Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izindinganiso Zokuziphatha Ziyawohloka

Izindinganiso Zokuziphatha Ziyawohloka

Izindinganiso Zokuziphatha Ziyawohloka

“YAYINGALOKOTHI yenzeke into enjalo,” kusho uHelmut Schmidt, owayekade eyijaji elikhulu eJalimane. Wayebalisa ngezenzakalo zamuva zokungethembeki okukhulu kwezikhulu zomphakathi eziphuma ezihlokweni eziphambili zamaphephandaba. “Ngenxa yobugovu izindinganiso zokuziphatha azisekho,” esho.

Abaningi bangavumelana naye. Izindinganiso zokuziphatha ezisekelwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi esezinesikhathi eside zamukelwa kabanzi njengeziyisiqondiso sokulungile nokungalungile azisashaywa mkhuba. Lokhu kunjalo ngisho nasemazweni okuthiwa ngawobuKristu.

Ziyasebenza Yini Izindinganiso Zokuziphatha ZeBhayibheli?

Izindinganiso zokuziphatha ezisekelwe ezimfundisweni zeBhayibheli zihlanganisa ukwethembeka nobuqotho. Nokho, ukukhohlisa, ukukhohlakala nokuphamba kubhokile. I-Times yaseLondon ibika ukuthi abanye abaseshi “kuthiwa baye bazenzela imali efika ku-£100 000 [R1 000 000] isikhathi ngasinye ngokuthengisela izigebengu izidakamizwa ezitholakele noma ngokulahla ubufakazi obungabophisa izigilamkhuba ezinkulu zomshoshaphansi.” E-Austria kuthiwa ukukhwabanisa umshwalense kuwumkhuba owandile. Futhi muva nje eJalimane ososayensi bashaqeka lapho abacwaningi bevumbulula “okunye kokukhwabanisa okuyihlazo kunakho konke kwezesayensi zaseJalimane.” Uprofesa othile, “oyingqalabutho phakathi kwezazi zezakhi zofuzo zaseJalimane,” wabekwa icala lokuhlanekezela noma ukuziqambela imininingwane yokwaziswa okuningi.

Izindinganiso ezisekelwe eBhayibhelini zihlanganisa nokwethembeka emshadweni, okufanele ube ubuhlobo obuhlala njalo. Kodwa inani elandayo labantu abashadile ligcina ezinkantolo zesehlukaniso. Iphephandaba lamaKatolika i-Christ in der Gegenwart (UmKristu Wanamuhla) libika ukuthi “ngisho naseSwitzerland ‘edla ngoludala,’ iyanda imishado echithekayo.” ENetherlands, amaphesenti angu-33 ayo yonke imishado agcina ngesehlukaniso. Intokazi eyaphawula ushintsho lwezenhlalo eJalimane eminyakeni embalwa edlule yabhala ngento eyikhathazayo: “Umshado usubhekwa njengoyisidala nophelelwe yisikhathi. Abantu abasashadi nomuntu bethi siyofa silahlane.”

Ngakolunye uhlangothi, izigidi zibheka izindinganiso zokuziphatha ezifundiswa eBhayibhelini njengezinokwethenjelwa nezisebenzayo ekuphileni ezweni lethu lesimanje. Umbhangqwana oshadile ohlala emngceleni weSwitzerland neJalimane wathola ukuthi ukufunda ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zokuziphatha zeBhayibheli kwawenza wajabula kakhulu. Ngokwawo, “sinye kuphela isiqondiso kuzo zonke izici zokuphila. Leso siqondiso yiBhayibheli.”

Wena ucabangani? Ingabe iBhayibheli lingaba yisiqondiso esiwusizo? Ingabe izindinganiso zokuziphatha ezisekelwe eBhayibheli ziyasebenza namuhla?