Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukupha Ngesandla Esivulekile Kuletha Injabulo

Ukupha Ngesandla Esivulekile Kuletha Injabulo

Ukupha Ngesandla Esivulekile Kuletha Injabulo

NJENGOMBONISI ongumKristu onothando, umphostoli uPawulu wayebakhathalela ngobuqotho ayekholwa nabo. (2 Korinte 11:28) Ngakho, lapho ehlela ukuqoqwa komnikelo wamaKristu ayeswele eJudiya ngawo-50 C.E. ekhulwini lokuqala, wasebenzisa leli thuba ukuze afundise isifundo esibalulekile mayelana nokupha. UPawulu wagcizelela ukuthi uJehova ukwazisa kakhulu ukupha ngokwenama: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Korinte 9:7.

Babempofu Kakhulu Kodwa Benesandla Esivulekile

Iningi lamaKristu ekhulu lokuqala lalingavelele emphakathini. UPawulu wathi phakathi kwawo ‘babengebaningi abanamandla.’ ‘Ayeyizinto ezibuthakathaka zezwe,’ “izinto ezingelutho zezwe.” (1 Korinte 1:26-28) Ngokwesibonelo, amaKristu ayehlala eMakedoniya ‘ayempofu kakhulu’ futhi ‘engaphansi kokuhlupheka.’ Noma kunjalo, lawo makholwa ampofu aseMakedoniya ancenga ilungelo lokunikela ngokwezimali “enkonzweni emiselwe abangcwele”; futhi uPawulu wafakazela ukuthi lokho akunikela “kwakungaphezu kwamandla awo angokoqobo”!—2 Korinte 8:1-4.

Nokho, lokho kupha ngesandla esivulekile akwahlulelwanga ngokwenani elanikelwa. Kunalokho, okwakubalulekile kwakuyisisusa, ukuzimisela ukwabelana nabanye nesimo senhliziyo. UPawulu wabonisa amaKristu aseKorinte ukuthi kuhileleke kokubili ingqondo nenhliziyo ekwenzeni iminikelo. Wathi: “Ngiyakwazi ukulungela kwengqondo yenu engiziqhayisa ngakho kwabaseMakedoniya ngani, . . . futhi intshiseko yenu iye yashukumisa iningi labo.” ‘Babenqumile enhliziyweni yabo’ ukupha ngesandla esivulekile.—2 Korinte 9:2, 7.

‘Baqhutshwa Ngumoya Wabo’

Kungenzeka ukuthi umphostoli uPawulu wayecabanga ngesibonelo sangaphambili sokupha ngesandla esivulekile, esenzeka ehlane eminyakeni engaphezu kwengu-1 500 ngaphambi kwesikhathi sakhe. Izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli zazikhululiwe ebugqilini eGibithe. Manje zaziphansi kweNtaba YaseSinayi, futhi uJehova waziyala ukuba zakhe itabernakele lokukhulekela zilifake izinto zokukhulekela. Lokhu kwakuyodinga impahla eningi, futhi isizwe sacelwa ukuba sinikele.

Asabela kanjani lawo ma-Israyeli? “Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana.” (Eksodusi 35:21) Ingabe isizwe sanikela ngesandla esivulekile? Kakhulu! UMose wanikwa lo mbiko: “Abantu baletha okuningi kakhulu kunokwanele inkonzo yomsebenzi ayalile ngawo uJehova ukuba wenziwe.”—Eksodusi 36:5.

Ayemi kanjani ama-Israyeli ngokwezimali ngaleso sikhathi? Ngaphambidlana, ayekade eyizigqila ezilusizi, ‘ehlushwa ngemithwalo,’ ephila ‘ukuphila okumunyu,’ ukuphila ‘kokuhlupheka.’ (Eksodusi 1:11, 14; 3:7; 5:10-18) Khona-ke, cishe ayengenakuba acebile ngokwezinto ezibonakalayo. Yiqiniso, ama-Israyeli aphuma nemihlambi yezimvu nezinkomo ezweni lobugqila. (Eksodusi 12:32) Kodwa leyo mihlambi yayingenakuba mikhulu, ngoba ngokushesha ngemva kokuphuma eGibithe, akhononda ngokuthi ayengenanyama nasinkwa sokudla.—Eksodusi 16:3.

Pho, azithathaphi ama-Israyeli izinto eziyigugu anikela ngazo ekwakhiweni kwetabernakele? Emakhosini awo angaphambili, abaseGibithe. IBhayibheli lithi: “Abantwana bakwa-Israyeli . . . bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo. . . . [AbaseGibithe] babapha lokho abakucelayo.” Lesi senzo sokupha sabaseGibithe sasiyisibusiso esivela kuJehova, hhayi kuFaro. Ukulandisa kwaphezulu kuthi: “UJehova wabenzela abantu umusa emehlweni abaseGibithe, babapha lokho abakucelayo.”—Eksodusi 12:35, 36.

Cabanga-ke indlela ama-Israyeli azizwa ngayo. Izizukulwane zazihluphekile ngaphansi kobugqila obukhulu nokuswela. Manje ayesekhululekile futhi enengcebo yezinto ezibonakalayo. Kwakuyowaphatha kanjani ukuhlukana nenye yaleyo ngcebo? Ayengase abe nomuzwa wokuthi ayeyisebenzele futhi enelungelo lokuyigcina. Nokho, lapho ecelwa ukuba anikele ngemali ukuze asekele ukukhulekela kweqiniso, enza kanjalo—futhi hhayi ngokuzindela noma ngokuncishana! Awakhohlwanga ukuthi nguJehova owayewenze akwazi ukuthola lezo zinto ezibonakalayo. Ngakho, anikela kakhulu ngesiliva negolide nemfuyo yawo. ‘Ayenezinhliziyo ezithandayo.’ ‘Izinhliziyo zawo zaziwaqhuba.’ ‘Umoya wawo wawuwaqhuba.’ ‘Kwakuwumnikelo wesihle ngempela kuJehova.’—Eksodusi 25:1-9; 35:4-9, 20-29; 36:3-7.

Ukuzimisela Ukupha

Ubungako bomnikelo abubonisi ukupha komuntu ngempela. UJesu wake wabukela abantu befaka imali emabhokisini omcebo asethempelini. Abantu abacebile babefaka izinhlamvu eziningi zemali, kodwa uJesu wahlabeka umxhwele lapho ebona umfelokazi oswele efaka izinhlamvu ezimbili ezincane zenani elincane kakhulu. Wathi: “Lomfelokazi, nakuba empofu, ukhalakathelisele okungaphezulu kunokuba bonke benzile. . . . Ekusweleni kwakhe ukhalakathelisele konke abenakho abeziphilisa ngakho.”—Luka 21:1-4; Marku 12:41-44.

Amazwi kaPawulu kwabaseKorinte ayevumelana nalo mqondo kaJesu. Ngokuphathelene nokwenza iminikelo yokusiza amakholwa ayeswele, uPawulu wathi: “Uma ukulungela kukhona kuqala, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.” (2 Korinte 8:12) Yebo, iminikelo ayiyona into yokuncintisana noma yokuqhathanisa. Umuntu unikela ngokwamandla akhe, futhi uJehova uyawujabulela umoya wokupha ngesandla esivulekile.

Nakuba kungekho muntu ongacebisa uJehova ngempela, yena onazo zonke izinto, ukunikela kuyilungelo elinikeza abakhulekeli ithuba lokubonisa uthando lwabo ngaye. (1 IziKronike 29:14-17) Iminikelo engenzelwa ukubukisa, noma ezinye izisusa zobugovu, kodwa eyenziwa ngesimo sengqondo esifanele nangenjongo yokuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso, iletha injabulo nesibusiso sikaJehova. (Mathewu 6:1-4) UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Singayithola leyo njabulo ngokunikela ngamandla ethu enkonzweni kaJehova nangokubekela eceleni okuthile empahleni yethu ebonakalayo ukuze sisekele ukukhulekela kweqiniso futhi sisize abakufanelekelayo.—1 Korinte 16:1, 2.

Ukuzimisela Ukupha Namuhla

Namuhla, oFakazi BakaJehova bajabulela ukubona intuthuko yomhlaba wonke ekushunyayelweni ‘kwalezizindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 24:14) Phakathi neminyaka eyishumi yokugcina yekhulu lama-20, kubhapathizwé abantu abangaphezu kuka-3 000 000, bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova uNkulunkulu, futhi kwamiswa amabandla amasha angaba ngu-30 000. Yebo, ingxenye eyodwa kwezintathu yamabandla oFakazi BakaJehova akhona namuhla imiswe phakathi neminyaka eyishumi edlule! Ingxenye enkulu yalokhu kwanda iwumphumela wokuzikhandla kwabesilisa nabesifazane abangamaKristu aqotho abanikela ngesikhathi namandla abo ekuvakasheleni omakhelwane babo futhi babatshele ngezinjongo zikaJehova. Okunye kwalokhu kwanda kuwumphumela womsebenzi wezithunywa zevangeli, ezishiya amakhaya azo ziye emazweni akude ziyosiza emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Ukwanda kuye kwabangela ukuhlelwa kwezifunda ezintsha, eziye zenza kwadingeka ukuba kumiswe ababonisi bezifunda abasha. Ngaphezu kwalokho, kuye kwadingeka amaBhayibheli engeziwe okusetshenziswa ekushumayeleni nasesifundweni somuntu siqu. Kuye kwadingeka ukuba kunyatheliswe izincwadi ezengeziwe. Futhi emazweni amaningi, kuye kwadingeka ukuba kwandiswe izakhiwo zegatsha noma kutholakale ezinkulu. Zonke lezi zidingo ezengeziwe ziye zanakekelwa ngosizo lweminikelo yokuzithandela evela kubantu bakaJehova.

Isidingo SamaHholo OMbuso

Njengoba inani loFakazi BakaJehova landa kuye kwaba nesidingo esikhulu samaHholo OMbuso. Ukuhlola okwenziwa ekuqaleni konyaka ka-2000 kwembula ukuthi kudingeka amaHholo OMbuso angaphezu kuka-11 000 emazweni asathuthuka, lapho izimali zintuleka khona. Cabanga nge-Angola. Naphezu kwempi yombango esithathe iminyaka, ngokwesilinganiso inani labamemezeli boMbuso landa ngamaphesenti angaba yishumi minyaka yonke kulelo zwe. Nokho, iningi lamabandla angu-675 akuleli zwe elibanzi lase-Afrika lihlanganyela esigangeni. KunamaHholo OMbuso angu-22 kuphela kuleli zwe, futhi kulawa angu-12 kuphela anompheme othile.

Kunesimo esifanayo eDemocratic Republic of Congo. Yize kunamabandla acishe abe ngu-300 enhloko-dolobha iKinshasa, kunamaHholo OMbuso ayishumi kuphela. Lilonke leli zwe linesidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso angaphezu kuka-1 500. Ngenxa yokwanda okusheshayo emazweni aseMpumalanga Yurophu, elaseRussia nelase-Ukraine abika ukuthi ndawonye anesidingo samakhulukhulu amaHholo OMbuso. Ukwanda njengokuqhibuka kwamakhowe eLatin America kwedlulele eBrazil, lapho kunoFakazi abangaphezu kwengxenye yesigidi nesidingo esikhulu samaHholo OMbuso engeziwe.

Ukuze kuhlangatshezwane nezidingo ezisemazweni anjengalawa, oFakazi BakaJehova basebenzisa isimiso esisheshayo sokwakha amaHholo OMbuso. Izimali zalesi simiso zivela eminikelweni yomusa yabazalwane bomhlaba wonke, ukuze ngisho nebandla elimpofu kakhulu likwazi ukuba nendawo efanelekayo yokukhulekela.

Njengasesikhathini sika-Israyeli wasendulo, kungafezwa lukhulu ngoba amaKristu aqotho ‘adumisa uJehova ngempahla yawo.’ (IzAga 3:9, 10) INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova ithanda ukuthatha leli thuba ibonge ngokujulile kubo bonke abaye bashukunyiswa yizinhliziyo zabo ukuba banikele ngokuzithandela kulokhu. Futhi singaqiniseka ukuthi umoya kaJehova uyoqhubeka ushukumisa izinhliziyo zabantu bakhe ukuba basekele izidingo zomsebenzi woMbuso olokhu wanda.

Njengoba ukwanda emhlabeni wonke kuqhubeka, kwangathi singahlala sifuna amathuba okubonisa ukwenama nokuzimisela kwethu ngokunikela ngamandla, isikhathi nempahla yethu. Futhi kwangathi singathola injabulo yangempela elethwa yilowo moya wokupha.

[Ibhokisi ekhasini 29]

“NIYISEBENZISE NGOKUHLAKANIPHA!”

“Ngineminyaka eyishumi ubudala. Nginithumelela le mali ‘khona nizothenga iphepha nanoma yini enye yokwenza izincwadi.”—nguCindy.

“Ngithanda ukunithumelela le mali yokuthi nisenzele ezinye izincwadi. Le mali ngiyiqongelele ngokusiza ubaba. Niyisebenzise ngokuhlakanipha-ke!”—nguPam, oneminyaka engu-7 ubudala.

“Sangidabukisa isiphepho. Ngiyethemba ukuthi niphephile. Lo [R14] yiyona yonke imali enginayo esikoqokoqweni.”—ngu-Allison, oneminyaka emine.

“Igama lami nginguRudy, futhi ngineminyaka engu-11 ubudala. Umfowethu uRalph uneminyaka eyisithupha. Udadewethu uJudith yena unemibili nengxenye. Sesinezinyanga ezintathu siqongelela imali yokusiza abafowethu [endaweni ekhungethwe yimpi]. Sikwazile ukubeka ama-dollar angu-20 [R138] esiwathumelayo manje.”

“Ngiyabadabukela abazalwane [abathinteka esiphephweni]. Ngithole ama-dollar angu-17 [R117] ngokusebenza nobaba. Le mali angiyithumeleli into ethile ngokukhethekile, nizozinqumela nina.”—nguMaclean, oneminyaka engu-8 ubudala.

[Ibhokisi ekhasini 31]

Izindlela Abanye Abakhetha Ukupha Ngazo

IMINIKELO YOMSEBENZI WOMHLABA WONKE

Abaningi babekela eceleni imali ethile abayifaka emabhokisini omnikelo abhalwe ukuthi “Iminikelo Yomsebenzi Wenhlangano Womhlaba Wonke−Mathewu 24:14.” Inyanga ngayinye amabandla athumela le mali endlunkulu yomhlaba wonke eseBrooklyn, eNew York, noma ehhovisi legatsha eliseduze.

Iminikelo yokuzithandela yemali ingase futhi ithunyelwe ngokuqondile e-Treasurerˈs Office, Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ehhovisi leNhlangano elikhonza izwe lakini. Amatshe ayigugu (Jewellery) noma ezinye izinto eziyigugu nakho kunganikelwa. Incwadi emfushane ebonisa ukuthi okunjalo kuyisipho esiqondile kufanele ihambisane nale minikelo.

ILUNGISELELO LOMNIKELO ONOMBANDELA

Imali ingase inikwe i-Watch Tower Society ngelungiselelo elikhethekile lokuthi uma kwenzeka kuphakama isidingo somuntu siqu, iyobuyiselwa kumniniyo. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, siza uxhumane ne-Accounting Office yehhovisi legatsha eliseduze ekhelini eliboniswe ngenhla.

UKUPHA OKUHLELIWE

Ngaphezu kwezipho eziqondile eziyimali neminikelo enemibandela yemali, kunezinye izindlela zokupha ukuze kusekelwe inkonzo yoMbuso emhlabeni wonke. Lezi zihlanganisa: Umshwalense: l-Watch Tower Society ingase ibhaliswe njengendlalifa yomshwalense wokuphila noma womhlalaphansi/wokuguga.

Amasheya Nama-bond: Amasheya nama-bond anganikelwa kuyi-Watch Tower Society njengesipho esiqondile noma ngaphansi kwelungiselelo lapho inzuzo iqhubeka ikhokhelwa umniniyo.

Izindlu Nezindawo: Izindlu nezindawo ezingathengiseka zinganikelwa kuyi-Watch Tower Society ngokwenza isipho esiqondile

noma ngokuthi indawo igcinelwe umniniyo osaphila, ongaqhubeka ehlala kuyo phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe.

Umuntu kumelwe athinte iNhlangano ngaphambi kokuba enze noma yimuphi umnikelo wendlu nendawo eNhlanganweni.

Izincwadi Zefa: Impahla noma imali ingabhaliswa nge-Watch Tower Society njengefa ngokusebenzisa incwadi yefa ebhalwe ngokomthetho.

Uma unesithakazelo kunoma yiliphi lala malungiselelo okupha okuhleliwe kufanele uthinte i-Accounting Office, ngokubhala noma ngokushaya ucingo, usebenzise ikheli elingezansi noma elehhovisi leNhlangano elikhoriza izwe okulo.

ACCOUNTING OFFICE

Watch Tower Bible and Tract Society of

Pennsylvania

Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740

Ucingo:(011)7611000