Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ukuthandaza Kuyasiza?

Ingabe Ukuthandaza Kuyasiza?

Ingabe Ukuthandaza Kuyasiza?

CISHE wonke umuntu uyasizwa isidingo sokuthandaza ngesinye isikhathi. Eqinisweni, cishe abantu bazo zonke izinkolo bathandaza ngobuqotho. Ngokwesibonelo, umBuddha angase asho umthandazo othi “Ngibeka ukholo lwami ku-Amida Buddha” izikhathi eziyizinkulungwane ngosuku.

Uma sicabanga ngezinkinga ezidlangile emhlabeni wonke, kunengqondo ukubuza: Abantu balindele ukutholani ngokuthandaza? Iyasiza yini yonke le mithandazo?

Kungani Abantu Bethandaza?

Abantu abaningi baseMpumalanga bathandaza kokhokho babo nakonkulunkulu bobuShinto noma bobuTao. Benza lokhu benethemba lokuphumelela ezivivinyweni zesikole, ukuthola isivuno esihle noma ukugwema izifo. Ngemizamo yawo, amaBuddha anethemba lokuthola ukukhanyiselwa. AmaHindu athandaza ngokuzinikela konkulunkulu nonkulunkulukazi bawo abayintandokazi ukuze athole ulwazi, ingcebo nokuvikelwa.

Amanye amaKatolika anethemba lokuthi ayozuzisa isintu ngokunikela ngokuphila kwawo njengezindela noma izindelakazi ezigodlweni ezizimele, ethandaza engayeki. Izigidi zamaKatolika zifuna umusa kuMariya ngokusho imithandazo ngekhanda, mhlawumbe zisizwa ubuhlalu berosari. Emazweni aseMpumalanga, abantu abaningi basebenzisa amasondo okuthandaza. AmaProthestani aphindaphinda amazwi oMthandazo WeNkosi, nakuba engase futhi avezele uNkulunkulu imizwa yayo ngokwemvelo. AmaJuda amaningi ahamba amabanga amade eyothandaza oDongeni LwaseNtshonalanga eJerusalema, enethemba lokuthi ithempeli lizovuselelwa futhi kuqale inkathi entsha yokuchuma nokuthula.

Nakuba izigidi zizikhandla ngokuthandaza, umphakathi wesintu uya ukhungathwa yizinkinga zokuhlupheka, ukuba yimilutha, ukuchitheka kwemikhaya, ubugebengu nempi. Kungenzeka yini ukuthi bonke laba bantu abathandazi ngendlela efanele? Kodwa ngempela nje, ukhona yini oyizwayo imithandazo?

Ukhona Yini Oyizwayo Imithandazo?

Imithandazo ayinakusiza ngalutho ngempela uma ingezwiwa. Lapho umuntu ethandaza, ngokusobala ukholelwa ukuthi othile endaweni yomoya engabonakali uyezwa. Nokho, imithandazo ayihambi ngamaza omsindo. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi othile angafunda ngisho nemicabango yomuntu othandazayo. Kungaba ngubani lowo?

Ngokwengxenye enkulu, kwakona ukuthi imicabango yakheka kanjani ezinkulungwaneni zezigidi zama-neuron ayingxenye yobuchopho bethu kuseyimpicabadala kubacwaningi. Nokho, kunengqondo ukuthi Lowo owabuklama ubuchopho angayifunda leyo micabango. Lowo nguMdali wethu uqobo, uJehova uNkulunkulu. (IHubo 83:18; IsAmbulo 4:11) Imithandazo kufanele iqondiswe kuye. Kodwa ingabe uJehova unaka yonke imithandazo enjalo?

Ingabe Yonke Imithandazo Iyezwiwa?

Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide, yayingumuntu womthandazo. Lo mhubi ophefumulelwe ngokwaphezulu, wahlabelela: “Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.” (IHubo 65:2) UJehova ukwazi ukuqonda imithandazo eshiwo nganoma yiluphi ulimi kweziyizinkulungwane ezikhulunywa yisintu. Ukuthi akukho mqondo womuntu ongahlaziya ukwaziswa okuningi kangako akusho ukuthi uNkulunkulu akakwazi ukunaka bonke abathandaza kuye ngendlela eyamukelekayo.

Nokho, uJesu Kristu—naye owayengumuntu womthandazo—waveza ukuthi akuyona yonke imithandazo ejabulisa uNkulunkulu. Phawula lokho uJesu akusho ngomkhuba owawukhonziwe ngaleso sikhathi wokuphindaphinda imithandazo ebanjwe ngekhanda. Ngokwe-Jerusalem Bible yamaKatolika, wathi: “Emithandazweni yenu ningathemelezi njengoba kwenza amaqaba, ngoba acabanga ukuthi ngokusebenzisa amazwi amaningi ayozenza ezwiwe.” (Mathewu 6:7) Asinakulindela ukuba uJehova alalele imithandazo engavezi imizwa yethu yangempela.

Sibonisa isizathu esenza eminye imithandazo ingamjabulisi uNkulunkulu, isaga seBhayibheli sithi: “Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso.” (IzAga 28:9) Esinye isaga sithi: “UJehova ukude nababi, kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.” (IzAga 15:29) Lapho abaholi bakwaJuda wasendulo babenecala elikhulu, uJehova wathi: “Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.”—Isaya 1:1, 15.

Umphostoli uPetru washo enye into engase yenze imithandazo ingamukeleki kuNkulunkulu. UPetru wabhala: “Nina madoda, qhubekani nihlala [nomkenu] ngendlela efanayo ngokolwazi, nibanika udumo njengesitsha esibuthakathaka kakhudlwana, isifazane, njengoba nani niyizindlalifa kanye nabo zomusa ongafanelwe wokuphila, ukuze imithandazo yenu ingathiyeki.” (1 Petru 3:7) Imithandazo yendoda engasinaki leso seluleko ayifiki ndawo!

Kusobala ukuthi kunezimfuneko ezithile okumelwe kuhlangatshezwane nazo ukuze imithandazo izwiwe. Nokho, abaningi abathandazayo abazikhathazi ngokwenza lokho uNkulunkulu akufunayo kithi. Yingakho ukuba qotho kangaka emthandazweni kungazange kuwenze ngcono umhlaba.

Yini-ke uNkulunkulu ayifunayo ukuze imithandazo yethu izwiwe? Impendulo ihlobene nesizathu sokuthandaza kwethu. Eqinisweni, uma sifuna ukwazi ukuthi imithandazo iyasiza yini, kumelwe siqonde injongo yayo. Kungani uJehova esenze sakwazi ukukhuluma naye?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

G.P.O., Jerusalem