Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umhlaba—Ingabe Umane Uyindawo Yokuvivinya?

Umhlaba—Ingabe Umane Uyindawo Yokuvivinya?

Umhlaba—Ingabe Umane Uyindawo Yokuvivinya?

SEKUZE kwalunga! Uphasile. Ekugcineni umfundi obebhekene nokuhlolwa obekunzima okuthathe amasonto amabili uthole imiphumela eyanelisayo. Manje usezokwazi ukuyoqala umsebenzi abelokhu ewufuna.

Abantu abaningi bakubheka kanjalo ukuphila emhlabeni. Bakubheka njengesivivinyo okumelwe wonke umuntu adlule kuso. “Abaphasayo” baqhubekela kokuthile okungcono ekuPhileni Kwangemva Kokufa. Bekungaba okudabukisayo ngempela ukube kuthiwa ukuphila kwamanje—kwabaningi okumane kuwukuba khona nje—kuwukuphela kwento engcono kakhulu abantu abangayilindela. Nakuba yayinempilo enhle futhi ichumile cishe kukho konke ukuphila kwayo, indoda yaseBhayibhelini uJobe yathi: “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.”—Jobe 14:1.

Ibonisa indlela abaningi abacabanga ngayo, i-New Catholic Encyclopedia ithi: “Inkazimulo yasezulwini yisona sigcino uNkulunkulu asihlosele umuntu. . . . Injabulo yomuntu singathi iwukuba athole intokozo yasezulwini.” Umbiko wamuva nje wokuhlolwa kweBandla LikaKristu e-United States uthé abangamaphesenti angu-87 kulabo abaphendula bakholelwa ukuthi cishe bazoya ezulwini lapho befa.

Abaningi abangewona amaKristu nabo banethemba lokuhamba emhlabeni baye endaweni engcono ngemva kokufa. Ngokwesibonelo, amaSulumane, anethemba lokuya epharadesi elithile lasezulwini. Abalandeli bamahlelo eZwe Elihlanzekile obuBuddha eChina naseJapane bakholelwa ukuthi ngokuphindaphinda unomphela “i-Amitabha,” okuyigama likaBuddha wokuKhanya Okungenamkhawulo, bayozalwa kabusha sebeseZweni Elihlanzekile, noma iPharadesi Lasentshonalanga, lapho beyophila khona ngenjabulo enkulu.

Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli, incwadi engcwele ehunyushwa futhi esakazwa kunazo zonke emhlabeni, alisho ukuthi umhlaba uyindawo yokubalekelwa, esabhuloho elithile. Ngokwesibonelo, lithi: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) EBhayibhelini kukhona namazwi kaJesu adumile, athi: “Babusisiwe abamnene‚ ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.”—Mathewu 5:5, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

Umbono ovamile wokuthi ukuphila kwethu emhlabeni kungokwesikhashana usikisela ukuthi ukufa kuwumnyango oya ekuphileni okunentokozo. Uma kunjalo, nakanjani-ke ukufa kuyisibusiso. Kodwa ingabe abantu ngokuvamile bakubheka kanjalo ukufa, noma ingabe bazama ukunweba lokhu kuphila? Esikwaziyo kubonisa ukuthi lapho abantu benempilo enhle nokulondeka ngokusesilinganisweni, abakufuni ukufa.

Noma kunjalo, ngenxa yokuthi ukuphila emhlabeni kugcwele ububi nokuhlupheka, abaningi basabheka izulu njengeliwukuphela kwendawo okungatholakala kuyo ukuthula nenjabulo yeqiniso. Ingabe izulu limane liyindawo yokuthula okunentokozo enkulu, engenabo nhlobo ububi nokungezwani? Futhi ingabe ukuPhila Ngemva Kokufa kuyoba ndawana thile ezulwini kuphela? Zingase zikumangaze izimpendulo zeBhayibheli. Siza uqhubeke nokufunda.