Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukutadisha—Kuyavuza Futhi Kuyajabulisa

Ukutadisha—Kuyavuza Futhi Kuyajabulisa

Ukutadisha—Kuyavuza Futhi Kuyajabulisa

“Uma ukufuna . . . , [uyokufumana] ukumazi uNkulunkulu.”—IZAGA 2:4, 5.

1. Ukufundela ubumnandi nje kungasilethela kanjani injabulo enkulu?

ABANTU abaningi bafundela ubumnandi nje. Uma into oyifundayo ihlanzekile, ukufunda kungaba yindlela enhle yokuphumula. Ngaphandle kwesimiso sawo esivamile sokufunda iBhayibheli, amanye amaKristu athola injabulo enkulu ngokufunda ngezikhathi ezithile amaHubo, izAga, ukulandisa kwamaVangeli, noma ezinye izingxenye zeBhayibheli. Ubumnandi nje bolimi nemicabango kuwanika injabulo ejulile. Amanye akhetha ukuzifundela INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova, umagazini i-Phaphama!, ukulandisa kokuphila kwabantu okunyatheliswa kulo magazini, noma izindaba zomlando, ukuma kwezwe nezemvelo.

2, 3. (a) Ukwaziswa okujulile okungokomoya kungafaniswa kanjani nokudla okuqinile? (b) Ukutadisha kuhilelani?

2 Ukuzifundela njé kungaba yindlela yokuphumula, kanti ukutadisha kudinga ukuzikhandla ngokwengqondo. Isazi sefilosofi esiyiNgisi uFrancis Bacon sabhala: “Ezinye izincwadi ezokunambithwa, ezinye ezokugwinywa, kanti ezinye ezimbalwa ezokuhlafunwa futhi zigaywe.” IBhayibheli ngokuqinisekile lingena esigabeni sokugcina. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokuphathelene naye [uKristu, njengoba afanekiselwa yiNkosi EngumPristi uMelkisedeki] sinokuningi kokukusho nokunzima ukuba kuchazwe, njengoba seniye naba buthuntu ekuzweni kwenu. . . . Ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Heberu 5:11, 14) Ukudla okuqinile kumelwe kuhlafunwe ngaphambi kokuba kugwinywe futhi kugaywe. Ukwaziswa okujulile okungokomoya kudinga ukucabangisisa ngaphambi kokukufunda nokukugcina.

3 Isichazamazwi esithile sichaza “ukutadisha” ngokuthi “isenzo noma inqubo yokusebenzisa ingqondo ngokufunda, ngokucwaninga, njll., ukuze uthole ulwazi noma ukuqonda.” Ngakho kuhileleke okwengeziwe kunokumane sifunde ngokudlulisa amehlo, mhlawumbe sidwebela amagama athile njengoba sifunda. Ukutadisha kuwumsebenzi, ukuzikhandla ngokwengqondo nokusebenzisa amandla okuqonda. Nokho, nakuba ukutadisha kudinga ukuzikhandla, lokhu akusho ukuthi akunakuba okujabulisayo.

Ukwenza Ukutadisha Kujabulise

4. Ngokomhubi, ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kungaqabula futhi kuvuze kanjani?

4 Ukufunda nokutadisha iZwi likaNkulunkulu kungaqabula futhi kuvuselele. Umhubi wathi: “Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula. Imiyalo kaJehova ilungile, ijabulisa inhliziyo; umyalezo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.” (IHubo 19:7, 8) Imithetho nezikhumbuzo zikaJehova kuvuselela umphefumulo wethu, kuthuthukise impilo yethu engokomoya, kusilethele injabulo yangaphakathi futhi kwenze amehlo ethu akhanye sinombono ocacile wezinjongo zikaJehova ezimangalisayo. Kwaze kwajabulisa!

5. Yiziphi izindlela ukutadisha okungasilethela ngazo injabulo enkulu?

5 Lapho sibona imiphumela emihle yomsebenzi wethu, siyakujabulela ukuwenza. Ngakho, ukuze senze ukutadisha kujabulise, kufanele sisheshe silusebenzise ulwazi esisanda kuluthola. UJakobe wabhala: “Lowo osinga umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lomuntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube umenzi womsebenzi, uyojabula ekuwenzeni kwakhe.” (Jakobe 1:25) Ukuwasebenzisa kithi ngokushesha amaphuzu esiwafundile kusilethela ukwaneliseka okukhulu. Ukucwaninga ngenjongo yokuphendula umbuzo othile esiwubuzwe emsebenzini wokushumayela noma wokufundisa nakho kuyosilethela injabulo enkulu.

Ukwakha Uthando NgeZwi LikaNkulunkulu

6. Umlobi weHubo 119 waluveza kanjani uthando lwakhe ngezwi likaJehova?

6 Umqambi weHubo 119, mhlawumbe uHezekiya eseyinkosana esencane, waveza uthando lwakhe ngezwi likaJehova. Ngolimi olusankondlo, wathi: “Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami . . . ngiyakuthokoza ngemiyalo yakho engiyithandileyo. Ububele bakho mabuze kimi, ukuze ngiphile, ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami. Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami.”—IHubo 119:16, 24, 47, 77, 174.

7, 8. (a) Ngokwencwadi ethile, kusho ukuthini ‘ukuthokoza’ ngeZwi likaNkulunkulu? (b) Singalubonisa kanjani uthando lwethu ngeZwi likaJehova? (c) U-Ezra wazilungiselela kanjani ngaphambi kokufunda uMthetho kaJehova?

7 Lapho sichaza igama elihunyushwe ngokuthi “thokoza” kumaHubo 119, esinye isichazamazwi semiBhalo YesiHeberu sithi: “Indlela elisetshenziswe ngayo evesini 16 ihambelana [nesenzo] esisho ukujabula . . . nesisho ukuzindla . . . Kulandelana kanje: ukujabula, ukuzindla, ukujabulela . . . Lokhu kungase kusikisele ukuthi ukuzindla okunenjongo yiyona nto eyenza umuntu alijabulele izwi likaYahweh. . . . Incazelo [yalo] ihilela isici sokuthinteka kwemizwelo.” *

8 Yebo, uthando lwethu ngeZwi likaJehova kufanele lusuke enhliziyweni, isizinda semizwelo. Kufanele sikujabulele ukugxila ezindimeni ezithile esisanda kuzifunda. Kufanele sicabange ngemiqondo ejulile engokomoya, sigxile kuyo futhi sizindle ngayo. Lokhu kudinga ukucabangisisa buthule nomthandazo. Njengo-Ezra, kudingeka silungiselele izinhliziyo zethu ukufunda nokutadisha iZwi likaNkulunkulu. Kubhalwé lokhu ngaye: “U-Ezra [“wayelungiselelé,” NW] inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.” (Ezra 7:10) Phawula injongo ekathathu yokulungiselela kuka-Ezra inhliziyo yakhe: ukuze atadishe, akusebenzise kuye akufundile, futhi afundise. Kufanele silandele isibonelo sakhe.

Ukutadisha Okuyisenzo Sokukhulekela

9, 10. (a) Yiziphi izindlela umhubi alikhathalela ngazo iZwi likaJehova? (b) Sisho ukuthini isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi ‘zikhathaze’? (c) Kungani kubalulekile ukuba sibheke ukutadisha iBhayibheli ‘njengesenzo sokukhulekela’?

9 Umhubi uthi wakhathalela imithetho, imiyalo nezikhumbuzo zikaJehova. Uyahlabelela: “Ngizozikhathaza ngemiyalo yakho, ngizobheka izindlela zakho. Ngizophakamisela izintende zami emiyalweni yakho engiyithandile, futhi ngizozikhathaza ngeziqondiso zakho. Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke. Ngibé nokuqondisisa ngaphezu kwabo bonke abafundisi bami, ngoba ngiyazikhathalela izikhumbuzo zakho.” (IHubo 119:15, 48, 97, 99, NW) Kusikiselani ‘ukuzikhathaza’ ngeZwi likaJehova?

10 Isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi ‘zikhathaze’ sisho nokuthi “zindla, cabanga,” “phenduphendula indaba engqondweni.” “Sisetshenziselwa ukucabangisisa buthule ngemisebenzi kaNkulunkulu . . . nezwi likaNkulunkulu.” (Theological Wordbook of the Old Testament) Ibizo elithi “ukukhathalela” libhekisela “ekuzindleni komhubi,” ‘ekutadisheni kwakhe ngenxa yothando’ umthetho kaNkulunkulu, ‘njengesenzo sokukhulekela.’ Ukubheka ukutadisha iZwi likaNkulunkulu njengengxenye yokukhulekela kwethu kukwenza kube okungathi sína ngokwengeziwe. Ngakho-ke kufanele kwenziwe ngobuqotho nangosizo lomthandazo. Ukutadisha kuyingxenye yokukhulekela kwethu futhi kwenzelwa ukuthuthukisa ukukhulekela kwethu.

Ukumba Sijule EZwini LikaNkulunkulu

11. UJehova ubambulela kanjani abantu bakhe imicabango ejulile engokomoya?

11 Enokwazisa okunenhlonipho, umhubi wathi: “Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.” (IHubo 92:5) Futhi umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngezinto ezijulile zikaNkulunkulu,’ imiqondo ejulile uJehova ayambulela abantu bakhe “ngomoya wakhe” osebenza esigabeni sesigqila esikholekile nesiqondayo. (1 Korinte 2:10; Mathewu 24:45) Ngenkuthalo isigaba sesigqila silungiselela wonke umuntu ukudla okungokomoya—“ubisi” kwabasanda kuhlanganyela, kodwa “ukudla okuqinile” ‘kubantu abavuthiwe.’—Heberu 5:11-14.

12. Nikeza isibonelo ‘sezinto ezijulile zikaNkulunkulu’ eziye zachazwa yisigaba sesigqila.

12 Ukuze siziqonde lezo ‘zinto ezijulile zikaNkulunkulu,’ kudingeka sitadishe ngosizo lomthandazo futhi sicabangisise ngeZwi lakhe. Ngokwesibonelo, kuye kwanyatheliswa ukwaziswa okuhle okubonisa ukuthi uJehova uba nobulungisa nesihe ngesikhathi esisodwa. Ukusebenzisa kwakhe isihe akukhona ukuthambisa ubulungisa bakhe; kunalokho, isihe saphezulu siwukubonakaliswa kobulungisa bukaNkulunkulu nothando lwakhe. Lapho ahlulela isoni, uJehova uqale abheke ukuthi kungenzeka yini asibonise isihe ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo seNdodana yakhe. Uma isoni singaphenduki noma sivukela, uNkulunkulu uvumela ubulungisa ukuba busebenze ngaphandle kwesihe esingasifanele. Kunoma yikuphi, uhambisana nezimiso zakhe eziphakeme. * (Roma 3:21-26) ‘O ukujula kokuhlakanipha kukaNkulunkulu!’—Roma 11:33.

13. Kufanele sikubonise kanjani ukwazisa “ingqikithi ephelele” yamaqiniso angokomoya asembuliwe?

13 Njengomhubi, kuyasijabulisa ukuthi uJehova uhlanganyela nathi eminingi yemicabango yakhe. UDavide wabhala: “Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo. Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi.” (IHubo 139:17, 18) Nakuba ulwazi lwethu namuhla lumane luyingxenye encanyana yemicabango engenakubalwa uJehova ayoyambula kulo lonke iphakade, siyazisa ngokujulile “ingqikithi egcwele” yamaqiniso angokomoya ayigugu esesiwambulelwe futhi simba sijule nakakhulu engqikithini, noma ebuthunjini, beZwi likaNkulunkulu.—IHubo 119:160, NW.

Kudingeka Ukuzikhandla Namathuluzi Aphumelelayo

14. IzAga 2:1-6 zisigcizelela kanjani isidingo sokuzikhandla ekutadisheni iZwi likaNkulunkulu?

14 Ukutadisha iBhayibheli ngokujulile kudinga ukuzikhandla. Lokhu kuba sobala lapho sifunda izAga 2:1-6 ngokucophelela. Phawula izenzo ezinamandla inkosi ehlakaniphile uSolomoni eyazisebenzisa ukuze igcizelele ukuzikhandla okudingekayo ukuze sithole ulwazi lwaphezulu, ukuhlakanipha nokuqonda. Yabhala: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho, yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.” (Omalukeke sizenzele.) Yebo, ukutadisha okuvuzayo kudinga ukucwaninga, ukumba, njengokungathi sifuna amagugu afihliweyo.

15. Yimuphi umfanekiso oseBhayibhelini obonisa isidingo sezindlela ezinhle zokutadisha?

15 Ukutadisha okucebisayo ngokomoya kudinga nezindlela ezinhle zokutadisha. USolomoni wabhala: “Uma insimbi ibuthuntu, umuntu engaloli usiko, uyakhamelela ngamandla.” (UmShumayeli 10:10) Uma umuntu esebenza ngethuluzi lokusika elingebukhali noma uma engalisebenzisi ngobuciko, uyochitha amandla akhe futhi umsebenzi wakhe uyoba ubudlabha. Ngokufanayo, izinzuzo zesikhathi esisetshenziselwe ukutadisha zingashiyana kakhulu, kuye ngezindlela zethu zokutadisha. ESifundweni 7 se-Ncwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo Esingokwasezulwini kunokusikisela okuhle kakhulu okuwusizo ekuthuthukiseni indlela esitadisha ngayo. *

16. Yikuphi ukusikisela okuwusizo esikunikwayo ukuze kusisize sitadishe ngokujulile?

16 Lapho umbazi eqala ukusebenza, ukhipha amathuluzi azowadinga. Ngokufanayo, lapho siqala ukutadisha, kufanele sikhethe amathuluzi okutadisha esizowadinga emtatsheni wethu wezincwadi. Njengoba sikhumbula ukuthi ukutadisha kuwumsebenzi futhi kudinga ukuzikhandla ngokwengqondo, kuhle futhi ukuhlala ngendlela efanele. Uma sifuna ukuhlala siphapheme engqondweni, ukuhlala esihlalweni netafula noma ideski kungase kube ngcono kunokucambalala embhedeni noma ukuhlala kusofa ontofontofo. Ngemva kokugxilisa ingqondo isikhathi esithile, ungase ukuthole kuwusizo ukuzelula kancane noma ukuphuma ushaywe umoya opholile.

17, 18. Nikeza izibonelo zezindlela zokusebenzisa amathuluzi amahle okutadisha ongase uwathole.

17 Kukhona namathuluzi okutadisha amaningi amahle ngokumangalisayo esingawasebenzisa. Elivelele kuwo yiBhayibheli INguqulo Yezwe Elisha, manje etholakala ngezilimi ezingu-37 iphelele noma iyingxenye. Uhlelo oluvamile lwe-Nguqulo Yezwe Elisha lunezikhombo zemibhalo ehlobene kanye no-“Hlu Lwezincwadi ZeBhayibheli” olunikeza igama lomlobi, indawo nesikhathi sokulotshwa kwencwadi. Lunezikhombo futhi zamagama aseBhayibhelini, isithasiselo namabalazwe. Kwezinye izilimi, leli Bhayibheli litholakala nangohlelo olukhulu, olwaziwa ngokuthi yi-Reference Bible. Lunazo zonke izici ezingenhla nezinye eziningi, kuhlanganise nemibhalo yaphansi eningilizayo, nayo enezikhombo. Ingabe ukusebenzisa ngokugcwele lokho okutholakala ngolimi lwakho ukuze usizakale ekumbeni ujule eZwini likaNkulunkulu?

18 Elinye ithuluzi lokutadisha eliyigugu yi-encyclopedia yeBhayibheli enemiqulu emibili, i-Insight on the Scriptures. Uma unayo le ncwadi ngolimi oluqondayo, kufanele ibe umngane wakho njalo lapho utadisha. Iyokunika isizinda sezindaba eziningi eziseBhayibhelini. Ithuluzi eliwusizo ngokufanayo yincwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.” Lapho uqala ukufunda incwadi yeBhayibheli entsha, kuhle ukuhlola isifundo esihambisana nayo encwadini ethi “Yonke ImiBhalo” ukuze uthole isizinda sokuma kwezwe nomlando, kanye nokuqukethwe yileyo ncwadi yeBhayibheli nokubaluleka kwayo kithi. Okusanda kunezelwa kula mathuluzi amaningi okutadisha anyathelisiwe yi-Watchtower Library esebenza nge-computer, esitholakala ngezilimi ezingu-9.

19. (a) Kungani uJehova eye wasilungiselela amathuluzi amahle okutadisha iBhayibheli? (b) Kudingekani ukuze sifunde futhi sitadishe iBhayibheli kahle?

19 UJehova uye walungiselela wonke la mathuluzi ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo’ ukuze enze izinceku zakhe ezisemhlabeni zikwazi ‘ukufuna futhi zifumane ukumazi uNkulunkulu.’ (IzAga 2:4, 5) Imikhuba emihle yokutadisha isenza sikwazi ukumazi kangcono uJehova nokujabulela ubuhlobo obuseduze kakhudlwana naye. (IHubo 63:1-8) Yebo, ukutadisha kuwumsebenzi, kodwa kuwumsebenzi ojabulisayo novuzayo. Nokho, kudinga isikhathi, futhi cishe uyazibuza, ‘Ngingasithola kanjani isikhathi ukuze ukufunda iBhayibheli nesifundo somuntu siqu ngikwenze ngendlela efanele?’ Lesi sici kuzoxoxwa ngaso esihlokweni sokugcina salolu chungechunge.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 I-New International Dictionary of Old Testament Theology & Exegesis, Umqulu 4, amakhasi 205-7.

^ par. 12 Bheka INqabayokulinda ka-August 1, 1998, ikhasi 13, isigaba 7. Njengengxenye yokutadisha iBhayibheli, ungase ubukeze zombili izihloko ezifundwayo kulowo magazini kanye nezihloko ezithi “Ubulungisa [Justice],” “Isihe [Mercy],” nesithi “Ukulunga [Righteousness],” kuyi-encyclopaedia yeBhayibheli i-Insight on the Scriptures, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

^ par. 15 Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. Uma le ncwadi ingekho ngolimi lwakho, ungathola iseluleko esihle ngezindlela zokutadisha kulab’ omagazini be-Nqabayokulinda abalandelayo: August 15, 1993, amakhasi 13-17; May 15, 1986, amakhasi 19-20.

Imibuzo Yokubukeza

• Singakwenza kanjani ukutadisha kwethu kuqabule futhi kuvuze?

• Njengomhubi, singakubonisa kanjani ‘ukuthokozela’ ‘nokukhathalela’ iZwi likaJehova?

IzAga 2:1-6 zisibonisa kanjani isidingo sokuzikhandla lapho sitadisha iZwi likaNkulunkulu?

• Yimaphi amathuluzi amahle okutadisha uJehova awalungiselele?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 14]

Ukucabangisisa buthule nomthandazo kusisiza sakhe uthando ngeZwi likaNkulunkulu

[Izithombe ekhasini 17]

Ingabe uwasebenzisa ngokugcwele amathuluzi okutadisha atholakalayo ukuze umbe ujule eZwini likaNkulunkulu?