Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufunda IBhayibheli—Kuyazuzisa Futhi Kumnandi

Ukufunda IBhayibheli—Kuyazuzisa Futhi Kumnandi

Ukufunda IBhayibheli—Kuyazuzisa Futhi Kumnandi

“Kumelwe uyifunde . . . ubusuku nemini.”—JOSHUWA 1:8NW.

1. Yiziphi ezinye zezinzuzo zokufunda okuvamile nezokufunda iBhayibheli ngokukhethekile?

UKUFUNDA ukwaziswa okuwusizo kuyinto ezuzisayo. Isazi sefilosofi yezombangazwe esingumFulentshi uMontesquieu (uCharles-Louis de Secondat) sabhala: “Ukutadisha kimi bekulokhu kuyikhambi elinguzifozonke lezinkathazo zokuphila. Akukho kucindezeleka okwake kwangifikela kodwa kwangaqedwa ukufunda isikhathi esingangehora.” Lokhu kuyiqiniso ngezinga elikhulu kakhulu ngokufunda iBhayibheli. Umhubi ophefumulelwe wathi: “Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula. Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo.”—IHubo 19:7, 8.

2. Kungani uJehova eye walondoloza iBhayibheli phakathi namakhulu eminyaka, futhi yini alindele ukuba abantu bakhe bayenze ngalo?

2 NjengoMlobi walo, uJehova uNkulunkulu uye walondoloza iBhayibheli amakhulu eminyaka ekuphikisweni ngokunamandla yizitha zalo zenkolo nezezwe. Njengoba kuyintando yakhe ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso,” uye waqiniseka ukuthi iZwi lakhe litholakala kuso sonke isintu. (1 Thimothewu 2:4) Kulinganiselwa ukuthi amaphesenti angaba ngu-80 abantu emhlabeni angafinyelelwa ngokusebenzisa izilimi eziyikhulu. IBhayibheli eliphelele litholakala ngezilimi ezingu-370, kanti izingxenye zemiBhalo zitholakala ngezilimi ezingu-1 860 ezengeziwe nemixhantela yazo. UJehova ufuna ukuba abantu bakhe bafunde iZwi lakhe. Uyazibusisa izinceku zakhe ezilinakayo iZwi lakhe, yebo, ezilifunda nsuku zonke.—IHubo 1:1, 2.

Ukufunda IBhayibheli Kuyimfuneko Kubabonisi

3, 4. Yini uJehova ayeyifuna emakhosini akwa-Israyeli, futhi yiziphi izizathu ezenza le mfuneko isebenze nakubadala abangamaKristu namuhla?

3 Ekhuluma ngesikhathi lapho isizwe sakwa-Israyeli sasiyobe sesinenkosi engumuntu, uJehova wathi: “Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi; iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze, inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.”—Duteronomi 17:18-20.

4 Phawula izizathu ezenza uJehova afune ukuba wonke amakhosi akwa-Israyeli esikhathi esizayo afunde incwadi yomthetho waphezulu nsuku zonke: (1) “ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze”; (2) “inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo”; (3) “angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.” Ababonisi abangamaKristu namuhla akudingeki yini besabe uJehova, balalele imithetho yakhe, bangaziphakamisi ngaphezu kwabafowabo futhi bagweme ukuphambuka emiyalweni kaJehova? Ngokuqinisekile, ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kubaluleke ngokufanayo kubo njengoba kwakunjalo emakhosini akwa-Israyeli.

5. Yini iNdikimba Ebusayo eyibhalele amalungu amaKomiti Amagatsha muva nje mayelana nokufunda iBhayibheli, futhi kungani bonke abadala abangamaKristu beyokwenza kahle ngokulandela iseluleko esinjalo?

5 Abadala abangamaKristu namuhla bamatasa kakhulu, okwenza ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kube yinselele. Ngokwesibonelo, amalungu eNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova namalungu amaKomiti Amagatsha emhlabeni wonke angamadoda amatasa kakhulu. Noma kunjalo, incwadi yamuva evela eNdikimbeni Ebusayo iya kuwo wonke amaKomiti Amagatsha igcizelelé isidingo sokufunda iBhayibheli nsuku zonke nemikhuba emihle yokutadisha. Lokhu, ngokusho kwale ncwadi, kuyokhulisa uthando lwethu ngoJehova nangeqiniso, futhi “kuyosisiza ukuba silondoloze ukholo, injabulo nokukhuthazela kuze kube sekupheleni okukhazimulayo.” Bonke abadala emabandleni oFakazi BakaJehova bezwa isidingo esifanayo. Ukufunda imiBhalo nsuku zonke kuyobasiza ukuba ‘benze ngokuhlakanipha.’ (Joshuwa 1:7, 8, NW) Kubo ngokukhethekile, ukufunda iBhayibheli “kunenzuzo yokufundisa, yokusola, yokulungisa neyokuqeqesha ekulungeni.”—2 Thimothewu 3:16, Revised Standard Version.

Kuyadingeka Kwabadala Nabancane

6. Kungani uJoshuwa afunda ngokuzwakalayo wonke amazwi omthetho kaJehova phambi kwezizwe zakwa-Israyeli ezibuthene kanye nezakhamuzi ezingabafokazi?

6 Endulo, amakhophi emiBhalo ayengatholakali kubantu ngabanye, ngakho iBhayibheli lalifundwa phambi kwesixuku. Ngemva kokuba uJehova emenze wanqoba umuzi wase-Ayi, uJoshuwa wabuthela izizwe zakwa-Israyeli phambi kweNtaba Yase-Ebali neNtaba YaseGerizimu. Khona-ke, ukulandisa kuyasitshela: “Wafunda onke amazwi omthetho, isibusiso nesiqalekiso, njengakho konke okulotshiwe encwadini yomthetho. Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.” (Joshuwa 8:34, 35) Abadala nabancane, izakhamuzi zokudabuka nezingabafokazi, bonke kwakudingeka kube njengokungathi kuqoshwe ezinhliziyweni nasezingqondweni zabo ukuthi yikuphi ukuziphatha okwakuyoletha isibusiso sikaJehova futhi yikuphi okwakuyoletha ukungamukelwa nguye. Ngokuqinisekile ukulifunda njalo iBhayibheli kuyosisiza kulokhu.

7, 8. (a) Obani namuhla ‘abanjengabafokazi,’ futhi kungani kudingeka bafunde iBhayibheli nsuku zonke? (b) Yiziphi izindlela “abantwana” phakathi kwabantu bakaJehova abangasilandela ngazo isibonelo sikaJesu?

7 Namuhla, izigidi zezinceku zikaJehova zinjengalabo “bafokazi” ngomqondo ongokomoya. Ngaphambili zaziphila ngezindinganiso zezwe, kodwa sezikushintshile ukuphila kwazo. (Efesu 4:22-24; Kolose 3:7, 8) Kudingeka zihlale zizikhumbuza izindinganiso zikaJehova zokuhle nokubi. (Amose 5:14, 15) Ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke kuzisiza ukuba zenze lokhu.—Heberu 4:12; Jakobe 1:25.

8 Kukhona “nabantwana” abaningi phakathi kwabantu bakaJehova abaye bafundiswa abazali babo izindinganiso zikaJehova kodwa okudingeka baziqinisekise ngokulunga kwentando yakhe. (Roma 12:1, 2) Bangakwenza kanjani lokho? Kwa-Israyeli, abapristi namadoda amadala bayalwa: “Wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe. Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho, nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu.” (Duteronomi 31:11-13) Njengoba ayephila ngaphansi koMthetho, lapho uJesu eneminyaka engu-12 kuphela ubudala wabonisa isithakazelo esibukhali ekuqondeni imithetho kaYise. (Luka 2:41-49) Kamuva, kwakuyinkambiso yakhe ukulalela nokuhlanganyela ekufundweni kwemiBhalo esinagogeni. (Luka 4:16; IzEnzo 15:21) Abancane namuhla bayobe benza kahle uma belandela isibonelo sikaJesu ngokufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke nangokuba khona njalo emihlanganweni lapho iBhayibheli lifundwa futhi litadishwe khona.

Ukufunda IBhayibheli—Yinto Eza Kuqala

9. (a) Kungani kudingeka sikukhethe esikufundayo? (b) Wathini umhleli owasungula lo magazini mayelana nezinsiza-kufunda zeBhayibheli?

9 Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.” (UmShumayeli 12:12) Singanezela ukuthi ukufunda izincwadi eziningi ezinyatheliswa namuhla akugcini ngokukhathaza umzimba kuphela, kodwa futhi, uma silimisa ngesihloko, kuyingozi engqondweni. Ngakho kubalulekile ukukhetha. Ngaphandle kokufunda izincwadi zethu zokutadisha iBhayibheli, kudingeka sifunde lona iBhayibheli uqobo. Umhleli owasungula lo magazini wabhalela abafundi bawo: “Ningalokothi nikhohlwe ukuthi iBhayibheli liyiNdinganiso yethu nokuthi kungakhathaliseki ukuthi izinsiza zethu zivela kuNkulunkulu ‘ziyizinsiza’ futhi azithathi isikhundla seBhayibheli.” * Ngakho, nakuba singakudebeseli ukufunda izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, kudingeka sifunde neBhayibheli uqobo.

10. “Isigqila esikholekile nesiqondayo” siye sakugcizelela kanjani ukubaluleka kokufunda iBhayibheli?

10 Siqaphela lesi sidingo, sekuyiminyaka manje “isigqila esikholekile nesiqondayo” sihlela ukufundwa kweBhayibheli njengengxenye yesimiso seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini ebandleni ngalinye. (Mathewu 24:45) Isimiso sokufunda iBhayibheli samanje sihlanganisa lonke iBhayibheli ngesikhathi esingaba yiminyaka eyisikhombisa. Lesi simiso sizuzisa wonke umuntu kodwa ikakhulukazi abasanda kuhlanganyela abangakaze balifunde lonke iBhayibheli. Labo abafunda e-Watchtower Bible School of Gilead yezithunywa zevangeli naseSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo kanye namalungu amasha omkhaya waseBethel kufuneka balifunde lonke iBhayibheli ngonyaka owodwa. Noma ngabe usebenzisa siphi isimiso, ukuze usigcine kudingeka wenze ukufunda iBhayibheli kube yinto eza kuqala kuwe siqu noma njengomkhaya.

Yembulani Imikhuba Yakho Yokufunda?

11. Singazondla kanjani ngamazwi kaJehova zonke izinsuku futhi kungani kufanele sikwenze?

11 Uma kuyinkinga kuwe ukuhambisana nesimiso sakho sokufunda iBhayibheli, kungase kufaneleke ukuba uzibuze: ‘Yiliphi ithonya imikhuba yami yokufunda noma yokubukela i-TV engase ibe nalo ekufundeni kwami iZwi likaJehova?’ Khumbula lokho uMose akubhala—uJesu wakuphinda—ukuthi “umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4; Duteronomi 8:3) Njengoba nje kudingeka sidle isinkwa noma okufana naso nsuku zonke ekuphileni ukuze siqinise umzimba wethu wenyama, ngokufanayo kudingeka singenise imicabango kaJehova nsuku zonke ukuze silondoloze ingokomoya lethu. Singayithola imicabango kaNkulunkulu usuku ngalunye ngokufunda imiBhalo.

12, 13. (a) Umphostoli uPetru ukufanekisa kanjani ukulangazela okufanele sibe nako ngeZwi likaNkulunkulu? (b) UPawulu uwusebenzisa kanjani umfanekiso wobisi ngendlela ehlukile kwekaPetru?

12 Uma silazisa iBhayibheli, ‘hhayi njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela,’ siyodonsekela kulo njengoba nje umntwana elangazelela ubisi lukanina. (1 Thesalonika 2:13) Umphostoli uPetru wafanekisa kanjalo, ebhala: “Njengezinsana ezisanda kuzalwa, yakhani ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi, ukuze ngalo nikhulele ensindisweni, uma kodwa niye nanambitha ukuthi iNkosi inomusa.” (1 Petru 2:2, 3) Uma ngempela siye sakunambitha ngokwethu ukuthi “iNkosi inomusa,” siyokulangazelela ukufunda iBhayibheli.

13 Kumelwe kuphawulwe ukuthi kule ndima uPetru wasebenzisa umfanekiso wobisi ngendlela ehlukile kweyomphostoli uPawulu. Osaneni olusanda kuzalwa, ubisi lwanelisa zonke izidingo zalo zokondleka. Umfanekiso kaPetru ubonisa ukuthi iZwi likaNkulunkulu linakho konke esikudingayo ukuze ‘sikhulele ensindisweni.’ Ngakolunye uhlangothi, uPawulu usebenzisa isidingo sobisi ukuze aveze imikhuba emibi yokudla yabanye abathi bangabantu abadala ngokomoya. Encwadini yakhe kumaKristu angamaHeberu, uPawulu wabhala: “Nakuba bekufanele ngabe ningabafundisi ngenxa yesikhathi, nisadinga futhi othile ukuba anifundise kusukela ekuqaleni izinto zokucathula zamazwi angcwele kaNkulunkulu; futhi senibe njengabadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinile. Ngoba wonke umuntu ophuza ubisi akajwayelene nezwi lokulunga, ngoba uyingane. Kodwa ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Heberu 5:12-14) Ukufunda iBhayibheli ngokunakisisa kungasenzela lukhulu ekukhuliseni amandla ethu okuqonda nasekwakheni ukulangazelela izinto ezingokomoya.

Indlela Yokufunda IBhayibheli

14, 15. (a) Yiliphi ilungelo uMlobi weBhayibheli asinika lona? (b) Singazuza kanjani ekuhlakanipheni kwaphezulu? (Nikeza izibonelo.)

14 Ukufundwa kweBhayibheli okuzuzisa kakhulu akuqali ngokufunda kodwa kuqala ngomthandazo. Umthandazo uyilungelo elimangalisayo. Kunjengokungathi uqala ukutadisha incwadi ekhuluma ngendaba ethile ejulile ngokucela umlobi wayo akusize uqonde lokho ozokufunda. Yeka ukuthi lokho kungaba yinzuzo enkulu kangakanani! UMlobi weBhayibheli, uJehova, ukunika lelo lungelo. Ilungu lendikimba ebusayo yekhulu lokuqala labhalela abafowabo: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ecela kuNkulunkulu, ngoba unika bonke ngokuphana ngaphandle kokusola; futhi uyonikwa kona. Kodwa makaqhubeke ecela ngokholo, engangabazi nhlobo.” (Jakobe 1:5, 6) INdikimba Ebusayo yanamuhla isinxusa njalo ukuba sifunde iBhayibheli ngosizo lomthandazo.

15 Ukuhlakanipha kuwukusetshenziswa ngokoqobo kolwazi. Ngakho ngaphambi kokuba uvule iBhayibheli lakho, cela uJehova ukuba akusize uqaphele amaphuzu okudingeka uwasebenzise ekuphileni kwakho njengoba ufunda. Hlobanisa izinto ezintsha ozifundayo nolwazi osunalo. Zifake ‘esibonelweni samazwi amahle’ osuwazi. (2 Thimothewu 1:13) Zindla ngezenzakalo zokuphila kwezinceku zikaJehova zesikhathi esidlule, bese uzibuza ukuthi wena wawuyokwenzenjani ngaphansi kwezimo ezifanayo.—Genesise 39:7-9; Daniyeli 3:3-6, 16-18; IzEnzo 4:18-20.

16. Yikuphi ukusikisela okuwusizo okunikezwayo ukuze sikwazi ukwenza ukufunda kwethu iBhayibheli kuzuzise ngokwengeziwe?

16 Ungafundeli nje ukuqeda. Zinike isikhathi. Cabanga ngalokho okufundayo. Lapho uthakazeliswa yiphuzu elithile, bheka imibhalo esesikhombweni uma iBhayibheli lakho linaso. Uma iphuzu lingacaci yize kunjalo, bhala phansi ukuze ucwaninge ngokwengeziwe kamuva. Njengoba ufunda, phawula noma ukopishe imibhalo ofuna ukuyikhumbula ngokukhethekile. Ungabhala nawakho amaphuzu nemibhalo ehambisanayo eceleni. Emibhalweni onomuzwa wokuthi ungase uyidinge ngolunye usuku emsebenzini wakho wokushumayela nokufundisa, phawula igama eliyisihluthulelo bese uhlola uhlu lwamagama eBhayibheli ngemuva eBhayibhelini lakho. *

Yenza Ukufunda IBhayibheli Kujabulise

17. Kungani kufanele sikujabulele ukufunda iBhayibheli?

17 Umhubi wakhuluma ngomuntu ojabulayo “okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.” (IHubo 1:2) Ukufunda kwethu iBhayibheli nsuku zonke akufanele kube umthwalo kodwa kufanele kujabulise ngempela. Enye indlela yokukwenza kube mnandi iwukuhlala sikuqaphela ukubaluleka kwezinto esizifundayo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha . . . Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula. Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.” (IzAga 3:13, 17, 18) Umzamo odingekayo ukuze sithole ukuhlakanipha uyafaneleka ngempela, ngoba izindlela zako ziyizindlela zobumnandi, zokuthula, zenjabulo futhi ekugcineni, zokuphila.

18. Yini edingekayo ngaphandle kokufunda iBhayibheli, futhi yini esizoyihlola esihlokweni esilandelayo?

18 Yebo, ukufunda iBhayibheli kuyazuzisa futhi kumnandi. Kodwa ingabe kwanele? Sekungamakhulu eminyaka amalungu amaSonto eLobukholwa efunda iBhayibheli, ‘efunda kodwa nokho engasoze akwazi ukufinyelela olwazini olunembile lweqiniso.’ (2 Thimothewu 3:7) Ukuze ukufunda iBhayibheli kuzuzise, kumelwe sikwenze sinomgomo wokusebenzisa ulwazi esiluzuzayo ekuphileni kwethu nasemsebenzini wethu wokushumayela nokufundisa. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Lokhu kudinga umzamo nezindlela ezinhle zokutadisha, nakho okungajabulisa futhi kuvuze, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 9 Bheka incwadi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., ikhasi 241.

^ par. 16 Bheka INqabayokulinda ka-May 1, 1995, amakhasi 16-17, isihloko esithi “Amacebiso Okuthuthukisa Ukufunda Kwakho IBhayibheli.”

Imibuzo Yokubukeza

• Yisiphi iseluleko esanikwa amakhosi akwa-Israyeli esisebenza nakubabonisi namuhla, futhi ngani?

• Obani namuhla ‘abanjengabafokazi’ “nabantwana,” futhi kungani kudingeka bafunde iBhayibheli nsuku zonke?

• Yiziphi izindlela eziwusizo “isigqila esikholekile nesiqondayo” esiye sasisiza ngazo ukuba sifunde iBhayibheli njalo?

• Singayithola kanjani inzuzo nenjabulo yangempela lapho sifunda iBhayibheli?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 9]

Abadala, ngokukhethekile, kudingeka bafunde iBhayibheli nsuku zonke

[Isithombe ekhasini 10]

Kwakuyinkambiso kaJesu ukuhlanganyela ekufundeni imiBhalo esinagogeni