Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ngiye Ngawenza Umoya Ongcwele Waba Umsizi Wami?

Ingabe Ngiye Ngawenza Umoya Ongcwele Waba Umsizi Wami?

Ingabe Ngiye Ngawenza Umoya Ongcwele Waba Umsizi Wami?

IZAZI zemfundiso yenkolo, ingasaphathwa eyabantu abavamile, zinemibono eminingi mayelana nokuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu uyini. Nokho, lokho kungaqiniseki akudingekile. IBhayibheli lichaza ngokucacile ukuthi uyini umoya ongcwele. Kunokuba ube ngumuntu, njengoba kusho abanye, ungamandla amakhulu uNkulunkulu awasebenzisela ukufeza intando yakhe.—IHubo 104:30; IzEnzo 2:33; 4:31; 2 Petru 1:21.

Njengoba umoya ongcwele uhlobene eduze kakhulu nokufezeka kwezinjongo zikaNkulunkulu, kufanele sifune ukuba ukuphila kwethu kuvumelane nawo. Kufanele sifune ukuba ube umsizi wethu.

Kungani Kudingeka Umsizi?

Ecabanga ngokuhamba kwakhe emhlabeni, uJesu waqinisekisa abafundi bakhe: “Ngiyocela uBaba futhi uyoninika omunye umsizi ukuze abe nani kuze kube phakade.” Waphinde wathi: “Noma kunjalo, nginitshela iqiniso, Kungokwenzuzo yenu ukuba ngihambe. Ngoba uma ngingahambi, umsizi akasoze eza kini; kodwa uma ngihamba, ngiyomthumela kini.”—Johane 14:16, 17; 16:7.

UJesu wanika abafundi bakhe umsebenzi obalulekile ngokubayala: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Kwakungeke kube umsebenzi olula lona, ngoba wawuzokwenziwa phakathi nokuphikiswa.—Mathewu 10:22, 23.

Ukuphikisa okuvela ngaphandle kwakuzohambisana nezinga elithile lokungqubuzana okuvela ngaphakathi kwebandla. UPawulu wabhalela amaKristu aseRoma cishe ngo-56 C.E.: “Manje ngiyanikhuthaza bafowethu, ukuba niqaphele labo ababangela ukuhlukana nezimo ezingabangela ukukhubeka ngokuphambene nemfundiso eniyifundile, futhi nibagweme.” (Roma 16:17, 18) Lesi simo sasiyoba sibi nakakhulu ngemva kokufa kwabaphostoli. UPawulu waxwayisa: “Ngiyazi ukuthi ngemva kokuhamba kwami kuzongena izimpisi ezicindezelayo phakathi kwenu futhi ngeke ziwuphathe ngesisa umhlambi, futhi phakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda futhi akhulume izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.”—IzEnzo 20:29, 30.

Kwakudingeka usizo lukaNkulunkulu ekulweni nalezi zingqinamba. Walunikeza ngoJesu. Ngemva kokuvuka kwakhe, ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., abalandeli bakhe abangaba ngu-120 “bonke bagcwala umoya ongcwele.”—IzEnzo 1:15; 2:4.

Abafundi baqaphela ukuthi umoya ongcwele owathululwa kulesi senzakalo wawuyilona lusizo uJesu ayeluthembisile. Ngokungangabazeki manje base beyiqonda kangcono indlela uJesu ayewuchaze ngayo: “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, yena uyonifundisa zonke izinto futhi anikhumbuze zonke izinto enganitshela zona.” (Johane 14:26) Wayewubize nangokuthi ‘umsizi, umoya weqiniso.’—Johane 15:26.

Umoya Ungumsizi Ngamuphi Umqondo?

Umoya wawuzoba umsizi ngezindlela eziningana. Okokuqala, uJesu wathembisa ukuthi wawuyokhumbuza abafundi bakhe izinto ayebatshele zona. Ngalokhu, wayesho okungaphezu nje kokubasiza bakhumbule amazwi. Umoya wawuyobasiza baqonde incazelo nokubaluleka okujulile kwalokho ayekufundisile. (Johane 16:12-14) Ngamafuphi, umoya wawuyoholela abafundi bakhe ekubeni baliqonde kangcono iqiniso. Kamuva umphostoli uPawulu wabhala: “Yithi uNkulunkulu asambulela zona ngomoya wakhe, ngoba umoya uhlola ezintweni zonke, ngisho nasezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.” (1 Korinte 2:10) Ukuze abalandeli bakaJesu abagcotshiwe badlulisele ulwazi olunembile kwabanye, kwakuyodingeka ukuba ukuqonda kwabo kube nesisekelo esiqinile.

Okwesibili, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuthandaza nokuba bakwenze njalo. Uma ngezinye izikhathi babengaqiniseki ukuthi yini okwakufanele bayithandazele, umoya wawungangenela ubasize. “Ngendlela efanayo umoya nawo uyahlanganyela ngosizo ngenxa yobuthakathaka bethu; ngoba inkinga yokuthi yini okufanele siyithandazele njengoba kudingeka asiyazi, kodwa umoya ngokwawo uyasincengela ngokububula okungaphinyiselwe.”—Roma 8:26.

Okwesithathu, umoya wawuyosiza abafundi bakaJesu ekuvikeleni iqiniso obala. Wabaxwayisa: “Bayoninikela ezinkantolo zendawo, futhi banibhaxabule emasinagogeni abo. Phela, niyohudulelwa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, ngenjongo yobufakazi kubo nasezizweni. Nokho, lapho beninikela, ningakhathazeki ngokuthi niyokhuluma kanjani noma ngokuthi niyothini; ngoba lokho eniyokukhuluma niyokunikwa ngalo lelohora; ngoba abakhulumayo akunina nje, kodwa umoya kaYihlo okhuluma ngani.”—Mathewu 10:17-20.

Umoya ongcwele wawuyosiza futhi ekuvezeni obala ibandla lobuKristu futhi ushukumise amalungu alo ukuba azenzele izinqumo ezihlakaniphile. Ake sixoxe ngokuningiliziwe ngokwengeziwe ngalezi zici ezimbili zale ndaba futhi sibone ukuthi zibaluleke ngani kithi namuhla.

Wawuyoba Uphawu Oluhlukanisayo

Kwaphela amakhulu eminyaka amaJuda ekhonza ngaphansi koMthetho KaMose njengesizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe. Ngenxa yokuthi enqaba uJesu njengoMesiya, wabikezela ukuthi nawo ayezolahlwa kungakabiphi: “Anikaze yini nifunde emiBhalweni ukuthi, ‘Itshe elaliwa abakhi yilo eliye laba itshe legumbi eliyinhloko. Lokhu kuye kwaba khona kuvela kuJehova, futhi kuyamangalisa emehlweni ethu’? Kungakho ngithi kini, Umbuso kaNkulunkulu uyothathwa kini unikwe isizwe esithela izithelo zawo.” (Mathewu 21:42, 43) Kwathi kungamiswa ibandla lobuKristu ngePhentekoste lika-33 C.E., abalandeli bakaKristu baba “isizwe esithela izithelo.” Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, leli bandla laba umzila kaJehova wokuxhumana. Ukuze enze abantu bakwazi ukuqaphela lokhu kudluliselwa komusa waphezulu kwabanye, uNkulunkulu wanikeza uphawu oluhlukanisayo olucacile.

NgePhentekoste, umoya ongcwele wenza abafundi bakwazi ukukhuluma ngezilimi ababengakaze bazifunde, okwamangaza ababebukele base bebuza: “Kwenzeka kanjani ukuthi sizwa, ngamunye wethu, ulimi lwakhe siqu esazalwa nalo?” (IzEnzo 2:7, 8) Ikhono lokukhuluma ngezilimi ezingaziwa, kanye ‘nemihlola eminingi nezibonakaliso ezaqala ukwenzeka ngabaphostoli,’ laholela abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu ukuba baqaphele ukuthi umoya kaNkulunkulu wawusebenza ngempela.—IzEnzo 2:41, 43.

Futhi, ngokuveza “izithelo zomoya”—uthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba—abafundi bakaKristu babonakala ngokucacile ukuthi babeyizinceku zikaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23) Eqinisweni, uthando lwalibonakalisa ngokuvelele ibandla lobuKristu. UJesu wabikezela: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:34, 35.

Amalungu ebandla lobuKristu lokuqala amukela ukuhola komoya ongcwele kaNkulunkulu futhi alusebenzisa usizo owawulunikeza. Nakuba amaKristu namuhla eqaphela ukuthi uNkulunkulu akabavusi manje abafileyo futhi akenzi izimangaliso njengasekhulwini lokuqala, avumela izithelo zomoya kaNkulunkulu ukuba ziwaveze njengabafundi bangempela bakaJesu Kristu.—1 Korinte 13:8.

Umsizi Ekwenzeni Izinqumo Zomuntu Siqu

IBhayibheli liwumkhiqizo womoya ongcwele. Ngakho, lapho sivumela iBhayibheli ukuba lisikholise, kuba sengathi sifundiswa umoya ongcwele. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ungasisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile. Kodwa siyawuvumela yini?

Kuthiwani ngomsebenzi wokuziphilisa esiwukhethayo? Umoya ongcwele uyosenza sikwazi ukuwubheka ngombono kaJehova umsebenzi esingase siwuthathe. Umsebenzi wethu kumelwe uvumelane nezimiso zeBhayibheli, futhi kutuswa ukuba usisize siphishekele imigomo engokwasezulwini. Umholo noma ukuvelela nokuhlonishwa okuhlotshaniswa nomsebenzi othile akubalulekile ngempela. Okubaluleke ngokwengeziwe ukuthi uyasinika yini izidingo zokuphila nesikhathi nethuba elanele lokufeza izibopho zethu zobuKristu.

Isifiso sokujabulela ukuphila singokwemvelo futhi siyafaneleka. (UmShumayeli 2:24; 11:9) Ngakho umKristu olinganiselayo angase azilibazise ukuze aqabuleke futhi ajabule. Kodwa kufanele akhethe ukuzilibazisa okubonisa izithelo zomoya, hhayi ‘okunemisebenzi yenyama.’ UPawulu uyachaza: “Manje imisebenzi yenyama iyabonakala, futhi iwubufebe, ukungahlanzeki, ukuziphatha okuxekethile, ukukhonza izithombe, umkhuba wokusebenzisa imimoya, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, amahlelo, umona, izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo, nezinto ezifana nalezi.” Ukuba “abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona” nakho kumelwe sikugweme.—Galathiya 5:16-26.

Kungokufanayo mayelana nokukhetha abangane. Kuwukuhlakanipha ukubakhetha ngengokomoya, hhayi ngokubukeka kwangaphandle noma ngokwezinto abanazo. Ngokusobala indoda enguDavide yayingumngane kaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu wayichaza ngokuthi “indoda ethandwa inhliziyo [yakhe].” (IzEnzo 13:22) Engakunaki ukubukeka kwangaphandle, uNkulunkulu wakhetha uDavide ukuba abe yinkosi ngokuvumelana nalesi simiso: ‘UJehova akabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.’—1 Samuweli 16:7.

Ubuhlobo bezinkulungwane zabantu buye bawohloka ngoba busekelwe ekubukekeni kwangaphandle noma ezintweni abanazo. Ubungane obusekelwe engcebweni engaqinisekile bungaphela ngokuphazima kweso. (IzAga 14:20) IZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lisicebisa ngokuthi lapho sikhetha abangane, kufanele sikhethe labo abangasisiza ukuba sikhonze uJehova. Lithi masigxile ekupheni kunasekwamukeleni ngoba ukupha kuletha injabulo eyengeziwe. (IzEnzo 20:35) Isikhathi nothando kungezinye zezinto eziyigugu kakhulu esingabapha zona abangane bethu.

KumKristu ofuna umngane womshado, iBhayibheli linikeza iseluleko esiphefumulelwe umoya. Kunjengokungathi lithi: ‘Bheka okungalé kobuso nokuma komzimba. Bheka izinyawo.’ Izinyawo? Yebo, ngalo mqondo: Ingabe zisetshenziselwa ukwenza umsebenzi kaJehova wokushumayela izindaba ezinhle, okuzenza zibe ezibukekayo emehlweni akhe? Ingabe zigqokiswe isigijimi seqiniso nezindaba ezinhle zokuthula? Siyafunda: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula, oletha izindaba ezinhle zokuthile okungcono, omemezela insindiso, lowo othi kulo iZiyoni: ‘UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!’”—Isaya 52:7, NW; Efesu 6:15.

Njengoba siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,’ sidinga usizo ekwenzeni intando kaNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1) Umsizi, umoya ongcwele kaNkulunkulu, wawusekela ngamandla umsebenzi wamaKristu ekhulwini lokuqala, futhi waba umsizi wawo siqu. Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo, eliwumkhiqizo womoya ongcwele, kuyindlela eyinhloko esingawenza ngayo nathi umoya ongcwele ukuba ube umsizi wethu siqu. Ingabe siye sawenza umsizi wethu?

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 23]