Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Izindinganiso Zokuziphatha ZeBhayibheli Zingcono Kakhulu?

Ingabe Izindinganiso Zokuziphatha ZeBhayibheli Zingcono Kakhulu?

Ingabe Izindinganiso Zokuziphatha ZeBhayibheli Zingcono Kakhulu?

“UMPHAKATHI udinga uhlaka lwezindinganiso eziyisisekelo olunikeza amalungu awo ukulondeka nesiqondiso.” Washo njalo umlobi waseJalimane ongumsakazi wakuthelevishini nongumakad’ ebona. Kunengqondo ngempela lokho. Ukuze umphakathi wabantu uzinze futhi uchume, abantu kumelwe babe nesisekelo esiqinile sezindinganiso abazamukelayo ezibonisa okulungile nokungalungile, okuhle nokubi. Umbuzo uwukuthi: Yiziphi izindinganiso ezingcono kakhulu, ezilungele kokubili umphakathi namalungu awo?

Uma kuyizindinganiso zokuziphatha eziseBhayibhelini ezamukelwayo, kufanele zisize abantu ngabanye ukuba baphile ukuphila okuzinzile nokujabulisayo. Lokho kungenza ukuba nomphakathi wabantu abagcina lezo zindinganiso ujabule futhi uzinze ngokwengeziwe. Ingabe kuyenzeka lokho? Ake sihlole lokho iBhayibheli elikushoyo ngezinto ezimbili ezibalulekile: ukwethembeka emshadweni nokwethembeka ekuphileni kwansuku zonke.

Namathela Kumngane Wakho Womshado

UMdali wethu wadala u-Adamu wayesenza u-Eva waba umngane wakhe womshado. Ukuhlanganiswa kwabo kwaba umshado wokuqala emlandweni futhi kwakufanele kube ubuhlobo obuhlala njalo. UNkulunkulu wathi: “Indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo.” Eminyakeni engaba ngu-4 000 kamuva, uJesu Kristu waphinda le ndinganiso yomshado yabo bonke abalandeli bakhe. Ngaphezu kwalokho, wabulahla ubuhlobo bobulili phakathi kwabangashadile.—Genesise 1:27, 28; 2:24; Mathewu 5:27-30; 19:5.

NgokweBhayibheli, izihluthulelo ezimbili ezibalulekile zomshado ojabulisayo ziwukuthandana nokuhloniphana kwabo bobabili abashadile. Indoda, eyinhloko yekhaya, kufanele ibonise uthando olungenabugovu ngokufunela umkayo okungcono kakhulu. Kufanele ihlale naye “ngokolwazi” futhi akufanele ‘imthukuthelele kakhulu.’ Inkosikazi kufanele iphathe umyeni wayo ‘ngenhlonipho ejulile.’ Uma abashadile bezigcina lezi zimiso, izinkinga eziningi zomshado zingagwenywa noma zixazululwe. Indoda iyofuna ukunamathela kumkayo, nenkosikazi kumyeni wayo.—1 Petru 3:1-7; Kolose 3:18, 19; Efesu 5:22-33.

Ingabe indinganiso yeBhayibheli yokunamathela ngokwethembeka kumuntu oshade naye inesandla ekwenzeni umshado ojabulisayo? Cabanga ngemiphumela yokuhlola okwenziwa eJalimane. Abantu babuzwa ukuthi yiziphi izici ezibalulekile ekwakheni umshado omuhle. Okokuqala ngqá kwaba ukwethembeka komunye nomunye. Awuvumi yini ukuthi abantu abashadile bajabula kakhulu lapho bazi ukuthi abantu abashade nabo bathembekile?

Kuthiwani Uma Kuvela Izinkinga?

Nokho, kuthiwani uma indoda nomkayo bengavumelani nhlobo? Kuthiwani uma uthando lwabo luphola? Akungcono kakhulu yini ezimweni ezinjalo ukuwuqeda umshado? Noma ingabe indinganiso yeBhayibheli yokunamathela ngokwethembeka kumuntu oshade naye isenengqondo?

Abalobi beBhayibheli babeqaphela ukuthi bonke abantu abashadile bayoba nezinkinga ngenxa yokungapheleli kobuntu. (1 Korinte 7:28) Noma kunjalo, abantu abashadile abazama ukugcina izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha bazama ukuthethelelana nokuxazulula izinkinga zabo ndawonye. Yiqiniso, zikhona izimo—njengokuphinga noma ukuxhashazwa ngokomzimba—lapho kungase kufaneleke ukuba umKristu acabangele ukuhlala ngokwehlukana noma ukufaka isehlukaniso. (Mathewu 5:32; 19:9) Kodwa ukuqeda umshado ngokuxhamazela ngaphandle kwesizathu esinzulu noma ngenjongo yokuthatha omunye umngane womshado kubonisa ubugovu nokungabakhathaleli abanye. Akukubangeli nakancane ukuzinza nenjabulo ekuphileni kwalowo muntu. Ake sibheke isibonelo.

UPeter wayezwa ukuthi umshado wakhe usuphelelwe yisasasa owawukade unalo. * Ngakho, washiya umkakhe wayohlalisana noMonika, owayeshiye umyeni wakhe. Zahamba kanjani izinto? Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, uPeter wavuma ukuthi ukuhlala noMonika “akulula njengoba ngangicabanga ukuthi kuzoba njalo.” Ngani? Ukushiyeka kobuntu kwakusobala ebuhlotsheni bakhe obusha njengoba nje kwakunjalo nakobasekuqaleni. Ukuthambekela kwakhe ekunqumeni ngokuxhamazela nangobugovu kwamfaka ezinkingeni ezinkulu zezimali kwenza izinto zaba zimbi nakakhulu. Ngaphezu kwalokho, izingane zikaMonika zazicindezelekile ngokomzwelo ngenxa yalolu shintsho olukhulu ekuphileni komkhaya wakubo.

Njengoba lesi senzakalo sibonisa, lapho umshado ubhekana nezikhathi ezinzima, ukuphuma kuwo ngokuvamile akubi yikhambi. Ngakolunye uhlangothi, lapho kubhekenwe nezinkinga, ukuphila ngezindinganiso zokuziphatha zeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngokuvamile kungagcina umshado uqinile futhi udlule ezikhathini ezinzima. Kwaba njalo kuThomas noDoris.

UThomas noDoris base beneminyaka engaphezu kwengu-30 beshadile lapho uThomas eqala ukuphuza kakhulu. UDoris wacindezeleka kakhulu, futhi baxoxa ngokufaka isehlukaniso. UDoris wathulula isifuba sakhe komunye woFakazi BakaJehova. Lo Fakazi wabonisa uDoris lokho iBhayibheli elikushoyo ngomshado, wamkhuthaza ukuba angaphuthumi ukuba bahlukane kodwa aqale abambisane nomyeni wakhe bazame ukuthola ikhambi. Yilokho uDoris akwenza. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, babengasacabangi ukufaka isehlukaniso. UThomas noDoris babexazulula izinkinga zabo ndawonye. Ukulandela iseluleko seBhayibheli kwaqinisa umshado wabo futhi kwabanika isikhathi sokulungisa izinkinga.

Ukwethembeka Kuzo Zonke Izinto

Ukunamathela ngokwethembeka kumuntu oshade naye kufuna amandla nothando lokuphila ngesimiso. Kudingeka zona lezi zimfanelo ukuze sihlale sithembekile ezweni elingathembekile. IBhayibheli lisho okuningi ngokwethembeka. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ekhulu lokuqala eJudiya: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Heberu 13:18) Kusho ukuthini lokho?

Umuntu othembekile uneqiniso futhi akakhwabanisi. Akakhethi lapho esebenzelana nabanye—akanazicecelegwana, uhloniphekile, akakhohlisi futhi akadukisi. Ngaphezu kwalokho, umuntu othembekile ungumuntu oqotho ongamkhohlisi omunye umuntu. Abantu abathembekile bathuthukisa isimo sokwethembana, okuholela ezimweni zengqondo ezinhle futhi kuchumise ubuhlobo obuqinile phakathi kwabantu.

Ingabe abantu abathembekile bayajabula? Banesizathu sokujabula. Naphezu kokukhohlakala nokukhohlisa okwandile—noma mhlawumbe ngenxa yako—abantu abathembekile ngokuvamile bayahlonishwa ngabanye. Ngokombiko wokuhlola okwenziwa entsheni, amaphesenti angu-70 aleyo eyaphendula ayeyazisa kakhulu imfanelo yokwethembeka. Ngaphezu kwalokho, kungakhathaliseki ubudala bethu, ukwethembeka kuyimfuneko eyinhloko kulabo esibabheka njengabangane bethu.

UChristine wafundiswa ukweba kusukela eneminyaka engu-12 ubudala. Ngokuhamba kwesikhathi waba umkhuthuzi ochwepheshile. “Kwakuba nezinsuku lapho ngangifika ekhaya nesizumbulu esifika ku-DM 5 000 [R17 000],” echaza. Kodwa uChristine wayeboshwa njalo, futhi wayehlala esengozini yokuvalelwa ejele. Lapho oFakazi BakaJehova bemchazela lokho iBhayibheli elikushoyo ngokwethembeka, uChristine wakhangwa yizindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli. Wafunda ukulalela umyalo othi: “Owebayo makangabe eseba.”—Efesu 4:28.

Lapho uChristine ebhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, wayengaselona isela. Wayesezama ukwethembeka kuzo zonke izinto, kwazise oFakazi bakugcizelela kakhulu ukwethembeka nezinye izimfanelo zobuKristu. Iphephandaba i-Lausitzer Rundschau liyabika: “Amagama okuziphatha okuhle njengokwethembeka, ukulinganisela nokuthanda umakhelwane aziswa kakhulu enkolweni yoFakazi.” UChristine uzizwa kanjani ngoshintsho alwenza ekuphileni kwakhe? “Ngijabula kakhulu manje njengoba sengiyekile ukweba. Ngiyazizwa ukuthi ngiyilungu lomphakathi elihloniphekile.”

Wonke Umphakathi Uyazuza

Abantu abathembekile kubantu abashade nabo futhi abaqotho abagcini ngokujabula bona ngokwabo kodwa futhi bazuzisa nomphakathi uwonke. Abaqashi bakhetha izisebenzi ezingakhohlisi. Sonke siyakuthanda ukuba nomakhelwane esingabethemba, futhi sithanda ukuthenga ezitolo eziphethwe osomabhizinisi abaqotho. Asizihloniphi yini izazi zezombangazwe, amaphoyisa namajaji akugwemayo ukukhohlakala? Umphakathi uzuza kakhulu lapho amalungu awo eziphatha ngokwethembeka ngazo zonke izikhathi, hhayi nje lapho kuzuzisa wona.

Ngaphezu kwalokho, abantu abashadile abathembekile bayisisekelo semikhaya ezinzile. Futhi iningi labantu lingavumelana nesazi sezombangazwe saseYurophu esathi: “Nanamuhla umkhaya [ovamile] useyisiphephelo esibaluleke kunazo zonke sokulondeka nokuba nenjongo kwabantu.” Kusemkhayeni onokuthula lapho abantu abadala nezingane benethuba elingcono kakhulu khona lokuzizwa belondekile ngokomzwelo. Ngakho labo abathembekile emshadweni basiza ekwakheni umphakathi ozinzile.

Cabanga indlela wonke umuntu abengazuza ngayo ukube bekungekho bantu abashiywe abangane bomshado, kungekho zinkantolo zesehlukaniso noma amacala okuwinwa kwezingane. Futhi bekuyoba njani ukube bekungasekho bakhuthuzi, abantu abantshontsha ezitolo, abakhwabanisi, izikhulu ezikhohlakele noma ososayensi abenza imigunyathi? Ingabe lokho kuzwakala njengephupho nje? Akunjalo kulabo abanesithakazelo esijulile eBhayibhelini nakulokho elikushoyo ngekusasa lethu. IZwi likaNkulunkulu lithembisa ukuthi ngokushesha uMbuso kaJehova wobuMesiya uzothatha izintambo zokubusa wonke umphakathi wabantu emhlabeni. Ngaphansi kwalowo Mbuso, zonke izikhonzi zawo ziyofundiswa ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli. Ngaleso sikhathi, ‘abalungileyo bayokudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.’—IHubo 37:29.

Izindinganiso ZeBhayibheli Yizona Ezingcono Kakhulu

Izigidi zabantu abaye bahlolisisa imiBhalo Engcwele ziye zaqonda ukuthi iseluleko seBhayibheli sisekelwe ekuhlakanipheni kokuhlonipha uNkulunkulu, okuphakeme kakhulu kunokucabanga kwabantu. Abanjalo babheka iBhayibheli njengelinokwethenjelwa nelisebenzayo ekuphileni ezweni lethu lesimanje. Bayazi ukuthi ukulalela iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu kuyobazuzisa.

Ngakho, abantu abanjalo bayasilalela iseluleko seBhayibheli esithi: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” (IzAga 3:5, 6) Njengoba benza kanjalo, bakuthuthukisa kakhulu ukuphila kwabo, bazuzise nokwalabo abaseduze kwabo. Futhi baba nethemba eliqinile ‘lokuphila okuzayo,’ lapho izindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli ziyogcinwa yiso sonke isintu.—1 Thimothewu 4:8.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 11 Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Lapho kubhekenwe nezinkinga emshadweni, ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli ngokuvamile kungawugcina uqinile umshado futhi udlule ezikhathini ezinzima

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Naphezu kokukhohlakala nokukhohlisa okwandile—noma mhlawumbe ngenxa yako—abantu abathembekile ngokuvamile bayahlonishwa abanye