Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Uthandaze?

Kungani Kufanele Uthandaze?

Kungani Kufanele Uthandaze?

“NIYACELA, kodwa nokho anamukeli, ngoba nicela ngenjongo embi . . . Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:3, 8) Lawo mazwi omfundi kaJesu, uJakobe, angase asishukumisele ukuba sicabange ngezizathu zethu zokuthandaza.

Umthandazo awuyona nje indlela yokutshela uNkulunkulu lokho esikudingayo. Entshumayelweni yakhe edumile yasentabeni, uJesu wathi: “UYihlo uyazi ukuthi yiziphi izinto enizidingayo nangaphambi kokuba nicele kuye.” Nokho, uJesu wathi futhi: “Qhubekani nicela, niyophiwa.” (Mathewu 6:8; 7:7) Ngakho uJehova uyafuna simtshele izinto esinomuzwa wokuthi siyazidinga. Kodwa umthandazo uhilela okuningi kakhulu kunalokho.

Abangane beqiniso abagcini ngokukhulumisana lapho bedinga okuthile. Banesithakazelo komunye nomunye, futhi ubungane babo buyakhula lapho beveza imizwa yabo. Ngokufanayo, umthandazo unenjongo enkulu kunokumane sicele izinto esizidingayo. Usinika ithuba lokuqinisa ubuhlobo bethu noJehova ngokubonakalisa ukuzinikela kwethu kuye ngokusuka enhliziyweni.

Yebo, uNkulunkulu usinike ilungelo lomthandazo ukuze sikwazi ukusondela kuye. Lokhu kungenzeka kuphela uma uNkulunkulu simvezela eyethu imizwa kunokuba sisho imithandazo esiyibambe ngekhanda. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukukhuluma noJehova ngomthandazo! Ngaphezu kwalokho, isaga seBhayibheli sithi: “Umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.”—IzAga 15:8.

Umhubi u-Asafa wahlabelela: “Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu.” (IHubo 73:28) Kodwa ukuze sisondele kuNkulunkulu, kumelwe senze okungaphezu kokuthandaza. Phawula indlela ukulandisa okulandelayo okukubonisa ngayo lokhu:

“Othile kubafundi [bakaJesu] wathi [kuye]: ‘Nkosi, sifundise indlela yokuthandaza.’” UJesu waphendula wathi: “Noma nini lapho nithandaza, anothi, ‘Baba, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze.’” (Luka 11:1, 2) Singathandaza yini kanjena ngendlela enenjongo singazange siqale silazi igama likaNkulunkulu nokuthi liyongcweliswa kanjani? Futhi singathandaza yini ngokuvumelana nala mazwi kaJesu uma singaqondi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyini? Uma sihlolisisa iBhayibheli singakwazi ukuqonda lezi zinto. Ulwazi esiyoluthola luyosisiza simazi uNkulunkulu futhi siqonde izindlela zakhe. Ngaphezu kwalokho, ukujwayelana noJehova uNkulunkulu kuyosenza sizizwe sisondelene kakhudlwana naye futhi sizinikele ngokwengeziwe kuye. Lokhu kuyosenza sikhulume naye ngomthandazo ngokukhululeke kakhudlwana.

Umthandazo Ungaxazulula Izinkinga

Ukwakha ubuhlobo obuseduze ngokwengeziwe noJehova kuyosisiza sixazulule izinkinga. Phawula indlela lokhu okwenzeka ngayo esimweni ngasinye kulezi ezilandelayo. Zibonisa ukuthi labo ababethandaza bakwazi ukuqinisa ubuhlobo babo noJehova.

EBrazil, owesifazane ogama lakhe linguMaria wathandazela usizo kuNkulunkulu. Wayekade efuna ukuvukela izindinganiso ezamukelwayo zokuziphatha, ngokwengxenye ngenxa yobuzenzisi ayebubona emphakathini. UMaria wayeshiye umyeni, izingane nomuzi wakhe. Waqala nokusebenzisa izidakamizwa. Kodwa lapho engayitholi injabulo, wathulula inhliziyo yakhe kuNkulunkulu wathandazela usizo.

Ngokushesha, kwafika oFakazi BakaJehova ababili futhi bashiyela uMaria INqabayokulinda eyayikhuluma ngokubaluleka kokwamukela isiqondiso saphezulu. Yamthinta inhliziyo, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngalo lolo suku. Lokhu kwagcina kuholele ekubeni ukuphila komkhaya wakhe kuvuseleleke. Njengoba efunda ngoJehova, wafuna ukubonakalisa indlela amthanda ngayo. “Ngenza izinguquko, ngathuthuka,” kusho uMaria. “Umyeni wami nomkhaya wami baqale bangahambisana nokutadisha kwami iBhayibheli. Kodwa lapho bebona izinguquko engangizenza, baqala ukungikhuthaza.” Kamuva, uMaria wanikezela ukuphila kwakhe kuMuzwi wemithandazo ukuze amkhonze.

Nakuba uJosé ayenenkosikazi enhle nebhizinisi elichumayo eBolivia, wayengajabule. Ukuthandana kwakhe nomunye wesifazane kwabangela ukuba umkakhe amshiye. Wayephuza kakhulu futhi ezizwa engento yalutho. UJosé uthi: “Ngaqala ukuthandaza ngenhliziyo yami yonke, ngibuza ukuthi kufanele ngenzeni ukuze ngijabulise uNkulunkulu. Ngokushesha kwafika oFakazi BakaJehova emsebenzini wami bethi baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala, kodwa ngabaxosha. Lokhu kwenzeka kathathu. Njalo lapho ngithandazela usizo, babefika. Ekugcineni, nganquma ukuthi uma bephinda befika ngiyobalalela. Ngangilifunde lonke iBhayibheli futhi nginemibuzo eminingi, kodwa babehlale benezimpendulo ezazingigculisa. Ukufunda ngoJehova kwanginika injongo entsha ekuphileni, futhi abangane bami abangoFakazi babeyizibonelo ezikhuthaza kakhulu! Ngahlukana nentombi yami nabangane engangiphuza nabo. Ngemva kwesikhashana, sase sibuyelene nomkami nezingane zethu. Ngabhapathizwa ekuqaleni kuka-1999.”

E-Italy, umshado kaTamara wawunezinkinga, ngakho wathandazela ukuhlakanipha. Wayesheshe ahluthuke, njengoba abhaxabulwa futhi waxoshwa kubo eneminyaka engu-14 ubudala. UTamara uthi: “Ngathola iBhayibheli, ngaqala ukulifunda. Kusihlwa ngolunye usuku ngafunda ukuthi ‘ukuthola ukuhlakanipha kunjengokuthola amagugu afihliweyo.’ Ngathandazela lokho kuhlakanipha. (IzAga 2:1-6) Ngakusasa ekuseni, kwafika oFakazi BakaJehova. Ngaqala ukutadisha iBhayibheli nabo, kodwa kwathatha isikhathi ngaphambi kokuba ngikwenze lokho engangikufunda. Ekugcineni, nganquma ukulandela indlela yokuphila yobuKristu futhi ngabhapathizwa. Manje, mina nomyeni wami sisiza abanye ukuba bazuze ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu.”

UBeatriz wayekade eyilungu lomphakathi omi kahle eCaracas, eVenezuela. Nokho, wazithola ehlukanisile nomyeni wakhe futhi elusizi. Ephelelwe yithemba, ngesinye isikhathi wathandaza amahora amaningi. Ngakusasa, kwakhala insimbi emnyango. Ecasukile, walunguza ngembotshana esesicabheni wabona abantu ababili bephethe izikhwama. Washaya sengathi akekho endlini, kodwa ngaphambi kokuba laba bantu bahambe, bafaka ipheshana lesimemo ngaphansi kwesicabha. Lalithi: “Lazi IBhayibheli Lakho.” Kwakungenzeka yini ukuthi ukufika kwabo kuhlangene nemithandazo yakhe yangayizolo ebusuku? Wababiza ebabuyisa. Ngokushesha wayesetadisha iBhayibheli futhi kamuva wabhapathizwa. Njengoba esejabula ekugcineni, uBeatriz manje ufundisa abanye ngendlela yokuthola injabulo.

UCarmen wathandaza ngokuphathelene nokukhungathwa kwakhe ubumpofu. Wayenezingane eziyishumi nomyeni odakwayo, uRafael. “Ngazama ukuthola imadlana ngokuhlanza izingubo,” kusho uCarmen. Kodwa uRafael waphuza nakakhulu. “Umyeni wami waze waqala ukushintsha lapho siqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.” Safunda ngesithembiso soMbuso—ukuthi ngokushesha uJehova uzobususa ubumpofu nokucindezelwa emhlabeni. Ekugcineni imithandazo yami kuNkulunkulu yayiphenduliwe!” Ukufunda ngezindlela zikaJehova kwasiza uRafael ukuba ayeke ukuphuza, futhi wagqoka “ubuntu obusha.” (Efesu 4:24) Yena nomkhaya wakhe bakwazi ukuthuthukisa izinga lokuphila kwabo. URafael uthi: “Nakuba singacebile futhi singenawo umuzi wethu, sinazo zonke izidingo zokuphila, futhi siyajabula.”

Lapho Kuyophendulwa Yonke Imithandazo

Ingabe ukuthandaza kwabasiza laba bantu? Ngokuqinisekile! Futhi uphawulile yini ukuthi ezimweni eziningi imithandazo yabo yayiphendulwa ngokuba othile osebandleni lobuKristu abasize basondelane noJehova uNkulunkulu ngokutadisha iBhayibheli?—IzEnzo 9:11.

Ngakho-ke, sinezizathu ezinhle zokuthandaza. Kuseduze manje ukuba uphendulwe umthandazo wokuba uMbuso kaNkulunkulu ufike futhi intando yakhe yenziwe emhlabeni. (Mathewu 6:10) Ngemva kokuba uNkulunkulu ehlanze imbulunga yethu wasusa abamphikisayo, “umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova.” (Isaya 11:9) Khona-ke bonke abathanda uJehova bayojabulela ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu’—futhi imithandazo yabo iyophendulwa nakanjani.—Roma 8:18-21.

[Isithombe ekhasini 7]

Uyazi ukuthi kungani kufanele sithandaze?