Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Gcina Imiyalo Yami, Uphile”

“Gcina Imiyalo Yami, Uphile”

Gcina Imiyalo Yami, Uphile”

WAYEMNCANE, ehlakaniphile, ‘enomzimba omi kahle futhi emuhle.’ Inkosikazi yomqashi yayinesifiso esinamandla sobulili futhi ingenamahloni. Njengoba yayikhangwa ngokungalawuleki yile nsizwa, yayizama njalo ukuyiyengela ebulilini. “Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu, wambamba ngengubo yakhe, wathi: ‘Lala nami.’” Kodwa uJosefa, indodana yenzalamizi uJakobe, washiya ingubo yakhe wambalekela umkaPotifaro.—Genesise 39:1-12, qhathanisa ne-NW.

Yiqiniso, akuwona wonke umuntu osibalekelayo isimo esilingayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngensizwa eyabonwa yiNkosi uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo emigwaqweni ebusuku. Ngemva kokuyengwa ngowesifazane oyisifebe, “yamlandela ngokuphazima kweso njengenkabi iyohlatshwa.”—IzAga 7:21, 22, New International Version.

AmaKristu ayalwa ukuba ‘abalekele ubufebe.’ (1 Korinte 6:18) Umphostoli uPawulu wabhalela umfundi owayengumKristu osemusha, uThimothewu: “Balekela izifiso ezihambisana nobusha.” (2 Thimothewu 2:22) Lapho sibhekene nezimo ezisikisela ubufebe, ukuphinga noma okunye ukuziphatha okubi, nathi kumelwe sibaleke ngokungathandabuzi njengoJosefa ebalekela umkaPotifaro. Yini eyosisiza sizimisele ukwenza lokho? Esahlukweni sesikhombisa sencwadi yeBhayibheli yezAga, uSolomoni usinika iseluleko esiwusizo olukhulu. Akakhulumi nje ngezimfundiso eziyosivikela ebubini babantu abaziphethe kabi, kodwa futhi udalula nendlela abasebenza ngayo ngokuchaza ngokucacile isimo lapho insizwa ethile iyengwa ngowesifazane ongenasimilo.

‘Bopha Imiyalo Yami Eminweni Yakho’

Inkosi iqala ngeseluleko esinjengesikababa: “Ndodana yami, gcina amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami. Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.”IzAga 7:1, 2.

Abazali, ikakhulukazi obaba, banomthwalo wemfanelo abawunikwe nguNkulunkulu wokufundisa izingane zabo izindinganiso zikaNkulunkulu zokulungile nokungalungile. UMose wanxusa obaba: “Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7) Futhi umphostoli uPawulu wabhala: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Ngakho, imiyalo yomzali okufanele omusha azibekelele yona, noma ayazise kakhulu, ngokuqinisekile ihlanganisa izikhumbuzo, imiyalo nemithetho eseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.

Ukufundisa komzali kungase kuhlanganise neminye imithetho—eyomkhaya. Le mithetho izuzisa amalungu omkhaya. Yiqiniso, imithetho ingahlukahluka emikhayeni ehlukene, kuye ngezidingo. Nokho, abazali banomsebenzi wokunquma ukuthi yini engcono kakhulu kowabo umkhaya. Futhi imithetho abayibekayo ngokuvamile ibonisa uthando nokukhathalela kwabo okuqotho. Abasha belulekwa ukuba bayigcine le mithetho nezimfundiso ezingokomBhalo abazithola kubazali babo. Yebo, imiyalo enjalo kudingeka ibhekwe “njengenhlamvu yeso lakho”—ilondolozwe ngokucophelela okukhulu. Yileyo ndlela oyogwema ngayo umphumela obulalayo wokungazinaki izindinganiso zikaJehova, kanjalo “uphile.”

USolomoni uyaqhubeka: “Yibophe eminweni yakho [imiyalo yami], uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.” (IzAga 7:3) Njengoba iminwe iphambi kwamehlo ethu futhi ibalulekile ekufezeni izinjongo zethu, izifundo ezifundwa ngokukhuliswa ngemiBhalo noma ngokuzuza ulwazi lweBhayibheli kufanele zihlale ziyisikhumbuzo nesiqondiso kukho konke esikwenzayo. Le miyalo kufanele siyiqophe esibhebheni senhliziyo yethu, siyenze ibe yingxenye yethu.

Ingakukhohliwe ukubaluleka kokuhlakanipha nokuqonda, le nkosi iyanxusa: “Yisho kukho ukuhlakanipha: ‘Ungudadewethu,’ ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe.” (IzAga 7:4) Ukuhlakanipha yikhono lokusebenzisa ulwazi oluvela kuNkulunkulu ngendlela efanele. Ukuhlakanipha kufanele sikuthande njengodadewethu esimkhonzile. Ukuqonda kuyini? Kuyikhono lokubona indaba futhi uthole umqondo wayo ngokuqonda ukuthi izingxenye zayo zihlobana kanjani nayo iyonke. Ukuqonda kumelwe kusondelane nathi njengomngane oseduze.

Kungani kufanele sinamathele ekuqeqeshweni okungokomBhalo futhi sihlakulele ukusondelana nokuhlakanipha nokuqonda? Ukuze “[kusigcine] kowesifazane ondindayo, kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.” (IzAga 7:5) Yebo, ukwenza kanjalo kuyosivikela ezindleleni ezibushelelezi nezikholisayo zomfokazi—umuntu oziphethe kabi. *

Insizwa Ihlangana ‘Nowesifazane Onobuqili’

Inkosi yakwa-Israyeli ibe isichaza lokho ekubone ngawayo: “Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami, ngabheka phakathi kwabangenalwazi, ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda, edlula esitaladini eduze negumbi lakhe [ikhona langakwakhe], iya endleleni yendlu yakhe, sekuhwelela kusihlwa, esigayegayeni sobusuku nobumnyama.”IzAga 7:6-9.

Ifasitela uSolomoni alunguza ngalo linehele—ngokusobala elinezintingo eziphiciwe mhlawumbe futhi eziqoshwe kahle. Njengoba kuhwalala, imigwaqo iba mnyama. Ubona insizwa echayeke engozini. Intula ukuqonda, noma ukuhluzeka kwengqondo. Cishe, iyazi ukuthi injani le ndawo ekuyo nokuthi kungenzekani kuyo lapha. Le nsizwa isondela eduze “negumbi lakhe,” elisendleleni eya kwakhe. Ubani? Uzokwenzani?

Le nkosi eqaphelisisayo iyaqhubeka: “Bheka, isihlangabezwa ngowesifazane; izingubo zakhe zingezesifebe, enobuqili enhliziyweni. [“Unomsindo nenkani,” NW]; izinyawo zakhe azihlali endlini yakhe; manje usemigwaqweni, nangu usezigcawini, uqamekela emagumbini onke.”IzAga 7:10-12.

Indlela agqoke ngayo lona wesifazane isho lukhulu ngaye. (Genesise 38:14, 15) Ugqoke ngendlela engahloniphekile, njengesifebe. Ngaphezu kwalokho, unobuqili enhliziyweni—umqondo wakhe “uyakhohlisa,” “unamaqhinga.” (An American Translation; New International Version) Unomsindo nenkani, ukhuluma kakhulu, akakhuzeki, uyiqhalaqhala futhi uyedelela. Kunokuba ahlale ekhaya, ukhetha ukuya ezindaweni zomphakathi, ame emakhoneni emigwaqo ukuze abambe izisulu zakhe. Ulindele umuntu onjengale nsizwa.

‘Amazwi Amaningi Amahle’

Le nsizwa ihlangana kanjalo nowesifazane ondindayo onecebo lobuqili. Yeka indlela okumelwe ukuba kwamdonsa ngayo uSolomoni lokhu! Uyalandisa: “Useyayibamba, uyayanga; uthwala amehlo, uthi kuyo: ‘Imihlatshelo yeminikelo yokuthula yayingifanele; namuhla sengigcwalisile izithembiso zami. Ngalokho ngiphumile ukukuhlangabeza ukuba ngifunisise ubuso bakho; sengikutholile.’”IzAga 7:13-15.

Lona wesifazane ulalisa ulimi. Ukhuluma ngokuzethemba, eziqinisa. Konke akushoyo ukuhlele kahle ukuze ayengele le nsizwa ebulilini. Uzishaya olungile ngokuyitshela ukuthi wenzé imihlatshelo yeminikelo yokuthula ngalona lolo suku futhi wagcwalisa izithembiso zakhe, esikisela ukuthi akalintuli ingokomoya. Ethempelini laseJerusalema imihlatshelo yeminikelo yokuthula yayiba yinyama, ufulawa, amafutha newayini. (Levitikusi 19:5, 6; 22:21; Numeri 15:8-10) Njengoba onikelayo ayengazithathela yena nomkhaya wakhe ingxenye yomhlatshelo weminikelo yokuthula, lona wesifazane usikisela ukuthi unenala yokudliwayo nokuphuzwayo endlini yakhe. Kusobala lokho akugudliselayo: Le nsizwa izozitika kwakhe. Uphume endlini yakhe ezofuna yona nje. Kwaze kwathinta inhliziyo bo—uma ekhona ongakholelwa into enjalo. Esinye isazi seBhayibheli sithi: “Kuyiqiniso ukuthi wayephume ngoba ezofuna othile, kodwa ingabe wayezele ukuzofuna le nsizwa ngokukhethekile? Yisiwula kuphela esasingamkholwa—mhlawumbe sona lesi.”

Ngemva kokuzenza sikhange ngendlela esigqoke ngayo, ngamazwi aso athophayo, ngokwanga nangokuqabula, lesi sifebe sisebenzisa iphunga. Sithi: “Ngendlele umbhede wami ngezindwangu zokumboza, nelineni elinemishwe laseGibithe. Ngifafazile umbhede wami ngemure, nangomhlaba, nangokinamona.” (IzAga 7:16, 17) Silungisé umbhede waso kahle ngelineni laseGibithe elimibalabala, sawuqhola ngamakha ekhethelo emure, inhlaba nesinamoni.

Siyaqhubeka: “Woza sizanelise ngothando kuze kuse, sijabule ngokuthandana.” Simemela le nsizwa kokungaphezu nje kwesidlo esimnandi sabo bobabili. Siyithembisa ukuhlanganyela ubulili. Kule nsizwa, lokhu kuyinto entsha nebangela ukwesasa! Eqhubeka eyiyenga, lona wesifazane uyanezela: “Ngokuba indoda yami ayikho ekhaya; ihambile uhambo olude; yaphatha isikhwama semali ngesandla sayo; iyakubuyela ekhaya ngosuku lokuhlangana kwenyanga.” (IzAga 7:18-20) Uyayiqinisekisa ukuthi cha bazophepha impela, ngoba umyeni wakhe uhambe ngomsebenzi futhi ngeke abuye ngokushesha. Yeka ukuthi unekhono kanjani ekuphambeni umuntu osemusha! “Uyamphambukisa ngamazwi akhe amaningi amahle; ngokuthopha kwezindebe zakhe uyamyenga.” (IzAga 7:21) Ukumelana nokuyengwa okunjena kungadinga indoda enjengoJosefa. (Genesise 39:9, 12) Ingabe le nsizwa injengaye?

“Njengenkabi Iya Ekuhlatshweni”

USolomoni uyabika: “[Iyamlandela] masinyane njengenkabi iya ekuhlatshweni nanjengamaketanga ehlela isiboshwa esiyisiwula, umcibisholo uze uhlabe isibindi sakhe njengenyoni isheshela ogibeni, ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.”IzAga 7:22, 23.

Le nsizwa iyehluleka ukumelana nalesi simemo. Ingakunaki ukuhluzeka kwengqondo, imlandela “njengenkabi iya ekuhlatshweni.” Njengoba nje umuntu oboshwe ngamaketanga engenakuphunyula ekujezisweni, le nsizwa idonsekela esonweni. Ayiyiboni ingozi kuze kube yilapho ‘umcibisholo uhlaba isibindi sayo,’ okusho ukuthi, ithola inxeba elingayibulala. Ingase ife ngokoqobo ngoba izichaya ezifweni ezibulalayo ezidluliselwa ngobulili. * Inxeba lingayibulala futhi ngokomoya; ‘libekelwe ukuphila kwayo.’ Ubuqu bayo bonke nokuphila kwayo kuthinteka kakhulu njengoba yone ngokungathi sína kuNkulunkulu. Kanjalo isheshela ekuxhakathisweni ukufa njengenyoni iyongena ogibeni!

“Ungahambi Emikhondweni Yakhe”

Ngemva kokunikeza isifundo ngalokho ekubonile, inkosi ehlakaniphile iyanxusa: “Ngalokho, bantwana, ngizweni, nilalele amazwi omlomo wami. Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe, ungahambi emikhondweni yakhe. Ngokuba uwisile phansi abaningi abalimeleyo; ababuleweyo bakhe bayisixuku esikhulu. Indlu yakhe iyindlela eya endaweni yabafileyo, yehlela emakamelweni okufa.”IzAga 7:24-27.

Kusobala ukuthi uSolomoni useluleka ukuba sidede ezindleleni ezibulalayo zomuntu oziphethe kabi futhi ‘siphile.’ (IzAga 7:2) Yeka ukuthi lesi seluleko sifaneleka kanjani osukwini lwethu! Sikhona ngempela isidingo sokugwema izindawo ezivame ukuba nalabo abalinde ukubamba izisulu. Ungazifakelani emaqhingeni abo ngokuya ezindaweni ezinjalo? Kungani kufanele kube nguwe “ongenakuqonda,” ozulela ezindleleni ‘zomfokazi’?

“Owesifazane ondindayo” owabonwa yinkosi wanxenxa le nsizwa ngokuyimema ukuba ‘bazanelise ngothando.’ Ingabe intsha eningi—ikakhulu amantombazane—ayizange yini yoniwe ngendlela efanayo? Kodwa cabanga: Lapho othile ezama ukukuyengela ekuziphatheni okubi kobulili, ingabe lokho kuwuthando lwangempela noma yisifiso sobulili esinobugovu? Indoda emthanda ngempela owesifazane ingamcindezelelani ukuba enze okuphambene nokuqeqeshwa kwakhe nonembeza wakhe wobuKristu? “Inhliziyo yakho mayingaphambukeli” ezindleleni ezinjalo, kuyala uSolomoni.

Umuntu oyengela ebulilini ngokuvamile ulalisa ulimi ngamazwi ahlelwe kahle. Ukugcina ukuhlakanipha nokuqonda kuseduze nathi kuyosisiza sizibone izinhloso zakhe. Ukungakukhohlwa lokho uJehova akuyalile kuyosivikela. Ngakho-ke, kwangathi njalo singalwela ‘ukugcina imiyalo kaNkulunkulu, siphile’ phakade.—1 Johane 2:17.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 11 Igama elithi ‘umfokazi’ lalisetshenziswa kulabo ababezidedisela kude noJehova ngokufulathela uMthetho. Kanjalo, owesifazane oziphethe kabi, njengesifebe, ubizwa ‘ngomfokazi.’

^ par. 24 Ezinye izifo ezidluliselwa ngobulili zilimaza isibindi. Ngokwesibonelo, lapho ugcunsula selulubi kakhulu isibindi sigcwala izibungwana ezingamagciwane. Futhi isibungwana esibangela isipatsholo singadumbisa isibindi.

[Izithombe ekhasini 29]

Uyibheka kanjani imithetho yabazali?

[Isithombe ekhasini 31]

Ukugcina imiyalo kaNkulunkulu kusho ukuphila