Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AmaKristu Athola Injabulo Lapho Ekhonza

AmaKristu Athola Injabulo Lapho Ekhonza

AmaKristu Athola Injabulo Lapho Ekhonza

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IZENZO 20:35.

1. Yisiphi isimo sengqondo esingalungile esandile namuhla, futhi kungani siyingozi?

PHAKATHI namashumi okugcina eminyaka yawo-1900, igama elithi “ubumina” belizwakala njalo. Elithi “ubumina” empeleni lisho ukuthi “mina kuqala” futhi libhekisela esimweni sengqondo esihlanganisa ubugovu nokuhaha okuntula ukukhathalela abanye. Singaqiniseka ukuthi kulo nyaka ka-2000 ubumina abuphelile neze. Kukangaki uzwa imibuzo ethi, “Kuzongisiza ngani mina?” noma, “Ngizotholani mina?” Isimo sengqondo sobugovu esinjalo asiyilethi injabulo. Siphambene ngokuqondile nesimiso esashiwo nguJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

2. Kubonakala kanjani ukuthi ukupha kuletha injabulo?

2 Kuyiqiniso yini ukuthi ukupha kuletha injabulo enkulu kunokwamukela? Yebo. Cabanga ngoJehova uNkulunkulu. “Umthombo wokuphila” ukuye. (IHubo 36:9) Usinika yonke into esiyidingayo ukuze sijabule futhi sifeze okuthile. Ngempela, unguMthombo ‘wezipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo.’ (Jakobe 1:17) UJehova, “uNkulunkulu ojabulayo,” uhlale epha. (1 Thimothewu 1:11) Uyayithanda indalo yakhe engabantu, ayipha okuningi kangaka. (Johane 3:16) Cabanga nangomkhaya wesintu. Uma ungumzali, uyazi ukuthi ukukhulisa ingane kudinga ukuzidela nokupha kakhulu kangakanani. Futhi kuba yiminyaka eminingi ingane ingakuqapheli ukuzidela okwenzayo. Konke ikuthatha kalula. Noma kunjalo, kuyakujabulisa ukubona ingane yakho ikhula kahle ngenxa yokupha kwakho ngokungagodli. Ngani? Ngoba uyayithanda.

3. Kungani kujabulisa ukukhonza uJehova nesikholwa nabo?

3 Ngokufanayo, ukukhulekela kweqiniso kuhambisana nokupha okusekelwe othandweni. Njengoba simthanda uJehova futhi sibathanda nesikholwa nabo, siyakujabulela ukubakhonza, ukuzidela ngenxa yabo. (Mathewu 22:37-39) Noma yibaphi abakhulekela ngezisusa zobugovu bagcina bengenanjabulo. Kodwa labo abakhonza ngokungabi nabugovu, abazikhathaza kakhulu ngokuthi yini abangaphana ngayo kunokuthi yini abanethemba lokuyithola, bathola injabulo yangempela. Leli qiniso libonakala ngokuhlola indlela amagama athile eBhayibheli ahlobene nokukhulekela kwethu asetshenziswa ngayo emiBhalweni. Sizoxoxa ngamathathu ala magama kulesi sihloko nakwesilandelayo.

Inkonzo KaJesu Yasobala

4. Injani “inkonzo yasobala” kweLobukholwa?

4 EsiGrekini sokuqala, igama elibalulekile elihlobene nokukhulekela lithi lei·tour·giʹa, elihunyushwe ngokuthi “inkonzo yasobala” kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. KweLobukholwa, elithi lei·tour·giʹa, liye laveza elithi “imidanti yokukhulekela [liturgy].” * Nokho, imidanti yokukhulekela yokugcina icala yeLobukholwa ayiyona inkonzo yasobala ezuzisa ngempela.

5, 6. (a) Iyiphi inkonzo yasobala eyayenziwa kwa-Israyeli, yaba naziphi izinzuzo? (b) Iyiphi inkonzo yasobala engcono kakhulu eyathatha isikhundla seyayenziwa kwa-Israyeli, futhi ngani?

5 Umphostoli uPawulu wasebenzisa igama lesiGreki elihlobene nelithi lei·tour·giʹa lapho ekhuluma ngabapristi bakwa-Israyeli. Wathi: “Wonke umpristi uma endaweni yakhe usuku nosuku ukuba anikele inkonzo yasobala [ewuhlobo lwe-lei·tour·giʹa] nokuba anikele imihlatshelo efanayo kaningi.” (Heberu 10:11) Abapristi abangamaLevi babenikela inkonzo yasobala ebaluleke kakhulu kwa-Israyeli. Babefundisa uMthetho kaNkulunkulu banikele nemihlatshelo eyayisibekela izono zabantu. (2 IziKronike 15:3; Malaki 2:7) Lapho abapristi nabantu belandela uMthetho kaJehova, isizwe sasiba nesizathu sokujabula.—Duteronomi 16:15.

6 Ukunikela inkonzo yasobala ngaphansi koMthetho kwakuyilungelo ngempela kubapristi bakwa-Israyeli, kodwa inkonzo yabo yaphelelwa ukubaluleka lapho u-Israyeli elahlwa ngenxa yokungathembeki. (Mathewu 21:43) UJehova wahlela okuthile okungcono kakhulu—inkonzo yasobala eyenziwa nguJesu, umPristi Ophakeme omkhulu. Mayelana naye, siyafunda: “Yena ngenxa yokuqhubeka ephila kuze kube phakade ubupristi bakhe abunabo abazolandela esikhundleni. Ngenxa yalokho uyakwazi futhi ukusindisa ngokuphelele labo abasondela kuNkulunkulu ngaye, ngoba uyaphila ngaso sonke isikhathi ukuba abancengele.”—Heberu 7:24, 25.

7. Kungani inkonzo kaJesu yasobala iletha izinzuzo ezingenakulinganiswa?

7 UJesu uyaqhubeka engumpristi phakade, engenabo abamlandelayo esikhundleni. Ngakho, nguye kuphela ongasindisa abantu ngokuphelele. Leyo nkonzo yasobala engenakuqhathaniswa akayenzeli ethempelini elenziwe ngabantu, kodwa uyenzela ethempelini elafanekiselwa, ilungiselelo elikhulu likaJehova lokukhulekela elaqala ukusebenza ngo-29 C.E. UJesu manje ukhonza eNgcwelengcwele yalelo thempeli, ezulwini. ‘Uyinceku yasobala [lei·tour·gosʹ] yendawo engcwele neyetende leqiniso, elamiswa uJehova, hhayi umuntu.’ (Heberu 8:2; 9:11, 12) Nakuba isikhundla sikaJesu siphakeme, ‘useyinceku yasobala.’ Igunya lakhe eliphakeme ulisebenzisela ukupha, hhayi ukwamukela. Futhi ukupha okunjalo kuyamjabulisa. Kuyingxenye “yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe” futhi eyamqinisela ukuba akhuthazele kuyo yonke inkambo yakhe emhlabeni.—Heberu 12:2.

8. UJesu wayenza kanjani inkonzo yasobala eyathatha isikhundla sesivumelwano soMthetho?

8 Kunesinye futhi isici senkonzo kaJesu yasobala. UPawulu wabhala: “UJesu uthole inkonzo yasobala enhle kakhulu, uze futhi ungumlamuleli wesivumelwano esingcono ngokuhambelanayo, esimiswe ngokomthetho phezu kwezithembiso ezingcono.” (Heberu 8:6) UMose wayengumlamuleli esivumelwaneni esasiyisisekelo sobuhlobo buka-Israyeli noJehova. (Eksodusi 19:4, 5) UJesu waba ngumlamuleli esivumelwaneni esisha, esenza kwazalwa isizwe esisha, ‘u-Israyeli kaNkulunkulu,’ owakhiwe amaKristu agcotshwe ngomoya avela ezizweni eziningi. (Galathiya 6:16; Heberu 8:8, 13; IsAmbulo 5:9, 10) Yeka ukuthi leyo kwakuyinkonzo yasobala enhle kangakanani! Yeka indlela esijabula ngayo ngokwazi uJesu, inceku yasobala esinganikela ngayo ukukhulekela okwamukelekayo kuJehova!—Johane 14:6.

NamaKristu Ayayinikela Inkonzo Yasobala

9, 10. Yiziphi ezinye zezinhlobo zenkonzo yasobala eyenziwa amaKristu?

9 Akukho muntu owenza inkonzo yasobala ephakeme njengekaJesu. Nokho, lapho amaKristu agcotshiwe amukela umvuzo wawo wasezulwini, athatha izikhundla zawo kanye noJesu futhi ahlanganyele enkonzweni yakhe yasobala njengamakhosi nabapristi basezulwini. (IsAmbulo 20:6; 22:1-5) Nokho, namaKristu emhlabeni ayayenza inkonzo yasobala, futhi athola injabulo enkulu ekuyenzeni. Ngokwesibonelo, lapho kusweleke ukudla ePalestina, umphostoli uPawulu wathatha iminikelo yabazalwane baseYurophu ukuze iyosiza ekudambiseni usizi lwamaKristu angamaJuda eJudiya. Kwakuyinkonzo yasobala leyo. (Roma 15:27; 2 Korinte 9:12) Namuhla, amaKristu ajabulela ukunikela inkonzo efuze leyo, enikeza usizo olusheshayo lapho abafowabo bebhekene nokuhlupheka, izinhlekelele zemvelo, noma ezinye izinhlekelele.—IzAga 14:21.

10 UPawulu wabhekisela kwenye inkonzo yasobala lapho ebhala: “Ngisho noma ngithululwa njengomnikelo wokuphuzwayo phezu komhlatshelo nenkonzo yasobala ukholo oluniholele kuyo, ngiyathokoza futhi ngijabula kanye nani nonke.” (Filipi 2:17) Ukuzikhandla kukaPawulu ngenxa yabaseFilipi kwakuyinkonzo yasobala ayeyenza ngothando nangenkuthalo. Inkonzo yasobala efuze leyo iyenziwa nanamuhla, ikakhulukazi ngamaKristu agcotshiwe, akhonza ‘njengesigqila esikholekile nesiqondayo,’ esinikeza ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. (Mathewu 24:45-47) Ngaphezu kwalokho, njengeqembu, laba ‘bawubupristi obungcwele,’ bathunywé ukuba ‘banikele imihlatshelo engokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu’ futhi ‘bamemezele kabanzi ubuhle balowo owababiza ukuba baphume ebumnyameni bangene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’ (1 Petru 2:5, 9) NjengoPawulu, bayawajabulela amalungelo anjalo njengoba ‘bezithulula’ ekufezeni imithwalo yabo yemfanelo. Futhi abangane babo ‘bezinye izimvu’ bazibandakanya nabo futhi babasekele emsebenzini wokutshela isintu ngoJehova nezinjongo zakhe. * (Johane 10:16; Mathewu 24:14) Yeka ukuthi lokho kuyinkonzo yasobala enhle nejabulisa kanjani!—IHubo 107:21, 22.

Nikela Inkonzo Engcwele

11. Umprofethikazi u-Ana wawabekela kanjani isibonelo esihle wonke amaKristu?

11 Elinye igama lesiGreki elihlobene nokukhulekela kwethu lithi la·treiʹa, elihunyushwe ngokuthi “inkonzo engcwele” kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha. Inkonzo engcwele iphathelene nezenzo zokukhulekela. Ngokwesibonelo, umfelokazi ongumprofethikazi owayeneminyaka engu-84 ubudala, u-Ana, kuthiwa “wayengakaze aphuthe ethempelini, enikela inkonzo engcwele ubusuku nemini ngokuzila ukudla nangokunxusa.” (Luka 2:36, 37) U-Ana wayekhulekela uJehova ngobuqotho. Uyisibonelo esihle kithi sonke—abadala nabancane, abesilisa nabesifazane. Njengoba nje u-Ana ayethandaza ngobuqotho kuJehova futhi emkhulekela njalo ethempelini, neyethu inkonzo engcwele ihlanganisa ukuthandaza nokuba khona emihlanganweni.—Roma 12:12; Heberu 10:24, 25.

12. Yisiphi isici esiyinhloko senkonzo yethu engcwele, futhi iyinkonzo yasobala ngamuphi umqondo?

12 Umphostoli uPawulu wathinta isici esiyinhloko senkonzo yethu engcwele lapho ebhala: “UNkulunkulu, enginikela kuye inkonzo engcwele ngomoya wami mayelana nezindaba ezinhle eziphathelene neNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngikhuluma kanjani ngokungaphezi ngani ngaso sonke isikhathi emithandazweni yami.” (Roma 1:9) Yebo, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle akuyona nje inkonzo yasobala kulabo abazizwayo kodwa futhi kuyisenzo sokukhulekela kuJehova uNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi sithola abasilalelayo noma cha, umsebenzi wokushumayela uyinkonzo engcwele enikelwa kuJehova. Ngokuqinisekile, ukuzama ukutshela abanye ngezimfanelo ezinhle nezinjongo ezizuzisayo zikaBaba wethu othandekayo wasezulwini kusilethela injabulo enkulu.—IHubo 71:23.

Siyinikelaphi Inkonzo Engcwele?

13. Liyini ithemba lalabo abanikela inkonzo engcwele egcekeni langaphakathi lethempeli likaJehova elingokomoya, futhi obani abajabula kanye nabo?

13 UPawulu wabhalela amaKristu agcotshiwe: “Njengoba sizokwamukela umbuso ongenakunyakaziswa, masiqhubekeni siba nomusa ongafanelwe, esinganikela ngawo inkonzo engcwele ngokwamukelekayo kuNkulunkulu ngokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu nangovalo.” (Heberu 12:28) Bekulindele ngokuqiniseka ukuzuza uMbuso njengefa, abagcotshiwe abanakunyakaziswa okholweni njengoba bekhulekela oPhezukonke. Yibo kuphela abanganikela kuye inkonzo engcwele eNgcwele nasegcekeni langaphakathi lethempeli likaJehova elingokomoya, futhi babheke phambili ngokulangazela ekukhonzeni noJesu eNgcwelengcwele, izulu ngokwalo. Abangane babo, ezinye izimvu, bajabula kanye nabo ethembeni labo elimangalisayo.—Heberu 6:19, 20; 10:19-22.

14. Isixuku esikhulu sizuza kanjani enkonzweni yasobala kaJesu?

14 Nokho, kuthiwani ngabezinye izimvu? Njengoba umphostoli uJohane abona kusengaphambili, kuye kwavela isixuku esikhulu sazo kulezi zinsuku zokugcina, futhi ‘siye sageza izivatho zaso sazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.’ (IsAmbulo 7:14) Lokhu kusho ukuthi, njengabakhulekeli abagcotshiwe esikanye nabo, sibonisa ukholo enkonzweni kaJesu yasobala, ukunikela kwakhe ngokuphila kwakhe okuphelele kobuntu ngenxa yesintu. Abezinye izimvu bayazuza nabo enkonzweni yasobala kaJesu ngokuthi “babambelela esivumelwaneni [sikaJehova].” (Isaya 56:6) Cha, abahlanganyeli esivumelwaneni esisha, kodwa babambelela kuso ngokuthi balalela imithetho ephathelene naso futhi babambisane namalungiselelo enziwa ngaso. Bahlanganyela no-Israyeli kaNkulunkulu, badle etafuleni elilodwa elingokomoya futhi basebenze namalungu akhe, bedumisa uNkulunkulu obala benikela nemihlatshelo engokomoya emjabulisayo.—Heberu 13:15.

15. Abesixuku esikhulu bayinikelaphi inkonzo engcwele, futhi lesi sibusiso sibathinta kanjani?

15 Ngakho, isixuku esikhulu sibonakala “simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sigqoke izivatho ezimhlophe.” Ngaphezu kwalokho, ‘siphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu; sinikela inkonzo engcwele kuye imini nobusuku ethempelini lakhe; futhi Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi uyokwendlala itende lakhe phezu kwaso.’ (IsAmbulo 7:9, 15) Kwa-Israyeli, amaproselithe ayekhulekela egcekeni elingaphandle lethempeli likaSolomoni. Ngokufanayo, isixuku esikhulu sikhulekela uJehova egcekeni elingaphandle lethempeli lakhe elingokomoya. Ukukhonza lapho kusenza sijabule. (IHubo 122:1) Ngisho nangemva kokuba owokugcina wabangane baso abagcotshiwe amukele ifa lakhe lasezulwini, siyoqhubeka sinikela inkonzo engcwele kuJehova njengabantu bakhe.—IsAmbulo 21:3.

Inkonzo Engcwele Engamukeleki

16. Yiziphi izixwayiso ezinikezwayo ngenkonzo engcwele?

16 Ezinsukwini zika-Israyeli wasendulo, inkonzo engcwele kwakufanele inikelwe ngokuvumelana nemithetho kaJehova. (Eksodusi 30:9; Levitikusi 10:1, 2) Ngokufanayo nanamuhla, kunezimfuneko okufanele zigcinwe ukuze inkonzo yethu engcwele yamukeleke kuJehova. Yingakho uPawulu abhalela abaseKolose: “[Asiyekanga] ukunithandazela futhi sicela ukuba nigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele njengoba niqhubeka nithela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi nanda olwazini olunembile ngoNkulunkulu.” (Kolose 1:9, 10) Akukhona okwethu ukunquma indlela efanele yokukhulekela uNkulunkulu. Ulwazi olunembile lwemiBhalo, ukuqonda okungokomoya nokuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu kusemqoka. Ngaphandle kwako, izinto zingonakala kakhulu.

17. (a) Inkonzo engcwele yahlanekezelwa kanjani ezinsukwini zikaMose? (b) Inkonzo engcwele ingaqondiswa kanjani endaweni engafanele namuhla?

17 Khumbula ama-Israyeli ezinsukwini zikaMose. Siyafunda: “UNkulunkulu waphenduka wabanikela ukuba banikele inkonzo engcwele ebuthweni lasezulwini.” (IzEnzo 7:42) Lawo ma-Israyeli ayezibonile izenzo zikaJehova ezinamandla ayezenze ngenxa yawo. Nokho, aphendukela kwabanye onkulunkulu lapho ecabanga ukuthi lokhu kwakuyowazuzisa. Ayengeqotho, kanti ubuqotho buyimfuneko ukuze inkonzo yethu engcwele ijabulise uNkulunkulu. (IHubo 18:25) Yiqiniso, bambalwa namuhla abangayeka ukukhulekela uJehova bakhulekele izinkanyezi noma amathole egolide, kodwa kunezinye izinhlobo zokukhonza izithombe. UJesu waxwayisa ngokukhonza ‘iNgcebo,’ futhi uPawulu wabiza ukukhanuka ngokuthi ukukhonza izithombe. (Mathewu 6:24; Kolose 3:5) USathane uziveza njengonkulunkulu. (2 Korinte 4:4) Izinhlobo ezinjalo zokukhonza izithombe zandile futhi ziwugibe. Ngokwesibonelo, cabanga ngomuntu othi ulandela uJesu kodwa umgomo wakhe wangempela ekuphileni ube ukuceba noma ozithemba yena nemibono yakhe. Ukhonza bani ngempela? Uhluke ngani emaJudeni osuku luka-Isaya ayefunga ngegama likaJehova kodwa athi izenzo zakhe ezinkulu zenziwe yizithombe ezingcolile?—Isaya 48:1, 5.

18. Inkonzo engcwele iye yanikelwa kanjani ngokungafanele esikhathini esidlule nanamuhla?

18 UJesu futhi waxwayisa: “Ihora liyeza lapho wonke umuntu onibulalayo eyocabanga ukuthi unikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu.” (Johane 16:2) Akungabazeki ukuthi uSawulu, owaba ngumphostoli uPawulu, wayecabanga ukuthi ukhonza uNkulunkulu lapho ‘evumelana nokubulawa kukaStefanu’ futhi ‘ephefumula usongo nokubulala abafundi beNkosi.’ (IzEnzo 8:1; 9:1) Namuhla, abanye ababhebhezeli bokukhucululwa nokuqothulwa kwezinhlanga nabo bathi bakhulekela uNkulunkulu. Kunabantu abaningi abathi bakhulekela uNkulunkulu, kodwa empeleni ukukhulekela kwabo kubhekiswe konkulunkulu bokushisekela izwe, bokushisekela uhlanga, bengcebo, bobumina noma kwabanye.

19. (a) Siyibheka kanjani inkonzo yethu engcwele? (b) Luhlobo luni lwenkonzo engcwele eyosinika injabulo?

19 UJesu wathi: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.” (Mathewu 4:10) Wayekhuluma noSathane, kodwa yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sonke siwalalele amazwi akhe! Ukunikela inkonzo engcwele eNkosini EnguMbusi Wendawo Yonke kuyilungelo eliphakeme nelesabekayo. Futhi kungathiwani ngokwenza inkonzo yasobala ehlobene nokukhulekela kwethu? Ukuyenzela abantu esiphila nabo kuwumsebenzi ojabulisa kakhulu. (IHubo 41:1, 2; 59:16) Noma kunjalo, leyo nkonzo iletha injabulo yangempela kuphela uma inikelwa ngenhliziyo yonke nangendlela efanele. Obani ngempela abakhulekela uNkulunkulu ngendlela efanele? Eyobani inkonzo engcwele uJehova ayamukelayo? Imibuzo enjalo singayiphendula uma sihlola igama lesithathu leBhayibheli elihlobene nokukhulekela kwethu. Lokhu sizokwenza esihlokweni esilandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Imidanti yokukhulekela yeLobukholwa ngokuvamile iba yizinkonzo zokukhulekela noma imigidi ethile, njengoKwamukelisa eSontweni LamaRoma Katolika.

^ par. 10 KuzEnzo 13:2, kubikwa ukuthi abaprofethi nabafundisi e-Antiyokiya “babekhonza uJehova obala” (okuhumusha igama lesiGreki elihlobene nelithi lei·tour·giʹa). Cishe lokhu kukhonza obala kwakuhlanganisa nokushumayela emphakathini.

Ungaphendula Kanjani?

• Iyiphi inkonzo yasobala enhle kakhulu uJesu ayenza?

• AmaKristu enza yiphi inkonzo yasobala?

• Iyini inkonzo engcwele yamaKristu, futhi yenzelwaphi?

• Yini okumelwe siyithole ukuze inkonzo yethu engcwele ijabulise uNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 10]

Abazali bathola injabulo enkulu ngokupha

[Izithombe ekhasini 12, 13]

AmaKristu anikela inkonzo engcwele lapho esiza abanye nalapho ememezela izindaba ezinhle

[Isithombe ekhasini 14]

Sidinga ulwazi nokuqonda okunembile ukuze siqiniseke ukuthi inkonzo yethu engcwele iyamukeleka kuNkulunkulu