Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuthengisisa Isikhathi Sokufunda Nokutadisha

Ukuthengisisa Isikhathi Sokufunda Nokutadisha

Ukuthengisisa Isikhathi Sokufunda Nokutadisha

“[Zithengeleni] ithuba, ngoba izinsuku zimbi.”—EFESU 5:16.

1. Kungani kuhlakaniphile ukuba sihlele isikhathi sethu, futhi indlela esisisebenzisa ngayo ingembulani ngathi?

KUYE kwathiwa “ukukhetha isikhathi konga isikhathi.” Umuntu obeka isikhathi esiqondile sezinto ezidinga ukwenziwa ngokuvamile ufeza okuningi ngesikhathi sakhe. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Yonke into inehora layo elimisiwe, kukhona isikhathi sazo zonke izinto ngaphansi kwezulu.” (UmShumayeli 3:1, Moffatt) Sonke sinesikhathi esilinganayo esingasisebenzisa; kukithi ukuthi sisisebenzisa kanjani. Ngokwezinga elikhulu indlela esihlela ngayo izinto eziza kuqala kithi nesaba ngayo isikhathi sethu yembula lokho esikukhonze kakhulu.—Mathewu 6:21.

2. (a) ENtshumayelweni Yasentabeni, uJesu wathini ngesidingo sethu esingokomoya? (b) Yikuphi ukuzihlola okufanelekayo?

2 Sibophekile ukuba sibe nesikhathi sokudla nesokulala ngoba lezo yizidingo ezingokwenyama. Kodwa kuthiwani ngezidingo zethu ezingokomoya? Siyazi ukuthi nazo kumelwe zaneliswe. ENtshumayelweni Yasentabeni, uJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Yingakho “isigqila esikholekile nesiqondayo” sisikhumbuza njalo ngokubaluleka kokuzinika isikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli. (Mathewu 24:45) Kungenzeka uyaqaphela ukuthi kubaluleke kangakanani lokhu, kodwa mhlawumbe unomuzwa wokuthi umane nje awunaso isikhathi sokutadisha nokufunda iBhayibheli. Uma kunjalo, ake sihlole izindlela zokuvula amathuba engeziwe ekuphileni kwethu okuba sifunde iZwi likaNkulunkulu, sibe nesifundo somuntu siqu futhi sizindle.

Ukuthola Isikhathi Sokufunda Nokutadisha IBhayibheli

3, 4. (a) Yisiphi iseluleko umphostoli uPawulu asinikeza mayelana nendlela esisebenzisa ngayo isikhathi sethu, futhi kuhlanganisani lokhu? (b) Wayesho ukuthini uPawulu lapho eseluleka ukuba ‘sizithengisisele ithuba’?

3 Ngenxa yezikhathi esiphila kuzo, sonke kudingeka silalele amazwi omphostoli uPawulu: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi. Ngenxa yalokhu yekani ukuba abangenangqondo, kodwa qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova.” (Efesu 5:15-17) Yiqiniso, lesi seluleko sihlanganisa zonke izici zokuphila kwethu njengamaKristu azinikezele, kuhlanganise nokuzinika isikhathi sokuthandaza, sokutadisha, semihlangano nesokuhlanganyela ngokugcwele ngangokunokwenzeka ekushumayeleni “izindaba ezinhle zombuso.”—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

4 Izinceku zikaJehova eziningi namuhla kubonakala zinenkinga yokuthola isikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli ngokujulile ekuphileni kwazo. Ngokusobala, asikwazi ukwenezela ihora osukwini lwethu, ngakho kumelwe ukuba iseluleko sikaPawulu sisho okuthile okuhlukile. NgesiGreki, inkulumo ethi ‘thengisisa ithuba’ isikisela ukuthenga ngokudela okunye. Kuyi-Expository Dictionary yakhe, uW. E. Vine uyichaza ngokuthi “ukusebenzisa ngokugcwele noma yiliphi ithuba, wenze ngalinye lizuzise kakhulu ngangokunokwenzeka njengoba lingekho elingabuyiswa uma like ladedelwa.” Singalithengisisa kukuphi ithuba lokufunda nokutadisha iBhayibheli?

Kumelwe Sihlele Izinto Eziza Kuqala

5. Kungani kufanele ‘siqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe,’ futhi kufanele sikwenze kanjani?

5 Ngaphezu kwezibopho zethu zezwe, sinezinto eziningi ezingokomoya okufanele sizinakekele. Njengezinceku zikaJehova ezizinikezele, ‘sinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58) Ngenxa yalesi sizathu, uPawulu wayala amaKristu aseFilipi ukuba ‘aqiniseke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe.’ (Filipi 1:10) Lokhu kusho ukuthi kumelwe sihlele izinto eziza kuqala. Izinto ezingokomoya kufanele ngaso sonke isikhathi zize kuqala kunezinto ezingokwenyama. (Mathewu 6:31-33) Nokho, kudingeka silinganisele nasekufezeni izibopho zethu ezingokomoya. Sisihlela kanjani isikhathi sethu phakathi kwezici ezihlukahlukene zokuphila kwethu kobuKristu? Ababonisi abajikelezayo babika ukuthi phakathi ‘kwezinto ezibaluleke ngokwengeziwe’ umKristu okufanele azinakekele, isifundo somuntu siqu nokufunda iBhayibheli kuyadebeselelwa.

6. Ukuthengisisa ithuba kungahilelani lapho kuziwa emsebenzini wokuziphilisa noma wasendlini?

6 Njengoba sibonile, ukuthengisisa ithuba kuhilela ‘ukuwasebenzisa ngokugcwele wonke amathuba’ ‘nokwenza ngalinye lizuzise kakhulu ngangokunokwenzeka.’ Ngakho uma imikhuba yethu yokufunda nokutadisha iBhayibheli ingemihle, kungaba kuhle ukuzihlola sibone ukuthi sisisebenzisa kanjani isikhathi sethu. Uma umsebenzi wethu wokuziphilisa usikhandla ngokweqile, usithathela isikhathi esiningi ngokweqile namandla ethu, kufanele sithandaze ngako kuJehova. (IHubo 55:22) Singase sikwazi ukulungisa izinto sakhe isikhathi esengeziwe sezinto ezibaluleke ngokwengeziwe ezihlobene nokukhulekelwa kukaJehova, kuhlanganise nokutadisha nokufunda iBhayibheli. Kushiwo kufanele ukuthi umsebenzi womuntu wesifazane awupheli. Ngakho odade abangamaKristu nabo kumelwe bahlele izinto eziza kuqala kubo bese bebeka izikhathi eziqondile zokufunda iBhayibheli nokulitadisha ngokujulile.

7, 8. (a) Ngokuvamile yiziphi izinto esingathengisisa kuzo isikhathi sokufunda nokutadisha? (b) Iyini injongo yokuzilibazisa, futhi ukukhumbula lokhu kungasisiza kanjani ukuba sihlele izinto eziza kuqala kithi?

7 Ngokwengxenye enkulu, iningi lethu lingathengisisa isikhathi sokutadisha ngokudela izinto ezingabalulekile. Singase sizibuze, ‘Singakanani isikhathi engisisebenzisela ukufunda omagazini noma amaphephandaba ezwe, ukubuka izinhlelo zethelevishini, ukulalela umculo noma ukudlala ama-video game? Ingabe isikhathi engisichitha kuyi-computer singaphezu kwengisisebenzisela ukufunda iBhayibheli? UPawulu uthi: “Yekani ukuba abangenangqondo, kodwa qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova.” (Efesu 5:17) Ukusebenzisa ithelevishini ngendlela engenakulinganisela kubonakala kuyisizathu esiyinhloko esenza oFakazi abaningi bangaziniki isikhathi esanele sesifundo somuntu siqu nokufunda iBhayibheli.—IHubo 101:3; 119:37, 47, 48.

8 Abanye bangase bathi abakwazi ukuhlala betadisha, badinga ukuzilibazisa okuthile. Nakuba lokhu kuyiqiniso, kungase kube kuhle ukuhlola isikhathi esisisebenzisela ukuphumula bese sisiqhathanisa nesikhathi esisisebenzisela ukutadisha noma ukufunda iBhayibheli. Esiyokuthola kungase kusimangaze. Nakuba ukuzilibazisa nokuphumula kudingeka, kumelwe kugcinwe kusezingeni elifanele. Injongo yako ukuba kusiqabulele ukwenza imisebenzi engokomoya ngomdlandla. Izinhlelo eziningi zethelevishini nama-video game kwenza umuntu akhathale, kanti ukufunda nokutadisha iZwi likaNkulunkulu kuyaqabula futhi kubuyisa amandla.—IHubo 19:7, 8.

Indlela Abanye Abasivula Ngayo Isikhala Sokutadisha

9. Yiziphi izinzuzo zokulalela iseluleko esinikezwe encwajaneni Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1999?

9 Isandulela sencwajana Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1999 sithi: “Kuyoba nenzuzo kakhulu ukulifunda ekuseni itekisi losuku nokukhulunyelwa kwalo kule ncwajana. Kuyoba sengathi uJehova, uMfundisi Omkhulu, ukuvusa ngemfundo yakhe. Ngokwesiprofetho, uJesu Kristu kuthiwa uyazuza emfundweni kaJehova njalo ekuseni: ‘UJehova uvusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.’ Leyo mfundo yanikeza uJesu ‘ulimi lwabafundi’ ukuze ‘azi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi.’ (Isaya 30:20; 50:4; Math. 11:28-30) Ukuvuswa ngeseluleko esifike ngesikhathi esivela eZwini likaNkulunkulu njalo ekuseni kuyokusiza ukuba ubhekane nezinkinga zakho futhi kukuhlomise ‘ngolimi lwabafundi’ ukuze usize abanye.” *

10. Abanye basivula kanjani isikhala sokufunda nokutadisha iBhayibheli, futhi kube naziphi izinzuzo?

10 AmaKristu amaningi alandela lesi seluleko ngokufunda itekisi losuku nokukhulunyelwa kwalo nangokufunda iBhayibheli noma ukutadisha ekuseni kakhulu. EFrance iphayona elithile elithembekile livuka njalo kusesekuseni kakhulu lifunde iBhayibheli imizuzu engu-30. Yini eye yalenza lakwazi ukwenza lokhu iminyaka eminingi? Lithi: “Ngiwumuntu onogqozi olukhulu, futhi ngiyanamathela esimisweni sami sokufunda kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani!” Noma ngabe yisiphi isikhathi sosuku esisikhethayo, into ebalulekile ukuba sinamathele esimisweni sethu. URené Mica, oseneminyaka engaphezu kuka-40 esenkonzweni yokuphayona eYurophu naseNyakatho ye-Afrika, uthi: “Kusukela ngo-1950 bekulokhu kuwumgomo wami ukufunda iBhayibheli lonke minyaka yonke, okuyinto esengiyenze izikhathi ezingu-49. Nginomuzwa wokuthi lokhu kubaluleke kakhulu ukuze ngilondoloze ubuhlobo obuseduze noMdali wami. Ukuzindla ngeZwi likaNkulunkulu kungisiza ukuba ngibuqonde kangcono ubulungisa bukaJehova nezinye izimfanelo zakhe futhi kuye kwanginika amandla amakhulu.” *

‘Ukudla Ngesikhathi Esifanele’

11, 12. (a) Yikuphi ‘ukudla’ okuye kwalungiselelwa “ngumphathi okholekile”? (b) ‘Ukudla’ kuye kwalungiselelwa kanjani ngesikhathi esifanele?

11 Njengoba nje ukudla njalo kunikela empilweni enhle engokomzimba, ukutadisha nokufunda iBhayibheli njalo kunikela empilweni enhle engokomoya. EVangelini likaLuka, sifunda amazwi kaJesu: “Ubani ngempela ongumphathi okholekile, oqondayo, lowo inkosi yakhe eyommisa phezu kwendikimba yayo yezikhonzi ukuba aqhubeke ezinika isilinganiso sazo sokudla ngesikhathi esifanele?” (Luka 12:42) Sekuyiminyaka engaphezu kuka-120 manje kunikezwa ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele’ kuyi-Nqabayokulinda nakwezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini.

12 Phawula amazwi athi “ngesikhathi esifanele.” Ngesikhathi esifanele, “uMfundisi [wethu] Omkhulu Kakhulu,” uJehova, uye waqondisa abantu bakhe ezindabeni zezimfundiso nezokuziphatha, esebenzisa iNdodana yakhe nesigaba sesigqila. Kuye kwaba njengokungathi ndawonye sizwa izwi lithi kithi: “‘Nansi indlela; hambani ngayo,’ noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.” (Isaya 30:20, 21) Ngaphezu kwalokho, lapho abantu belifunda ngokunakisisa iBhayibheli nazo zonke izincwadi ezisekelwe kulo, bavame ukuba nomuzwa wokuthi imiqondo eshiwo kulo ibhekiswe kubo ngokukhethekile. Yebo, iseluleko nesiqondiso sokuhlonipha uNkulunkulu siyofika ngesikhathi esifanele kithi, sisenze sikwazi ukumelana nesilingo esithile noma ukwenza isinqumo esihlakaniphile.

Yiba Nemikhuba Emihle Yokudla

13. Yimiphi eminye yemikhuba yokudla ngokomoya engemihle?

13 Ukuze sizuze ngokugcwele kulokho “kudla” okulungiselelwa ngesikhathi esifanele, kudingeka sibe nemikhuba emihle yokudla. Kubaluleke kakhulu ukuba nesimiso sokufunda iBhayibheli njalo nokwenza isifundo somuntu siqu nokunamathela kuso. Ingabe unemikhuba emihle yokudla ngokomoya futhi usenza njalo isifundo somuntu siqu esijulile? Noma ingabe umane ukhe phezulu ekwazisweni esikulungiselelwe ngokucophelela, uhlafune ugijima, noma ungakudli nhlobo okunye ukudla? Imikhuba yokudla engemihle iye yabangela abanye ukuba babe buthaka okholweni—baze bawe imbala.—1 Thimothewu 1:19; 4:15, 16.

14. Kungani kuzuzisa ukukutadisha ngokucophelela ukwaziswa okungase kubonakale kujwayelekile?

14 Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi bayazazi kakade izimfundiso eziyisisekelo futhi akuzona zonke izihloko eziveza into entsha ngokuphelele. Ngakho-ke, ukutadisha ngendlela ehlelekile nokuya emihlanganweni akudingekile. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi siyakudinga ukukhunjuzwa ngezinto esesizifundile kakade. (IHubo 119:95, 99; 2 Petru 3:1; Jude 5) Njengoba nje umpheki onekhono epheka izinto ezifanayo eziyisisekelo ngezindlela eziningi eziconsis’ amathe, isigaba sesigqila sikulungiselela ngezindlela ezihlukahlukene ukudla okungokomoya okunomsoco. Ngisho nasezihlokweni ezikhuluma ngezinto esezikhulunyelwe kaningi ngaphambili, kunamaphuzu angabonakali kalula esingeke sifune ukuweqa. Iqiniso liwukuthi lokho esikutholayo lapho sifunda kuxhomeke ngezinga elikhulu ekutheni sisebenzisa isikhathi esingakanani futhi sizikhandla kangakanani ekukutadisheni.

Izinzuzo Ezingokomoya Zokufunda Nokutadisha

15. Ukufunda nokutadisha iBhayibheli kusisiza kanjani ukuba sibe yizikhonzi ezingcono zeZwi likaNkulunkulu?

15 Izinzuzo esizithola ngokufunda nokutadisha iBhayibheli ziningi. Kusisiza sikwazi ukufeza omunye wemithwalo yethu yemfanelo yobuKristu eyisisekelo, owukuba ngamunye abe “isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.” (2 Thimothewu 2:15) Lapho silifunda futhi silitadisha ngokwengeziwe iBhayibheli, izingqondo zethu zigcwala ngokwengeziwe imicabango kaNkulunkulu. Khona-ke, njengoPawulu, siyokwazi ‘ukubonisana nabantu ngemiBhalo, sichaze futhi sibonise ngezingcaphuno’ iqiniso elimangalisayo lezinjongo zikaJehova. (IzEnzo 17:2, 3) Ubuciko bethu bokufundisa buyothuthuka, futhi izingxoxo, izinkulumo nezeluleko zethu ziyokwakha ngokwengeziwe ngokomoya.—IzAga 1:5.

16. Yiziphi izindlela umuntu ngamunye azuza ngazo lapho efunda futhi etadisha iZwi likaNkulunkulu?

16 Ngaphezu kwalokho, isikhathi esisisebenzisela ukuhlola iZwi likaNkulunkulu siyosenza sikwazi ukuvumelanisa ukuphila kwethu ngokwengeziwe nezindlela zikaJehova. (IHubo 25:4; 119:9, 10; IzAga 6:20-23) Siyoqinisa izimfanelo zethu ezingokomoya, njengokuthobeka, ukwethembeka nenjabulo. (Duteronomi 17:19, 20; IsAmbulo 1:3) Lapho sisebenzisa ulwazi esiluthola ngokufunda nokutadisha iBhayibheli, sijabulela ukugeleza komoya kaNkulunkulu ekuphileni kwethu, kuphumele ekwandeni kwezithelo zomoya kukho konke esikwenzayo.—Galathiya 5:22, 23.

17. Isilinganiso nezinga esifunda futhi sitadishe ngalo iBhayibheli kubuthinta kanjani ubuhlobo bethu noJehova?

17 Okubaluleke nakakhulu, isikhathi esisithengisise kwezinye izinto ukuze sifunde futhi sitadishe iZwi likaNkulunkulu siyosilethela izinzuzo ezicebile ngokuqondene nobuhlobo bethu noNkulunkulu. UPawulu wathandazela ukuba amaKristu ayekanye nawo ‘agcwale ulwazi olunembile ngentando kaNkulunkulu kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze ahambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele.’ (Kolose 1:9, 10) Ngokufanayo, ukuze ‘sihambe ngokufanele uJehova,’ kumelwe ‘sigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya.’ Ngokusobala, ukuzuza kwethu isibusiso sikaJehova nokwamukelwa nguye kuxhomeke ngokwezinga elikhulu esilinganisweni nasezingeni esifunda futhi sitadishe ngalo iBhayibheli.

18. Yiziphi izibusiso esingazithola uma silandela amazwi kaJesu akuJohane 17:3?

18 “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Lona ngomunye wemibhalo oFakazi BakaJehova abayisebenzisa kakhulu ekusizeni abanye ukuba baqonde ukubaluleka kokutadisha iZwi likaNkulunkulu. Ngokuqinisekile kubaluleke ngokufanayo ukuba ngamunye wethu akuqonde. Ithemba lethu lokuphila phakade lixhomeke ekubeni sikhule endleleni esimazi ngayo uJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu. Futhi cabanga nje ukuthi lokho kusho ukuthini. Asisoze siyeke ukufunda okwengeziwe ngoJehova—futhi siyobe sinalo lonke iphakade ukuze sifunde ngaye!—UmShumayeli 3:11; Roma 11:33.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 9 Inyatheliswa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

^ par. 10 Bheka isihloko esithi “Isikhathi Abalifunda Ngaso Nendlela Abazuza Ngayo,” esanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 1995, amakhasi 20-1.

Imibuzo Yokubukeza

• Yembulani indlela esisisebenzisa ngayo isikhathi sethu?

• Yiziphi izinto esingathengisisa kuzo isikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli?

• Kungani kufanele siqaphele imikhuba yethu yokudla ngokomoya?

• Yiziphi izinzuzo ezitholakala ngokufunda nokutadisha imiBhalo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 20, 21]

Ukufunda nokutadisha iBhayibheli njalo kuyosenza sikwazi ‘ukuphatha izwi leqiniso ngokufanele’

[Izithombe ekhasini 23]

Ukulinganisela phakathi kwezinye izinto nemisebenzi engokomoya ekuphileni kwethu okumatasa kuletha izinzuzo ezicebile