Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Injabulo Yaphakade—Iyoba Semhlabeni Noma Ezulwini?

Injabulo Yaphakade—Iyoba Semhlabeni Noma Ezulwini?

Injabulo Yaphakade—Iyoba Semhlabeni Noma Ezulwini?

INGABE injabulo yakho ngokuyinhloko ixhomeke ekutheni uhlalaphi? Iningi labantu lingavuma ngokungathandabuzi ukuthi injabulo ixhomeke kakhulu ezicini ezinjengempilo enhle, injongo ekuphileni nobuhlobo obuhle nabanye. Isaga seBhayibheli sikubeka kanje: “Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.”—IzAga 15:17.

Nokho, ngokudabukisayo ikhaya lethu elingumhlaba linomlando omude wenzondo, ubudlova nezinye izinhlobo zobubi. Kodwa kuthiwani ngezulu, noma indawo yomoya, abantu abaningi abanethemba lokuya kuyo lapho befa? Ingabe belilokhu liyindawo yokuthula okunentokozo, okungenazo nhlobo iziphazamiso, njengoba kushiwo kanjalo ngokuvamile?

IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uhlala ezulwini nezigidi zezidalwa zomoya ezibizwa ngokuthi izingelosi. (Mathewu 18:10; IsAmbulo 5:11) Zichazwa ngokuthi “amadodana kaNkulunkulu” angumoya. (Jobe 38:4, 7) Njengabantu, izingelosi nazo zinenkululeko yokuzikhethela; azilawulwa njengonodoli. Ngakho-ke nazo ziyakwazi ukukhetha ukwenza okulungile noma ukwenza okubi. Ingabe izingelosi zingakukhetha ukwenza okungalungile? Kungase kubamangaze abanye ukwazi ukuthi ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, inani elikhulu lezingelosi empeleni lona kuNkulunkulu—lahlubuka kuye!—Jude 6.

Izihlubuki Ezulwini

Isono savela endaweni yomoya ngenxa yokuhlubuka kwengelosi eyabizwa ngokuthi uSathane (uMphikisi) noDeveli (uMnyundeli). Le ngelosi eyayikade ilalela yazikhethela ukwenza okungalungile. Ngemva kwalokho yaba yithonya elonakalisayo kwezinye izidalwa zomoya, kangangokuthi ngesikhathi sikaNowa, ngaphambi kukaZamcolo, inani elikhulu lazo lazibandakanya noSathane ekuhlubukeni kuNkulunkulu.—Genesise 6:2; 2 Petru 2:4.

Lezi zingelosi ezazonile azixoshwanga ngokushesha ezulwini. Kunalokho, kwaphela izinkulungwane zeminyaka zivunyelwe ukuqhubeka zisezulwini—ngokusobala zinemingcele ethile. * Nokho, lapho uNkulunkulu engasenakubabekezelela laba benzi bokubi, ‘baphonswa’ ngaphandle kwezulu, ukuze babhujiswe ekugcineni. Ngaleso sikhathi izwi elivela ezulwini lathi: “Ngenxa yalokhu thokozani, nina mazulu nani enihlala kuwo!” (IsAmbulo 12:7-12) Ngokusobala, izingelosi ezithembekile zajabula kakhulu ngokuthi, ekugcineni, lezo zichwensi ezimbi zase zikhishiwe emazulwini!

Lapho sicabangela le mininingwane ngokuvamile engaziwa, kuba sobala ukuthi noma nini lapho izidalwa ezihlakaniphile zingayilaleli imithetho nezimiso zikaNkulunkulu, akunakuba nokuthula kweqiniso. (Isaya 57:20, 21; Jeremiya 14:19, 20) Ngakolunye uhlangothi, lapho wonke umuntu elalela umthetho kaNkulunkulu, kuba nokuthula. (IHubo 119:165; Isaya 48:17, 18) Ngakho ukube bonke abantu bebengathanda uNkulunkulu, bamlalele futhi bathandane, ubungeke yini umhlaba ube yindawo ejabulisa ngempela? IBhayibheli liphendula ngoyebo!

Kodwa kuthiwani ngalabo abenqaba ngobugovu ukushintsha izindlela zabo ezimbi? Ingabe bayokuphazamisa unomphela ukuthula kwalabo abafuna ngempela ukwenza intando kaNkulunkulu? Cha, uNkulunkulu wayisingatha indaba yezingelosi ezimbi ezulwini, uyoyisingatha neyabantu ababi lapha emhlabeni.

Umhlaba Ohlanziwe

“Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami,” kusho uNkulunkulu. (Isaya 66:1) Njengoba eyisibonelo esiphelele sobungcwele, uNkulunkulu ngeke avumele ‘isenabelo sezinyawo zakhe’ singcoliswe ububi phakade. (Isaya 6:1-3; IsAmbulo 4:8) Njengoba ahlanza amazulu wakhipha imimoya emibi, ngokufanayo uzohlanza umhlaba asuse bonke abantu ababi, njengoba kubonisa izindima zeBhayibheli ezingezansi:

“Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.”—IHubo 37:9.

“Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”—IzAga 2:21, 22.

“Kuwukulunga kuNkulunkulu ukuba abuyisele usizi kulabo abanibangela usizi, kodwa, kini enibhekene nosizi, impumuzo kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla emlilweni ovutha amalangabi, njengoba iletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle ezimayelana neNkosi yethu uJesu. Bona kanye laba bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okumi phakade basuke phambi kweNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo.”—2 Thesalonika 1:6-9.

“Izwe [lesintu esibi] liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.

Ingabe Umhlaba Uyohlala Unokuthula?

Nakuba imiBhalo ibonisa ngokucacile ukuthi ukuvumela kukaNkulunkulu ububi kunemingcele, singaqiniseka kanjani ukuthi ububi ngeke buphinde bube khona ngemva kokuba bususiwe? Ingani nangemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa baphinde bavela ngokushesha kangangokuthi uNkulunkulu kwadingeka abhuntshise amacebo amabi esintu ngokuphambanisa ulimi lwaso.—Genesise 11:1-8.

Isizathu esiyinhloko esenza siqiniseke ukuthi ububi ngeke buphinde buvele ukuthi umhlaba uyobe ungasabuswa abantu njengoba kwakunjalo ngemva nje kukaZamcolo. Kunalokho, uyobe ubuswa uMbuso kaNkulunkulu. Njengoba uyobusa usezulwini, lo Mbuso uyoba ukuphela kukahulumeni emhlabeni. (Daniyeli 2:44; 7:13, 14) Noma ubani ozama ukuphinde adale ububi uyomthathela isinyathelo ngokushesha. (Isaya 65:20) Eqinisweni, uyogcina ubhubhise yena kanye umsunguli wobubi—uSathane uDeveli—kanye namademoni, izingelosi ezimbi ezamlandela.—Roma 16:20.

Ngaphezu kwalokho, isintu ngeke kusadingeka sikhathazeke ngokudla, izambatho, indawo yokufihla ikhanda nomsebenzi—izinto ukuntuleka kwazo namuhla okubangela abanye ukuba baphile ngobugebengu. Yebo, umhlaba wonke uyoshintshwa ube yipharadesi elikhiqizayo nelinenala yawo wonke umuntu.—Isaya 65:21-23; Luka 23:43.

Okubaluleke nakakhulu, uMbuso uyofundisa izikhonzi zawo indlela yokuphila ngokuthula, ube uziletha ekupheleleni kobuntu okugcwele ngesikhathi esifanayo. (Johane 17:3; Roma 8:21) Ngemva kwalokho, isintu ngeke kusadingeka silwe nobuthakathaka nokuthambekela kwesono, okuyosenza sikwazi futhi sikujabulele ukumlalela ngokuphelele uNkulunkulu, njengoba kwakunjalo ngomuntu ophelele uJesu. (Isaya 11:3) Eqinisweni, uJesu waqhubeka ethembekile kuNkulunkulu ngisho nalapho ebhekene nezilingo ezinkulu nokuhlukunyezwa—izinto eziyobe zingaziwa nakancane ekuphileni kwasePharadesi.—Heberu 7:26.

Okwenza Abanye Baye Ezulwini

Nokho, abaningi abafunda iBhayibheli bayawazi amazwi kaJesu athi: “Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi. . . . Ngiyahamba ngiyonilungisela indawo.” (Johane 14:2, 3) Ingabe lokhu akuphikisani nomqondo wokuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi?

Lezi zimfundiso aziphikisani. Eqinisweni, ziyasekelana. Okokuqala, iBhayibheli lithi yinani elithile kuphela lamaKristu athembekile—elingu-144 000—avuswa njengezidalwa zomoya ukuze aphile ezulwini. Kungani enikwa lo mvuzo omuhle kangaka? Kungoba akha iqembu elabonwa uJohane embonweni, ‘labaphila futhi babusa njengamakhosi kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.’ (IsAmbulo 14:1, 3; 20:4-6) Uma beqhathaniswa nezinkulungwane zezigidi ezisemhlabeni, abangu-144 000 ‘bawumhlambi omncane’ ngempela. (Luka 12:32) Ngaphezu kwalokho, njengoba beye babhekana nezinkinga ezivamile esintwini, njengoJesu bayokwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu’ lapho beqondisa ukuvuselelwa kwesintu nomhlaba.—Heberu 4:15.

Umhlaba—Ikhaya Lesintu Laphakade

Ngokulungiselela umhlatshelo wesihlengo sikaJesu Kristu, uNkulunkulu waqala ukuqoqa abangu-144 000 eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, futhi kunezinkomba zokuthi leli qembu seliphelele. (IzEnzo 2:1-4; Galathiya 4:4-7) Nokho, umhlatshelo kaJesu wawungewona owezono zabangu-144 000 kuphela, ‘kodwa futhi wawungowezalo lonke izwe.’ (1 Johane 2:2) Ngakho, bonke ababonisa ukholo kuJesu banethemba lokuphila okuphakade. (Johane 3:16) Labo abalele ethuneni kodwa abasenkumbulweni kaNkulunkulu ngeke bavuselwe ezulwini, bayovuselwa ekuphileni emhlabeni ohlanziwe. (UmShumayeli 9:5; Johane 11:11-13, 25; IzEnzo 24:15) Yini eyobe ibalindele lapho?

IsAmbulo 21:1-4 siphendula ngokuthi: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nesintu . . . Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Cabanga nje—abantu bekhululwa ekufeni, futhi ubuhlungu nokukhala kungasekho unomphela! Ekugcineni, injongo kaJehova yokuqala ngomhlaba nesintu iyogcwaliseka ngokukhazimulayo.—Genesise 1:27, 28.

Singazikhethela Phakathi Kokuphila Nokufa

U-Adamu no-Eva abanikwanga ithuba lokukhetha ukuya ezulwini. Babengakhetha ukulalela uNkulunkulu baphile phakade emhlabeni oyipharadesi noma ukungamlaleli futhi bafe. Ngokudabukisayo, bakhetha ukungalaleli ngakho babuyela ‘othulini’ lomhlabathi. (Genesise 2:16, 17; 3:2-5, 19) Akukaze kube yinjongo kaNkulunkulu ukuba wonke umkhaya wesintu ufe bese uyohlala ezulwini, kodwa udlule ethuneni kuqala. UNkulunkulu wadala amashumi ezinkulungwane ezingelosi ukuba aphile ezulwini; lezi zidalwa zomoya azibona abantu asebashona base bevuselwa ekuphileni kwasezulwini.—IHubo 104:1, 4; Daniyeli 7:10.

Yini okumelwe siyenze ukuze sithole isibusiso sokuphila phakade ePharadesi emhlabeni? Isinyathelo sokuqala ukutadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele. “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade,” kusho uJesu emthandazweni, “ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Ukusebenzisa lolo lwazi kungesinye isinyathelo esiholela enjabulweni yaphakade ePharadesi. (Jakobe 1:22-24) Labo abaphila ngeZwi likaNkulunkulu banethemba lokuzibonela ngamehlo ukugcwaliseka kweziprofetho ezivusa amadlingozi njengalesi esiku-Isaya 11:9, esithi: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Ukuze uthole ingxoxo ephathelene nesizathu sokuvumela kukaNkulunkulu ububi ezulwini nasemhlabeni, bheka incwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 70-9.

[Izithombe ekhasini 7]

“Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29