Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kufanele Uhlole Ezinye Izinkolo?

Ingabe Kufanele Uhlole Ezinye Izinkolo?

Ingabe Kufanele Uhlole Ezinye Izinkolo?

“NGASE nginesikhathi esicishe sibe unyaka ngiya emihlanganweni yobuKristu, futhi ngikujabulela ukutshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu,” kusho uMiguel, manje ongomunye woFakazi BakaJehova eNingizimu Melika. “Ngabe sengiqala ukulalela izinhlelo zenkolo emsakazweni nokubuka abashumayeli benkolo kuyithelevishini. Ngangicabanga ukuthi izinhlelo ezinjalo zazingangisiza ngibaqonde kangcono abantu bezinye izinkolo. Ngangiqaphela ukuthi izimfundiso zabo azivumelani neBhayibheli, kodwa nganginelukuluku lokwazi.”

Kulo lelo zwe, uJorge wayeshiseka ekufundiseni abanye ngokukhulekela kweqiniso. Kodwa ngesinye isikhathi, naye waqala ukulalela izinhlelo zenkolo zomsakazo nezethelevishini. Wayethi: “Kudingeka ukwazi okucatshangwa abanye abantu.” Lapho ebuzwa ngengozi engase ibangelwe yilokho kuzichaya ezimfundisweni zamanga, wayephendula athi: “Akukho lutho olungaphula ukholo lomuntu olaziyo iqiniso leBhayibheli.” Lezi zenzakalo ziphakamisa umbuzo obalulekile, Ingabe kuhlakaniphile ukulalela lokho abanye abakukholelwayo?

Ukuqaphela UbuKristu Beqiniso

Ngemva kokufa kwabaphostoli, ukukhulekela kweqiniso kwangcoliswa yizinhlobo eziningi zobuKristu-mbumbulu ezaziqhubeka zivela. Ekubona kuseza lokhu, uJesu waveza enye yezindlela zokuhlukanisa phakathi kobuKristu beqiniso nalezi zinhlobo zobuKristu-mbumbulu. Waqale waxwayisa: “Qaphelani abaprofethi bamanga abeza kini bembethe isembozo semvu, kodwa ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.” Wabe esenezela: “Niyobazi ngezithelo zabo.” (Mathewu 7:15-23) Abalandeli bakaJesu beqiniso bayakwenza lokho akufundisa, futhi babonakala kalula ngezithelo zabo ezinhle. Njengoba nje kwenza uJesu uqobo, bavakashela abantu ukuze babachazele ngoMbuso kaNkulunkulu besebenzisa imiBhalo. Belandela isibonelo sikaJesu, abazifaki kwezombangazwe zezwe nasezimpikiswaneni zezenhlalo. Bamukela iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu futhi balihloniphe njengeliyiqiniso. Benza igama likaNkulunkulu laziwe. Futhi njengoba bezama ukubonisa uthando olufundiswa nguNkulunkulu, abahlanganyeli ezimpini. Kunalokho, baphathana njengabandawonye.—Luka 4:43; 10:1-9; Johane 13:34, 35; 17:16, 17, 26.

NgokwemiBhalo, ungakwazi ‘ukuhlukanisa phakathi kwabalungileyo nababi, abakhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.’ (Malaki 3:18) Abakhulekeli beqiniso namuhla banobunye endleleni abacabanga ngayo nabenza ngayo izinto, njengoba ayenjalo namaKristu ekhulu lokuqala. (Efesu 4:4-6) Lapho usulibonile iqembu elinjalo lamaKristu eqiniso, ungafunelani ukwazi ngezinkolelo zabanye?

Qaphela Abafundisi Bamanga

IBhayibheli liyavuma ukuthi ngisho nangemva kokuthola iqiniso leBhayibheli, ikhona ingozi yokungcoliswa ngokomoya yizimfundiso zamanga. Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona othile oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe futhi hhayi ngokukaKristu.” (Kolose 2:8) Yeka ukuthi lo mbhalo unikeza umfanekiso ocace kanjani! Njengezilwane ezifuna ukumuka nawe ziyokushwabadela, abafundisi bamanga bangaba yingozi ngempela.

Yiqiniso, uPawulu wayekuphawula lokho abanye abakukholelwayo. Wake waqala inkulumo ngokuthi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ukuthi kukho konke nibonakala nithambekele ngokwengeziwe kunabanye ekwesabeni onkulunkulu. Ngokwesibonelo, lapho ngidlula futhi ngibhekisisa ngokucophelela izinto zenu ezihlonishwayo ngithole ne-altare obekuqoshwe kulo ukuthi ‘Kunkulunkulu Ongaziwa.’” (IzEnzo 17:22, 23) Nokho, uPawulu wayengondli ingqondo yakhe njalo ngamafilosofi ezimbongi zamaGreki.

Ukufunda ngemisuka nezinkolelo zezinkolo zamanga kuyinto ehluke ngokuphelele ekuzondleni ngalezi zinto. * UJehova ubeke “isigqila esikholekile nesiqondayo” ukuba silungiselele imfundo esekelwe eZwini lakhe. (Mathewu 4:4; 24:45) UPawulu ngokwakhe wabhala: “Anikwazi ukudla ‘etafuleni likaJehova’ nibe nidla etafuleni lamademoni. Noma ‘ingabe sivusela uJehova isikhwele’?”—1 Korinte 10:20-22.

Abanye abafundisi bamanga kungenzeka babengamaKristu eqiniso ngaphambili, kodwa balishiya iqiniso baphambuka. (Jude 4, 11) Lokhu akufanele kusimangaze. Ngemva kokukhuluma ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo’ esimelele indikimba yamaKristu agcotshiwe, uJesu wakhuluma ‘ngesigqila esibi,’ isigaba esikhononda sithi, “inkosi yami ilibele,” bese siqala ukushaya izigqila esikanye nazo. (Mathewu 24:48, 49) Ngokuvamile, laba bantu nabalandeli babo abanazimfundiso zabo ezicacile; bamane banesithakazelo ekonakaliseni ukholo lwabanye. Ngokuphathelene nabo, umphostoli uJohane wabhala: “Uma noma ubani eza kini futhi engalethi lemfundiso, ningalokothi nimamukele emakhaya enu noma nimbingelele.”—2 Johane 10; 2 Korinte 11:3, 4, 13-15.

Abantu abaqotho abafuna iqiniso benza kahle ngokuhlolisisa lokho abakuzwa ezinkolweni ezihlukahlukene. Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu uyobabusisa abantu abanhliziyo ziqotho abafuna iqiniso. Mayelana nokuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona . . . [uyakufumana] ukumazi uNkulunkulu.” (IzAga 2:4, 5) Njengoba esekutholile lokhu kumazi uNkulunkulu ngeBhayibheli nangemihlangano yobuKristu futhi eyibona indlela uJehova ababusisa ngayo labo abaqondiswa yilolo lwazi, amaKristu eqiniso awaqhubeki elalela izimfundiso zamanga zenkolo.—2 Thimothewu 3:14.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 10 Incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., inikeza ukwaziswa okuyisisekelo mayelana nemvelaphi nezimfundiso zezinkolo eziningi zezwe.