Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungasondelana Yini NoNkulunkulu Ongabonakali?

Ungasondelana Yini NoNkulunkulu Ongabonakali?

Ungasondelana Yini NoNkulunkulu Ongabonakali?

Ungase ubuze: “Ngingabakha kanjani ubuhlobo obuseduze nomuntu engingamboni?” Lowo mbuzo ungase uzwakale ufanelekile. Kodwa ake ucabange:

KUBALULEKE kangakanani ukubona ekwakheni ubuhlobo bothando nobuhlala njalo? Azibalulekile yini ngokulinganayo izici ezingabonakali, uma kungekhona ukuthi zibaluleke ngokwengeziwe? Yebo! Ngenxa yaleso sizathu abanye abantu baye bakha ubuhlobo obuseduze nabanye ngokubhalelana njalo—izincwadi zabo zikuveza ngobuqotho abakuthandayo nabangakuthandi, imigomo, izimiso, ukuthanda kwabo amancoko nezinye izici zobuntu noma izithakazelo.

Abantu abangaboni nabo bayabonisa ukuthi ukwakha ubuhlobo obuseduze nomunye umuntu akuxhomekile ekuboneni. Cabanga ngesibonelo sika-Edward noGwen, abantu abashadile abangaboni. * U-Edward wahlangana noGwen esikoleni sabangaboni, engomunye wabafundi asebekhulile. Wayezazisa izimfanelo zikaGwen, ikakhulu ukuthembeka kwakhe ekukhulumeni nasekuziphatheni nesimo sakhe sengqondo esihle kakhulu ngomsebenzi. UGwen naye wakhangwa u-Edward ngoba, njengoba esho, “wayebonisa zonke izimfanelo engakhula ngikholelwa ukuthi zibalulekile.” Baqala ukuthandana, futhi ngemva kweminyaka emithathu base beshadile.

“Lapho nindawonye,” kusho u-Edward, “ukungaboni akusho lutho ngempela ekwakheni ubuhlobo nomunye umuntu. Anikwazi ukubonana, kodwa imizwa yona ayifihlekile. Manje ngemva kweminyaka engu-57, basathandana kakhulu. Bayachaza ukuthi imfihlo yobuhlobo babo obuhle kangaka ihilela izinto okungenani ezine: (1) ukuqaphela izimfanelo zomunye, (2) ukucabanga ngalezo zimfanelo nokukhangwa yizo, (3) ukulondoloza ukukhulumisana okuhle, kanye (4) nokwenza izinto ndawonye.

La maphuzu amane asemqoka kunoma yibuphi ubuhlobo obuhle, kungaba obabangane, abantu abashadile, noma okubaluleke nakakhulu, obabantu noNkulunkulu. Esihlokweni esilandelayo sizobona ukuthi ukusebenzisa la maphuzu kungasisiza kanjani ukuba sakhe ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu, yize singamboni. *

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Amagama ashintshiwe.

^ par. 6 Ngokungafani nobuhlobo phakathi kwabantu, ubuhlobo noNkulunkulu busekelwe okholweni lokuthi ukhona. (Heberu 11:6) Ukuze uthole ingxoxo eningilizwe mayelana nokwakha ukholo oluqinile kuNkulunkulu, siza ubheke incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You?, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.