimo sengqondo nezenzo ezingonakalisa idumela lethu futhi zilimaze ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu. Phakathi kwalezi kubalwa ukwenza izivumelwano ezingenangqondo, ubuvila, ukukhohlisa nokuziphatha okubi kobulili—okuyizinto uJehova azizondayo. Ukulalela lesi seluleko kuyosisiza silondoloze igama lethu elihle.
Zikhulule Ezivumelwaneni Zobuwula
Isahluko sesithupha sezAga siqala ngamazwi athi: “Ndodana yami, uma uyisibambiso somakhelwane wakho, uma uxhawulene nomfokazi, ucushiwe ngamazwi omlomo wakho, ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho, yenza lokhu phela, ndodana yami, uzophule, lokhu ungene esandleni somakhelwane wakho: khothama phambi kwakhe, umncengisise.”—IzAga 6:1-3.
Lesi saga sinikeza iseluleko mayelana nokuhileleka ezivumelwaneni zamabhizinisi abanye, ikakhulukazi awabantu esingabazi. Yebo, ama-Israyeli kwakumelwe ‘amsekele umfowabo owayebe mpofu futhi wantengantenga ngokwezimali.’ (Levitikusi 25:35-38, New World Translation) Kodwa amanye ama-Israyeli ayehileleka emabhizinisini angabazekayo futhi ethola izimali ngokwenza abanye ukuba babe ‘yizibambiso’ zabo, ngaleyo ndlela benze isikweletu egameni labo. Kungase kuphakame izimo ezifanayo nanamuhla. Ngokwesibonelo, amabhizinisi abolekisa imali angase adinge ukuba kusayine abantu ababili ngaphambi kokuba abolekise ngemali. Yeka ukuthi kuwubuwula kanjani ukuzifaka ezivumelwaneni ezinjalo ngokuxhamazela wenzela abanye! Phela, kungase kusifake ezinkingeni ngokwezimali, mhlawumbe kusakhele igama elibi emabhange nakwabanye esibakweletayo!
Kuthiwani uma sizithola sesenze into eyayibonakala IzAga 6:4, 5) Uma kunokwenzeka kungcono ukuhoxa esivumelwaneni esiwubuwula kunokuba ubanjwe yiso.
iwukuhlakanipha ekuqaleni kodwa lapho icwaningwa kahle ibonakale iwubuwula? Selulekwa ukuba sibeke ukuqhosha eceleni futhi ‘simncengisise umakhelwane’—ngokuphikelela sicela. Kumelwe senze konke esingakwenza ukuze silungise izinto. Enye incwadi ithi: “Zama yonke into uze uvumelane nesitha sakho futhi niluxazulule udaba, ukuze isikweletu sakho singakubangeli izinkinga wena noma umkhaya wakho.” Futhi lokhu kufanele kwenziwe ngaphandle kokulibala, ngoba le nkosi iyanezela: “Unganiki amehlo akho ubuthongo, nezinkophe zakho ukozela. Zophule njengensephe kumzingeli nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.” (Sebenza Ngenkuthalo Njengentuthwane
“Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,” kuyala uSolomoni. Ikuphi ukuhlakanipha esingakuzuza ezindleleni zentuthwane encane? Inkosi iyaphendula: “Yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi, ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.”—IzAga 6:6-8.
Izintuthwane zihleleke ngendlela emangalisayo futhi kuyaphawuleka ukubambisana kwazo. Ngenxa yomuzwa ongokwemvelo, ziqoqa ukudla zilungiselela isikhathi esizayo. Azinaye ‘umahluleli, umbonisi noma umbusi.’ Yiqiniso, ikhona indlovukazi yezintuthwane, kodwa iyindlovukazi ngomqondo wokuthi izalela amaqanda futhi ingumama waleli koloni. Ayizikhiphi iziqondiso. Ngisho nalapho zingalawulwa induna noma umqondisi oziqondisayo, izintuthwane zisebenza ngokungakhathali emsebenzini wazo.
Njengentuthwane, ingabe nathi akufanele sisebenze ngenkuthalo? Ukusebenza kanzima ukuze sithuthukise umsebenzi wethu kuyasisiza kungakhathaliseki ukuthi ukhona yini osibhekile noma cha. Yebo, esikoleni, emsebenzini, nalapho sihlanganyela emisebenzini engokomoya, kufanele senze konke okusemandleni ethu. Njengoba intuthwane izuza ngokusebenza kwayo ngenkuthalo, ngakho noNkulunkulu ufuna ukuba ‘sibone okuhle kuwo wonke umshikashika wethu.’ (UmShumayeli 3:13, 22; 5:18) Unembeza ohlanzekile nokwaneliseka komuntu siqu kuyizinzuzo zokusebenza kanzima.—UmShumayeli 5:12.
Esebenzisa imibuzo emibili ewubuciko, uSolomoni uzama ukuphaphamisa ivila ekuvilapheni kwalo: “Uyakulala kuze kube nini, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?” Ililingisa ngenkulumo yayo, le nkosi iyanezela: “Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe, bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma, nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.” (IzAga 6:9-11) Lapho ivila lisalele, ubumpofu bulifikela ngejubane lomphangi, futhi lihlaselwa ukweswela njengokungathi lihlaselwa umuntu ohlomile. Ngokushesha amasimu omuntu oyivila agcwala ukhula nembati. (IzAga 24:30, 31) Ibhizinisi lakhe lisheshe liwe. Umqashi uyombekezelela kuze kube nini umuntu oyivila? Futhi ingabe umfundi ovilapha ukutadisha angalindela ukuthola imiphumela emihle esikoleni?
Yethembeka
Echaza olunye uhlobo lomkhuba owonakalisa idumela lomuntu emphakathini kanye nobudlelwane bakhe noNkulunkulu, uSolomoni uyaqhubeka: “Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo, oqwayiza amehlo, eshudula ngezinyawo zakhe, ekhomba ngeminwe. Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe; uceba okubi ngesikhathi sonke; ususa ukuxabana.”—IzAga 6:12-14.
Lena incazelo echaza umkhohlisi. Ngokuvamile umuntu onamanga uzama ukuwafihla amanga akhe. Kanjani? Hhayi nje kuphela ‘ngenkulumo egwegwile’ kodwa nangokushukuma komzimba. Esinye isazi sathi: “Ukushukuma komzimba, iphimbo, ngisho nezici zobuso kuyizindlela zokukhohlisa ezicatshangelwe; ubuso obumsulwa bufihlé ukukhohlakala nomoya omubi.” Umuntu onjalo ongasizi ngalutho uceba imicabango emibi futhi abangele izingxabano ngaso sonke isikhathi. Ekugcineni kuyomhambela kanjani yena?
“Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo,” kuphendula inkosi yakwa-Israyeli. “Ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.” (IzAga 6:15) Lapho edalulwa, idumela lomuntu oqamba amanga lonakala ngokushesha. Ubani oyophinde amethembe? Ngokuqinisekile ukuphela kwakhe kuyinhlekelele, ngoba “bonke abaqambimanga” babalwa kulabo abayokufa phakade. (IsAmbulo 21:8) Ngazo zonke izindlela, ‘masiziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke.’—Heberu 13:18.
Zonda Lokho UJehova Akuzondayo
Ukuzonda ububi—yeka ukuthi lokhu kuyisithiyo kanjani ekwenzeni izinto eziyokonakalisa idumela lethu! Khona-ke ingabe akufanele sihlakulele ukwenyanya okubi? Kodwa yini ngempela okufanele siyizonde? USolomoni uthi: “Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe: amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.”—IzAga 6:16-19.
Le mikhakha eyisikhombisa izaga ezikhuluma ngayo iyisisekelo futhi ihlanganisa cishe zonke izinhlobo zobubi. “Amehlo azidlayo” kanye “nenhliziyo eceba imicabango emibi” kuyizono esizenza ngokucabanga. ‘Ulimi lwamanga’ kanye ‘nokufakaza amanga nokuphafuza inkohliso’ kungamazwi ayisono. ‘Izandla ezichitha igazi elingenacala,’ kanye “nezinyawo ezigijimela ebubini” kuyizenzo zobubi. Futhi ikakhulukazi uJehova uyamzonda umuntu okujabulelayo ukubanga ukuxabana kubantu abebengahlalisana ngokuthula, ngaphansi kwezimo ezihlukile. Ukwanda kwesibalo sisuka ku-6 siya ku-7 kusikisela ukuthi akuhlosiwe ukuba lolu hla luphelele, njengoba abantu beqhubeka benza ububi obuhlukahlukene.
Ngokuqinisekile, kudingeka sizenyanye izinto uNkulunkulu azizondayo. Ngokwesibonelo, kufanele sigweme ukuba ‘namehlo azidlayo,’ nanoma ikuphi ukuziqhenya. Futhi ngokuqinisekile kufanele siyigweme inhlebo elimazayo, ngoba kalula nje ingabangela “ukuxabana phakathi kwabazalwane.” Ngokufafaza inzwabethi engenamusa, ukugxeka okungafanele noma amanga, kungenzeka ukuthi ‘asilichithi igazi elingenacala,’ kodwa ngokuqinisekile sonakalisa idumela elihle lomunye umuntu.
“Ungakhanuki Ubuhle Bakhe”
USolomoni uqala ingxenye yesibili yeseluleko sakhe ngokuthi: “Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko. Yibophe enhliziyweni yakho njalo, uyithekeleze entanyeni yakho.” Isizathu? “[Iyakukuhola] ekuhambeni kwakho, ikulondoloze ekulaleni kwakho, ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.”—IzAga 6:20-22.
Ingabe ngempela ukukhuliswa ngokomBhalo kungasivikela ogibeni lokuziphatha okubi ngokobulili? Yebo, kunjalo. Siyaqinisekiswa: “Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila, ukuze ugcinwe kowesifazane omubi, nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.” (IzAga 6:23, 24) Ukukhumbula iseluleko seZwi likaNkunkulu nokusisebenzisa ‘njengesibani ezinyaweni zethu nokukhanya endleleni yethu’ kuyosisiza ukuba simelane nezimemo ezithophayo zowesifazane omubi, noma owesilisa omubi.—IHubo 119:105.
“Ungabufisi ubuhle bakhe enhliziyweni yakho,” kuyala inkosi ehlakaniphile, “kwangathi angekukhange ngamehlo akhe.” Ngani? “Ngoba umuntu uze asale nesinkwa esisodwa esiyindilinga ngenxa yowesifazane oyisifebe; kodwa ngokuqondene nomfazi wenye indoda, yebo uzingela umphefumulo oyigugu.”—IzAga 6:25, 26, NW.
Ingabe uSolomoni ubhekisela kumfazi ophingayo njengothengisa ngomzimba? Mhlawumbe kunjalo. Noma kungenzeka ukuthi uhlukanisa phakathi kwemiphumela yokuziphatha okubi nesifebe neyokuphinga nomfazi wenye indoda. Umuntu ohlanganyela ubulili nesifebe angagcina esesele nemali encane elingana neyenani ‘lesinkwa esisodwa esiyindilinga’—abe mpofu kakhulu. Angase angenwe ngisho nayizifo ezithathelwana ngobulili ezibuhlungu futhi ezikhubazayo, ezihlanganisa ingculaza ebulalayo. Ngakolunye uhlangothi, umuntu ofuna ukuhlanganyela ubulili nomngane womshado womunye ubeyoba sengozini enkulu ngaphansi koMthetho. Umfazi ophingayo ubeka engozini “umphefumulo oyigugu,” womngane wakhe ongavumelekile. Enye incwadi ithi, ‘Ngaphezu kokunciphisa isikhathi sokuphila ngokusaphaza . . . okuhlosiwe. Isoni sifanelwe ukufa.’ (Levitikusi 20:10; Duteronomi 22:22) Kunoma yikuphi, kungakhaliseki ukuthi ubukeka emuhle kangakanani, akufanele simfise owesifazane onjalo.
‘Ungawubeki Umlilo Esifubeni Sakho’
Ukuze agcizelele ingozi yokuphinga, uSolomoni uyabuza: “Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na? Umuntu angahamba phezu kwamalahle avuthayo, izinyawo zakhe zingahamuki, na?” Echaza ukuthi lo mfanekiso usho ukuthini, uthi: “Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akayikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.” (IzAga 6:27-29) Isoni esinjalo siyojeziswa ngokuqinisekile.
Sikhunjuzwa ukuthi, “Abantu abalideleli isela ngoba nje leba ukuze lisuthise umphefumulo walo lapho lilambile.” Noma kunjalo, “lapho libanjwa, liyobuyisela ngokuphindwe kasikhombisa; liyokhipha yonke impahla yendlu yalo yenani elikhulu.” (IzAga 6:30, 31, NW) Kwa-Israyeli wasendulo, kwakudingeka isela likhokhe ngisho noma lokho kwakusho ukuthatha konke elinakho. * Yeka ukuthi isiphingi sifanelwa kanjani yilesi sijeziso, sona esingenakuzithethelela kulokho esisuke sikwenzile!
“Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda,” kusho uSolomoni. Umuntu ongenakho ukuqonda untula ukwahlulela okuhle, njengoba “enza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.” (IzAga 6:32) Ngaphandle, angase abonakale engumuntu onedumela elihle, kodwa umuntu wangaphakathi uyakuntula ukukhula okufanele.
Kuningi okuyovunwa isiphingi. “Uyakuthola imivimbo nehlazo, nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa. Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka; ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela. Ayiyikunaka neze ihlawulo; ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.”—IzAga 6:33-35.
Isela liyakwazi ukubuyisela lokho elikwebile, kodwa isiphingi ngeke sikwazi ukukhokha imbuyiselo. Singamkhokhela ngani umyeni othukuthele? Ngokunokwenzeka ukuncenga komenzi wobubi ngeke kumlethele umusa. Ayikho indlela isiphingi esingasihlawulela ngayo isono saso. Igama laso elithelwe isihlamba nehlazo liyohlala njalo. Ngaphezu kwalokho, asikwazi ukuzihlawulela noma ukuzikhulula ekujezisweni okusifanele.
Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukudeda ekuphingeni nakokunye ukuziphatha nezimo zengqondo ezonakalisa igama lethu elihle futhi ezingase zilethe isihlamba kuNkulunkulu! Khona-ke, kwangathi singaqaphela ukuba singazenzi izivumelwano eziwubuwula. Kwangathi ukusebenza kwethu ngenkuthalo nokuba neqiniso kungahlobisa idumela lethu. Futhi njengoba silwela ukuzonda lokho uJehova akuzondayo, kwangathi singazenzela igama elihle kuye nakwabanye abantu.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 28 NgokoMthetho KaMose, kwakudingeka isela likhokhe ngokuphindwe kabili, kane, noma kahlanu. (Eksodusi 22:1-4) Ngokunokwenzeka amazwi athi “kasikhombisa” amelela ukubuyisa inhlawulo ephelele, okungenzeka ibe ngaphezulu kakhulu kwalokho elikwebile.
[Isithombe ekhasini 25]
Qaphela ukwenza izivumelwano ngokusayina njengomuntu wesibili lapho kwenziwa isikweletu
[Isithombe ekhasini 26]
Sebenza ngenkuthalo njengentuthwane
[Isithombe ekhasini 27]
Qaphela inhlebo elimazayo