Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukumemezela UMbuso KaNkulunkulu Eziqhingini ZaseFiji

Ukumemezela UMbuso KaNkulunkulu Eziqhingini ZaseFiji

Siwuhlobo Olunokholo

Ukumemezela UMbuso KaNkulunkulu Eziqhingini ZaseFiji

UJESU KRISTU wake wakhuluma ngemigwaqo emibili. Omunye ubanzi futhi uholela ekubhujisweni. Kanti omunye unyinyekile kodwa uholela ekuphileni. (Mathewu 7:13, 14) Kuyinjongo kaJehova uNkulunkulu ukuba izindaba ezinhle zoMbuso zishunyayelwe emhlabeni wonke, ukuze abantu bakwazi ukukhetha umgwaqo ofanele. (Mathewu 24:14) Ngakho, kuyo yonke indawo abantu balalela isigijimi soMbuso, futhi abanye bakhetha ukuphila babe “uhlobo olunokholo kube ukulondolozwa komphefumulo uphila.” (Heberu 10:39) Sikumema ukuba ufunde ngabathile abakhetha ukuphila eFiji nakwezinye iziqhingi eziseduze eSouth Pacific.

Bathembela KuJehova

UMere wayeyintombazane esafunda esikoleni lapho ezwa isigijimi soMbuso ngokokuqala ngo-1964. Ngenxa yokuthi wayehlala esiqhingini esikude, wayexhumana kancane noFakazi BakaJehova. Nokho, ekugcineni, wakwazi ukuthola ulwazi olunembile lweBhayibheli. Ngaleso sikhathi, wayeseshade nendoda eyayiyinduna endaweni yangakubo. Ngenxa yokuthi uMere wayekhethe ukuphila ngezimiso zeBhayibheli, umyeni wakhe nezihlobo babemphethe ngesihluku futhi izakhamuzi zazingamthandi. Noma kunjalo, wabhapathizwa ngo-1991.

Ngokushesha ngemva kwalokho, sathamba isimo sengqondo somyeni kaMere, uJosua, futhi waqala ukulalela lapho uMere exoxa nezingane zabo ngeBhayibheli. UJosua wayeka ukuya eSontweni LaseWeseli. Nokho, njengenduna, wayengamela ezimbizweni ezaziba khona masonto onke. Izakhamuzi, zazimbheka njengomuntu ongathembekile uJosua, ngoba iSonto LaseWeseli laliyingxenye ebalulekile ekuphileni kwezakhamuzi zaseFiji. Ngakho, umfundisi wendawo wanxusa uJosua ukuba abuyele enkolweni yakhe yangaphambili.

Ngesibindi uJosua wabaqinisekisa ukuthi yena nomkhaya wakhe base bekhethile futhi babezimisele ukukhulekela uJehova uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Embizweni eyalandela, inkosi yohlanga yanquma ukuba uJosua nomkhaya wakhe badingiswe. Banikezwa izinsuku eziyisikhombisa ukuba baphume baphele esiqhingini, beshiya indlu, indawo, namasimu abo—yebo konke ababeziphilisa ngakho.

Abafowabo abangokomoya kwesinye isiqhingi bamsiza uJosua nomkhaya wakhe, bamnika indawo yokuhlala nendawo yokulima. Manje uJosua nendodana yakhe endala sebebhapathiziwe, futhi enye yamadodana akhe ikhonza njengommemezeli wezindaba ezinhle ongabhapathiziwe. Muva nje uMere usanda kubhalisa njengephayona elivamile (ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele). Ukukhetha kwabo ukukhonza uJehova kuye kwaholela ekulahlekelweni isikhundla nezinto ezibonakalayo, kodwa njengomphostoli uPawulu, lokho bakubheka njengento engelutho uma kuqhathaniswa nalokho abaye bakuzuza.—Filipi 3:8.

Ukukhetha Okuhilela Unembeza

Ukukhetha ukulandela unembeza oqeqeshwe yiBhayibheli kudinga ukholo nesibindi. Lokhu kwakunjalo ngoSuraang owesifazane osemusha, owayesanda kubhapathizwa, owayehlala eTarawa, esinye seziqhingi zaseKiribati. USuraang wacela imvume yokuba angahlanganyeli esicini esithile somsebenzi wakhe njengomhlengikazi esibhedlela. Isicelo sakhe sachithwa, kwaholela ekubeni athunyelwe esiqhingini esithé qekelele ukuze ayonakekela isikhungo esincane sokwelapha ehlukaniswa nakholwa nabo.

Kuleso siqhingi kuyisiko ukuba bonke abantu abafikayo benze umhlatshelo “emimoyeni” yakule ndawo. Abantu bakholelwa ukuthi ukungakwenzi lokho kuyoholela ekufeni. Njengoba uSuraang enqaba ukuba yena nalaba ayehamba nabo benzelwe lesi senzo sokukhonza izithombe, abantu bendawo babelindele ukuba imuklinye imimoya ethukuthele. Lapho kungenzeki lutho kuSuraang noma kulabo ayehamba nabo, kwavela amathuba amaningi okuba anikeze ubufakazi obuhle.

Kodwa lwalungakapheli uvivinyo lukaSuraang. Ezinye izinsizwa zakuleso siqhingi zikubheka njengenselele ukuyenga abesifazane abavakashile. Nokho, uSuraang wamelana nokweshela kwazo futhi wagcina ubuqotho bakhe kuNkulunkulu. Empeleni, wakwazi ukukhonza njengephayona elivamile, nakuba ayehlale ekulindele usuku lonke ukubizelwa emsebenzini njengoba ayengumhlengikazi.

Ngaphambi kokuba kwenziwe idili lokumvalelisa elenziwa lapho eselungiselela ukusifulathela lesi siqhingi, amadoda amadala esigodi athi kwakuqala ukuba bavakashelwe isithunywa sevangeli sangempela. Ngenxa yokuma kwakhe eqinile ezimisweni zeBhayibheli, abanye kuleso siqhingi basabela kahle esigijimini soMbuso.

Izinselele Ezingokomzimba

Ukuqhela kwezinye izindawo kusho ukuthi abantu bakaJehova kudingeka benze umzamo omkhulu ukuze bahlanganyele enkonzweni futhi babe khona emihlanganweni yobuKristu. Cabangela isibonelo soFakazi abane ababhapathiziwe—owesilisa oyedwa nabesifazane abathathu—abahamba amahora beya futhi bebuya emihlanganweni. Uhambo lwabo ngezinyawo luhlanganisa ukuwela imifula emithathu besaya nalapho sebebuya. Lapho umfula udla izindwani, umzalwane uyabhukuda awelele ngaphesheya kuqala, ethwele ibhodwe elikhulu lokupheka elinezikhwama, izincwadi nezingubo zabo zemihlangano. Khona-ke aphinde abhukude abuyele emuva eyosiza odade abathathu.

Elinye iqembu elincane, eliba khona emihlanganweni esesiqhingini esikude saseNonouti eKiribati, lihlangabezana nezinselele ezihlukahlukene. Indlu elihlanganela kuyo inganela abantu abangu-7 kuya kwabangu-8 kuphela. Ezinye izethameli zihlala ngaphandle futhi zilunguze ezindongeni ezenziwe ngocingo lokubiyela. Izakhamuzi ezisuke zibuya noma ziya emasontweni azo ahlaba umxhwele ngobuhle ziyibona kalula lendawo yokuhlangana. Yiqiniso, izinceku zikaJehova ziyaqaphela ukuthi, ngabantu abanxaneleka ngempela emehlweni kaNkulunkulu, hhayi izakhiwo. (Hagayi 2:7) Udade obhapathiziwe okuwukuphela kwakhe kulesi siqhingi usekhulile futhi akakwazi ukuhamba ibanga elide. Noma kunjalo, lapho esenkonzweni usizwa owesifazane omusha ongummemezeli ongabhapathiziwe omqhuba ngenqola. Yeka ukwazisa abakubonisayo ngeqiniso!

Abamemezeli abangaphezu kuka-2 100 abakhonza eziqhingini zaseFiji bazimisele ukuqhubeka bememezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Futhi bayaqiniseka ukuthi kunabaningi abasazoba “uhlobo olunokholo kube ukulondolozwa komphefumulo uphila.”

[Ibalazwe ekhasini 8]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

E-Australia

EFiji