Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukushumayela NgoMbuso Kuyi-Altiplano EPeru

Ukushumayela NgoMbuso Kuyi-Altiplano EPeru

Siwuhlobo Olunokholo

Ukushumayela NgoMbuso Kuyi-Altiplano EPeru

PHAKATHI nokhahlamba olusempumalanga nolusentshonalanga lweZintaba Zase-Andes—lapho kuhlangana khona iBolivia nePeru—kukhona i-Altiplano. Igama layo lisho ukuthi “ithafa eliphakeme.” Ingxenye enkulu yayo iseBolivia.

I-Altiplano ingamakhilomitha ayikhulu ububanzi namakhilomitha angaphezu kwenkulungwane ubude, futhi ukuphakama kwayo ngokwesilinganiso kungamamitha angaba ngu-3 700 ngaphezu kolwandle. Uma uya khona ngendiza usuka enhloko-dolobha yasePeru engasogwini, iLima, udlula i-El Misti elele iqhwa, okuyintaba-mlilo edlulela ngalé kwamafu emamitheni angu-5 822 ukuphakama. Kude lé iziqongo zeNevado Ampato neNevado Coropuna, eziphakeme ngamamitha angaphezu kuka-6 000, zilele iqhwa. Ungazelele, kube sekuvela udedangendlale wethafa eliphakeme—i-Altiplano eseningizimu yePeru.

Inhloko-dolobha ye-Altiplano yasePeru yiPuno, esenyakatho-ntshonalanga yeLake Titicaca, ichibi elikhulu kunawo wonke emhlabeni okungahamba kuwo umkhumbi. Ngenxa yokuthi le ndawo ingaphezu kwamakhilomitha amathathu ukuphakama, izivakashi zithatha isikhathi ukujwayela umoya wakhona osengathi uyaphela. Eduze kweLake Titicaca kuhlala amaNdiya angamaQuecha nangama-Aymara. Ungawabona esebenza kuma-chacra awo, noma amapulazi amancane, egqoke izingubo ezinemibala egqamile ebomvu neluhlaza njengotshani noma njengesibhakabhaka. Nakuba ulimi oluyinhloko ePeru kuyiSpanishi, siyakhulunywa nesiQuecha nesi-Aymara kuyi-Altiplano.

Ukucaba Indlela Emsebenzini Wokushumayela

Muva nje abantu abaningi abathobekile nabakhuthele abakhuluma isiQuecha nesi-Aymara bathole ulwazi olunembile lweqiniso leBhayibheli. Ngokwengxenye enkulu, lokhu kungenxa yokuthi uJehova uye wayibusisa ngokucebile imizamo yentshiseko yabamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele abangamaphayona akhethekile.

Ngokwesibonelo, uJosé noSilvia abangamaphayona akhethekile babelwa esigodini sasePutina, esiqhelelene neLake Titicaca ngamakhilomitha angaba ngu-50. Ngezinyanga ezimbili, uSilvia wayeseqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-16, uJosé ezingu-14. Ngezinyanga eziyisithupha nje, inani labamemezeli bebandla lase lande lisuka ku-23 laya ku-41. Ngesikhathi esifanayo, inani lababa khona emihlanganweni lakhuphuka lisuka ku-48 laya ku-132, inani eliphakeme kunawo wonke.

“Lapho siqala imihlangano yebandla kulezi zindawo ezithe qekelelé,” kusho uJose, “sakuthola kuwusizo ukuqala ngoMhlangano Weningi neSifundo Sencwadi Sebandla. Lokhu kwenza kube lula ukuqala ukuza emihlanganweni kwabasanda kuthakazela.”

Odade ababili abayizelamani—omunye wabo owayeyiphayona—baletha izindaba ezinhle ngokokuqala ngqá emphakathini ocezile waseMuñani, oqhelelene nePutina ngamakhilomitha angaba ngu-20. Baqala isifundo seBhayibheli nendoda ethile eyimpumputhe okuthiwa uLucio. * Yamema umfowabo uMiguel, isithunywa sevangeli esingumKatolika ongenasikhundla, futhi owayengumholi womphakathi endaweni eseduze. Lapho umngane kaMiguel embuza ukuthi kungani eya eMuñani masonto onke, wathi usuke eyofunda ngoJehova neZwi lakhe. Umngane wabe esebuza: “Kungani singalitadisheli lapha iBhayibheli?” Ngenxa yesithakazelo esaboniswa abantu bomphakathi kaMiguel, ngokushesha oFakazi bahlela ukuqhubela khona imihlangano.

UMiguel waqala ukuxoxa nabanye ngalokho ayekufunda. Kodwa kuthiwani ngokuba kwakhe yisithunywa sevangeli esingumKatolika nesekela-mbusi? Embizweni eyayisehholo lomphakathi, wamemezela ukuthi uyasula ekubeni yisithunywa sevangeli esingumKatolika. Ingabe kwakuzomiswa omunye umuntu? Othile ezilalelini wathi: “Kungani sidinga esinye isithunywa sevangeli sibe sifunda iqiniso?” Yebo, wayebhekisele ezintweni abazifundiswa ngoFakazi BakaJehova. Omunye wanezela: “Asivumelani nokuthi usule wedwa. Kungani singasuli sonke?” Bonke ababekhona basho kanyekanye: “Sonke siyasula!”

Ngokushesha ngemva kwalokho kwaxoxwa ngezithombe neziphambano embizweni yomphakathi. Enye indoda yacela bonke ababekhona ukuba bafunde uDuteronomi 7:25, othi: “Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.”

Le ndoda yabe isicela bonke abahambisana nokushiswa kwazo zonke izithombe ukuba baphakamise izandla. Kwaphakama zonke izandla ngokushesha. (IzEnzo 19:19, 20) Manje imikhaya engu-23 kwengu-25 kulo mphakathi itadisha iZwi likaNkulunkulu. Abantu ababili bangabamemezeli abangabhapathiziwe, futhi imibhangqwana emihlanu ihlela ukubhalisa imishado yayo ngokomthetho ukuze ibe nokuma okuhlanzekile phambi kukaJehova.—Thithu 3:1; Heberu 13:4.

Ukufundisa Ngamakhasethi

Njengoba bebaningi abangakwazi ukufunda nokubhala kuyi-Altiplano, ama-video namakhasethi e-Watch Tower Society ezilimi zendawo awusizo olukhulu—ngisho nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngosizo lwekhasethi, iphayona elikhethekile okuthiwa uDora liqhuba izifundo ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Lidlala isigaba esisodwa ngesikhathi, bese libuza ofundelwayo imibuzo ngokwaziswa asanda kukuzwa.

Njalo isiteshi somsakazo sendawo sisakaza izingxenye zencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ngolimi lwesiQuecha. Senza okufanayo ngezingxenye zikamagazini i-Phaphama! ngeSpanishi. Ngakho, abantu abaningi bayasiqaphela isigijimi soMbuso futhi bafune ukwazi okwengeziwe lapho oFakazi BakaJehova befika emakhaya abo.

I-Altiplano icezile emehlweni ezwe lilonke kodwa hhayi emehlweni kaNkulunkulu. Ngenxa yothando lukaJehova ngesintu, abantu abaningi abahlala phezulu kuyi-Altiplano yase-Andes baba yingxenye yesixuku esikhazimulisa indlu yakhe emangalisayo yokukhulekela kweqiniso.—Hagayi 2:7.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 10 Amanye amagama asetshenziswe kulesi sihloko akuwona awangempela.