Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngokushesha—Izwe Elingenakho Ukuphelelwa Ithemba

Ngokushesha—Izwe Elingenakho Ukuphelelwa Ithemba

Ngokushesha—Izwe Elingenakho Ukuphelelwa Ithemba

UKUPHILA kuqhubeka kuba inselele, futhi kunezizathu eziningi ezenza silahle ithemba. Uma sicindezelekile, singase sikuthole kunzima ukulawula imizwa yethu. Ngisho nabantu abakuthandayo ukuphila bangase baphelelwe injabulo! Cabangela lezi zibonelo ezimbalwa.

Ezikhathini zasendulo, umprofethi uMose wadumazeka kangangokuba wathi kuNkulunkulu: “Ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.” (Numeri 11:15) Ebalekela izitha zakhe, umprofethi u-Eliya wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo [ukuphila] wami.” (1 AmaKhosi 19:4) Futhi umprofethi uJona wathi: “Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.” (Jona 4:3) Kodwa akekho phakathi kukaMose, u-Eliya noma uJona owazibulala. Bonke babewazi umthetho kaNkulunkulu othi: “Ungabulali.” (Eksodusi 20:13) Benokholo oluqinile kuNkulunkulu, babeqaphela ukuthi asikho isimo esingenalo ithemba nokuthi ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu.

Kuthiwani ngezinkinga esibhekana nazo manje? Ngaphezu kokucindezeleka ngokomzwelo noma izinkinga ezingokomzimba, ngezinye izikhathi kungase kudingeke sibekezelele ukuphathwa kabi amalungu omkhaya, omakhelwane noma abantu esisebenza nabo. IBhayibheli likhuluma ngabantu abagcwele “konke ukungalungi, ukukhohlakala, ukukhanuka, ububi, begcwele umona, ukubulala ngokungemthetho, ukuxabana, inkohliso, isimo esibi, bengabahlebayo, izinyevuzi, abazonda uNkulunkulu, abeyisayo, abazidlayo, abazazisayo, abasunguli bezinto ezilimazayo, abangalaleli abazali, abangenakuqonda, abangathembekile ezivumelwaneni, abangenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo, abangenasihe.” (Roma 1:28-31) Ukuzungezwa abantu abanjalo usuku nosuku kungase kwenze ukuphila kubonakale kuwumthwalo. Singabasiza kanjani labo abadinga induduzo nokukhululeka?

Ukuzimisela Ukulalela

Usizi nokuhlupheka kungabangela umuntu ukuba angakwazi ukulinganisela ngokwengqondo. Indoda ehlakaniphile yathi: “Ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo.” (UmShumayeli 7:7) Ngakho uma umuntu ekhuluma ngokuzibulala kufanele athathwe ngokungathi sína. Kungase kudingeke ukuba inkinga abhekene nayo, kungaba engokomzwelo, engokomzimba, engokwengqondo noma engokomoya, ixazululwe ngokushesha. Yiqiniso, ukwelapha kobuchwepheshe namakhambi kuyehlukahluka futhi umuntu kumelwe enze isinqumo sakhe siqu mayelana nezindlela zokwelapha.—Galathiya 6:5.

Kungakhathaliseki ukuthi ibangelwa yini imizwa yokuzibulala, ukuba nomuntu onokuqonda, onozwela nonesineke ongakhuluma naye kungase kwenze umehluko. Amalungu omkhaya nabangane abazimisele ukulalela bangase bakwazi ukusiza. Ngaphezu kokuba nozwela nomusa, imicabango eyakhayo evela eZwini likaNkulunkulu ingaba usizo olukhulu kulabo asebephelelwe ithemba.

Usizo Olungokomoya Kulabo Abacindezelekile

Ungase umangale lapho uthola ukuthi kukhuthaza kanjani ukufunda iBhayibheli. Nakuba lingeyona incwadi yeziqondiso zempilo engokwengqondo, iBhayibheli lingasisiza ukuba sazise ukuphila. INkosi uSolomoni yathi: “Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.” (UmShumayeli 3:12, 13) Ngaphandle komsebenzi owanelisayo owenza ukuphila kube nenjongo, izinto ezivamile—njengomoya oqabulayo, ukukhanya kwelanga, izimbali, izihlahla nezinyoni—ziyizipho esingazijabulela ezivela kuNkulunkulu.

Okukhuthaza nakakhulu isiqinisekiso seBhayibheli sokuthi uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bayasikhathalela. (Johane 3:16; 1 Petru 5:6, 7) Umhubi, washo ngokufanele ethi: “Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu.” (IHubo 68:19) Nakuba singase sizibone singelutho futhi singafaneleki, uNkulunkulu usinxusa ukuba sithandaze kuye. Qiniseka ukuthi akekho umuntu ozithobayo futhi ocela usizo lwakhe ngobuqotho oyobukelwa phansi.

Akufanele silindele ukuphila okungenazo izinkinga namuhla. (Jobe 14:1) Noma kunjalo, iqiniso elivela eZwini likaNkulunkulu liye labonisa abantu abaningi ukuthi ukuzibulala akuyona indlela yokuxazulula izinkinga. Cabangela indlela umphostoli uPawulu amsiza ngayo umgcini wejele, “evuka ebuthongweni futhi ebona ukuthi iminyango yetilongo ivulekile, wahosha inkemba yakhe futhi wayesezozibulala, ecabanga ukuthi iziboshwa ziphunyukile.” Kulowo mzuzu, lowo mgcini wejele wayesephethe ngokuthi kwakungcono ukuzibulala kunokuba afe ngendlela ehlazisayo futhi mhlawumbe eyayizothatha isikhathi eside ngenxa yokwehluleka kwakhe. Umphostoli wamemeza wathi: “Ungazilimazi, ngoba sikhona sonke!” UPawulu akagcinanga ngokusho lawo mazwi. Empeleni, yena noSila bamduduza umgcini wejele futhi baphendula umbuzo wakhe othi: “Banumzane, yini okumelwe ngiyenze ukuze ngisindiswe?” Baphendula bathi: “Kholelwa eNkosini uJesu futhi uzosindiswa, wena nendlu yakho.” Khona-ke bakhuluma naye nomkhaya wakhe ngezwi likaJehova, ngenxa yalokho “yena nabakwakhe babhapathizwa ngaphandle kokulibala.” Umgcini wejele nawo wonke umkhaya wakhe wajabula kakhulu futhi wathola injongo entsha ekuphileni.—IzEnzo 16:27-35.

Yeka ukuthi kukhulula kangakanani namuhla ukwazi ukuthi akuyena uNkulunkulu okumelwe asolwe ngenxa yobubi! IZwi lakhe likhuluma ngomoya omubi, “lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane,” njengalowo “odukisa umhlaba wonke owakhiwe.” Kodwa isikhathi sakhe sesiyaphela. (IsAmbulo 12:9, 12) Ngokushesha, konke ukucindezeleka okuye kwalethwa uSathane namademoni akhe ezakhamuzini zasemhlabeni kuzoqedwa ukungenela kwaphezulu. Khona-ke izwe elisha lokulunga uNkulunkulu alithembisile lizoziqeda unomphela izimbangela zokungabi nathemba nokuzibulala.—2 Petru 3:13.

Induduzo Kulabo Abakhalela Usizo

Ngisho kwamanje, labo asebephelelwe ithemba bangathola induduzo emiBhalweni. (Roma 15:4) Umhubi wahlabelela: “Inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.” (IHubo 51:17) Yiqiniso, sibhekana novivinyo ngokungenakugwenywa futhi sizwe imiphumela yokungapheleli. Kodwa ukungenisa ulwazi oluqondile lukaBaba wethu wasezulwini onomusa, onothando nocabangelayo kusinika isiqinisekiso sokuthi siyigugu emehlweni akhe. UNkulunkulu angaba uMngane noMfundisi wethu omkhulu. Uma sihlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu, ngeke asidumaze. “NginguJehova uNkulunkulu wakho,” kusho uMdali wethu, “okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.

Ukuthembela kuJehova kuye kwasiza abantu abaningi. Ngokwesibonelo: UMara wayesenesikhathi eside ebuthakathaka ngenxa yokucindezeleka okwakubangelwe ukushona kwendodana yakhe okuwukuphela kwayo engozini yemoto. * Wethuka kakhulu futhi wazama nokuzibulala. Nokho, manje, nsuku zonke usevuka kusempondo zankomo enze umsebenzi wakhe wasekhaya. Uyakujabulela ukulalela umculo nokusiza abanye. Ithemba “lokuthi luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile” liye labususa ubuhlungu bokulahlekelwa indodana yakhe futhi liye laqinisa ukholo lwakhe kuNkulunkulu. (IzEnzo 24:15) Njengoba uMara engakaze abe nesifiso sokuba njengengelosi ezulwini, amazwi eHubo 37:11 aye athinta inhliziyo yakhe: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”

Omunye owesifazane waseBrazil, uSandra, wayesebenza kanzima ukuze abe umama okahle ezinganeni zakhe ezintathu. Uyavuma: “Ngangimatasa kakhulu kangangokuba lapho ubaba eshona ngokuzuma futhi, ngesikhathi esifanayo, ngithola ukuthi umyeni wami wayethandana nomunye umuntu wesifazane, angizange ngicabange ngisho nokucabanga ngokuthandaza kuNkulunkulu ngicele usizo.” Esephele ithemba uSandra wazama ukuzibulala. Yini eye yamsiza ukuba alulame? Ukuba nokwazisa ngezinto ezingokomoya. “Njalo kusihlwa ngaphambi kokuba ngilale, ngifunda iBhayibheli futhi ngizame ukuzibeka esimweni sabantu engifunda ngabo. Ngifunda nomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! futhi ngizithanda ngokukhethekile izindaba zokuphila ngoba zingisiza nganeliswe yilokho enginakho ekuphileni.” Ngenxa yokwazi ukuthi uJehova ungumngane wakhe omkhulu, uye wafunda ukuthandaza ngokuqondile.

Ikusasa Elingenakho Ukuphelelwa Ithemba

Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi ukuhlupheka kwesintu kungokwesikhashana! Ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, izingane nabantu abadala abayizisulu zobugebengu, ukungabikho kobulungisa, noma ukubandlululwa bayojabula. Njengoba kwabikezelwa ehubweni eliyisiprofetho, iNkosi kaJehova egcotshiwe, uJesu Kristu, “iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.” Ngaphezu kwalokho, “iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.” Ngokuqinisekile, “iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:12-14.

Sekuseduze ukuba lawo mazwi angokwesiprofetho agcwaliseke. Ingabe umcabango wokujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni ngaphansi kwezimo ezinjalo uyakukhanga? Uma kunjalo, unesizathu sokukujabulela nokukwazisa ukuphila njengesipho esivela kuNkulunkulu. Futhi uma uzihlanganyela nabanye lezi zithembiso ezingokomBhalo eziduduzayo, ungase ulethe injabulo enkulu ekuphileni kwalabo abakhalela usizo kuleli zwe elingenalo uzwela, elingenalo uthando.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 15 Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 6]

Ziningi izizathu zokujabula namuhla

[Isithombe ekhasini 7]

Ingabe ubheke phambili ezweni elingenakho ukuphelelwa ithemba?