Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyilinganisa Kanjani Impumelelo?

Uyilinganisa Kanjani Impumelelo?

Uyilinganisa Kanjani Impumelelo?

ESINYE isichazamazwi sichaza impumelelo ngokuthi “ukuthola ingcebo, ukwamukelwa noma ukuvelela.” Ingabe leyo ncazelo iphelele? Ingabe ingcebo, ukwamukelwa noma ukuvelela kuwukuphela kwezici zokulinganisa impumelelo? Ngaphambi kokuba uphendule, cabanga ngalokhu: UJesu Kristu akazuzanga ngcebo ebonakalayo ekuphileni kwakhe. Iningi labantu alizange limamukele; futhi abacabi bendlela bosuku lwakhe babengamhloniphi. Nokho, uJesu wayengumuntu ophumelelayo. Ngani?

Lapho esemhlabeni, uJesu ‘wayecebile kuNkulunkulu.’ (Luka 12:21) Ngemva kokuvuswa kwakhe, uNkulunkulu wamvuza ngokumthwesa umqhele “wenkazimulo nodumo.” UJehova waphakamisela iNdodana yakhe “esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa [wayinika] igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama.” (Heberu 2:9; Filipi 2:9) Inkambo yokuphila kukaJesu yathokozisa inhliziyo kaJehova. (IzAga 27:11) Ukuphila kwakhe kwasemhlabeni kwaphumelela ngoba kwayifeza injongo yako. UJesu wenza intando kaNkulunkulu futhi waletha udumo egameni laKhe. NoNkulunkulu wabe esedumisa uJesu ngengcebo, ukwamukelwa nokuvelela okungekho saziwayo wezemfundo, wezombangazwe noma wezemidlalo oyoke abe nako. Ngempela uJesu wayengumuntu ophumelela kunabo bonke abake baphila emhlabeni.

Abazali abangamaKristu bayaqaphela ukuthi uma izingane zabo zilandela ezinyathelweni zikaKristu, ziyaceba kuNkulunkulu ngomqondo uJesu ayecebe ngawo, ziyothola izibusiso ezicebile manje futhi zijabulele imivuzo engenakucatshangwa esimisweni sezinto esizayo. Ayikho indlela engcono yokuba omusha alandele ezinyathelweni zikaKristu kunokuba enze umsebenzi uKristu awenza—ngokuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele uma kungenzeka.

Nokho, kwezinye izizwe kunesiko lokuba intsha ingayingeneli inkonzo yesikhathi esigcwele. Lapho insizwa iqeda isikole, kungase kulindeleke ukuba ithole umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele, ishade futhi izinze. Ngezinye izikhathi, intsha enezizinda ezinjalo izigodla ngokungafanele ekungeneleni inkonzo yesikhathi esigcwele. (IzAga 3:27) Ngani? Ngenxa yokucindezelwa, izivumelanisa nezindinganiso zesiko elilandelwayo. Yilokho okwenzeka kuRobert. *

Lapho Isiko Lingqubuzana Nonembeza

URobert wakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova. Lapho esevile eminyakeni eyishumi nambili yobudala, ukuziphatha kwakhe nabantu ayezihlanganisa nabo kwakungathandeki neze. Unina waqala ukukhathazeka ngaye. Ngakho-ke, wacela iphayona, isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova, ukuba limkhuthaze. URobert uchaza okwalandela.

“Ngangisazisa ngempela isithakazelo lo mzalwane oyiphayona ayesibonisa kimi. Isibonelo sakhe esihle sangenza ngafuna ukungenela ubuphayona njengomsebenzi wami lapho nje ngiqeda isikole. Yingaleso sikhathi lapho umama aphinda wakhathazeka—kodwa ngesizathu esihlukile manje. Uyabona, ngokwesiko lethu kulungile ukuba intombazane iphayone iqeda nje esikoleni, kodwa kulindeleke ukuba umfana aqale alondeke ngokwezimali, abese ecabanga kamuva ngokuphayona.

“Ngafundela umsebenzi ngavula ibhizinisi lami. Ngokushesha ngase ngingene shí ebhizinisini, ukuya emihlanganweni nokushumayela sekuwukugcina icala nje. Unembeza wami wangihlupha—ngangazi ukuthi ngangingenza okwengeziwe ukuze ngimkhonze ngokugcwele uJehova. Noma kunjalo, kwaba umzabalazo ngempela ukugqashula kulokho abanye ababekulindele kimi, kodwa ngiyajabula ngokuthi ngagqashula. Sengishadile manje, futhi mina nomkami sesineminyaka emibili singamaphayona. Muva nje, ngituswe njengenceku ekhonzayo ebandleni. Ngingasho ngobuqotho ukuthi manje ngizwa ukwaneliseka kwangempela njengoba ngikhonza uJehova ngenhliziyo yami yonke, ngezinga eligcwele engingamkhonza ngalo.”

Sekukaningi lo magazini ukhuthaza intsha ukuba ifundele umsebenzi noma ithole amakhono athile asizayo—isesesikoleni uma kungenzeka. Ngayiphi injongo? Ukuze icebe? Cha. Isizathu esiyinhloko siwukuba ikwazi ukuzisekela kahle lapho isikhulile bese ikhonza uJehova ngokugcwele ngezinga engakwenza ngalo, ikakhulukazi enkonzweni yesikhathi esigcwele. Nokho, sekukaningi izinsizwa nezintokazi zizixakekisa ngokuphishekela umsebenzi wezwe kangangokuthi inkonzo ingabe isabaluleka kangako. Abanye abakucabangi nakukucabanga ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Kungani kunjalo?

Amazwi kaRobert aveza okuthile ngale ndaba. Kwathi uRobert angaqeda ukufundela umsebenzi, waqala ibhizinisi. Ngokushesha, kwase kungathi ugijima ndawonye engayi ndawo. Umgomo wakhe kwakuwukuba alondeke ngokwezimali. Kodwa ukhona yini umuntu ngaphakathi noma ngaphandle kwebandla lobuKristu oke awufinyelele ngokugcwele lowo mgomo? AmaKristu kumelwe azame ukuba aziphatha kahle izimali, azinakekele ngenkuthalo izibopho zawo ezingokwezimali; kodwa kufanele aqaphele nokuthi kulezi zikhathi ezinokungaqiniseki, bambalwa abafikayo lapho bengazibheka njengabalondekile ngempela ngokwezimali. Yingakho isithembiso sikaJesu esikuMathewu 6:33 siduduza kangaka kumaKristu.

URobert uyajabula ngokuthi wanquma ukulandela izifiso zenhliziyo yakhe kunalokho okushiwo yisiko lakhe. Namuhla, ujabulela umsebenzi wenkonzo yesikhathi esigcwele. Yebo, inkonzo yesikhathi esigcwele iwumsebenzi ohloniphekile. URobert unokuthula kwangaphakathi ngoba ukhonza uJehova ‘ngezinga eligcwele angamkhonza ngalo,’ njengoba esho.

Wasebenzise Ngokugcwele Amakhono Akho

Kunabantu abaningi abaneziphiwo phakathi koFakazi BakaJehova. Abanye banamakhono avelele ngokwengqondo; abanye banamakhono emisebenzi yezandla. Zonke lezi zipho zivela kuJehova, onikeza “bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.” (IzEnzo 17:25) Ngaphandle kokuphila, lezi zinto bezingaba yize.

Khona-ke, kuyafaneleka ukuba ukuphila kwethu okunikezelwe sikusebenzise enkonzweni kaJehova. Yilokho enye insizwa eyayinekhono elithile eyanquma ukukwenza. Yayiphila ekhulwini lokuqala C.E. Njengoba yayivela emkhayeni ovelele, lapho iseyintsha yayihlala edolobheni elidumile laseTarsu eKhilikhiya. Nakuba yayingumJuda ngokuzalwa, yaba yisakhamuzi esingumRoma ngenxa kayise. Lokho kwayinika amalungelo amaningi. Lapho ikhula, yafundiswa uMthetho ngomunye “woprofesa” abaqavile bangaleso sikhathi—uGamaliyeli. Kwakubonakala sengathi yayizoba ‘nengcebo, ukwamukelwa nokuvelela’ kungakabiphi.—IzEnzo 21:39; 22:3, 27, 28.

Yayingubani le nsizwa? Igama layo kwakunguSawulu. Kodwa uSawulu waba ngumKristu futhi wagcina esengumphostoli uPawulu. Wakubeka eceleni ayekade ekushisekela, wanikela konke ukuphila kwakhe ekukhonzeni uJehova njengomKristu. UPawulu akazange aziwe njengommeli ovelele, kodwa waziwa njengomshumayeli wezindaba ezinhle. Lapho eseneminyaka ecishe ibe ngu-30 eyisithunywa sevangeli, uPawulu wabhalela abangane baseFilipi incwadi. Kuyo wabukeza ezinye zezinto ayezifezile esikhathini esidlule ngaphambi kokuba abe ngumKristu wabe esethi: “Ngenxa [kaJesu Kristu] ngiye ngamukela ukulahlekelwa izinto zonke futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.” (Filipi 3:8) Cha, uPawulu wayengazisoli ngendlela ayekusebenzise ngayo ukuphila kwakhe!

Kuthiwani ngokuqeqeshwa uPawulu akuthola kuGamaliyeli? Ingabe kwake kwamsiza? Yebo! Waba nesandla kaningana “ekuvikeleni nasekumiseni ngokomthetho izindaba ezinhle.” Kodwa umsebenzi oyinhloko kaPawulu kwakuwukuba umshumayeli wezindaba ezinhle—into eyayingasoze imfundise yona imfundo yakhe yangaphambili.—Filipi 1:7; IzEnzo 26:24, 25.

Ngokufanayo nanamuhla, abathile baye bakwazi ukusebenzisa iziphiwo namakhono abo ngisho nanemfundo yabo ukuze bathuthukise izithakazelo zoMbuso. Ngokwesibonelo, u-Amy uneziqu zaseyunivesithi kwezohwebo nakwezomthetho. Wayekade enomsebenzi okhokhelayo enkampanini yabameli, kodwa manje uyisikhonzi sokuzithandela esingaholi kwelinye lamahhovisi amagatsha e-Watch Tower Society. Nansi indlela u-Amy akuchaza ngayo ukuphila kwakhe manje: “Ngikholwa ukuthi ngenzé ukukhetha okungcono kakhulu ekuphileni. . . . Angifisi neze ukuba sesikhundleni sanoma yimuphi kubafundi enganginabo eyunivesithi. Ngineqholo ngenkambo engiyikhethekile. Nginakho konke engikudingayo nengikufunayo—ukuphila okunokwaneliseka nenjabulo nomsebenzi owanelisayo.”

U-Amy wakhetha inkambo eyamnika ukuthula kwengqondo, ukwaneliseka nesibusiso sikaJehova. Ngokuqinisekile akukho okunye abazali abangamaKristu abakufunela izingane zabo!

Impumelelo Enkonzweni YobuKristu

Yebo, kusemqoka ukuba nombono ofanele ngempumelelo enkonzweni yobuKristu ngokwayo. Kulula ukuzizwa siphumelela lapho sibe nesikhathi esimnandi enkonzweni yasensimini, sahambisa izincwadi zeBhayibheli noma saba nezingxoxo zeBhayibheli ezithakazelisayo nabaninikhaya. Kodwa uma siqabukela sithola umuntu olalelayo, singase silingeke ukuba siphethe ngokuthi sichitha isikhathi sethu. Nokho, khumbula ukuthi enye yezincazelo zempumelelo “ukwamukelwa.” Ubani esifuna asamukele? Yebo, nguJehova. Angasamukela kungakhathaliseki ukuthi abantu bayasilalela yini isigijimi sethu noma cha. UJesu wafundisa abafundi bakhe isifundo esinamandla ngokuphathelene nalokhu.

Uzokhumbula ukuthi uJesu wathuma abashumayeli boMbuso abangu-70 ‘kuyo yonke imizi nezindawo yena ngokwakhe ayezofika kuyo.’ (Luka 10:1) Kwakufanele bashumayele emizini nasemizaneni bengahambi noJesu. Lokhu kwakuyinto entsha kubo. Ngakho, uJesu wabanika iziyalezo eziningiliziwe ngaphambi kokubathuma. Lapho behlangana ‘nomngane wokuthula,’ kwakufanele bafakaze kuye ngoMbuso ngokungashwampuluzi. Nokho, lapho bengamukelwa, kwakufanele baqhubeke behamba, bangazikhathazi. UJesu wachaza ukuthi labo ababenqaba ukubalalela empeleni babenqaba uJehova ngokwakhe.—Luka 10:4-7, 16.

Lapho abangu-70 bephetha isabelo sabo sokushumayela, babuyela kuJesu “benenjabulo, bethi: ‘Nkosi, ngisho namademoni enziwa asithobele ngokusebenzisa igama lakho.’” (Luka 10:17) Kumelwe ukuba kwakuthakazelisa kulawo madoda angaphelele ukuxosha izidalwa zomoya ezinamandla! Nokho, uJesu waxwayisa abafundi bakhe ababesese: “Ningajabuli ngalokhu, ukuthi imimoya yenziwa inithobele, kodwa jabulani ngoba amagama enu aqoshiwe ezulwini.” (Luka 10:20) Abangu-70 babengase bangabi namandla okuxosha amademoni ngaso sonke isikhathi, futhi babengeke bathole imiphumela emihle njalo enkonzweni. Kodwa uma babehlala bethembekile, uJehova wayeyobamukela njalo.

Ingabe Uyazazisa Izikhonzi Zesikhathi Esigcwele?

Insizwa ethile yake yatshela umdala ongumKristu: “Uma sengiqedile esikoleni, ngizozama ukuthola umsebenzi. Uma ngingawutholi umsebenzi, ngizocabanga ngokungenela uhlobo oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele.” Nokho, lokho akuyona indlela iningi eliye lathatha inkonzo yesikhathi esigcwele elibheka ngayo izinto. Ukuze baphayone, abanye baye badela amathuba okuphishekela imisebenzi ekhokhelayo. Abanye baye benqaba amathuba amahle emfundo. Njengomphostoli uPawulu, baye bazidela, kodwa njengoPawulu, uRobert no-Amy, abazisoli ngalokho abakukhetha. Bayalazisa ilungelo labo lokusebenzisa iziphiwo zabo ukuze badumise uJehova, ofanelekelwe okungcono kakhulu abangamnika kona.

Ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, oFakazi BakaJehova abaningi abathembekile abekho esimweni sokuba bangaphayona. Mhlawumbe banezibopho ezingokomBhalo okufanele bazinakekele. Noma kunjalo, uma bekhonza uNkulunkulu ‘ngayo yonke inhliziyo, umphefumulo nengqondo yabo,’ uJehova uyajabula ngabo. (Mathewu 22:37) Nakuba bengenakuphayona bona ngokwabo, bayaqaphela ukuthi labo abaphayonayo bakhethe umsebenzi omuhle.

Umphostoli uPawulu wabhala: “Niyeke ukulolongwa nifane nalesisimiso sezinto.” (Roma 12:2) Ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu, akumelwe sivumele izindinganiso zesiko noma zezwe zalesi simiso zilolonge ukucabanga kwethu. Kungakhathaliseki ukuthi ungaphayona noma cha, yenza ukuphila kwakho kugxile enkonzweni kaJehova. Uyophumelela, uma nje uJehova ekwamukela.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 19]

Ungazitholi usugijima ndawonye ungayi ndawo